Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 12/15 kk. 16-20
  • Sizimisele Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sizimisele Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wabunikeza Ubufakazi Obuphelele!
  • Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele Namuhla
  • Imiphumela Esingase Singayazi
  • “Nikeza Ubufakazi Obuphelele”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Baqeqeshelwe Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • ‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele’ Ngenkuthalo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Fundisa Obala Nasendlini Ngendlu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 12/15 kk. 16-20

Sizimisele Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele

“Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele.”—IZE. 10:42.

1. Lapho ekhuluma phambi kukaKorneliyu, imuphi umyalo uPetru awuqokomisa?

INDUNA YEMPI engumNtaliyane yabiza izihlobo nabangane ngosuku olwaba ingqopha-mlando ekusebenzelaneni kukaNkulunkulu nabantu. Leyo ndoda eyesaba uNkulunkulu kwakunguKorneliyu. Umphostoli uPetru watshela lelo qembu ukuthi abaphostoli babeyalwe ukuba ‘bashumayele kubantu futhi banikeze ubufakazi obuphelele’ ngoJesu. Ukufakaza kukaPetru kwaba nezithelo eziningi ezinhle. AbeZizwe abangasokile bathola umoya kaNkulunkulu, babhapathizwa futhi baba sohlwini lokuba amakhosi noJesu ezulwini. Yeka umphumela omuhle wokunikeza kukaPetru ubufakazi obuphelele!—IzE. 10:22, 34-48.

2. Sazi kanjani ukuthi umyalo wokufakaza wawunganikezwanga abaphostoli abangu-12 kuphela?

2 Lokho kwenzeka ngo-36 C.E. Eminyakeni engaba mibili ngaphambili, kwakuguqulwe umphikisi wobuKristu oshisekayo. USawulu waseTarsu wayesendleleni eya eDamaseku lapho uJesu ebonakala kuye futhi wathi: ‘Ngena emzini, uzotshelwa okumelwe ukwenze.’ UJesu waqinisekisa umfundi u-Ananiya ukuthi uSawulu wayeyonikeza ubufakazi “ezizweni nasemakhosini nakubantwana bakwa-Israyeli.” (Funda izEnzo 9:3-6, 13-20.) Lapho esefikile kuSawulu, u-Ananiya wathi: “UNkulunkulu wokhokho bethu ukukhethile . . . ngoba uzoba ngufakazi wakhe, kubo bonke abantu.” (IzE. 22:12-16) USawulu, kamuva owaziwa ngokuthi uPawulu, wasibheka njengesibaluleke kangakanani leso sabelo sokunikeza ubufakazi?

Wabunikeza Ubufakazi Obuphelele!

3. (a) Ikuphi ukulandisa esizogxila kukho? (b) Abadala base-Efesu basabela kanjani emyalezweni kaPawulu, bebeka siphi isibonelo esihle?

3 Kungaba into ethakazelisa ngempela ukukufunda ngokuningiliziwe konke uPawulu akwenza ngemva kwalokho. Kodwa okwamanje, ake sigxile enkulumweni ayinikeza cishe ngo-56 C.E., njengoba siyithola encwadini yezEnzo isahluko 20. UPawulu wanikeza le nkulumo ngasekupheleni kohambo lwakhe lwesithathu lwezithunywa zevangeli. Wayehle eMilethu, itheku elisoLwandle Lwase-Aegean, futhi wayethumele ukuba abadala base-Efesu beze kuye. I-Efesu yayiqhele ngamakhilomitha angaba ngu-50, nakuba ayengaba maningi kunalokho uma usebenzisa imigwaqo egwincizayo. Ungacabanga ukuthi bajabula kanjani abadala base-Efesu lapho bethola umyalezo kaPawulu. (Qhathanisa nezAga 10:28.) Noma kunjalo, kwakuyodingeka benze amalungiselelo okuya eMilethu. Ingabe kwadingeka ukuba abanye kubo bacele isikhathi sokungabikho emsebenzini noma ukuba bavale izitolo zabo? AmaKristu amaningi namuhla enza kanjalo ukuze aqiniseke ukuthi awaphuthelwa ngisho nayingxenye eyodwa yesimiso somhlangano wawo wesigodi waminyaka yonke.

4. UPawulu wayephila kanjani ngesikhathi ese-Efesu iminyaka ethile?

4 Ucabanga ukuthi uPawulu wenzani eMilethu phakathi nalezo zinsuku ezintathu noma ezine esalinde laba badala? Wena wawuyokwenzani? (Qhathanisa nezEnzo 17:16, 17.) Amazwi uPawulu awasho kubadala base-Efesu asisiza ukuba sithole impendulo. Wachaza indlela yokuphila okwase kuyiminyaka eyilandela, kuhlanganise nangaphambili lapho ese-Efesu. (Funda izEnzo 20:18-21.) Azi ukuthi akekho owayengaphika, wathi: “Nazi kahle ukuthi kusukela osukwini lokuqala engangena ngalo esifundeni sase-Asiya . . . nganikeza ubufakazi obuphelele.” Yebo, wayezimisele ukufeza umsebenzi ayewunikwe uJesu. Wawufeza kanjani e-Efesu? Enye indlela yayiwukufakaza kumaJuda, eya lapho ayetholakala khona ngobuningi. ULuka ubika ukuthi lapho uPawulu ese-Efesu cishe ngo-52-55 C.E., ‘wanikeza izinkulumo futhi wasebenzisa ikhono lokukholisa’ esinagogeni. Lapho amaJuda ‘ezenza lukhuni futhi engakholwa,’ uPawulu waphendukela kwabanye, washintsha indawo emzini kodwa waqhubeka eshumayela. Ngaleyo ndlela wafakaza kumaJuda namaGreki kulowo muzi omkhulu.—IzE. 19:1, 8, 9.

5, 6. Kungani singaqiniseka ukuthi lapho uPawulu eya endlini ngendlu wayeshumayeza abangakholwa?

5 Ngokuhamba kwesikhathi abanye ababa amaKristu bafaneleka ukuba abadala labo kamuva uPawulu akhuluma nabo eMilethu. UPawulu wabakhumbuza indlela ayeyisebenzisile: “[Angigodlanga] ukunitshela noma yini ezintweni eziyinzuzo nokunifundisa obala nasendlini ngendlu.” Esikhathini sethu, kunabantu abaye bathi la mazwi kaPawulu amane nje asho ukuhambela kokwalusa. Kodwa akunjalo. Inkulumo ethi ‘ukufundisa obala nasendlini ngendlu’ ngokuyinhloko yayibhekisele ekushumayezeni abantu abangakholwa. Lokhu kucacile emazwini akhe alandelayo. Wathi wayefakaza “kumaJuda nakumaGreki . . . ngokuphathelene nokuphendukela kuNkulunkulu nokholo eNkosini yethu uJesu.” Kusobala ukuthi uPawulu wayefakaza kubantu abangakholwa, okwakudingeka ukuba baphenduke futhi babe nokholo kuJesu.—IzE. 20:20, 21.

6 Lapho esinye isazi sihlaziya imiBhalo YamaKristu YesiGreki, sathi ngezEnzo 20:20: “UPawulu wayehlale iminyaka emithathu e-Efesu. Waya kuzo zonke izindlu, noma okungenani washumayeza bonke abantu (ivesi 26). Yilokhu okuyisisekelo esingokomBhalo sokushumayela endlini ngendlu nesokufundisa emihlanganweni yasobala.” Kungakhathaliseki ukuthi waya ngokoqobo kuzo zonke izindlu noma cha, njengoba kusho lesi sazi, uPawulu wayengathandi ukuba abadala base-Efesu bakhohlwe indlela ayebunikeze ngayo ubufakazi nemiphumela okwaba nayo. ULuka wabika: “Bonke ababehlala esifundeni sase-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.” (IzE. 19:10) Kodwa kwakungenzeka kanjani ukuba “bonke” abase-Asiya bezwe, futhi lokhu kungasikiselani ngokushumayela kwethu?

7. Cishe ukushumayela kukaPawulu kwaba namuphi umphumela ngisho nakulabo abangashunyayezwanga nguye ngokuqondile?

7 Ngokushumayela kukaPawulu ezindaweni zomphakathi nasendlini ngendlu, abantu abaningi bezwa isigijimi sakhe. Ingabe ucabanga ukuthi kungenzeka ukuthi bonke abamuzwa bahlala e-Efesu, bangaba khona abaya kwezinye izindawo ngenjongo yebhizinisi, yokuba seduze nezihlobo, noma yokubalekela umsindo nempilo ephithizelayo yasemzini omkhulu? Akunakwenzeka. Abaningi namuhla baye bathutha ngezizathu ezifanayo; mhlawumbe nawe ungomunye wabo. Ngaphezu kwalokho, ngaleso sikhathi abantu abavela kwezinye izindawo babeya e-Efesu beyovakasha noma beyokwenza ibhizinisi. Ngesikhathi belapho, kungenzeka ukuthi bahlangana noPawulu noma bamuzwa eshumayela. Babeyokwenzenjani lapho bebuyela emakhaya? Labo ababamukele iqiniso babeyonikeza ubufakazi. Kungenzeka ukuthi abanye abazange babe amakholwa, noma kunjalo cishe bakhuluma ngalokho abakuzwa e-Efesu. Ngakho, kungenzeka ukuthi izihlobo, omakhelwane noma abathengi bezwa iqiniso futhi abanye balamukela. (Qhathanisa uMarku 5:14.) Lokhu kubonisani ngomphumela ongaba khona ngokunikeza kwakho ubufakazi obuphelele?

8. Cishe abantu bakuso sonke isifundazwe sase-Asiya balizwa kanjani iqiniso?

8 Ngokuqondene nenkonzo yakhe ayenza ngaphambili e-Efesu, uPawulu wabhala ukuthi ‘wayevulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini.’ (1 Kor. 16:8, 9) Imuphi lo mnyango futhi wamvulekela kanjani? Inkonzo uPawulu ayenza isikhathi eside e-Efesu yaholela ekusakazekeni kwezindaba ezinhle. Cabanga ngemizi emithathu eyayiqhele kakhulu olwandle ukusuka e-Efesu: iKolose, iLawodikeya neHiyerapholi. UPawulu akazange aye kule mizi, kodwa izindaba ezinhle zafinyelela kuyo. U-Ephafra wayengowalapho. (Kol. 2:1; 4:12, 13) Ingabe u-Ephafra wezwa uPawulu efakaza e-Efesu wayeseba umKristu? IBhayibheli alisho. Kodwa lapho esakaza iqiniso endaweni yakubo, kungenzeka ukuthi u-Ephafra wayemelela uPawulu. (Kol. 1:7) Kungenzeka nokuthi isigijimi sobuKristu safinyelela emizini enjengeFiladelfiya, iSardesi neThiyathira phakathi neminyaka uPawulu ashumayela ngayo e-Efesu.

9. (a) Isiphi isifiso esiqotho uPawulu ayenaso? (b) Sithini isihloko sonyaka ka-2009?

9 Ngenxa yalokho, abadala base-Efesu babenezizathu eziningi zokwamukela amazwi kaPawulu: “Umphefumulo wami angiwenzi obaluleke njengokungathi uyigugu kimi, uma nje ngingaqeda inkambo yami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu, yokunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.” Leli vesi liqukethe isihloko sonyaka esikhuthazayo nesishukumisayo sika-2009: “Nikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.”—IzE. 20:24.

Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele Namuhla

10. Sazi kanjani ukuthi kumelwe sinikeze ubufakazi obuphelele?

10 Ngokuhamba kwesikhathi umyalo ‘wokushumayela nokunikeza ubufakazi obuphelele’ wahlanganisa nabanye ngaphandle kwabaphostoli. Lapho uJesu ovusiwe ekhuluma nabafundi ababebuthene eGalile, cishe abangu-500, wabayala: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” Lo myalo usebenza kuwo wonke amaKristu eqiniso namuhla, njengoba amazwi kaJesu ebonisa: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”—Math. 28:19, 20.

11. OFakazi BakaJehova baziwa ngokwenza muphi umsebenzi obalulekile?

11 AmaKristu ashisekayo ayaqhubeka elalela lo myalo, elwela ‘ukunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.’ Indlela eyinhloko yokwenza lokhu yileyo uPawulu ayisho kubadala base-Efesu—ukushumayela endlini ngendlu. Encwadini yango-2007 ekhuluma ngomsebenzi wobuvangeli ophumelelayo, uDavid G. Stewart, Jr., wathi: “Ukufundiswa koFakazi BakaJehova indlela yokushumayela kubantu kuye kwabonakala kuphumelela kakhulu ekushukumiseni amalungu abo ukuba ahlanganyele emsebenzini wobuvangeli ngaphezu [kokunxusa] ngamazwi okungasebenzi [okwenziwa emapulupiti]. KoFakazi BakaJehova abaningi, ukuxoxa nabanye ngezinkolelo zabo kuwumsebenzi abawujabulela kakhulu.” Uba yini umphumela? “Ngo-1999, bangamaphesenti amabili kuya kwamane kuphela abantu engiye ngaxoxa nabo ezinhloko-dolobha ezimbili zaseMpumalanga Yurophu ababika ukuthi bake bavakashelwa abavangeli bama-Latter-day Saint noma ‘bamaMormon.’ Bangaphezu kwamaphesenti angu-70 ababika ukuthi bavakashelwa ngokoqobo oFakazi BakaJehova, futhi ngokuvamile bafika kubo kaningi.”

12. (a) Kungani siya “kaningi” emakhaya abantu abasensimini yethu? (b) Ungalandisa yini okuhlangenwe nakho kothile owashintsha isimo sakhe ngesigijimi sethu?

12 Cishe kungashiwo okufanayo ngabantu basendaweni yakini. Kungenzeka ukuthi ubé neqhaza kulokho. Njengoba ‘ubavakashela ngokoqobo’ abantu enkonzweni yakho yendlu ngendlu, uye wakhuluma namadoda, abesifazane nentsha. Kungenzeka ukuthi abanye abazange balalele nakuba beye bavakashelwa “kaningi.” Abanye kungenzeka ukuthi balalela kafushane njengoba uxoxa nabo ngevesi noma ngephuzu elithile eliseBhayibhelini. Noma kunjalo, kwabanye uye wakwazi ukunikeza ubufakazi obuhle futhi basabela kahle. Zonke lezi zimo singazithola lapho ‘sinikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.’ Cishe njengoba wazi, kunezibonelo ezingenakubalwa zabantu abavakashelwa “kaningi,” abangabanga nesithakazelo esitheni, kodwa abashintsha kamuva. Mhlawumbe okuthile okwenzeka kubo, noma kothandekayo wabo, kwavula ingqondo nenhliziyo yabo ukuba kwamukele iqiniso. Manje bangabafowethu nodadewethu. Ngakho, ungayeki, ngisho noma muva nje ungatholanga abantu abaningi abalalelayo. Asilindele ukuba wonke umuntu amukele iqiniso. Kodwa uNkulunkulu ulindele ukuba siqhubeke sinikeza ubufakazi obuphelele ngenkuthalo nangentshiseko.

Imiphumela Esingase Singayazi

13. Ukunikeza kwethu ubufakazi kungaba kanjani nemiphumela esingayazi?

13 Umphumela wenkonzo kaPawulu wawungalinganiselwe kulabo abasiza ngokuqondile ukuba babe amaKristu; futhi kunjalo nangathi. Siyakulwela ukuhlanganyela njalo enkonzweni yendlu ngendlu, sifakaze kwabaningi ngangokunokwenzeka. Sixoxa ngezindaba ezinhle nomakhelwane, esisebenza nabo, esifunda nabo nezihlobo. Ingabe siyazi yonke imiphumela yalokhu? Kwabanye kungase kube nemiphumela emihle ngokushesha. Kwezinye izimo, imbewu yeqiniso ingase ihlale isikhathi esithile ingaqhumi, kodwa kamuva imile izimpande futhi ikhule enhliziyweni yothile. Ngisho noma lokhu kungenzeki, abantu esikhuluma nabo bangase baxoxe nabanye ngalokho esikushilo, esikukholelwayo nangendlela esiziphatha ngayo. Yebo, kungenzeka ukuthi bengazi benza leyo mbewu ukuba ithole inhlabathi enhle kwenye indawo.

14, 15. Waba yini umphumela wokufakaza komzalwane othile?

14 Isibonelo salokhu uRyan nomkakhe, uMandi, abahlala eFlorida, e-U.S.A. URyan washumayela ngokwethukela kumuntu asebenza naye. Lowo muntu, owayengumHindu, wayeyithanda indlela uRyan ayegqoka futhi ekhuluma ngayo. Ezingxoxweni zabo uRyan wakhuluma ngendaba yovuko nangesimo sabafileyo. Kusihlwa ngolunye usuku kungu-January, lo muntu wabuza umkakhe, uJodi, ukuthi ikuphi ayekwazi ngoFakazi BakaJehova. Umkakhe wayengumKatolika, futhi wathi ukuphela kwento ayeyazi ngoFakazi ukuthi “bashumayela endlini ngendlu.” UJodi wabe esebhala ukuthi “oFakazi BakaJehova” engosini yokucwaninga ye-Internet, yamvezela ingosi yethu ethi www.watchtower.org. Kwaphela izinyanga nezinyanga uJodi efunda ukwaziswa okwakukuleyo ngosi, kuhlanganise neBhayibheli nezihloko azithola zithakazelisa.

15 Ngokuhamba kwesikhathi, uJodi wahlangana noMandi, kwazise ukuthi bobabili babengabahlengikazi. UMandi wakujabulela ukuphendula imibuzo kaJodi. Ngemva kwesikhathi esithile, base bexoxe ngezinto eziningi uJodi waze wathi babebe nengxoxo “esukela ku-Adamu kuya e-Armagedoni.” UJodi wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya. Kungakabiphi waqala ukuya eHholo LoMbuso. Ngo-October, waba ummemezeli ongabhapathiziwe, kwathi ngo-February wabhapathizwa. Uyabhala: “Njengoba sengazi iqiniso, ukuphila kwami sekuyajabulisa futhi kuyanelisa.”

16. Okuhlangenwe nakho komzalwane waseFlorida kusikiselani ngemizamo yethu yokunikeza ubufakazi obuphelele?

16 URyan wayengazi ukuthi ukufakaza kwakhe kwenye indoda kwakuyoholela omunye umuntu ukuba angene eqinisweni. Yiqiniso, yena wazi ukuthi ukuzimisela kwakhe ‘ukunikeza ubufakazi obuphelele’ kwaba namuphi umphumela. Nokho, kungenzeka ukuthi wena ufakaza endlini ngendlu, emsebenzini, esikoleni noma ngokwethukela kwenye indawo, futhi ungazi, lokhu kube indlela iqiniso elisakazekela ngayo kwabanye. Njengoba nje uPawulu engayazanga yonke imiphumela yomsebenzi wakhe “esifundeni sase-Asiya,” nawe ungase ungayazi yonke imiphumela emihle yokunikeza kwakho ubufakazi obuphelele. (Funda izEnzo 23:11; 28:23.) Kodwa yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba uqhubeke wenza kanjalo!

17. Uzimisele ukwenzani phakathi no-2009?

17 Phakathi no-2009, kwangathi sonke singawuthatha ngokungathí sina umsebenzi wethu wokufakaza endlini ngendlu nangezinye izindlela. Kanjalo, siyokwazi ukusho njengoba kwasho uPawulu: “Umphefumulo wami angiwenzi obaluleke njengokungathi uyigugu kimi, uma nje ngingaqeda inkambo yami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu, yokunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.”

Ungaphendula Kanjani?

• Abaphostoli oPetru noPawulu nabanye ekhulwini lokuqala babunikeza kanjani ubufakazi obuphelele?

• Kungani imiphumela yokufakaza kwethu ingase ibe mikhulu kunaleyo esiyaziyo?

• Sithini isihloko sonyaka ka-2009, futhi kungani unomuzwa wokuthi siyafaneleka?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

Isihloko sonyaka ka-2009 sithi: “Nikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.”—IzE. 20:24.

[Isithombe ekhasini 17]

Abadala base-Efesu babazi ngokufakaza kukaPawulu endlini ngendlu

[Isithombe ekhasini 18]

Ukunikeza kwakho ubufakazi obuphelele kungaba nemiphumela efinyelela kude kangakanani?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela