Thola Izibusiso NgeNkosi KaNkulunkulu Eqondiswa Umoya!
“Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe.”—ISAYA 11:2.
1. Abanye baye baveza kuphi ukukhathazeka ngezinkinga zomhlaba?
“EZWENI eligcwele izinkinga ezinkulu zezombangazwe, zezenhlalo nezemvelo, isintu singayiphila kanjani eminye iminyaka eyikhulu?” Yilokho isazi sezindikimba ezisemkhathini, uStephen Hawking esakubuza ngo-2006. Isihloko esithile ephephabhukwini i-New Statesman sathi: “Asibuqedanga ubumpofu noma senza ukuthula emhlabeni wonke. Kunalokho, kubonakala sengathi sifeze okuphambene kakhulu. Akukhona ukuthi asizange sizame. Sikuzame konke kusukela ebukhomanisini kuya ekuhwebeni ngokukhululekile; kusukela ekusunguleni iNhlangano Yezizwe kuya ekuvimbeleni izikhali zenuzi [ngenjongo yokunqanda impi]. Silwe ‘izimpi eziningi sithi siqeda impi’ kangangokuthi kufanele ngabe sesiyakwazi ukuqeda impi.”
2. UJehova uyokubonisa kanjani maduze ukufanelekela kwakhe ukubusa umhlaba?
2 Izinkulumo ezinjalo azizimangazi izinceku zikaJehova. IBhayibheli lisitshela ukuthi abantu babengadalelwanga ukuba bazibuse. (Jer. 10:23) UJehova kuphela onguMbusi wethu ofanelekayo. Ngenxa yalokho, unegunya lokusibekela izindinganiso, lokusichazela ukuthi ukuphila kwethu kufanele kube nayiphi injongo nelokusiqondisa kuleyo njongo. Ngaphezu kwalokho, maduze nje uzosebenzisa igunya lakhe aqede yonke imizamo yabantu engaphumelelanga yokuzibusa. Ngesikhathi esifanayo, uzobhubhisa bonke labo abagcina abantu beyizigqila zesono, zokungapheleli ‘nezikankulunkulu walesi simiso sezinto,’ uSathane uDeveli, ngokwenqaba kwabo ububusi bukaJehova obufanelekayo.—2 Kor. 4:4.
3. Yini u-Isaya ayibikezela ngoMesiya?
3 Ezweni elisha eliyiPharadesi, ububusi bukaJehova bothando buyobonakaliswa esintwini ngoMbuso kaMesiya. (Dan. 7:13, 14) Ngokuqondene neNkosi yawo, u-Isaya waprofetha: “Kuyophuma ihlumela esiphunzini sikaJese; ezimpandeni zakhe ihlumela liyothela. Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya weseluleko nowamandla, umoya wolwazi nowokwesaba uJehova.” (Isaya 11:1, 2) Iziphi izindlela eziqondile umoya ongcwele kaNkulunkulu oye wenza ngazo “ihlumela esiphunzini sikaJese”—uJesu Kristu—lakufanelekela ukubusa isintu? Iziphi izibusiso eziyotholakala ngokubusa kwakhe? Yini okumelwe siyenze ukuze sithole lezo zibusiso?
UNkulunkulu Omenza Afanelekele Ukubusa
4-6. Yiluphi ulwazi olubalulekile oluyokwenza uJesu akwazi ukuba iNkosi, umPristi Ophakeme noMahluleli ohlakaniphile nonozwela?
4 UJehova ufuna ukuba izikhonzi zakhe ezingabantu zifinyelele ukuphelela ziqondiswa iNkosi, umPristi Ophakeme noMahluleli ohlakaniphe ngempela nonozwela. Yingakho uNkulunkulu akhetha uJesu Kristu, lowo amenza ngomoya ongcwele ukuba afanelekele leyo mithwalo yemfanelo ebaluleke kakhulu. Cabangela ezinye zezizathu zokuthi kungani uJesu eyozifeza ngokuphelele izindima zakhe azabelwe uNkulunkulu.
5 UJesu umazi ngokuseduze kakhulu uNkulunkulu. Le Ndodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa iye yazi uYise isikhathi eside ngaphezu kwanoma ubani omunye, cishe izigidigidi zeminyaka. Phakathi naleso sikhathi, uJesu wazuza ulwazi oluphelele ngoJehova kangangokuthi angachazwa ngokuthi uyiwo kanye “umfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali.” (Kol. 1:15) UJesu ngokwakhe wathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.”—Joh. 14:9.
6 UJesu ulandela uJehova ngokuba nolwazi olubanzi kakhulu ngayo yonke indalo, kuhlanganise nabantu. EyabaseKolose 1:16, 17 ifundeka kanje: “Kwadalwa ngayo [iNdodana kaNkulunkulu] zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni, izinto ezibonakalayo nezinto ezingabonakali . . . Futhi, ingaphambi kwazo zonke ezinye izinto futhi zonke ezinye izinto zenziwa zaba khona ngayo.” Cabanga nje ngalokho! UJesu, ‘njengesisebenzi esiyingcweti’ sikaNkulunkulu, wahlanganyela ekudaleni zonke ezinye izinto. Ngakho, uyiqonda kahle yonke imininingwane yendawo yonke, kusukela ezinhlayiyeni ezincane kune-athomu kuya ebuchosheni bomuntu obumangalisayo. Yebo, uKristu uwukuhlakanipha okwenziwe samuntu ngempela!—IzAga 8:12, 22, 30, 31.
7, 8. Umoya kaNkulunkulu wamsiza kanjani uJesu enkonzweni yakhe?
7 UJesu wagcotshwa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. UJesu wathi: “Umoya kaJehova uphezu kwami ngoba ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu, ungithumé ukuba ngishumayele ukukhululwa ezithunjweni nokuvulwa kwamehlo ezimpumputhe, ukuba ngimukise abachotshoziweyo bekhululiwe, ukuba ngishumayele unyaka owamukelekayo kaJehova.” (Luka 4:18, 19) Lapho uJesu ebhapathizwa, kusobala ukuthi umoya ongcwele wamkhumbuza izinto ayezifunde ngaphambi kokuba abe umuntu, kuhlanganise nalokho uNkulunkulu ayefuna akwenze phakathi nenkonzo yakhe njengoMesiya emhlabeni.—Funda u-Isaya 42:1; Luka 3:21, 22; Johane 12:50.
8 Ngenxa yokuthi umoya ongcwele wawumnike amandla futhi enomzimba nengqondo ephelele, uJesu akabanga nje umuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila kodwa waba uMfundisi omkhulu kunabo bonke. Eqinisweni, izilaleli zakhe “zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.” (Math. 7:28) Ngokwesibonelo, uJesu wayekwazi ukuhlonza umnyombo wezinkinga zesintu—isono, ukungapheleli nokungabi nalwazi ngoNkulunkulu. Wayekwazi nokubona nalokho okusezinhliziyweni zabantu futhi asebenzelane nabo ngokufanele.—Math. 9:4; Joh. 1:47.
9. Ukuzindla ngokuhlangenwe nakho kukaJesu esemhlabeni kukukhulisa kanjani ukumethemba kwakho njengoMbusi?
9 UJesu waphila njengomuntu. Okuhlangenwe nakho kwakhe njengomuntu nobudlelwane bakhe obuseduze nabantu abangaphelele kwamsiza kakhulu ukuba afanelekele ukuba iNkosi. Umphostoli uPawulu wabhala: “[UJesu] wayebophekile ukuba abe ‘njengabafowabo’ ezicini zonke, ukuze abe umpristi ophakeme onesihe nothembekile ezintweni eziphathelene noNkulunkulu, ukuze anikele umhlatshelo oyisihlawulelo ngenxa yezono zabantu. Ngoba ngenxa yokuthi yena ngokwakhe uye wahlupheka lapho evivinywa, uyakwazi ukusiza labo abavivinywayo.” (Heb. 2:17, 18) Ngenxa yokuthi uJesu ‘wavivinywa,’ angazwelana nalabo ababhekene nobunzima. Uzwela lukaJesu lwabonakala ngokucacile phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni. Abagulayo, abakhubazekile, abacindezelekile—ngisho nezingane—babezizwa bekhululekile ukuya kuye. (Marku 5:22-24, 38-42; 10:14-16) Abathobekile nabalambile ngokomoya nabo babedonsekela kuye. Ngakolunye uhlangothi, abaqhoshayo, abazidlayo nalabo ‘ababengenalo uthando lukaNkulunkulu’ bamenqaba, bamzonda futhi bamphikisa.—Joh. 5:40-42; 11:47-53.
10. Iyiphi indlela enkulu kakhulu uJesu abonisa ngayo ukuthi uyasithanda?
10 UJesu wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu. Mhlawumbe ubufakazi obukhulu kunabo bonke bokufaneleka kwakhe njengoMbusi kwaba ukuzimisela kwakhe ukusifela. (Funda iHubo 40:6-10.) UKristu wathi: “Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.” (Joh. 15:13) Yebo, ngokungafani nababusi abangabantu abangaphelele, abavame ukuphila ntofontofo ngezithukuthuku zezikhonzi zabo, uJesu wadela kona kanye ukuphila kwakhe ngenxa yesintu.—Math. 20:28.
Unikwe Amandla Okusebenzisa Isihlengo
11. Kungani singathembela ngokuphelele kuJesu njengoMhlengi wethu?
11 Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi uJesu njengomPristi Ophakeme uyena ozohola ekusebenziseni izinzuzo zomhlatshelo wakhe wesihlengo kithi! Eqinisweni, phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni wasinikeza amazwibela alokho azokwenza njengoMhlengi wethu phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane esiyokuthola uma sihlale sithembekile. Waphulukisa abagulayo nabakhubazekile, wavusa abafileyo, wasuthisa izixuku waze walawula ngisho nesimo sezulu. (Math. 8:26; 14:14-21; Luka 7:14, 15) Ngaphezu kwalokho, wayengenzi lezi zinto ukuze abukise ngegunya nangamandla akhe kodwa ukuze abonise uzwela nothando lwakhe. Wathi konochoko owamncenga ukuba amphulukise: “Ngiyathanda.” (Marku 1:40, 41) UJesu uyobonisa uzwela olufanayo phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane—kodwa embulungeni yonke.
12. Uyogcwaliseka kanjani u-Isaya 11:9?
12 UKristu nababusi abakanye naye bayoqhubekisela phambili isimiso semfundo engokomoya uJesu asiqala eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule. Ngaleyo ndlela, kuyogcwaliseka amazwi aku-Isaya 11:9: “Umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.” Leyo mfundo yaphezulu ngokuqinisekile iyohlanganisa ukufundiswa indlela yokunakekela umhlaba nezidalwa ezikuwo ezingenakubalwa njengoba u-Adamu ekuqaleni ayeyalwe ukuba enze kanjalo. Lapho kuphela leyo minyaka eyinkulungwane, injongo kaNkulunkulu yokuqala eyashiwo kuGenesise 1:28 iyobe isigcwalisekile, futhi umhlatshelo wesihlengo uyobe ususetshenziswe ngokugcwele.
Unikwe Amandla Okwahlulela
13. UJesu walubonisa kanjani uthando lwakhe ngokulunga?
13 UKristu “nguYe uNkulunkulu anquma ukuba abe umahluleli wabaphilayo nabafileyo.” (IzE. 10:42) Yeka ukuthi kududuza kanjani-ke ukwazi ukuthi uJesu ngeke onakaliswe, ukuthi ukulunga nokwethembeka kunjengebhande alibophe ngokuqinile ezinkalweni zakhe! (Isaya 11:5) Wabonisa ukuthi uyakuzonda ukuhaha, ubuzenzisi nezinye izinto ezimbi futhi wabasola kanzima labo ababengakugqizi qakala ukuhlupheka kwabanye. (Math. 23:1-8, 25-28; Marku 3:5) Ngaphezu kwalokho, uJesu wabonisa ukuthi akakhohliswa ukubonakala kwangaphandle “ngoba yena ngokwakhe wayekwazi okungaphakathi kumuntu.”—Joh. 2:25.
14. UJesu ubonisa ngaziphi izindlela manje ukuthi uthanda ukulunga nobulungisa, futhi yini okufanele sizibuze yona?
14 UJesu uyaqhubeka ebonisa ukuthi uthanda ukulunga nobulungisa ngokwengamela umkhankaso omkhulu kunayo yonke emlandweni wezwe wokushumayela nokufundisa. Akukho muntu, hulumeni noma umoya omubi ongamisa lo msebenzi ukuba ungafezwa ngezinga elanelisa uNkulunkulu ngokugcwele. Ngakho, singaqiniseka ngokuphelele ukuthi lapho i-Armagedoni isidlulile, ubulungisa bukaNkulunkulu buyobe bunqobile. (Funda u-Isaya 11:4; Mathewu 16:27.) Zibuze: ‘Ingabe ngibonakalisa isimo sengqondo sikaJesu ngabantu abasensimini yami? Ngiyamnika yini uJehova okungcono kakhulu ngisho nalapho impilo yami noma izimo zami zilinganisela lokho engingakwenza?’
15. Ukukhumbula ini okungasisiza ukuba sinike uNkulunkulu okungcono kakhulu?
15 Ukuhlale sikhumbula ukuthi umsebenzi wokushumayela okaNkulunkulu kuyosisiza ukuba simkhonze ngomphefumulo wonke. Nguye osiyale ukuba siwenze; uwuqondisa ngeNdodana yakhe futhi ngomoya wakhe ongcwele unika labo abahlanganyela kuwo amandla okuwenza. Uyalazisa yini ilungelo lokukhonza njengesisebenzi esikanye noNkulunkulu neNdodana yakhe eqondiswa umoya? Ubani nje ngaphandle kukaJehova ongashukumisela abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-7, iningi labo elibhekwa njengabantu “abangafundile nabavamile,” ukuba bashumayele isigijimi soMbuso emazweni angu-236?—IzE. 4:13.
Zibusise NgoKristu!
16. Yini esikiselwa uGenesise 22:18 ngesibusiso sikaNkulunkulu?
16 UJehova watshela u-Abrahama: “Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ngokuqinisekile ziyobusiswa ngenxa yokuthi ulalelé izwi lami.” (Gen. 22:18) Lokhu kusikisela ukuthi abantu abanokwazisa bangabheka phambili ngokuqiniseka ezibusisweni eziyolethwa iNzalo enguMesiya. Namuhla bakhonza ngenkuthalo becabanga ngalezi zibusiso.
17, 18. Isiphi isithembiso sikaJehova esifunda ngaso kuDuteronomi 28:2, futhi sisithinta kanjani?
17 UNkulunkulu wake wathi enzalweni ka-Abrahama engokoqobo, isizwe sakwa-Israyeli: “Zonke lezi zibusiso [ezichazwe esivumelwaneni soMthetho] ziyokwehlela phezu kwakho zikufice, ngoba uqhubeka ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.” (Dut. 28:2) Kungashiwo okufanayo ngezinceku zikaNkulunkulu namuhla. Uma ufuna isibusiso sikaJehova, ‘qhubeka ulalela’ izwi lakhe. Khona-ke izibusiso zakhe “ziyokwehlela phezu kwakho zikufice.” Nokho, ‘ukulalela’ kuhilelani?
18 Ngokuqinisekile, ukulalela kuhlanganisa ukukuthatha ngokungathí sina ukudla okungokomoya esikulungiselelwa uNkulunkulu nalokho okushiwo eZwini lakhe. (Math. 24:45) Kusho nokulalela uNkulunkulu neNdodana yakhe. UJesu wathi: “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena.” (Math. 7:21) Ukulalela uNkulunkulu kusho nokuzithoba ngokuzithandela elungiselelweni alenzile lebandla lobuKristu elinabadala abamisiwe, ‘abayizipho ezingabantu.’—Efe. 4:8.
19. Singakufanelekela kanjani ukuthola isibusiso?
19 Phakathi ‘kwezipho ezingabantu’ kunamalungu eNdikimba Ebusayo angabameleli balo lonke ibandla lobuKristu. (IzE. 15:2, 6) Eqinisweni, isimo sengqondo esinaso ngabafowabo bakaKristu abangokomoya yisona ngokuyinhloko esiyonquma indlela esiyokwahlulelwa ngayo phakathi nosizi olukhulu oluzayo. (Math. 25:34-40) Ngakho, enye indlela esingathola ngayo isibusiso iwukubasekela ngobuqotho abagcotshiwe bakaNkulunkulu.
20. (a) Uyini umthwalo wemfanelo oyinhloko ‘wezipho ezingabantu’? (b) Singabonisa kanjani ukuthi siyabazisa laba bazalwane?
20 “Izipho ezingabantu” zihlanganisa namalungu eKomiti Yegatsha, ababonisi abajikelezayo nabadala bebandla—bonke abaye bamiswa ngomoya ongcwele. (IzE. 20:28) Umthwalo oyinhloko walaba bazalwane, ukwakha abantu bakaNkulunkulu “kuze kube yilapho sonke sesifinyelele ubunye okholweni nasolwazini olunembile ngeNdodana kaNkulunkulu, ekubeni yindoda ekhule ngokugcwele, esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.” (Efe. 4:13) Yiqiniso, abaphelele, njengathi sonke. Noma kunjalo, siyazibusisa ngokusabela ngokwazisa ekwaluseni kwabo kothando.—Heb. 13:7, 17.
21. Kungani kuphuthuma ukuba silalele iNdodana kaNkulunkulu?
21 Maduze uKristu uzothathela isimiso sikaSathane esibi isinyathelo. Lapho lokho kwenzeka, ukuphila kwethu kuyoba sezandleni zikaJesu, ngoba ugunyazwe uNkulunkulu ukuba aqondise “isixuku esikhulu” esibikezelwe “emithonjeni yamanzi okuphila.” (IsAm. 7:9, 16, 17) Ngakho, masenze konke esingakwenza manje ukuze sizithobe ngokuzithandela nangokwazisa eNkosini kaJehova eqondiswa umoya.
Ufundeni Kula Mavesi . . .
• Isaya 11:1-5?
• IzEnzo 10:42?
[Isithombe ekhasini 17]
Uzwela lukaJesu lwabonakala lapho evusa indodakazi kaJayiru
[Izithombe ekhasini 18]
UJesu Kristu uqondisa umkhankaso wokushumayela omkhulu kunayo yonke emlandweni