Indlela Yesithathu
Hlala Unokwazisa
LIFUNDISANI IBHAYIBHELI? “Nibonge ngakho konke.”—1 Thesalonika 5:18.
IYINI INSELELE? Siphila nabantu abakhukhumele nabangabongi futhi singase siwuhabule lowo moya wabo. (2 Thimothewu 3:1, 2) Ngaphezu kwalokho, singase sizizwe siphoqeleke ukuba sinezele izinto ezengeziwe ekuphileni kwethu okumatasa kakade. Singase sisindwe yizinkinga noma sigxile ngokweqile ekuphishekeleni izinto esizithandayo size singazazisi izinto esinazo kakade noma singababongi abanye ngezinto abasenzela zona.
YINI ONGAYENZA? Zinike isikhathi sokucabanga ngezinto ezinhle onazo manje. Yiqiniso, kungenzeka ukuthi uxakwe yizinkinga. Kodwa cabangela isibonelo seNkosi uDavide. Ngezinye izikhathi wayezizwa ecindezeleke kakhulu, izilingo zimqeda amandla. Noma kunjalo, wathandaza kuNkulunkulu: “Ngizindlé ngawo wonke umsebenzi wakho; ngokuzithandela ngizigcine ngiwukhathalela umsebenzi wezandla zakho.” (IHubo 143:3-5) Naphezu kwezilingo, wahlala enokwazisa futhi waqhubeka anelisekile.
Cabanga ngezinto eziye zenziwa abathile ukuze bakusize, bese ubabonga ngemizamo yabo. UJesu uyisibonelo esivelele kulesi sici. Ngokwesibonelo, lapho umngane wakhe uMariya emgcoba ikhanda nezinyawo ngamafutha abizayo, abanye babuza: “Kungani esaphazwa la mafutha anamakha?”a Labo bagxeki babenombono wokuthi lawo mafutha kwakufanele athengiswe, imali inikezwe abampofu. UJesu wabaphendula: “Myekeni. Kungani nizama ukumkhathaza?” Wanezela: “Wenze abengakwenza.” (Marku 14:3-8; Johane 12:3) Kunokugxila kulokho uMariya angazange akwenze, uJesu wabonisa ukwazisa ngalokho akwenza.
Abanye bazisa imindeni nabangane lapho sebeshonile noma bazise ezinye izibusiso lapho sezingasekho. Ungasigwema lesi simo esibuhlungu ngokucabanga ngezinto ezinhle onazo manje! Cabanga ngezinto onazo ozazisayo noma uzibhale phansi.
Njengoba “zonke izipho ezinhle” zivela kuNkulunkulu, senza kahle ngokuthandaza simbonge. (Jakobe 1:17) Ukwenza lokhu njalo kungasisiza ukuba sihlale sinomoya wokwazisa futhi sihlakulele ukwaneliseka.—Filipi 4:6, 7.
[Umbhalo waphansi]
a Ekhulwini lokuqala leminyaka, ukugcobisa ikhanda lesivakashi ngamafutha kwakuyisenzo sokungenisa izihambi, ukusigcobisa izinyawo kwakuyisenzo sokuthobeka.
[Isithombe ekhasini 6]
Uyababonga yini abantu ngalokho abakwenzela khona?