Indlela Yesibili
Melana Nesifiso Sokuziqhathanisa Nabanye
LIFUNDISANI IBHAYIBHELI? “Yenza umsebenzi wakho siqu, khona-ke uzoba nokuthile ongaziqhenya ngakho. Kodwa ungaziqhathanisi nabanye.”—Galathiya 6:4, Contemporary English Version.
IYINI INSELELE? Singase sithambekele ekuziqhathaniseni nabanye—ngezinye izikhathi siziqhathanise nalabo abantulayo kunathi, nalabo abanamandla kunathi, abanemali eningana kunesinayo noma abanamakhono kakhudlwana kunathi. Kunoma yikuphi, lokhu kuyalimaza. Senza iphutha uma sicabanga ukuthi ukubaluleka komuntu kubonakala ngalokho anakho noma ngalokho akwazi ukukwenza. Lokhu kungasenza sibe nomona nomoya wokuncintisana.—UmShumayeli 4:4.
YINI ONGAYENZA? Zama ukuzibheka ngendlela uNkulunkulu akubheka ngayo. Vumela umbono wakhe ngawe uthonye indlela ozibheka ngayo. “Umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehovaa yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.” (1 Samuweli 16:7) UJehova ulinganisa ukubaluleka kwakho ngokufunda inhliziyo yakho, ngokuhlola imicabango, imizwa nezinhloso zakho, hhayi ngokukuqhathanisa nomunye umuntu. (Hebheru 4:12, 13) Uyakwazi ukulinganiselwa kwakho futhi ukunxusa ukuba nawe ukwazi futhi ukwamukele. Uma ulinganisa ukubaluleka kwakho ngokuziqhathanisa nabanye abantu, uzokhukhumala noma uhlale unganelisekile. Ngakho, vuma ngokuthobeka ukuthi awusoze waba ungqa phambili kuzo zonke izinto.—IzAga 11:2.
Yini ngokuqondile okumelwe uyenze ukuze ubaluleke emehlweni kaNkulunkulu? UNkulunkulu waphefumulela umprofethi uMika ukuba abhale: “Ukutshelile, muntu wasemhlabeni, okuhle. Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?” (Mika 6:8) Uma wenza ngokwalesi seluleko, uyothandeka emehlweni kaNkulunkulu. (1 Petru 5:6, 7) Lesi yisizathu sokwaneliseka esizedlula zonke.
[Umbhalo waphansi]
a Leli yigama likaNkulunkulu eliseBhayibhelini.
[Isithombe ekhasini 5]
UJehova ulinganisa ukubaluleka kwethu ngalokho okusezinhliziyweni zethu