Uhlu Lokuphakathi
September 15, 2010
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
October 25-31, 2010
Sifune Ngobuqotho Isibusiso SikaJehova
IKHASI 7
IZINGOMA: 95 [136], 38 [103]
November 1-7, 2010
Ubunye Buwuphawu Lokukhulekela Kweqiniso
IKHASI 12
IZINGOMA: 20 [28], 121 [135]
November 8-14, 2010
Ubunye BobuKristu Bukhazimulisa UNkulunkulu
IKHASI 16
IZINGOMA: 119 [220], 73 [115]
November 15-21, 2010
“Munye OnguMholi Wenu, UKristu”
IKHASI 21
IZINGOMA: 84 [156], 25 [200]
November 22-28, 2010
UMholi Wethu Okhuthele Namuhla
IKHASI 25
IZINGOMA: 120 [139], 98 [133]
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1 AMAKHASI 7-11
Izinceku zikaNkulunkulu zidinga isibusiso sakhe ukuze zihlangabezane nezimfuneko zakhe zokulunga. Hlobo luni lomzamo okudingeka ziwenze? Umoya ongcwele kaJehova ungasisiza kanjani ukuba sinqobe noma iziphi izinselele esingase sibhekane nazo?
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 2, 3 AMAKHASI 12-20
Lezi zihloko zizosisiza ukuba siqonde ukuthi kuhle futhi kujabulisa kangakanani ukuba sihlale ndawonye nabafowethu ngobunye. Sizobona ukuthi kungani kunguJehova kuphela ongenza abantu abavela kuzo zonke izizwe babe nobunye. Sizobe sesixoxa ngendlela ngamunye wethu angathuthukisa ngayo ubunye ebandleni, ngaleyo ndlela akhazimulise uNkulunkulu.
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 4, 5 AMAKHASI 21-29
Lezi zihloko zizosisiza ukuba simqaphele ngokwengeziwe uKristu, iNkosi yethu yasezulwini, endimeni yakhe njengoMholi wethu. Uqaphelisisa konke okwenzekayo ebandleni ngalinye labafundi bakhe emhlabeni namuhla.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI:
Ukukhonza Ngesikhathi Sokwanda Okumangalisayo 3
Umkhankaso Okhethekile EBulgaria Uyaphumelela 30