Ingabe UNkulunkulu Uyoke Asisize?
“O Jehova, kungani, uqhubeka umele kude? Kungani uzigcina uzifihlile ngezikhathi zokucindezeleka?”a—IHUBO 10:1.
UMA ugijimisa amehlo emaphephandabeni, ufunde izindaba ezihamba phambili uvele ubone ukuthi siphila ‘ezikhathini zokucindezeleka.’ Nokho, uma lezo zinto ezibuhlungu zenzeka kuwe uqobo—lapho uba yisisulu sobugebengu, lapho uvelelwa ingozi embi yemoto noma kufa umuntu omthandayo—ungase ubuze kufanele, Ingabe uNkulunkulu uyakubona okungivelele? Ingabe unendaba? Ukhona yini ngempela?
Nokho, wake wacabanga yini ukuthi mhlawumbe izinto esizilindele kuNkulunkulu zibonisa ukungalinganiseli? Nasi isibonelo: Cabanga ngengane encane ephatheke kabi ngoba unina uye emsebenzini. Le ngane ikhumbule unina futhi ifisa abuye ekhaya. Icabanga ukuthi ngeke esabuya. Ilokhu ibelesele ngokuthi, “Mina ngifuna umama!”
Kusobala ukuthi ukucabanga kwale ngane kuyiphutha. Ingani unina akekho nje ngoba uyosebenzela umndeni wakhe wonke. Kungenzeka yini ukuthi nathi sibonisa ukucabanga okuyiphutha uma sibalisa sithi, “UNkulunkulu uthule uthini”?
Ngokwesibonelo, abanye bangase bafise ukuba uNkulunkulu ababhubhise ngokushesha bonke abantu abenza izinto ezimbi. Abanye babheka uNkulunkulu njengoNkulunkulu wemilingo omsebenzi wakhe ukusinika izinto esizifunayo—umsebenzi, umngane womshado ngisho nokuwina ilotho.
Yomibili le mibono yenza kubonakale sengathi uma uNkulunkulu engathathi isinyathelo sokuletha ubulungisa ngokushesha noma engasiniki izinto esizifunayo kusho ukuthi akanandaba nokuhlupheka kwethu futhi akazazi izinto esizidingayo. Nokho, lawo amanga aluhlaza cwe! Iqiniso liwukuthi sikhuluma nje uJehova uNkulunkulu uphezu kwamalungiselelo okulethela bonke abantu ubungcono. Nokho, akenzi ngendlela abaningi abalindele ukuba enze ngayo.
Yini ayenzayo? Ukuze siphendule lo mbuzo, kudingeka sibuyele ekuqaleni komlando ngesikhathi kulimala ubuhlobo babantu noNkulunkulu—kodwa kungekhona ukuthi babungaseyikuphinde bulungiseke.
Imiphumela Yesono Emibi
Cabanga ngendlu osekuyiminyaka ingahlalwa muntu. Uphahla selwawohloka kwawa nezicabha futhi ngaphandle ayibukeki neze kahle. Le ndlu yake yaba yinhle—kodwa manje isiyifuku. Ngenxa yomonakalo okuyo, ukuyilungisa kuzoba umsebenzi omkhulu; ngeke kuthathe usuku olulodwa.
Manje cabanga ngomonakalo owenzeka kubantu eminyakeni engaba ngu-6 000 edlule ngesikhathi isidalwa esiwumoya, uSathane, siyenga u-Adamu no-Eva ukuba bahlubuke kuNkulunkulu. Ngaphambi kokuba kwenzeke lokho, labo bantu bokuqala babephelele futhi besemathubeni okuphila phakade kanye nenzalo yabo. (Genesise 1:28) Nokho, lapho u-Adamu no-Eva bona, kwaba njengokungathi benze umonakalo kubo bonke abantu ababesazozalwa.
Ungawuthathi kalula umonakalo omkhulu owabangelwa yilokho kuhlubuka. IBhayibheli lithi: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono.” (Roma 5:12) Ngaphandle nje kokuthi isono saletha ukufa, siye salimaza nobuhlobo bethu noMdali. Sathinta imizimba, ingqondo nemizwelo yethu. Ngenxa yalokho, nathi sifana naleya ndlu ewohlokile. UJobe, indoda elungileyo, wasifingqa kahle kakhulu isimo sethu. Wathi ukuphila komuntu “kufushane futhi kugcwele izinkathazo.”—Jobe 14:1, Holman Christian Standard Bible.
Kodwa ingabe uNkulunkulu wabalahla abantu ngemva kokona kuka-Adamu no-Eva? Cha. Eqinisweni, kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje, uBaba wethu osezulwini ubelokhu ephezu komsebenzi wokulethela abantu ubungcono. Ukuze ukuqonde kahle futhi ukwazise lokho asenzela khona, cabanga ngezinyathelo ezintathu okudingeka umuntu azithathe uma ezolungisa indlu nendlela lezi zinyathelo ezihlobana ngayo nalokho uNkulunkulu aye wakwenza ukuze abuyisele izinto esimweni esifanele.
1 Ngemva kokuhlola indlu ewohlokile, umnikazi kumelwe anqume ukuthi uzoyilungisa noma uzoyibhidliza.
Ngemva nje kokuhlubuka kuka-Adamu no-Eva e-Edene, uJehova uNkulunkulu wamemezela injongo yakhe yokubuyisela izinto esimweni esifanele. Watshela isidalwa esiwumoya esabangela lokhu kuhlubuka: “Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.”—Genesise 3:15.
Ngalawo mazwi, uJehova wayethembisa ukubhubhisa ubhongoza wokuhlubuka kwase-Edene. (Roma 16:20; IsAmbulo 12:9) Ngaphezu kwalokho, wabikezela ukuthi “inzalo” eyayiyofika yayizokhulula abantu esonweni.b (1 Johane 3:8) Lezo zithembiso zaziqukethe leli qiniso elibalulekile: uNkulunkulu wayengeke ayibhubhise indalo yakhe kodwa wayezoyilungisa. Nokho, ukubuyiselwa kwezinto esimweni esifanele kwakuyothatha isikhathi.
2 Umdwebi wamapulani udweba ipulani elibonisa ngokucacile ukuthi indlu izoba njani.
UJehova uNkulunkulu wanikeza ama-Israyeli imithetho futhi wawatshela ukuthi kwakufanele alakhe kanjani ithempeli ayezomkhulekela kulo. IBhayibheli lithi: “Lezo zinto ziyisithunzi sezinto ezizokuza.” (Kolose 2:17) Njengepulani yendlu, lezo zinto zazibonisa okukhulu okwakuseza.
Ngokwesibonelo, ama-Israyeli ayenza iminikelo ngezilwane ukuze athethelelwe izono. (Levitikusi 17:11) Lowo mkhuba wawuwumfuziselo womhlatshelo omkhulu nakakhulu owawuyonikelwa emakhulwini eminyaka eyalandela—umhlatshelo owawuyobakhulula ngempela abantu.c Umklamo wetabernakele nethempeli ama-Israyeli ayekusebenzisa ekukhulekeleni wawuwumfuziselo wezinyathelo ezaziyothathwa uMesiya, kusukela efa ukufa okuwumhlatshelo kuze kube yilapho enyukela ezulwini.—Bheka ishadi elisekhasini 7.
3 Umnini-ndlu ukhetha umakhi ozolandela ipulani futhi avuselele indlu.
UJesu wayenguMesiya othenjisiwe owayeyofeza lokho okwakufezwa yiminikelo yama-Israyeli, anikele ngokuphila kwakhe ukuze kuhlengwe abantu. UJohane uMbhapathizi wambiza kufanele uJesu ngokuthi ‘iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe.’ (Johane 1:29) UJesu wasamukela ngokuzithandela lesi sabelo. Wathi: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumileyo.”—Johane 6:38.
Intando kaNkulunkulu ngoJesu yayingekhona nje ukuba ‘anikele umphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi,’ kodwa nokuba enze isivumelwano sombuso nabalandeli bakhe. (Mathewu 20:28; Luka 22:29, 30) Ngalowo Mbuso, uNkulunkulu uzofeza injongo yakhe ngabantu. Isigijimi esiphathelene noMbuso kaNkulunkulu sibizwa ngokuthi “izindaba ezinhle” ngoba sichaza ukuthi uNkulunkulu umise uhulumeni ezulwini ozolawula izinto emhlabeni!—Mathewu 24:14; Daniyeli 2:44.d
Umsebenzi Wokubuyiselwa Kwezinto Esimweni Esifanele Uyaqhubeka
Ngaphambi kokwenyukela ezulwini, uJesu wayala abalandeli bakhe: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele . . . Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”—Mathewu 28:19, 20.
Ukufa kukaJesu kwakungasho neze ukumiswa komsebenzi wokubuyisela. Lokhu kubuyisela kwakuyoqhubeka kuze kube ‘sesiphelweni sesimiso sezinto’—isikhathi uMbuso kaNkulunkulu owawuyoqala ngaso ukulawula umhlaba. Siphila kuleso sikhathi. Lokhu sikwazi ngoba isibonakaliso uJesu asibikezela ngokuqondene ‘nesiphelo sesimiso sezinto’ sesiyagcwaliseka.e—Mathewu 24:3-14; Luka 21:7-11; 2 Thimothewu 3:1-5.
Namuhla, emazweni angu-236, oFakazi BakaJehova balalela umyalo kaJesu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Empeleni, injongo yalo magazini owufundayo iwukukusiza ukuba wazi okwengeziwe ngalowo Mbuso nalokho ozokufeza. Ekhasini lesibili lalo magazini INqabayokulinda, kunala mazwi: “Lo magazini . . . ududuza abantu ngezindaba ezinhle zokuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu, owuhulumeni wangempela osezulwini, uzoqeda bonke ububi futhi uguqule umhlaba ube yipharadesi. Ukhuthaza ukuba nokholo kuJesu Kristu, owafa ukuze sithole ukuphila okuphakade futhi osebusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu.”
Yiqiniso, okwamanje ungase uqhubeke uzwa ngokuhlasela kwamaphekula, ngezinhlekelele zemvelo noma ungase wehlelwe usizi ngokuqondile. Nokho, uma utadisha iBhayibheli uzothola ukuthi uNkulunkulu akabalahlile abantu. Empeleni, “akakude kulowo nalowo kithi.” (IzEnzo 17:27) Isithembiso sakhe sokubuyisela lokho okwalahlwa abazali bethu sizogcwaliseka nakanjani.—Isaya 55:11.
[Imibhalo yaphansi]
a IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.
b Ukuze uthole incazelo eningiliziwe kaGenesise 3:15, bheka isahluko 19 sencwadi ethi Sondela KuJehova, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 5 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
d Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu, bheka isahluko 8 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
e Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 9 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
[Ishadi/Izithombe ekhasini 7]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
‘Umfanekiso Wokungokoqobo’—Lokho Okwakufanekiselwa Yitabernakele
I-ALTARE
Ukuzimisela kukaNkulunkulu ukwamukela umhlatshelo kaJesu.—HEBHERU 13:10-12.
UMPRISTI OPHAKEME
UJesu.—HEBHERU 9:11.
1 NgoSuku Lokuhlawulelwa, umpristi ophakeme wayenikela umhlatshelo wezono zabantu.—LEVITIKUSI 16:15, 29-31.
1 NgoNisani 14, 33 C.E., uJesu wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu.—HEBHERU 10:5-10; 1 JOHANE 2:1, 2.
INGCWELE
Isimo sikaJesu njengendodana kaNkulunkulu ezelwe ngomoya, enombono wokuphila ezulwini.—MATHEWU 3:16, 17; ROMA 8:14-17; HEBHERU 5:4-6.
ISIHENQO
Umzimba kaJesu wenyama, umgoqo owawuhlukanisa ukuphila kwasemhlabeni kokwasezulwini.—1 KORINTE 15:44, 50; HEBHERU 6:19, 20; 10:19, 20.
2 Umpristi ophakeme wayedlulela kolunye uhlangothi lwesihenqo esasihlukanisa iNgcwele neNgcwelengcwele.
2 Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu ‘wadlulela ngakolunye uhlangothi lwesihenqo’ ngokwenyukela ezulwini “ukuba abonakale phambi kukaNkulunkulu ngenxa yethu.”—HEBHERU 9:24-28.
INGCWELENGCWELE
Izulu.—HEBHERU 9:24.
3 Lapho umpristi ophakeme esengaphakathi kweNgcwelengcwele, wayefafaza igazi lomhlatshelo ngaphambi komphongolo wesivumelwano.—LEVITIKUSI 16:12-14.
3 Ngokuletha kuNkulunkulu inani legazi lakhe elachitheka, uJesu wabonisa ukuthi wayezihlawulele ngempela izono zethu.—HEBHERU 9:12, 24; 1 PETRU 3:21, 22.