Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 7/1 kk. 5-6
  • 2. Lifunde Ngomqondo Ovulekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 2. Lifunde Ngomqondo Ovulekile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yandisa Ulwazi Olunembile “Ngengqondo Enokulangazela”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Funda IZwi LikaNkulunkulu Futhi Umkhonze Ngeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indlela Yokuthola Inkolo Yeqiniso
    I-Phaphama!—2008
  • Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 7/1 kk. 5-6

Indlela Ongaliqonda Ngayo IBhayibheli

2. Lifunde Ngomqondo Ovulekile

Ingabe umngane wakho wake wakutshela izinto ezingezinhle ngomuntu othile owawungakaze umbone? Lapho ekugcineni umbona lowo muntu, ingabe izinto owazizwa ngomngane wakho zakuxhopha, wangabe usawabona amakhono nezimfanelo ezinhle zalowo muntu? Kungenzeka okufanayo ngeBhayibheli.

UMPHOSTOLI UPAWULU waxwayisa ngalokho okungase kwenzeke uma iBhayibheli singalifundi ngomqondo ovulekile. Naku akusho ngamaJuda athile ayephila ngaleso sikhathi: “Ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.”—Roma 10:2.

Amanye alawo maJuda ekhulu lokuqala ayengazimisele ukwamukela iqiniso elalembulwe ngokucacile emiBhalweni YesiHebheru: ukuthi uMesiya wayengubani. UJesu waseNazaretha nguye owazenza zonke izinto ezazilindelwe kuMesiya, wagcwalisa zonke iziprofetho. Noma kunjalo, imibono eqinile yenza amaJuda amaningi angaliqonda iZwi likaNkulunkulu.

Yini thina esingayifunda kulokhu? Kubalulekile ukufunda iBhayibheli ngomqondo ovulekile. Uma umuntu engalithandi iBhayibheli noma enemibono ethile ngalo ebe engalazi, lokho kungamenza angaliqondi iqiniso eliseBhayibhelini.

Ngokwesibonelo, uprofesa othile wezifundo zenkolo eNyakatho Carolina, e-U.S.A., uchaza iBhayibheli ngokuthi “liyincwadi eyabhalwa abantu, enemibono yabantu, futhi eminingi yayo ayifani kanti ayikho enesiqondiso esinembile sendlela okufanele siphile ngayo.” Uma umuntu engafunda iBhayibheli enomqondo wokuthi “liyincwadi eyabhalwa abantu,” ngeke yini athambekele ekungasinakini isiqondiso noma umthetho othile ngoba engawuthandi?

Ngokuphambene nalokhu okushiwo ngenhla, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba silifunde ngenkuthalo. ImiBhalo isho lokhu ngabantu baseBhereya ababephila ngesikhathi sikaPawulu: “Bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.” (IzEnzo 17:11) Nawe kungase kudingeke wenze njengalabo bafundi, uqede imibono engafanele ngeBhayibheli noma ukugxeka okungase kukwenze ungaliqondi. Funda iZwi likaNkulunkulu ngomqondo ovulekile, ulangazelele ukuthola umyalezo ojabulisayo ovela kuMlobi walo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela