Ezentsha Yethu
Esikufundayo Ngesihe SikaNkulunkulu
UJONA—INGXENYE 2
Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UJONA 3:1–4:11.
Ucabanga ukuthi uJona wayezizwa kanjani ngesikhathi engena emzini waseNineve?
․․․․․
Iphimbo likaJona njengoba ayememezela izahlulelo zikaJehova likutshela ukuthi wayezizwa kanjani?
․․․․․
Yikuphi ukungakhululeki okumelwe ukuba uJona wayenakho njengoba ayehlezi ngaphandle komuzi? (Bheka uJona 4:5-8.)
․․․․․
2 CWANINGISISA.
Yisiphi isizathu okungenzeka sabangela uJona ukuba afune uJehova abhubhise iNineve njengoba ayebikezele?
․․․․․
Usebenzisa amathuluzi okucwaninga onawo, thola okuthile (1) ngokubukeka nezici zesihlahla soselwa (2) nangalokho okushiwo ukwembatha kwenkosi yaseNineve indwangu yesaka nokuhlala emlotheni.
․․․․․
Kungani uJona engase abizwe ngomprofethi othembekile nonesibindi nakuba aqale angabaza ukuyoprofetha eNineve? (Mathewu 21:28-31)
․․․․․
3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Neqiniso lokuthi abantu bangazishintsha izindlela zabo zokuphila ezimbi.
․․․․․
Nesihe sikaJehova.
․․․․․
Nesidingo sokuba sibe nesihe.
4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
Ukuze ucwaninge ngokwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-April 1, 2009, amakhasi 14-18.
FUNDA EZINYE IZINCWADI EZISEKELWE EBHAYIBHELINI KUYI-INTERNET, KULELI KHELI: www.watchtower.org