Ezentsha Yethu
Indlela Yokuthola Abangane Abaqotho
Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
Abalingiswa abayinhloko: UJonathani, uDavide noSawule
Indaba efingqiwe: Ngemva kokuba uDavide ebulele uGoliyati, uDavide noJonathani baba abangane abakhulu.
1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA EYOKU-1 SAMUWELI 17:57–18:11; 19:1; 20:1-17, 41, 42.
Ucabanga ukuthi uSawule wayebukeka kanjani? (Bheka eyoku-1 Samuweli 10:20-23.)
․․․․․
Ngesikhathi uJonathani noDavide beqala ukuhlangana, cishe uDavide wayeseyibhobhodleyana. Ucabanga ukuthi wayebukeka kanjani? (Bheka eyoku-1 Samuweli 16:12, 13.)
․․․․․
Amaphimbo abo akutshela ukuthi babezizwa kanjani ngesikhathi behlukana, njengoba ingxenye yokugcina kweyoku-1 Samuweli isahluko 20 ibonisa?
․․․․․
2 CWANINGISISA.
Ukulandisa kuthi “umphefumulo kaJonathani wanamathelana nomphefumulo kaDavide”—noma, ngokwe-Contemporary English Version, “uDavide noJonathani baba abangane abakhulu.” (1 Samuweli 18:1) Yiziphi izimfanelo uDavide ayenazo okungenzeka ukuthi zenza uJonathani wamthanda? (Bheka eyoku-1 Samuweli 17:45, 46.)
․․․․․
UJonathani wayeshiya uDavide cishe ngeminyaka engu-30. Ucabanga ukuthi yini eyabasiza ukuba babe “abangane abakhulu” naphezu kwegebe elingaka leminyaka?
․․․․․
Yiziphi ezinye zezimfanelo ezenza umuntu abe umngane oqotho njengoba le ndaba emnandi ibonisa? (Bheka izAga 17:17; 18:24.)
․․․․․
Kungani uJonathani aba qotho kuDavide ngaphezu kokuba qotho kuyise?
․․․․․
3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nobungane.
․․․․․
Nokuba qotho.
․․․․․
Nokwakha ubungane nabantu abadala kunawe.
․․․․․
Yini ongayenza ukuze wakhe ubungane nabantu abakahle futhi nabo bazizwe bedonseleka kuwe?
․․․․․
4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
UMA UNGENALO IBHAYIBHELI, LICELE KOFAKAZI BAKAJEHOVA NOMA UFUNDE EZINYE IZINCWADI EZISEKELWE KULO KUYI-INTERNET, KULELI KHELI: www.watchtower.org