Ingabe Kufanele Uthembeke Zikhathi Zonke?
WONKE umuntu uthembekile ngezikhathi ezithile; mhlawumbe abaningi izikhathi eziningi. Kodwa bangaki abantu obaziyo abakuzama ngamandla abo onke ukuhlala bethembekile?
Namuhla ukungathembeki kuthé chithi saka emikhakheni eminingi yokuphila. Yize kunjalo, abantu bawazi kahle umbono kaNkulunkulu ngokwethembeka. Ngokwesibonelo, abantu abaningi bayawazi umthetho wesishiyagalombili eMiyalweni Eyishumi othi: “Ungebi.” (Eksodusi 20:15) Nokho, abaningi banomuzwa wokuthi ngezinye izikhathi kulungile ukweba noma olunye uhlobo lokungathembeki. Ake sixoxe ngezibonelo ezintathu zokweba ngokuvamile okubhekwa njengokwamukelekayo.
Kulungile Yini Ukweba Uma Uhlupheka?
Isikhulu sombuso waseRoma sake sathi: “Ukuhlupheka kuzala ubugebengu.” Umuntu ompofu angase abe nomuzwa wokuthi kwamukelekile ukweba futhi nabanye abantu bangase bavumelane naye. Wathini uJesu ngale ndaba? Wayenozwela lapho esebenzelana nabampofu. ‘Wafikelwa isihawu ngabo.’ (Mathewu 9:36) Yize kunjalo, akakaze athi kwamukelekile ukweba ngisho nangaphansi kwanoma yiziphi izimo. Yini-ke umuntu ohluphekayo okufanele ayenze?
UNkulunkulu unozwela ngalabo abazama ngobuqotho ukumlalela, futhi uyoyibusisa imizamo yabo yokuthola abakudingayo. (IHubo 37:25) IBhayibheli liyathembisa: “UJehova ngeke abangele ukuba umphefumulo wolungile ulambe, kodwa ukunxanela kwababi uyokuchilizela eceleni.” (IzAga 10:3) Ingabe umuntu ompofu angathembela kulesi sithembiso? UVictorine akasingabazi nakancane.
Njengoba engumfelokazi onezingane ezinhlanu ezifunda isikole, uVictorine udonsa kanzima. Uhlala ezweni elisathuthuka futhi alukho usizo olungako lwezimali oluvela kuhulumeni. Isikhathi esiningi akasichithi ekhaya okwenza abe maningi amathuba okweba. Nokho, uVictorine akazizwa efisa ukweba. Kunalokho, uyatabalasa ukuze aphile ngokuthengisa emgwaqweni. Yini emsiza ukuba ahlale ethembekile?
“Okokuqala, ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu uthembekile nokuthi uzothembeka nakimi uma ngimlingisa. Okwesibili, izingane zami zingafunda ukwethembeka kuphela uma zingibona ngithembekile.”
Zimhambela kanjani izinto? “Sinokudla, izingubo kanye nendawo yokuhlala. Nakuba kunjalo, ziye zaba khona izikhathi lapho kuye kwadingeka ukuba ngicele usizo kubangane, ngokwesibonelo, ukuze ngikhokhele izindleko zokwelashwa ezivela ngingazilindele. Njalo nje ngiye ngiluthole usizo engiludingayo. Kungani? Ngoba abangane bami bayazi ukuthi ngikhuluma iqiniso uma ngibachazela izimo zami futhi angizami ukusizakala ngabo.”
“Izingane zami zikhula zithembekile. Muva nje, umakhelwane ubone imali phezu kwetafula wabe esengibuza ukuthi angesabi yini ukuthi izingane zami zingase ziyebe. Akakholwanga lapho ngimtshela ukuthi izingane zami azisoze zayenza into enjalo. Ngingazi, wanquma ukuzilinga. Washiya i-100 franc endlini, wayibeka lapho izingane zazizoyibona khona. Lapho ebuya ngakusasa, wamangala ukuthola ukuthi imali yakhe isalokhu ilapho ayishiye ikhona. Ukuba nezingane ezithembekile kujabulisa ukwedlula ukuba nengqwaba yezinto ezibonakalayo.”
“Wonke Umuntu Uyeba”
Ukweba emsebenzini kuyinto ejwayelekile. Ngenxa yalokho, abaningi banomuzwa wokuthi ‘wonke umuntu uyeba, mina ngivinjwa yini?’ Ngokuphambene, iBhayibheli lithi: “Ungalandeli isixuku ngezinhloso ezimbi.” (Eksodusi 23:2) UVictoire uye wasilalela lesi siyalo. Ingabe kuye kwamzuzisa lokhu?
Lapho eneminyaka engu-19 wathola umsebenzi enkampanini ehluza amafutha esundu. Ngokushesha waqaphela ukuthi abesifazane abangu-40 ayesebenza nabo babentshontsha izimbewu zesundu bazifake kobhasikidi babo. Isonto ngalinye, babethengisa imbewu elingana neholo lezinsuku ezintathu noma ezine. UVictoire uyalandisa: “Eqinisweni wonke umuntu wayentshontsha. Babelindele ukuba nami ngingene kulowo mshungu, kodwa ngenqaba, ngabachazela ukuthi ngiphila ngokwethembeka. Babengibiza ngamaganyana, baze bathi ngiyisiphukuphuku.”
“Ngolunye usuku sesishayisa, kwathushuka imenenja. Yasesha bonke obhasikidi bethu, futhi yathola izimbewu zesundu kubo bonke obhasikidi ngaphandle kowami. Bonke labo ababanjwa oqotsheni baxoshwa ngaso leso sikhathi noma kwadingeka bashweleze ngokuthi basebenze amasonto amabili bangaholi. Phakathi nalawo masonto amabili, labo besifazane bazibonela ukuthi ngangingesona isiphukuphuku.”
“Uma Uzitholele Kusuke Kungeyakho”
Uzizwa kanjani lapho uthola into ethile eyigugu elahlekele omunye umuntu? Kwabaningi lokhu kusho ukuthi sekungeyabo, okubenza bangakucabangi nakancane ukuyithozisa. Bathi “uma uzitholele kusuke kungeyakho.” Abanye baba nomuzwa wokuthi abalimazi muntu. Baze bacabange nokuthi umnikazi wayo kungenzeka usexolile ngoba ilahlekile. Abanye bathi akudokwe eligayelwe bona ukufunana nomniniyo—into engase ibafake komkhulu umsebenzi.
UNkulunkulu uyibheka kanjani le ndaba? UDuteronomi 22:1-3 ubonisa ukuthi umuntu othole okuthile kwakungafanele akugcine, kodwa kwakufanele akubeke ‘kuze kube yilapho umniniko ekufuna, abese ekubuyisela kuye.’ Uma ayethula angasho lutho, wayengase abekwe icala lokweba. (Eksodusi 22:9) Ingabe lo myalo usasebenza namuhla? UChristine akakungabazi lokho.
UChristine ungumqondisi esikolweni esingesona esikahulumeni. Ngolunye uLwesithathu wanikwa esandleni iholo lakhe lenyanga. Njengoba kwenza abaningi eNtshonalanga Afrika, naye wagoqa imali yakhe wayishutheka esikhwameni. Wabe eseyogibela isithuthuthu esithutha abantu waya emhlanganweni. Lapho efika, wacinga uhlweza esikhwameni sakhe ukuze akhokhele umshayeli. Imali yakhe ewumholo yawela phansi ebumnyameni.
Ngemva kwemizuzwana, uBlaise oneminyaka engu-19, owayezifikela nasendaweni, wafika ngakuleyo ndawo okwakuwele kuyo imali. Wayenze amalungiselelo okuhlangana nomngane wakhe kuwo lo mhlangano noChristine ayeye kuwo. Wabona isijumbana semali phansi, wabe esesithatha wasifaka ephaketheni. Ngemva komhlangano, watshela umngane wakhe ukuthi wayethole okuthile ngaphandle nokuthi noma ubani olahlekelwe kufanele amthinte ngocingo ukuze akuthole.
Lapho uChristine efika ekhaya ngalobo busuku, washaqeka lapho engasayitholi imali yakhe ayeyisebenzele inyanga yonke. Ngemva kwesonto, waxoxela umngane wakhe uJosephine ukuthi ulahlekelwe imali, owabe esemtshela ukuthi kunesivakashi esasisemhlanganweni esathola okuthile. UChristine washayela uBlaise ucingo futhi wachaza ukuthi ulahlekelwe yimalini. Wajabula kakhulu lapho uBlaise emthozisela imali yakhe. Kuthiwani ngoBlaise? Wayeyigcine isonto lonke leyo mali, kodwa wathi, “Injabulo engaba nayo lapho ngimthozisela imali yakhe yaba nkulu kakhulu kunaleyo engaba nayo ngesikhathi ngisayigcinile.”
Okubenza Balwele Ukuhlala Bethembekile
UVictorine, uVictoire noBlaise bahlala ezindaweni ezingafani futhi abazani. Nokho, kunokuthile abafana ngakho. BangoFakazi BakaJehova abalalela lokho okushiwo iBhayibheli mayelana nokwethembeka. Balindele ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu somhlaba omusha. “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” Bonke abantu abayobe bephila ngaleso sikhathi kuyobe kungabantu abalungile—nabathembekile.—2 Petru 3:13.
UVictorine uyazi ukuthi mancane amathuba okuba isimo sakhe esingokwezimali sisimame kuze kube yilapho uNkulunkulu eguqula izinto. Nakuba kunjalo, ucebile ngokomoya, into engasoze yathengwa yimali. Izingane zakhe zithembekile futhi ziziphatha kahle. Njalo ngamaSonto “zichichima injabulo” lapho zikhuluma nomakhelwane ngobuhle bukaNkulunkulu, zibachazela nokuthi uyobanelisa kanjani “bonke abambiza ngeqiniso” nokuthi uyoqapha “bonke abamthandayo.”—IHubo 145: 7, 18, 20.
Ngokuhamba kwesikhathi, uVictoire wawushiya umsebenzi wakhe wokuhluza izitshalo zesundu. Wazivulela ibhizinisi lokuthengisa i-garri (uhlobo oluthile lokudla olwenziwe ngomdumbula) emakethe. Ukwethembeka kwakhe kwamlethela amakhasimende amaningi. Eqinisweni, ngemva kwesikhathi esifushane wakwazi ukunciphisa isikhathi ayesichitha emakethe futhi wachitha esengeziwe ekutsheleni abanye ngethemba lokuphila ezweni eliyobe lingasenakho ukungathembeki. Ngokuhamba kwesikhathi washada, futhi manje yena nomyeni wakhe bayizikhonzi zesikhathi esigcwele.
UChristine walahlekelwa yimali yakhe phambi kweHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova. UBlaise wayazi abambalwa kakhulu kulowo mhlangano, kodwa wayazi ukuthi babengabafowabo abangokomoya abazama ukwethembeka zikhathi zonke.
Bangaki abantu obaziyo abazama ngobuqotho ukuhlala bethembekile? Zicabange nje uphakathi kwabantu abangu-50, abayikhulu, noma abangu-200 abanjalo. Yilokho kanye okujatshulelwa oFakazi BakaJehova emaHholo abo OMbuso. Sikukhuthaza ukuba uye khona ufike wakhe ubungane nabo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
“Ukuba nezingane ezithembekile kujabulisa ukwedlula ukuba nengqwaba yezinto ezibonakalayo.”—UVICTORINE
[Ibhokisi ekhasini 14]
Ingabe IzAga 6:30 Ziyakuthethelela Ukweba?
IzAga 6:30 zithi: “Abantu abalideleli isela ngoba nje leba ukuze lisuthise umphefumulo walo lapho lilambile.” Ingabe la mazwi athethelela ukweba? Nakancane. Umongo ubonisa ukuthi uNkulunkulu ulindele ukuba isela lithwale izono zalo. Ivesi elilandelayo lithi: “Kodwa, lapho libanjwa, liyobuyisela ngokuphindwe kasikhombisa; liyokhipha yonke impahla yendlu yalo yenani elikhulu.” (IzAga 6:31) Nakuba isela eleba ngenxa yokuswela lingeke libhekwe ncamashi njengesela eleba ngenxa yobugovu noma ngenhloso yokulimaza elimebelayo, kodwa kufanele lenze ‘okuhle’ noma likhokhe. Labo abafuna ukwamukelwa uNkulunkulu akufanele babe necala lokweba ngaphansi kwanoma yiziphi izimo.