Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 10/1 k. 11
  • 7 Ingabe UNkulunkulu Uyoyizwa Futhi Ayiphendule

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 7 Ingabe UNkulunkulu Uyoyizwa Futhi Ayiphendule
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Imithandazo Yobani Ephendulwayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe UNkulunkulu Uyayilalela Imithandazo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indlela Yokuthola Usizo Ngomthandazo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 10/1 k. 11

7 Ingabe UNkulunkulu Uyoyizwa Futhi Ayiphendule

LO MBUZO uyabathakazelisa abantu abaningi futhi bangathanda ukwazi impendulo yawo. IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uyayilalela imithandazo namuhla. Ukuthi uyayilalela eyethu noma cha kuxhomeke kithi ngokuyinhloko.

UJesu wabalahla abaholi benkolo bosuku lwakhe ababethandaza ngokuzenzisa; ukuphela kwento ababeyikhathalela ukubonakala belungile emehlweni abantu. Wathi lawo madoda ayeyothola ‘umvuzo wawo ngokugcwele,’ okusho ukuthi ayeyothola into ayeyifuna kakhulu, ukubukwa abantu, hhayi lokho ayekudinga, ukuzwiwa uNkulunkulu. (Mathewu 6:5) Ngokufanayo nanamuhla, abaningi bathandazela intando yabo, hhayi ekaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi abanandaba nezimiso zeBhayibheli esixoxe ngazo, uNkulunkulu akayilaleli imithandazo yabo.

Nokho, kuthiwani ngawe? Ingabe uNkulunkulu uyoyizwa futhi ayiphendule imithandazo yakho? Ukuthi uyoyilalela noma cha akuxhomekile ebaleni lakho lesikhumba, izwe ohlala kulo noma isikhundla onaso emphakathini. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Ingabe la mazwi achaza wena? Uma umesaba uNkulunkulu, kusho ukuthi umhlonipha ngokujulile, wesaba nokumdumaza. Uma wenza ukulunga, ufuna ukwenza lokho athi kulungile kunokulalela inhliziyo yakho noma ukwenza okuthandwa abantu. Uyafuna ngempela yini ukuba uNkulunkulu alalele imithandazo yakho? IBhayibheli liyasho ukuthi ungakwenza kanjani lokho.a

Yiqiniso, abaningi bafuna uNkulunkulu abenzele izimangaliso. Nokho, ngisho nangezikhathi zeBhayibheli, uNkulunkulu wayengazenzi njalo izimangaliso. Kwakuke kudlule amakhulu ngamakhulu eminyaka kungenzekanga lutho. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli libonisa ukuthi inkathi yezimangaliso yaphela ngemva kwezikhathi zabaphostoli. (1 Korinte 13:8-10) Ingabe lokhu kusho ukuthi akayiphenduli imithandazo namuhla? Lutho neze! Nansi eminye yemithandazo ayiphendulayo.

UNkulunkulu usinika ukuhlakanipha. UJehova ungumthombo oyinhloko wakho konke ukuhlakanipha kweqiniso. Usipha inala yako, futhi ubanikeza ngesihle labo abafuna isiqondiso sakhe nabafuna ukuphila ngaso.—Jakobe 1:5.

UNkulunkulu usinika umoya wakhe ongcwele nazo zonke izinzuzo zawo. Umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo. Awekho amandla amakhulu ukudlula lawa. Lo moya ongcwele ungasisiza ukuba sikhuthazelele ukulingwa. Ungasinika ukuthula lapho sicindezelekile. Ungasisiza ukuba sihlakulele ezinye izimfanelo ezinhle ezithandekayo. (Galathiya 5:22, 23) UJesu waqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi uNkulunkulu usipha lesi sipho ngesandla esivulekile.—Luka 11:13.

UNkulunkulu ubanika ulwazi labo abamfuna ngobuqotho. (IzEnzo 17:26, 27) Emhlabeni jikelele, kunabantu abafuna iqiniso ngobuqotho. Bafuna ukwazi ngoNkulunkulu—ukuthi lingubani igama lakhe, ukuthi iyini injongo yakhe ngomhlaba nangabantu nokuthi bangasondela kanjani kuye. (Jakobe 4:8) OFakazi BakaJehova bavamile ukuhlangana nabantu abanjalo futhi bayakujabulela ukubaphendula le mibuzo ngeBhayibheli.

Ingabe yiso yini lesi isizathu esikwenze wathatha lo magazini? Ingabe ufunana noNkulunkulu? Mhlawumbe lena yiyona ndlela aphendula ngayo umthandazo wakho.

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela yokuthandaza nokuzwiwa uNkulunkulu, bheka isahluko 17 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela