Incwadi Evela EGhana
Usuku Akhumula Ngalo Ibhande Elimnyama
AKAYONA into ebengicabanga ukuthi uyiyo. Njengoba egqoke ingubo emhlophe eyenziwe ngendwangu kakotini, ezibophe ngebhande elimnyama okhalweni oluncane, ulungela ukulwa, izandla seziqinile futhi zimi ngomumo, imilenze ivulekile. Ubuso bakhe buhwaqabele; izinhlonze zibuyile njengoba esinga. Amehlo akhe ashone phakathi, futhi anolaka—akabonisi nokuncane ukuthamba noma ubuthakathaka.
Kungazelelwe, umemeza ngezwi elikhulu, njengoba enyakaza. “Hyat!” Isandla sakhe sisika umoya njengoba enyakaza. Shwi! Kuphuka ipulangwe liwele phansi. Uphinde ashwibeke emoyeni, izinyawo nezandla zinyakaza ngokushesha ukuze ashaye anembe isitha sakhe esimangele. Kungenzeka yini ngempela ukuthi yiyo le ndoda ecele isifundo seBhayibheli?
Ngiyasondela ngelule isandla. “Kumelwe ukuba unguKojo. Ngizwe kuthiwa ungathanda ukufunda iBhayibheli.” Uyangixhawula, emomotheka ngobungane. Amehlo akhe, angasenalo ulaka nokusabisa, manje asegcwele ilukuluku. Uyaphendula: “Yebo, ngingakujabulela kakhulu lokho. Singaqala nini?”
Sihlala phansi kuvulandi omncane emzini wakhe sinamaBhayibheli nezincwadi zethu. Lapha kupholile, kuthule, futhi singakwazi ukuba sodwa. Sibathathu: uKojo, yimina kanye nenkawu yakhe encane. Le nkawu encane, engamasentimitha angu-35 kuphela ubude, inesiqhova soboya obubomvu kanye nentshebe emhlophe eyenza ibonakale ingumagangane. Yinhle, ithanda ukudlala futhi inelukuluku, yehla yenyuka, ihamba phezu kwamaphepha ethu, ihlwitha amapeni, futhi ishwathika nezandlana zayo emakhukhwini amahembe ifuna okumnanjana. Njengomzali owujwayele umsindo nokungahlaliseki kwabantwana, uKojo uyaziziba iziphazamiso agxile esifundweni. Imibuzo yakhe eminingi ingibonisa ukuthi uyindoda ecabangayo, ezimisele ukufunda. Kungenzeka i-karate imfundise ukuhlala eqaphile, ngoba akamukeli lutho engagculisekanga futhi engenabo ubufakazi bemiBhalo.
Isifundo sethu siqhubeka kahle. Kodwa njengoba isikhathi siqhubeka, ngibona kuqubuka enye impi eshubile ngaphakathi kuye. Uyangitshela: “Okuwukuphela kwento engiyithandayo kuleli zwe ubuciko bokulwa.” Ngiyabona ukuthi lesi silwi siyikhonzile impi, sizinikele ebucikweni esiye sabuthuthukisa saba ingcweti kubo. Njengoba eneminyaka engu-26 ubudala, akukhona nje ukuthi uthanda i-karate kodwa uyingcweti, ngoba usethole ibhande elimnyama, okuyisikhundla esifinyelelwa abambalwa kuphela.
Angiqiniseki ukuthi uKojo uzokwenzani. Nginomuzwa wokuthi uyaqaphela ukuthi ukuba umdlali we-karate, ukulimaza abanye ngezandla nangezinyawo, akuhambisani nozwela, ubumnene nokukhathalela okubonakalisa uthando oluphakathi kwamaKristu eqiniso. Kodwa ngiyazi ukuthi iqiniso leBhayibheli liye lathambisa izinhliziyo zamadoda alukhuni. Uma inhliziyo yakhe iyinhle, uKojo naye uzothamba kancane kancane ngenxa yamandla eZwi likaNkulunkulu. Kumelwe ngibe nesineke.
Ntambama ngolunye usuku olushisayo lapho sesizoqeda isifundo sethu, sifunda umbhalo weBhayibheli oshaqisa uKojo njengegalelo elinamandla lonyawo lwesitha. Uwufunda kanje: “UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” (IHubo 11:5) Uyawuphinda enyenyeza: “Umuntu othanda ubudlova.” Amehlo akhe ansundu, ake agcwala ulaka, aqala ukuthamba. Ungibuka emehlweni abese emomotheka kancane. “Senginqumile.”
Manje mina noKojo sesenza umsebenzi esiwuthanda kakhulu—singothisha abangamavolontiya, sifundisa abalalelayo imfundo yeBhayibheli yamahhala. Namuhla siyobona insizwa okuthiwa uLuke.
Lapho silibangise kuyo, sithatha indlela encane enabantu abaningi edlula emakethe. Ngapha nangapha kunamatafula amaningi abathengisi nezimpahla abazithengisayo: inqwaba kapelepele obomvu noluhlaza, obhasikidi abanotamatisi ovuthiwe, i-okra, kanye nemisakazo, izambulela, izigaxa zensipho, amawigi, izinto zokupheka, nenqwaba yezicathulo nezingubo ezingamasekeni. Amantombazane adayisa ukudla okubabayo ngezitsha ezinkulu zikathayela azithwele ekhanda. Athubeleza esixukwini, eheha amakhasimende alambile ngesobho elehla esiphundu nezitshulu zenhlanzi, inkalankala neminenke. Kugcaluza izinja, izimbuzi nezinkukhu ezikikiligayo. Kukhala imisakazo, amahutha ezimoto, kumemeza nabantu.
Sihamba ngendlela yebhuqu ephuma edolobheni size sifike esakhiweni esidala esinophawu olugqwalile, oluthi: “Isitobhi Sebanga Elide.” ULuke, insizwa encane ngomzimba esanda kweva eminyakeni engu-20, umi emnyango futhi uyasibiza ukuba sizohlala emthunzini sisuke elangeni. Indlu yakhe igcwele amasaka namabhokisi anamakhambi nezimpande ezomisiwe, izinyanda zamaqabunga, kanye namagxolo—konke okuyimpahla kababekazi kaLuke, osebenza ngamakhambi. Sekuyiminyaka ethaka amakhambi, agaywe futhi axutshwa ngokukhethekile, okuthiwa angelapha zonke izifo. ULuke ubesilindile. Ucocile endlini wayesebeka izigqiki ezintathu. Sihlala sisondelane bese siqala isifundo sethu seBhayibheli.
ULuke ufundelwa uKojo. Ngiyahlala ngilalele njengoba lezi zinsizwa ezimbili zixoxa ngempendulo yeBhayibheli yokuthi kungani kunokuhlupheka okukhulu kangaka emhlabeni. Lapho uKojo elula isandla ukuze asize uLuke avule umbhalo othile weBhayibheli, ngiyabuka njengoba izandla zakhe eziqinile zivula amakhasi ombhalo ngesineke. Ngibe sengikhumbula ukuthi muva nje, lezo zandla bekuyizandla zesilwi. Amandla eZwi likaNkulunkulu athatha imikhuba engemihle egxilile evame kakhulu kuleli zwe elingenazimiso ayishintshe ibe yizimfanelo ezinhle zozwela nothando. Ngempela isimanga lesi.
Lapho sesibuyela ekhaya, sixoxa nendoda ehleli ngaphansi kwesihlahla sikamango. Iyathula ilalele njengoba uKojo evula iBhayibheli efunda umbhalo. Lapho le ndoda iqaphela ukuthi singoFakazi BakaJehova, iyasukuma. Iyamemeza: “Anginifuni nje kwaphela!” Kuphela umzuzwana uKojo eshaqekile. Kodwa ngimbona esekhululeka abese evalelisa. Siyaqhubeka nohambo lwethu.
Njengoba sihamba uKojo usondela kimi athi: “Inhliziyo yami ibishaya ngamandla ngesikhathi loya mlisa ekhuluma. Uyazi ukuthi ngabe ngimenzeni?” Ngiyaphendula ngimomotheka: “Ngiyazi.” UKojo naye uyamomotheka njengoba siqhubeka nendlela.