Sondela KuNkulunkulu
UMahluleli Owenza Okulungile Njalo
UBULUNGISA. Ukwenza okufanele. Ukungakhethi. Azikukhangi yini lezi zimfanelo ezinhle? Thina bantu ngokwemvelo sifuna ukuphathwa ngendlela efanele. Ngokudabukisayo, ubulungisa abukho kuleli zwe lanamuhla. Kodwa kunoMahluleli esingamethemba—uJehova uNkulunkulu. Wenza okulungile ngaso sonke isikhathi. Lokhu kwacaca engxoxweni eyayiphakathi kukaJehova no-Abrahama, elotshwe kuGenesise 18:22-32.a
Lapho uJehova etshela u-Abrahama ngesinqumo sakhe sokuhlolisisa okwakwenzeka eSodoma naseGomora, u-Abrahama wayekhathazeke ngokuphepha kwabantu abalungile okungenzeka babehlala lapho, kuhlanganise nendodana yomfowabo uLoti. U-Abrahama wanxusa uJehova: “Ingabe ngempela uzokhukhula olungile kanye nomubi? Ake sithi kukhona abantu abalungile abangamashumi amahlanu phakathi komuzi. Ingabe-ke [ngeke uyixolele] indawo ngenxa yabalungile abangamashumi amahlanu abangaphakathi kwayo?” (Amavesi 23, 24) UNkulunkulu wathi wayezowuyeka umuzi uma kunabantu nje abangu-50 abalungile kuwo. U-Abrahama wanxusa uJehova ezinye izikhathi ezinhlanu, elokhu enciphisa inani laze lafinyelela kubantu abayishumi. Isikhathi ngasinye, uNkulunkulu wathi wayengeke awubhubhise umuzi uma kunaleso sibalo sabantu abalungile.
Ingabe u-Abrahama wayeqagulisana noNkulunkulu? Lutho neze! Lokho kwakuyobe kuwukuzikhukhumeza okubi kakhulu. U-Abrahama wakhuluma ngendlela ebonisa inhlonipho nokuthobeka. Wazibiza ‘ngothuli nomlotha.’ Izikhathi ezine, ngenhlonipho wathi “ngiyacela.” (Amavesi 27, 30-32) Ngaphezu kwalokho, amazwi ka-Abrahama embula ukuthi wayeqiniseka ukuthi uJehova uzokwenza okufanele. U-Abrahama akakushongo kanye kodwa kabili ukuthi “kuyinto engacabangeki” ukuba uNkulunkulu abhubhise abalungile kanye nababi. Le nzalamizi ethembekile yaveza ukuqiniseka kwayo ngokuthi ‘uMahluleli womhlaba wonke uyokwenza okulungile.’—Ivesi 25.
Ingabe u-Abrahama wayeqinisile kulokho akusho? Impendulo inguyebo nocha. Wayenza iphutha ngokucabanga ukuthi kunabantu okungenani abayishumi abalungile eSodoma naseGomora. Kodwa ngokuqinisekile wayeqinisile uma ethi uNkulunkulu wayengeke ‘akhukhule olungile kanye nomubi.’ Kamuva lapho uNkulunkulu ebhubhisa leyo mizi emibi, uLoti olungile namadodakazi akhe amabili basinda ngosizo lwezingelosi.—2 Petru 2:7-9.
Lokhu kulandisa kusifundisani ngoJehova? Ngokutshela u-Abrahama ngalokho ayehlose ukukwenza kule mizi, empeleni uJehova wayefuna ukuba u-Abrahama aveze imizwa yakhe. Wabe eselalela ngesineke njengoba umngane wakhe u-Abrahama eveza ukukhathazeka kwakhe. (Isaya 41:8) Yeka ukuthi lokhu kusifundisa ngendlela enhle kangakanani ukuthi uJehova unguNkulunkulu othobekile, ozihloniphayo izinceku zakhe zasemhlabeni! Ngokusobala, sinezizathu ezinhle zokuthembela ngokuphelele kuJehova, uMahluleli owenza okulungile ngaso sonke isikhathi.
[Umbhalo waphansi]
a Kuleyo ngxoxo, uJehova wayemelelwa ngokuqondile yingelosi eyayingumkhulumeli wakhe. Ukuze uthole esinye isibonelo, bheka uGenesise 16:7-11, 13.
[Isithombe ekhasini 24]
U-Abrahama wanxusa uJehova mayelana neSodoma neGomora