UNkulunkulu Usikhathalela Ngempela—Indlela Esazi Ngayo
UMA uNkulunkulu esithanda, kungani kunokuhlupheka okungaka? Lona umbuzo omdala, kodwa obaluleke kakhulu abantu asebezibuze wona izinkulungwane ngezinkulungwane zeminyaka. Cishe uyavuma ukuthi uma kunothile omthandayo, ngeke wathanda ukumbona ehlupheka, futhi uma esenkingeni ungazama ukumtakula. Yingakho abaningi benomuzwa wokuthi njengoba kunokuhlupheka okungaka emhlabeni, kusho ukuthi uNkulunkulu akanandaba nathi. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba siqale ngokucabangela ubufakazi obubonisa ukuthi ngempela uNkulunkulu uyasithanda futhi uyasikhathalela.
Indalo Ifakazela Uthando LukaNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu ‘nguYe owenza izulu nomhlaba nolwandle nazo zonke izinto ezikukho.’ (IzEnzo 4:24) Njengoba sicabangisisa ngalokho uJehova akudalile, ngokuqinisekile kumelwe siphethe ngokuthi uyasikhathalela. Ngokwesibonelo, cabanga ngezinto ezikujabulisayo ekuphileni. Uyakuthanda yini ukudla okuconsisa amathe? UJehova wayengasenzela uhlobo olulodwa lokudla ukuze siphile, kodwa wenza izinhlobonhlobo zokudla ukuze sikujabulele. Ngokufanayo, uJehova wahlobisa umhlaba wethu ngezihlahla, izimbali, izintaba nezimpophoma ukuze sijabulele ukuphila futhi kusithakazelise.
Cabangela futhi indlela esidalwe ngayo. Sinamakhono okuhlekisa abanye nokubona izinto ezihlekisayo, ukujabulela umculo nokuthanda izinto ezinhle. Lezi zinto asizidingi ngempela ukuze siphile, kodwa ziyizipho ezivela kuNkulunkulu ezenza sijabulele ukuphila. Cabanga futhi nangobuhlobo bakho nabanye. Ubani nje ongakujabuleli ukuchitha isikhathi esimnandi nabangane abahle noma ukwangiwa ngothile amthanda kakhulu? Phela, khona kanye ukuba nothando kuyisipho esivela kuNkulunkulu onothando! Njengoba uNkulunkulu adala abantu ukuba bakwazi ukuthanda abanye, kumelwe ukuba leyo mfanelo iyingxenye yobuntu bakhe.
IBhayibheli Lisiqinisekisa Ngothando LukaNkulunkulu
IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uluthando. (1 Johane 4:8) Uthando lwakhe alubonakali endalweni yakhe kuphela, kodwa lubonakala naseZwini lakhe, iBhayibheli. Ngokwesibonelo, lineziqondiso ezenza sibe nempilo enhle, ezikhuthaza ukuba silinganisele kuzo zonke izinto futhi lixwayisa ngokudakwa nokuminza.—1 Korinte 6:9, 10.
IBhayibheli libuye lisinike iseluleko esihlakaniphile ngokuqondene nokusebenzelana nabantu, lisikhuthaze ukuba sithandane, sihloniphane futhi siphathane ngomusa. (Mathewu 7:12) Lilahla imikhuba nezimo zengqondo ezibangela ubuhlungu nokuhlupheka—ukuhaha, inhlebo, umona, ukuphinga nokubulala. Uma bonke abantu bebengazama ukuphila ngokuvumelana neseluleko esihle esisemiBhalweni, nakanjani bekungeke kube nezinsizi ezingaka emhlabeni.
Nokho, uNkulunkulu wabonisa uthando olukhulu ngokuthumela iNdodana yakhe, uJesu, ukuba izohlenga isintu. UJohane 3:16 uthi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” Isihlengo siyilungiselelo elenziwe uJehova lokukuqeda ngokuphelele ukufa kuhlanganise nazo zonke izinhlupheko.—1 Johane 3:8.
Kusobala ukuthi kunobufakazi obuningi obubonisa ukuthi uJehova uyasithanda. Ngakho-ke, kunengqondo ukuphetha ngokuthi akajabuli uma esibona sihlupheka. Uzosithatha isinyathelo sokuqeda ukuhlupheka. Asikho isidingo sokuba sizibuze siziphendule ngale ndaba—iBhayibheli lisitshela ngokuqondile ukuthi uNkulunkulu uyokuqeda kanjani ukuhlupheka.
[Isithombe ekhasini 4]
Uthando esinalo luyisipho esivela kuNkulunkulu onothando