Indlela Yokuthola Inkolo Yeqiniso
Abanye baye babuze, ‘Uma likhona iqiniso elivela kuNkulunkulu, kungani kufanele ngilicinge ukuze ngilithole? Uma uNkulunkulu enomyalezo obalulekile wabo bonke abantu, ubengeke yini awudlulisele ngokucacile ukuze abantu bawuqonde ngokushesha, ngaphandle kokuba kudingeke ukuba baphenyisise?’
NGOKUQINISEKILE uNkulunkulu unawo amandla okwenza into enjalo. Kodwa ingabe ukhethé ukulidlulisela ngaleyo ndlela iqiniso?
Indlela UNkulunkulu Alidlulisela Ngayo Iqiniso
Empeleni, uNkulunkulu udlulisela imiyalezo yakhe ngendlela evumela ukuba abantu abalifuna ngobuqotho iqiniso bayifune. (IHubo 14:2) Ake ucabange ngomyalezo uNkulunkulu awudlulisela emakhulwini eminyaka adlule ngomprofethi wakhe uJeremiya. Wanikwa amaJuda, abantu bakaNkulunkulu abahlubukayo, ngokuphathelene nokubhujiswa kweJerusalema abaseBhabhiloni okwakusondela.—Jeremiya 25:8-11; 52:12-14.
Kodwa, ngesikhathi esifanayo, kwakunabanye abaprofethi ababethi bakhulumela uNkulunkulu. UHananiya wabikezela ukuthi iJerusalema lalizoba nokuthula. Lowo kwakuwumyalezo owehlukile kulowo owadluliselwa uJeremiya. Ngakho umuntu kwakufanele akholwe bani ngaleso sikhathi—uJeremiya noma labo ababemphikisa?—Jeremiya 23:16, 17; 28:1, 2, 10-17.
Ukuze azi ukuthi yini eyayilungile, amaJuda aqotho kwakudingeka azi ubuntu bukaJehova. Kwakudingeka aqonde imithetho nezimiso zakhe, kanye nendlela akubheka ngayo ukwenza okubi. Ngokwenza kanjalo, ayeyovumelana namazwi ashiwo ngoJeremiya, athi “kwakungekho muntu owayephenduka ebubini bakhe.” (Jeremiya 8:5-7) Ngaphezu kwalokho, kwakuyodingeka aqonde ukuthi lesi simo esibi sasibikezela inhlekelele phezu kweJerusalema nabahlala kulo.—Duteronomi 28:15-68; Jeremiya 52:4-14.
Iziprofetho zikaJeremiya mayelana neJerusalema zagcwaliseka. AbaseBhabhiloni bawubhubhisa lo muzi ngo-607 B.C.E.
Nakuba imiphumela yokungalaleli yayibikezelwe kusengaphambili, kwakudingeka umzamo ukuqaphela ukuthi sasesifikile isikhathi sokuba uJehova athathe isinyathelo.
Kuthiwani Ngeqiniso LobuKristu?
Kuthiwani ngeqiniso elamenyezelwa uJesu Kristu? Ingabe bonke baliqaphela njengomyalezo ovela kuNkulunkulu? Cha. Nakuba uJesu ayephakathi kwabantu bakwa-Israyeli ebafundisa futhi enza izimangaliso, iningi lezilaleli zakhe alizange liqonde ukuthi wayenguMesiya obikezelwe—uKristu, noma Ogcotshiweyo.
KubaFarisi ababuza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawusuzofika yini, uJesu wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awuzi ngokubonakala okuphawulekayo.” Wanezela: “Umbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu.” (Luka 17:20, 21) UJesu uMbusi omiswe uNkulunkulu, wayephakathi kwabo! Kodwa labo baFarisi benqaba ukuvula amehlo abo ukuze babone ubufakazi bokuthi wayegcwalisa iziprofetho eziphathelene noMesiya nokumamukela ‘njengoKristu iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.’—Mathewu 16:16.
Ukusabela kwabantu eqinisweni elalimenyezelwa abafundi bakaKristu bekhulu lokuqala kwakufana. Nakuba izibonakaliso zazisiza ekuboniseni ukuthi laba bafundi babesekelwa uNkulunkulu, iqiniso lalingakhanyi kwabaningi. (IzEnzo 8:1-8; 9:32-41) UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba ‘benze abantu abafundi,’ ngokubafundisa. Ngenxa yokulalela nokufunda amaqiniso angokomBhalo, abafuna iqiniso ngobuqotho baba amakholwa.—Mathewu 28:19; IzEnzo 5:42; 17:2-4, 32-34.
Kusenjalo nanamuhla. ‘Izindaba ezinhle zombuso ziyashunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.’ (Mathewu 24:14) Lokhu akwenziwa “ngokubonakala okuphawulekayo”—ngendlela esobala kangangokuba wonke umuntu emhlabeni angayiphawula njengomyalezo ovela kuNkulunkulu. Noma kunjalo, iqiniso likaNkulunkulu liyabonakala futhi balamukela kahle abanhliziyo ziqotho abafuna ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo.—Johane 10:4, 27.
Iqiniso lokuthi ufunda umagazini okhuluma ngeBhayibheli libonisa ukuthi kungenzeka ukuthi ufuna iqiniso ngobuqotho. Unganquma kanjani ukuthi iyiphi inkolo efundisa iqiniso?
Indlela Esebenzayo
Umphostoli uPawulu wancoma izakhamuzi zangekhulu lokuqala zaseBhereya ngendlela ezasabela ngayo lapho ezifundisa. Azikwamukelanga ngokushesha njengokuyiqiniso lokho uPawulu ayekusho; kodwa noma kunjalo zakwamukela ngenhlonipho. Singafunda kulokho abaseBhereya abakwenza ngemva kokulalela lo myalezo.
Phawula lokho iBhayibheli elikuchazayo: “Manje laba [abaseBhereya] babenengqondo enhle kunabaseThesalonika, ngoba bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto. Ngakho-ke abaningi kubo baba ngamakholwa.” (IzEnzo 17:10-12) Ngakho-ke, ukuhlola kwabo kwakungakhi phezulu. Abazange bafinyelele isinqumo esiwujuqu ngokuxoxa kanye noma kabili noPawulu.
Phawula futhi ukuthi abaseBhereya “bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu.” Lokhu kusitshela okuthile ngesimo sengqondo ababenaso lapho befunda imiBhalo. Abazange bakholelwe yinoma yini, kodwa futhi abazange baphikise ngokungenangqondo. Babengenaso isimo sengqondo esilukhuni ngokuqondene nalokho okwakuchazwa uPawulu owayengomunye wabameleli bakaNkulunkulu abangabantu.
Cabanga nangalokhu: AbaseBhereya babeqala ukuzwa ngobuKristu. Babuyizindaba ezimnandi, mhlawumbe buyinto emangalisayo. Kodwa kunokuba babenqabe, bayihlolisisa imiBhalo, ukuze babone ukuthi ‘zazinjalo yini lezi zinto uPawulu ayezisho.’ Phawula futhi ukuthi labo baseBhereya nabaseThesalonika abahlola ngokucophelela baba amakholwa. (IzEnzo 17:4, 12) Abazange badikibale baphethe ngokuthi iqiniso alitholakali. Bayibona inkolo yeqiniso.
Indlela Iqiniso Elibathinta Ngayo Abantu
Lapho umuntu ethola iqiniso njengabaseBhereya ushukumiseleka ukuba alihlanganyele nabanye ngentshiseko. Abanye bangase bangakuthandi lokho, benomuzwa wokuthi kuwukuthobeka ukukholelwa ukuthi nezinye izinkolo kungenzeka zineqiniso. Kodwa, lapho umuntu eselitholile iqiniso leBhayibheli limenza aqiniseke. Alimenzi umuntu asale ezibuza ukuthi liyathokala yini noma ukuthi kungenzeka yini zonke izinkolo ziholele ensindisweni. Kodwa, ukuthola iqiniso kuqala ngokuhlola ngobuqotho, okudinga ukuthobeka ngempela.
OFakazi BakaJehova bakwenzile ukuhlola okunjalo. Yingakho bekholelwa ukuthi bayitholile inkolo yeqiniso. Futhi bakumema ukuba uzihlolele imiBhalo ukuze ukwazi ukubona ukuthi obani abanenkolo yeqiniso namuhla. Nakuba kukuningi okuhilelekile kunokuhlola nje uhlu olulula, imininingwane ephathelene namaKristu ekhulu lokuqala esebhokisini elikuleli khasi ingakusiza ukuba uqale ukuhlola.
Ngokwamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala noFakazi BakaJehova, ungahlolisisa ngokujulile lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela. Ukufunda lokhu kuyokusiza ukuba ubone inkolo yeqiniso.
[Ibhokisi ekhasini 9]
Izimpawu Zenkolo Yeqiniso
Cabanga ngemikhuba nezimfundiso zamaKristu ekhulu lokuqala:
◼ Ayethembela eBhayibhelini njengesiqondiso.—2 Thimothewu 3:16; 2 Petru 1:21.
◼ Ayefundisa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uhlukile kuNkulunkulu futhi ungaphansi kwaKhe.—1 Korinte 11:3; 1 Petru 1:3.
◼ Ayefundisa ukuthi abafile bayophinde bavuselwe ekuphileni ngovuko lwesikhathi esizayo.—IzEnzo 24:15.
◼ Ayedume ngokuba nothando phakathi kwawo.—Johane 13:34, 35.
◼ Ayengakhulekeli njengabantu ngabanye kodwa ayehlelwe ngamabandla futhi eqondiswa ngobunye ngaphansi kwababonisi nendikimba yabadala ephethe eyayihlonipha uJesu njengeNhloko.—IzEnzo 14:21-23; 15:1-31; Efesu 1:22; 1 Thimothewu 3:1-13.
◼ Ayengabashumayeli abashisekayo bokuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu.—Mathewu 24:14; 28:19, 20; IzEnzo 1:8.
[Isithombe ekhasini 7]
Abantu babeyokwazi kanjani ukuthi uJeremiya ungumprofethi weqiniso, lapho abanye bemphikisa?
[Izithombe ekhasini 8, 9]
AbaseBhereya bekhulu lokuqala balalela uPawulu babe sebehlola imiBhalo ukuze baqiniseke ukuthi lokho ayekusho kuyiqiniso
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Ukutadisha iBhayibheli ngokucophelela kungakusiza ukuba ubone iqiniso elingokwenkolo