Thola Ukulondeka Phakathi Kwabantu BakaNkulunkulu
“Ngiyokudumisa ebandleni elikhulu.”—IHU. 35:18.
1-3. (a) Yini engase iholele amanye amaKristu esimweni esiyingozi ngokomoya? (b) Abantu bakaNkulunkulu bangasitholaphi isivikelo?
UJOE nomkakhe bachitha isikhathi esithile seholidi labo betshuza phansi olwandle emanzini agcwele amakhorali amahle nezinhlanzi ezimibalabala, ezincane nezinkulu. Batshuzela ekujuleni ukuze babubone kahle ubuhle bala makhorali. Lapho ulwandle luqala ukujula kakhulu, umkaJoe wathi, “Ngicabanga ukuthi sesikude kakhulu.” UJoe waphendula, “Yehlisa umoya, ngiyazi ukuthi ngenzani.” UJoe ukhumbula ezibuza ngemva nje kwalokho, ‘Hhayi bo! Seziyephi izinhlanzi ebezilapha?’ Wethuka kwaphela nasozwanini lapho kumcacela. Kuleyo ndawo ejulile, wabona ushaka uza uqonde ngqo kuye. Kwaphela amacebo. Kwathi lapho ushaka usuqhele cishe ngemitha nje, wachezuka futhi wanyamalala ezinzulwini zolwandle.
2 UmKristu angase akhangwe izinto zesimiso sikaSathane—ukuzijabulisa, umsebenzi, nezinto ezibonakalayo—kangangokuthi angaboni ukuthi usengena shí emanzini ayingozi. UJoe, ongumdala ebandleni uthi: “Okwenzeka kimi kwangenza ngacabanga ngabangane esinabo. Bhukuda endaweni ephephile nejabulisayo—ibandla!” Ungayi ekujuleni, lapho ungase uzithole khona uwedwa futhi usengozini engokomoya. Uma kwenzeka uzithola ulapho, buyela ngokushesha ‘emanzini aphephile.’ Kungenjalo, ungase ube sengozini yokufa ngokomoya.
3 Namuhla, izwe liyindawo eyingozi kumaKristu. (2 Thim. 3:1-5) USathane uyazi ukuthi selimshonele futhi ufuna ukushwabadela abangaqaphile. (1 Pet. 5:8; IsAm. 12:12, 17) Nokho, sinaso isivikelo. UJehova ulungiselele abantu bakhe isiphephelo esingokomoya—ibandla lobuKristu.
4, 5. Abaningi bazizwa kanjani ngekusasa labo, futhi ngani?
4 Izwe linikeza ukulondeka okulinganiselwe kuphela—kungaba ngokomzimba, ngokwezinto ezibonakalayo noma ngokomzwelo. Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukulondeka kwabo kusongelwa ubugebengu, ubudlova, izindleko zokuphila eziphakeme nezinkinga zemvelo. Sonke sibhekene nezinkinga zokuguga nempilo ebuthaka. Abanye abasebenzayo, abanemizi, imali eyanele nempilo enhle nabo bangase bazibuze ukuthi kuyohlala isikhathi esingakanani.
5 Abaningi abakutholi nokulondeka okungokomzwelo. Kuyadabukisa ukuthi abaningi ababenethemba lokuthola ukuthula nokwaneliseka ngokushada nangokuba nomkhaya baye bathola ukuthi ababekulindele akugcwaliseki. Endabeni yezenkolo, abantu abaningi abasontayo baye bashiywa bedidekile, bezibuza ukuthi zibasiza ngani iziqondiso abazitholayo. Lokhu kwenzeka ikakhulu lapho bebona indlela esolekayo abefundisi abaziphatha ngayo nezimfundiso zabo ezingekho eBhayibhelini. Ngenxa yalokho, abaningi banomuzwa wokuthi ukuphela kwento abangayethemba isayensi noma ukuthi abantu bayoba nobuntu ngokwemvelo nomqondo ohluzekile. Akumangalisi-ke ukuthi abantu esiphila nabo bazizwa bengalondekile nhlobo noma bakhethe ukungacabangi kakhulu ngekusasa labo.
6, 7. (a) Yini ebangela ukuba labo abakhonza uNkulunkulu nalabo abangamkhonzi babe nombono ongefani ngekusasa? (b) Sizoxoxa ngani?
6 Yeka ukuthi umbono walabo abasebandleni lobuKristu ngekusasa uhluke kanjani kowalabo abangeyona ingxenye yalo! Njengabantu bakaJehova, nathi sibhekana nezinselele nezinkinga ezifanayo nezomakhelwane bethu kodwa indlela esisabela ngayo ihluke kakhulu. (Funda u-Isaya 65:13, 14; Malaki 3:18.) Kungani? IBhayibheli lisinikeza incazelo eyanelisayo ngesimo abantu ababhekene naso, kanti futhi sihlonyisiwe ukuba sibhekane nezinselele nezinkinga zokuphila. Ngenxa yalokho, asikhathazeki ngokweqile ngekusasa. Ukuba abakhulekeli bakaJehova kusenza sivikeleke emicabangweni engenangqondo nengasekelwe emiBhalweni, emikhubeni yokuziphatha okubi nasemiphumeleni yayo. Ngenxa yalokho, amalungu ebandla lobuKristu anokuthula abanye abangenakho.—Isaya 48:17, 18; Fil. 4:6, 7.
7 Kunezibonelo ezingasisiza ukuba sizindle ngokulondeka okujatshulelwa yilabo abakhonza uJehova ngokungafani nalabo abangamkhonzi. Lezi zibonelo zingase zisishukumisele ukuba sihlole imicabango nemikhuba yethu futhi sibone ukuthi singekwazi yini ukusebenzisa ngokugcwele iseluleko sikaNkulunkulu esiklanyelwe ukusivikela.—Isaya 30:21.
“Kusale Kancane Ukuba Izinyawo Zami Ziphambuke”
8. Yini izinceku zikaJehova obekulokhu kudingeka ukuba ziyenze?
8 Kusukela ekuqaleni komlando wesintu, labo abakhetha ukukhonza nokulalela uJehova bebelokhu bezama ukugwema ukuzihlanganisa nalabo abangamkhonzi. Kakade, uJehova wabonisa ukuthi kwakuzoba nobutha phakathi kwabakhulekeli bakhe nalabo abalandela uSathane. (Gen. 3:15) Ngenxa yokumelela kwabo ngokuqinile izindinganiso zikaNkulunkulu eziphefumulelwe, abantu bakhe baye bahluka kubantu abaphila nabo. (Joh. 17:15, 16; 1 Joh. 2:15-17) Ukuhluka akukaze kube lula. Empeleni, ngezinye izikhathi ezinye zezinceku zikaJehova ziye zakungabaza ukuhlakanipha kokuphila ngokuzidela.
9. Chaza ubunzima umlobi weHubo 73 abhekana nabo.
9 Enye yezinceku zikaJehova eyazithola izibuza ukuthi yayenze izinqumo ezihlakaniphile yini, ngumlobi weHubo 73, cishe owayengowozalo luka-Asafa. Umhubi wabuza ukuthi kwakwenziwa yini ukuba abantu ababi babonakale bephumelela, bejabule futhi bechuma, kuyilapho labo abazama ukukhonza uNkulunkulu bebhekana nokuhlupheka nobunzima.—Funda iHubo 73:1-13.
10. Kungani imibuzo eyaphakanyiswa umhubi ibalulekile kuwe?
10 Ingabe wake wazibuza imibuzo efana naleyo eyabhalwa umhubi? Uma kunjalo, akudingeki ube nomuzwa wecala ngokweqile noma ucabange ukuthi ukholo lwakho luba buthaka. Eqinisweni, izinceku zikaJehova ezimbalwa ezihlanganisa nezinye azisebenzisa ekulobeni iBhayibheli, zafikelwa imicabango efanayo. (Jobe 21:7-13; IHu. 37:1; Jer. 12:1; Hab. 1:1-4, 13) Ngempela, bonke abafisa ukukhonza uJehova kumelwe bacabangisise futhi bamukele impendulo yalo mbuzo: Ingabe ukukhonza uNkulunkulu nokumlalela kuyinto engcono kakhulu engingayenza? Lo mbuzo uhlobene nempikiswano eyaphakanyiswa uSathane ensimini yase-Edene. Uwumgogodla wempikiswano yendawo yonke yobukhosi bukaNkulunkulu. (Gen. 3:4, 5) Ngakho, sonke senza kahle ngokucabangisisa ngodaba olwaphakanyiswa umhubi. Ingabe kufanele sibe nomona ngabenzi bobubi abaqhoshayo ababonakala bephila ngokunethezeka? Ingabe kufanele ‘siphambuke’ ekukhonzeni uJehova futhi sibalingise? Yilokho kanye uSathane angathanda ukusibona sikwenza.
11, 12. (a) Umhubi wakunqoba kanjani ukungabaza kwakhe, futhi lokhu kusifundisani? (b) Yini eye yakusiza ukuba ufinyelele eziphethweni ezafinyelelwa umhubi?
11 Yini eyasiza umhubi ukuba anqobe ukungabaza kwakhe? Nakuba avuma ukuthi wacishe waphambuka ekwenzeni ukulunga, umbono wakhe washintsha lapho engena “endlini engcwele enkulu kaNkulunkulu”—okungukuthi, lapho ehlangana nabantu abangokomoya etabernakele noma ethempelini likaNkulunkulu futhi ezindla ngenjongo kaNkulunkulu. Kwabe sekumcacela ukuthi wayengafuni ukuba mdibi munye nabenzi bokubi athole isahlulelo sabo. Wabona ukuthi inkambo nezinqumo zabo zazibabeka “emhlabathini oshelelayo.” Waqonda ukuthi bonke labo abashiya uJehova ngokuziphatha okubi, nakanjani bayophela “ngokwesabisa kakhulu obekungazelelwe,” kanti uJehova uyobasekela labo abamkhonzayo. (Funda iHubo 73:16-19, 27, 28.) Cishe uye wakubona ukuba yiqiniso kwala mazwi. Ukuziphilela ungabi nandaba nomthetho kaNkulunkulu kungase kubonakale kukhanga kwabaningi, kodwa imiphumela emibi yenkambo enjalo ayinakugwenywa.—Gal. 6:7-9.
12 Yini enye esingayifunda kokwenzeka kumhubi? Sifunda ukuthi wathola ukulondeka nokuhlakanipha phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Ukuya endaweni yokukhulekela uJehova kwamenza waqala ukucabanga ngendlela ecacile nenengqondo. Nathi namuhla, singathola abeluleki abahlakaniphile, sijabulele nokudla okungokomoya okunempilo emihlanganweni yebandla. Yingakho uJehova etshela izinceku zakhe ukuba ziye emihlanganweni yobuKristu. Uma zilapho ziyozizwa zikhuthazekile futhi ziyovuseleleka ukuba zenze ngokuhlakanipha.—Isaya 32:1, 2; Heb. 10:24, 25.
Khetha Abangane Bakho Ngokuhlakanipha
13-15. (a) Kwenzekani kuDina, futhi lokho kubonisani? (b) Kungani ukuzihlanganisa namanye amaKristu kuyisivikelo?
13 Indodakazi kaJakobe, uDina, iyisibonelo somuntu owangena enkingeni enkulu ngenxa yokuzihlanganisa nabangane bezwe. Ukulandisa kukaGenesise okukhuluma ngaye kusitshela ukuthi wayenomkhuba wokuvakashela izintombi zamaKhanani zalapho umkhaya wakubo wawuhlala khona. AmaKhanani ayengenazo izindinganiso eziphakeme zokuziphatha ezifana nezabakhulekeli bakaJehova. Kunalokho, izinto ezitholwe abavubukuli zibonisa ukuthi izindlela zamaKhanani zenza izwe lawo lagcwala ukukhonza izithombe, ukuziphatha okubi, ukukhulekela ubulili okunyanyekayo nobudlova. (Eks. 23:23; Lev. 18:2-25; Dut. 18:9-12) Khumbula umphumela wokuzihlanganisa kukaDina nalaba bantu.
14 Insizwa yendawo, uShekemi, echazwa ngokuthi “yayinodumo kakhulu kunabo bonke endlini kayise,” yambona uDina ‘yamthatha yalala naye yamona.’ (Gen. 34:1, 2, 19) Yeka inhlekelele! Ucabanga ukuthi uDina wake wacabanga ukuthi angehlelwa into enje? Mhlawumbe wayemane nje efuna ukwakha ubungane nentsha yendawo, ayecabanga ukuthi ayinangozi. Kodwa wayeshaye phansi kwashunqa uthuli.
15 Kusifundisani lokhu kulandisa? Ukuthi asinakumane nje sizihlanganise nabangakholwa bese sicabanga ukuthi ngeke silimale. ImiBhalo ithi: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Kor. 15:33) Ngakolunye uhlangothi, kuyisivikelo ukuzihlanganisa nabantu abanezinkolelo nezindinganiso zokuziphatha eziphakeme njengezakho futhi abathanda uJehova njengawe. Abangane abanjalo abahle bayokukhuthaza ukuba wenze ngokuhlakanipha.—IzAga 13:20.
“Seniye Nagezwa Nahlanzeka”
16. Yini umphostoli uPawulu ayisho ngabanye ebandleni laseKorinte?
16 Ibandla lobuKristu liye lasiza abaningi ukuba bazihlanze emikhubeni engcolisayo. Lapho umphostoli uPawulu ebhalela ibandla laseKorinte incwadi yakhe yokuqala, waphawula ngezinguquko ezenziwa amaKristu alapho ukuze aphile ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu. Amanye kuwo ayeyizifebe, amanye ekhonza izithombe, eyiziphingi, engongqingili, amasela, izidakwa nokunye. UPawulu wathi kuwo: “Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka.”—Funda eyoku-1 Korinte 6:9-11.
17. Ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli kuye kwakushintsha kanjani ukuphila kwabaningi?
17 Abantu abangenalukholo abanazo izimiso ezinengqondo ezibaqondisayo. Bazibekela imithetho yabo noma bamane balandele umshungu ongenandaba nezimiso zokuziphatha njengoba nje kwakunjalo ngamanye alawo maKristu aseKorinte lasendulo ngaphambi kokuba abe amakholwa. (Efe. 4:14) Nokho, ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu nezinjongo zakhe lunamandla okuguqula ukuphila kwabo bonke abasebenzisa imiBhalo lukwenze kube ngcono. (Kol. 3:5-10; Heb. 4:12) Abaningi namuhla abangamalungu ebandla lobuKristu bangakutshela ukuthi ngaphambi kokufunda nokwamukela izindinganiso zikaJehova, babeziphilela ngendlela yabo. Kodwa babengajabule futhi benganelisekile. Bathola ukuthula kuphela lapho beqala ukuzihlanganisa nabantu bakaNkulunkulu futhi bephila ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli.
18. Yini eyavelela omunye osemusha, futhi lokho kufakazelani?
18 Ngakolunye uhlangothi, abathile abakhetha ukushiya ‘amanzi aphephile’ ebandla lobuKristu esikhathini esidlule, manje bakhala ezimathonsi ngesinqumo sabo. Omunye udade esizombiza ngokuthi uTanya, uthi “wakhulela eqinisweni,” kodwa kwathi lapho eseneminyaka engu-16, walishiya ibandla ukuze “aphishekele izinjabulo zezwe.” Phakathi kwezinye zezinto azivuna, wakhulelwa engahlelile, wakhipha nesisu. Manje uthi: “Iminyaka emithathu engayichitha ngisezweni yangishiya nginezibazi ezimbi ngokomzwelo ezingasoze zasuka. Into ehlale ingidla ukwazi ukuthi ngabulala umntanami ongakazalwa. . . . Ngifuna ukutshela bonke abasha abafisa sengathi ‘banganambitha’ izwe ngisho noma kungaba isikhashana nje ukuthi, ‘Ningalingi!’ Lingase lizwakale limnandi ekuqaleni, kodwa kamuva libaba há. Izwe alinalutho ngaphandle kosizi. Ngiyalazi. Ngilinambithile. Hlalani enhlanganweni kaJehova! Ukuphela kwendlela yokuphila eletha injabulo.”
19, 20. Isiphi isivikelo ibandla lobuKristu elisinikezayo, futhi kanjani?
19 Cabanga nje ukuthi ungaba yini uma ungashiya indawo eyisivikelo yebandla lobuKristu. Abaningi bafisa ukungayikhumbuli inkambo yabo eyize yangaphambi kokuba bamukele iqiniso. (Joh. 6:68, 69) Ungaqhubeka uthola ukulondeka nokuvikeleka ezinkathazweni nasezinsizini ezivamile ezweni likaSathane ngokuhlale useduze nabafowenu nodadewenu abangokomoya. Ukuba nobudlelwane nabo nokuya njalo emihlanganweni yebandla kuyoqhubeka kukukhumbuza ngokuhlakanipha kwezindinganiso zikaJehova zokulunga futhi kuyokukhuthaza ukuba uphile ngazo. Unezizathu ezizwakalayo ‘zokudumisa uJehova ebandleni elikhulu,’ njengoba kwenza umhubi.—IHu. 35:18.
20 Yiqiniso, wonke amaKristu aye abhekane nezimo ezenza kubonakale kunzima ukugcina ubuqotho bawo ngenxa yezizathu ezihlukahlukene. Kungenzeka ukuthi adinga nje umuntu ozowabonisa ukuthi enzenjani. Yini wena—empeleni nalo lonke ibandla—ongakwenza ukuze usize okholwa nabo ezimweni ezinjalo? Isihloko esilandelayo sizodingida indlela ‘ongaqhubeka ngayo ududuza futhi wakha’ abafowenu.—1 Thes. 5:11.
Ungaphendula Kanjani?
• Sifundani kokwenzeka kumlobi weHubo 73?
• Okwenzeka kuDina kusifundisani?
• Kungani ungathola ukulondeka ebandleni lobuKristu?
[Izithombe ekhasini 7]
Bhukuda endaweni ephephile; hlala ebandleni!