“Shisekela Imisebenzi Emihle”!
“[UJesu] wazinikela ngenxa yethu ukuze asikhulule kuyo yonke inhlobo yokweqa umthetho futhi azihlanzele isizwe okungesakhe kuphela, esishisekela imisebenzi emihle.”—THITHU 2:14.
1. Kwenzekani ethempelini lapho uJesu efika ngo-Nisani 10, 33 C.E.?
NGUNISANI 10, 33 C.E., futhi sekusele izinsukwana nje kube umkhosi wePhasika. Kunesasasa phakathi kwezixuku zabakhulekeli ethempelini eJerusalema. Kuzokwenzekani lapho uJesu efika? Abalobi bamaVangeli abathathu, uMathewu, uMarku noLuka, bonke basitshela ukuthi uJesu uyaphinda axoshe abathengisayo nabathengayo ethempelini. Ugumbuqela amatafula abashintshi bemali namabhentshi alabo abathengisa amajuba. (Math. 21:12; Marku 11:15; Luka 19:45) Intshiseko kaJesu ayikanciphi selokhu athatha isinyathelo esifanayo eminyakeni emithathu edlule.—Joh. 2:13-17.
2, 3. Sazi kanjani ukuthi uJesu akazange abonise intshiseko yakhe ngokuhlanza ithempeli kuphela?
2 Ukulandisa kukaMathewu kubonisa ukuthi uJesu akazange abonise intshiseko yakhe ngokuhlanza ithempeli kuphela kulesi senzakalo. Wabuye waphulukisa izimpumputhe nabayizinyonga abeza kuye. (Math. 21:14) Ukulandisa kukaLuka kukhuluma nangeminye yemisebenzi uJesu ayenza. “[UJesu] wafundisa nsuku zonke ethempelini.” (Luka 19:47; 20:1) Ngakho, kuyaphawuleka ukuthi wayeshiseka enkonzweni yakhe yasobala.
3 Kamuva umphostoli uPawulu wabhalela uThithu futhi wachaza ukuthi uJesu “wazinikela ngenxa yethu ukuze asikhulule kuyo yonke inhlobo yokweqa umthetho futhi azihlanzele isizwe okungesakhe kuphela, esishisekela imisebenzi emihle.” (Thithu 2:14) ‘Singayishisekela’ ngaziphi izindlela “imisebenzi emihle” namuhla? Izibonelo zamakhosi alungile akwaJuda zingasikhuthaza kanjani?
Ukushisekela Ukushumayela Nokufundisa
4, 5. Amakhosi akwaJuda amane ayibonisa ngaziphi izindlela intshiseko yawo ngemisebenzi emihle?
4 U-Asa, uJehoshafati, uHezekiya noJosiya bonke baphuma umkhankaso wokuqeda ukukhulekela izithombe kwaJuda. U-Asa “wasusa ama-altare abanye onkulunkulu nezindawo eziphakeme futhi waphula izinsika ezingcwele wanquma nezigxobo ezingcwele.” (2 IziKr. 14:3) Ukushisekela ukukhulekela kukaJehova kwashukumisela uJehoshafati ukuba ‘asuse izindawo eziphakeme nezigxobo ezingcwele kwaJuda.’—2 IziKr. 17:6; 19:3.a
5 Ngemva komkhosi wePhasika wezinsuku ezingu-7 owawuhlelwe uHezekiya eJerusalema, “wonke ama-Israyeli ayetholakala lapho aphuma aya emizini yakwaJuda, aphula izinsika ezingcwele, agawula izigxobo ezingcwele adiliza nezindawo eziphakemeyo nama-altare kulo lonke elakwaJuda nelakwaBhenjamini nakwa-Efrayimi nakwaManase aze aqeda.” (2 IziKr. 31:1) UJosiya wayeneminyaka engu-8 kuphela ubudala lapho eba inkosi. Ukulandisa kuthi: “Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe, esengumfana, wafuna uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakhe; futhi ngonyaka weshumi nambili wahlanza uJuda neJerusalema wasusa zonke izindawo eziphakemeyo nezigxobo ezingcwele nemifanekiso ebaziweyo nezithombe ezincibilikisiwe.” (2 IziKr. 34:3) Ngakho, womane la makhosi ashisekela imisebenzi emihle.
6. Kungani inkonzo yethu ingase ifaniswe nemikhankaso yamakhosi akwaJuda athembekile?
6 Nanamuhla sisemkhankasweni wokusiza abantu ukuba baphunyule ezimfundisweni zenkolo yamanga nasemkhubeni wokukhulekela izithombe. Lapho sisenkonzweni yendlu ngendlu sihlangana nazo zonke izinhlobo zabantu. (1 Thim. 2:4) Enye intombazane yase-Asia ikhumbula ukuthi kubo unina wayenza njalo imicikilisho yokukhulekela inqwaba yezithombe. Icabanga ukuthi akunakwenzeka ukuthi zonke zazingamelela uNkulunkulu weqiniso, le ntombazane yathandaza kaningi icela uNkulunkulu ukuba ayembulele ukuthi ungubani ngempela. Ngolunye usuku kwafika oFakazi ababili kubo ababekulungele ukuyisiza ukuba yazi igama likaNkulunkulu weqiniso, uJehova. Yeka ukuthi yajabula kangakanani lapho ifunda iqiniso ngezithombe! Manje ibonisa intshiseko encomekayo ngokuhlanganyela ngenkuthalo enkonzweni yasensimini, isiza abanye ngokomoya.—IHu. 83:18; 115:4-8; 1 Joh. 5:21.
7. Yini esingayenza ukuze silingise abafundisi abadabula izwe befundisa ngosuku lukaJehoshafati?
7 Lapho sihlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu, siyihlanganisa kahle kangakanani insimu esiyabelwe? Kuyathakazelisa ukuthi ngonyaka wesithathu wokubusa kwakhe, uJehoshafati wabiza izikhulu ezinhlanu, amaLevi ayisishiyagalolunye nabapristi ababili. Wabathuma ukuba badabule kuyo yonke imizi bafundise abantu imithetho kaJehova. Umkhankaso wabo waphumelela kakhulu kangangokuthi nabantu bezizwe ezibazungezile baqala ukwesaba uJehova. (Funda eyesi-2 IziKronike 17:9, 10.) Ngokuya emakhaya abantu ngezikhathi nangezinsuku ezihlukahlukene, singase sikwazi ukukhuluma namalungu omkhaya ahlukahlukene.
8. Singayandisa kanjani insimu yethu?
8 Izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezikhathini zanamuhla ziye zashiya amakubo ngokuzithandela futhi zathuthela lapho kunendingeko enkulu khona yoFakazi abashisekayo. Ingabe nawe ungakwenza lokho? Abanye kithi abangenakukwazi ukuthutha bangazama ukufakaza kubantu abahlala endaweni yakubo kodwa abakhuluma olunye ulimi. Ngenxa yokuthi uRon uhlangana nabantu bezizwe ezihlukahlukene ensimini, ufunde ukubingelela ngezilimi ezingu-32 nakuba eneminyaka engu-81 ubudala! Usanda kuhlangana nombhangqwana wase-Afrika lapho efakaza emgwaqweni wabe esewubingelela ngolimi lwawo lwesiYoruba. Wambuza ukuthi wake waya yini e-Afrika. Lapho elandula, wambuza ukuthi wayelufundephi ulimi lwawo. Lokhu kwamvulela ithuba lokunikeza ubufakazi obuhle. Kwaba lula ngawo ukwamukela omagazini nokumnika ikheli lawo, alidlulisela ebandleni lendawo ukuze lowo mbhangqwana uqhutshelwe isifundo seBhayibheli.
9. Kungani kubalulekile ukufunda iBhayibheli enkonzweni yethu? Nikeza isibonelo.
9 Abafundisi abathunywa uJehoshafati kulo lonke izwe babephethe “incwadi yomthetho kaJehova.” Emhlabeni wonke silwela ukusebenzisa iBhayibheli lapho sifundisa abantu ngoba liyiZwi likaNkulunkulu. Enkonzweni yethu senza umzamo okhethekile wokulivula ngokoqobo ukuze sibonise abanye lokho elikushoyo. Omunye umninikhaya wachazela uLinda, onguFakazi, ukuthi wayenakekele umyeni wakhe owayeshaywe unhlangothi. Wabalisa: “Angazi ukuthi ngenzeni ukuze uNkulunkulu avumele lokhu ukuba kwenzeke kimi.” ULinda waphendula: “Ngicela ukukuqinisekisa ngokuthile.” Wabe esefunda amazwi akuJakobe 1:13 futhi wanezela: “Konke ukuhlupheka esibhekana nakho thina nabathandekayo bethu akusona isijeziso esivela kuNkulunkulu.” Lapho ezwa la mazwi, lo mninikhaya wanga uLinda ngothando. ULinda uthi: “Ngakwazi ukumduduza ngokusebenzisa iBhayibheli. Ngezinye izikhathi umninikhaya usuke ewaqabuka amavesi esimfundela wona eBhayibhelini.” Leyo ngxoxo yaholela esifundweni seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke nalona wesifazane.
Intsha Ekhonza UJehova Ngentshiseko
10. UJosiya waba isibonelo esihle entsheni engamaKristu yanamuhla ngayiphi indlela?
10 Uma sibuyela esibonelweni sikaJosiya, siphawula ukuthi waphishekela ukukhulekela kweqiniso esemncane futhi wayeneminyaka engaba ngu-20 lapho eqala umkhankaso omkhulu wokuqeda ukukhulekelwa kwezithombe. (Funda eyesi-2 IziKronike 34:1-3.) Namuhla intsha eningi ibonisa intshiseko efanayo enkonzweni yayo yoMbuso.
11-13. Iziphi izifundo ozithola entsheni yanamuhla ekhonza uJehova ngentshiseko?
11 UHannah, ohlala eNgilandi, wayeneminyaka engu-13 ubudala futhi efunda isiFulentshi esikoleni lapho ezwa ukuthi kwakusungulwe iqembu elikhuluma isiFulentshi edolobheni eliseduze. Uyise wavuma ukumphelezela ukuze ahlanganyele nalelo qembu. Manje useneminyaka engu-18, futhi ukhonza njengephayona elivamile elishisekayo ensimini yesiFulentshi. Ingabe nawe ungalufunda olunye ulimi futhi usize abanye abantu ukuba bafunde ngoJehova?
12 URachel wakujabulela kakhulu ukubuka i-video ethi Pursue Goals That Honor God. Nakhu akushoyo ngendlela ayecabanga ngayo lapho eqala ukukhonza uJehova emuva ngo-1995: “Ngangicabanga ukuthi iqiniso ngangilenze laba ngelami.” Ube esenezela: “Ngemva kokubuka le drama, sengiyabona ukuthi yonke le minyaka bengilokhu ngilandela nje. Kumelwe ngililwele iqiniso futhi ngizikhandle enkonzweni yami nasesifundweni somuntu siqu.” Manje ukhonza uJehova ngentshiseko eyengeziwe. Lokhu kube namuphi umphumela? Uthi: “Ubuhlobo bami noJehova buye bakhula. Manje ngithandaza ngokusuka enhliziyweni, isifundo sami sesijulile futhi sesijabulisa ngokwengeziwe, kanti nezindaba engizifunda eBhayibhelini ziba ngokoqobo ngokwengeziwe kimi. Ngenxa yalokho, sengiyijabulela kakhulu inkonzo futhi kungilethela ukwaneliseka kwangempela ukubona amazwi kaJehova eduduza abanye.”
13 ULuke ungomunye osemusha owakhuthazwa enye i-video ethi Young People Ask—What Will I Do With My Life? Ngemva kokuyibuka, uLuke uyabhala: “Ngizizwa ngishukumiseleka ukuba ngihlaziye kabusha indlela yami yokuphila.” Uyavuma: “Esikhathini esidlule, ngacindezelwa ukuba ngiphishekele imfundo ephakeme kuqala ukuze ngilondeke ngokwezimali andukuba ngigxile emigomweni engokomoya. Le ngcindezi ayimsizi umuntu ukuba athuthuke ngokomoya; kunalokho iyamlimaza.” Bafowethu nodade abasebasha, kunganjani nizame ukubona ukuthi ningeyisebenzise yini imfundo yenu ukuze nandise inkonzo yenu njengoba kwenza uHannah? Kungani ningalingisi uRachel ngokuphishekela ngentshiseko imigomo edumisa uNkulunkulu ngempela? Lingisani isibonelo sikaLuke kanjalo nigweme izingozi eziye zaba ugibe entsheni eningi.
Zilalele Ngentshiseko Izixwayiso
14. Ukukhulekela okunjani uJehova akwamukelayo, futhi kungani ukulondoloza ukukhulekela okunjalo kuyinselele namuhla?
14 Abantu bakaJehova kudingeka bahlanzeke ukuze ukukhulekela kwabo kwamukeleke kuye. U-Isaya uyaxwayisa: “Sukani, sukani, phumani lapho, ningathinti lutho olungcolile; phumani phakathi kwalo [iBhabhiloni], zigcineni nihlanzekile, nina enithwala izitsha zikaJehova.” (Isaya 52:11) Eminyakeni eminingi ngaphambi kokuba u-Isaya abhale la mazwi, inkosi elungile u-Asa yakuphishekela ngentshiseko ukuqeda ukuziphatha okubi kwaJuda. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 15:11-13.) Emakhulwini eminyaka kamuva, umphostoli uPawulu watshela uThithu ukuthi uJesu wazinikela ukuba ahlanze abalandeli bakhe abenze babe “isizwe okungesakhe kuphela, esishisekela imisebenzi emihle.” (Thithu 2:14) Emphakathini wanamuhla ogcwele ububi, akulula—ikakhulu entsheni—ukuhlala ihlanzekile ngokokuziphatha. Ngokwesibonelo, zonke izinceku zikaNkulunkulu, ezincane nezindala, kumelwe zilwe ukuze zingangcoliswa izithombe zobulili ezingcolile ezisemabhodini ezikhangiso, kuma-TV, kumabhayisikobho futhi ikakhulukazi nakuyi-Internet.
15. Yini engasisiza ukuba sihlakulele inzondo ngokubi?
15 Ukuzilalela ngentshiseko izixwayiso zikaNkulunkulu kungasisiza ukuba sihlakulele inzondo ngokubi. (IHu. 97:10; Roma 12:9) Kudingeka sizenyanye izithombe zobulili ezingcolile ukuze “sigqashule ethonyeni lazo elinamandla kuhle kukazibuthe,” njengoba kusho omunye umKristu. Ukuze umuntu ahlukanise izinsimbi ezibanjwe uzibuthe, kudingeka asebenzise amandla angaphezu kwalawo azibambile. Ngokufanayo, kudingeka umzamo omkhulu ukuze simelane nethonya lezithombe zobulili ezingcolile. Kodwa ukuqonda ukuthi zingadala umonakalo ongakanani kithi kuyosisiza ukuba sihlakulele ukuzenyanya. Omunye umzalwane wazikhandla kakhulu ukuba agqashule emkhubeni wakhe wokuvula izingosi zezithombe zobulili ezingcolile kuyi-Internet. Wasusa i-computer yakhe wayoyibeka endaweni lapho wonke amalungu omkhaya eyibona khona. Ngaphezu kwalokho, wazimisela ngokwengeziwe ukuba azihlanze futhi ashisekele imisebenzi emihle. Akagcinanga lapho. Ngenxa yokuthi umsebenzi wakhe wawudinga ukuba asebenzise i-Internet, wanquma ukuthi uyoyivula kuphela lapho enomkakhe.
Izinzuzo Zokuziphatha Kahle
16, 17. Ukuziphatha kwethu okuhle kungaba naliphi ithonya kwabasibonayo? Nikeza isibonelo.
16 Yeka umoya omuhle okhona phakathi kwezinsizwa nezintombi ezikhonza uJehova, futhi yeka ukuthi lokhu kubahlaba umxhwele kanjani ababukele! (Funda eyoku-1 Petru 2:12.) Omunye umuntu owavakashela iBethel eseLondon washintsha isimo sakhe sengqondo ngoFakazi BakaJehova ngemva kokuchitha usuku elungisa umshini wokunyathelisa lapho. Umkakhe, owayefundelwa uFakazi othile wendawo, waphawula ukuthi isimo sengqondo somyeni wakhe sase sishintshile. Ngaphambili, wayengafuni ukuba oFakazi beze kwakhe. Kodwa wabuya ekulungiseni umshini eBethel engawuvali umlomo ngendlela aphathwa ngayo. Washo nokuthi akekho oweyenenhlamba. Wonke umuntu wayenesineke futhi kwakunokuthula. Into ayithanda kakhulu ukubona abafowethu nodade abasebasha besebenza ngentshiseko nakuba bengaholi, benikela ngesikhathi nangamandla abo ukuze basize ekumemezeleni izindaba ezinhle.
17 Ngokufanayo, abafowethu nodadewethu abasebenzayo ukuze bondle imikhaya yabo basebenza ngomphefumulo wonke. (Kol. 3:23, 24) Ngokuvamile lokhu kwenza ukuba umsebenzi ungabapheleli kalula ngoba abaqashi bayazazisa izisebenzi ezizikhandlayo futhi abafuni ukulahlekelwa yizo.
18. ‘Singayishisekela kanjani imisebenzi emihle’?
18 Ukuthembela kwethu kuJehova, ukulalela kwethu imiyalo yakhe nendlela esinakekela ngayo izindawo zethu zokukhulekela kungezinye zezindlela esibonisa ngazo ukushisekela indlu kaJehova. Ngaphezu kwalokho, sifuna ukuhlanganyela ngokugcwele ngangokunokwenzeka emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nowokwenza abafundi. Kungakhathaliseki ukuthi sibasha noma sibadala, siyothola izibusiso eziningi lapho sizikhandla ekunamatheleni ezindinganisweni ezihlanzekile ezihlobene nokukhulekela kwethu. Ngaphezu kwalokho, siyoqhubeka saziwa njengabantu ‘abashisekela imisebenzi emihle.’—Thithu 2:14.
[Umbhalo waphansi]
a Kungenzeka ukuthi u-Asa wasusa izindawo eziphakeme ezazihlobene nokukhulekelwa konkulunkulu bamanga kodwa washiya lezo abantu ababekhulekela uJehova kuzo. Noma kungenzeka ukuthi lezi izindawo eziphakeme zabuye zakhiwa ngasekugcineni kokubusa kwakhe futhi zabe sezisuswa indodana yakhe uJehoshafati.—1 AmaKh. 15:14; 2 IziKr. 15:17.
Ezibonelweni eziseBhayibhelini nezanamuhla, ufundeni
• ngendlela ongabonisa ngayo intshiseko ngokushumayela nangokufundisa?
• ngendlela intsha engamaKristu ‘engashisekela ngayo imisebenzi emihle’?
• ngendlela ongagqashula ngayo emikhubeni eyonakalisayo?
[Isithombe ekhasini 13]
Ingabe ulisebenzisa njalo iBhayibheli enkonzweni yakho?
[Isithombe ekhasini 15]
Ukufunda olunye ulimi esikoleni kungase kukusize ukuba wandise inkonzo yakho