Siza Izimvu Ezilahlekelene Nomhlambi
“Jabulani kanye nami, ngoba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.”—LUKA 15:6.
1. UJesu uye wabonisa kanjani ukuthi ungumalusi onothando?
INDODANA kaJehova ezelwe yodwa, uJesu Kristu, ibizwa ngokuthi “umalusi omkhulu wezimvu.” (Heb. 13:20) ImiBhalo yabikezela ukuza kwayo futhi yabonisa ukuthi yayinguMalusi ovelele owayefuna ukuthola ‘izimvu ezilahlekile’ zakwa-Israyeli. (Math. 2:1-6; 15:24) Ngaphezu kwalokho, njengoba umalusi ongokoqobo engase adele ukuphila kwakhe ukuze avikele izimvu, uJesu wafa njengomhlatshelo wesihlengo salabo abanjengezimvu ababeyozibeka emathubeni okuzuza emhlatshelweni wakhe.—Joh. 10:11, 15; 1 Joh. 2:1, 2.
2. Yini okungenzeka iye yabangela amanye amaKristu ukuba aphole?
2 Ngokudabukisayo, abanye ababebonakala bewazisa umhlatshelo kaJesu futhi bazinikezela kuNkulunkulu abasahlanganyeli nebandla lobuKristu. Kungenzeka ukuthi intshiseko yabo yancishiswa ukudangala, impilo ebuthaka noma ezinye izinto base bephola. Nokho, ukuthula nenjabulo uDavide akhuluma ngakho kumaHubo 23 bayokuthola kuphela ngokuba ingxenye yomhlambi kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, wahlabelela: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho.” (IHu. 23:1) Labo abasemhlambini kaNkulunkulu abantuli lutho ngokomoya, kodwa akunjalo ngezimvu ezidukile. Obani abangazisiza? Zingasizwa kanjani? Yini engenziwa ukuze zisizwe zibuyele emhlambini?
Obani Abangasiza?
3. UJesu wakubonisa kanjani okudingekayo ukuze kubuyiswe izimvu ezilahlekile zedlelo likaNkulunkulu?
3 Kudingeka umzamo oqotho ukuze kubuyiswe izimvu ezilahlekile zedlelo likaNkulunkulu. (IHu. 100:3) UJesu wakucacisa ngomfanekiso lokhu lapho ethi: “Uma umuntu eba nezimvu eziyikhulu futhi kuduke eyodwa yazo, ngeke yini ashiye ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye phezulu ezintabeni asuke ayofuna leyo edukile? Futhi uma kwenzeka eyithola, ngiyanitshela impela, ujabula kakhulu ngayo kunangalezi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga. Ngokufanayo akuyona into efiselekayo kuBaba osezulwini ukuba kushabalale noyedwa walaba abancane.” (Math. 18:12-14) Obani abangasiza laba bantu abanjengezimvu ezilahlekile?
4, 5. Isiphi isimo sengqondo okudingeka abadala babe naso ngomhlambi kaNkulunkulu?
4 Ukuze abadala abangamaKristu basize izimvu ezilahlekile, kumelwe bakhumbule ukuthi umhlambi kaNkulunkulu wakhiwa ibandla labantu abazinikezele kuJehova—yebo, ‘uwumhlambi’ oyigugu ‘wedlelo likaNkulunkulu.’ (IHu. 79:13) Lezi zimvu eziyigugu zidinga ukunakekelwa ngesisa, futhi lokhu kusho ukuthi abelusi abanothando kumelwe babe nesithakazelo somuntu siqu kuzo. Ukwenza ukuhambela kokwalusa kobungane kungazizuzisa kakhulu. Isikhuthazo sothando umalusi azinikeza sona singazakha ngokomoya futhi sikhulise isifiso sazo sokubuyela emhlambini.—1 Kor. 8:1.
5 Abelusi bomhlambi kaNkulunkulu banomthwalo wemfanelo wokufuna izimvu ezilahlekile bese bezama ukuzisiza. Umphostoli uPawulu wakhumbuza abadala abangamaKristu e-Efesu lasendulo ngemithwalo yabo yemfanelo yokwalusa lapho ethi: “Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ngababonisi, ukuze neluse ibandla likaNkulunkulu, alithenga ngegazi leNdodana yakhe.” (IzE. 20:28) Ngokufanayo, umphostoli uPetru wakhuthaza amadoda amadala agcotshiwe: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela; futhi kungabi ngokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa ngokuba yizibonelo emhlambini.”—1 Pet. 5:1-3.
6. Kungani izimvu zikaNkulunkulu zidinga ukunakekela kwabelusi ikakhulu namuhla?
6 Abelusi abangamaKristu kudingeka balingise “umalusi omuhle,” uJesu. (Joh. 10:11) Wayezikhathalela ngokujulile izimvu zikaNkulunkulu futhi wagcizelela ukubaluleka kokuzinakekela lapho etshela uSimoni Petru ukuba ‘eluse amawundlu aKhe.’ (Funda uJohane 21:15-17.) Izimvu zidinga lokho kunakekelwa ikakhulu namuhla, ngoba uDeveli uye waqinisa imizamo yakhe yokwephula ubuqotho babantu abazinikezele kuNkulunkulu. USathane usizakala ngobuthakathaka benyama futhi usebenzisa izwe ukuze azame ukuholela izimvu zikaJehova ekwenzeni izinto ezingalungile. (1 Joh. 2:15-17; 5:19) Abantu abapholile yibona ikakhulu abayizisulu ezilula, ngakho badinga usizo ukuze basebenzise iseluleko ‘sokuhamba ngomoya.’ (Gal. 5:16-21, 25) Ukuze sikwazi ukusiza lezo zimvu kudingeka sithembele kuNkulunkulu ngomthandazo, sivumele ukuqondiswa umoya wakhe futhi sisebenzise iZwi lakhe ngekhono.—IzAga 3:5, 6; Luka 11:13; Heb. 4:12.
7. Kubaluleke kangakanani ukuba abadala beluse abanjengezimvu ababaphathisiwe?
7 Kwa-Israyeli wasendulo, umalusi wayesebenzisa induku ende egobile, noma ingobe, ukuze aqondise umhlambi wakhe. Lapho izimvu zingena noma ziphuma esibayeni, ‘zazidlula ngaphansi kwengobe,’ ngaleyo ndlela umalusi akwazi ukuzibala. (Lev. 27:32; Mika 2:12; 7:14) Ngokufanayo, umalusi ongumKristu kudingeka awazi umhlambi kaNkulunkulu awuphathisiwe, azi nesimo semvu ngayinye. (Qhathanisa nezAga 27:23.) Ngakho-ke, indaba yokwalusa ingenye yezinto ezibalulekile indikimba yabadala exoxa ngazo. Lokhu kuhlanganisa ukwenza amalungiselelo okusiza izimvu ezidukile. UJehova ngokwakhe wathi wayeyozifuna izimvu zakhe futhi azinakekele ngendlela ezidinga ukunakekelwa ngayo. (Hez. 34:11) Ngakho, uNkulunkulu uyajabula lapho abelusi bethatha izinyathelo ezifanayo zokuzama ukusiza izimvu ezidukile ukuba zibuyele emhlambini.
8. Iziphi izindlela abadala abanganaka ngazo imvu?
8 Ukuvakashelwa umalusi womhlambi kaNkulunkulu kungaba umthombo wenjabulo nesikhuthazo kwesikholwa naye ogulayo. Kungenzeka okufanayo nalapho imvu egula ngokomoya inakwa. Abadala bangafunda imiBhalo, babukeze isihloko esithile futhi baxoxe ngamaphuzu avelele omhlangano, bathandaze nomuntu opholile, njalo njalo. Bangamtshela ukuthi amalungu ebandla ayokujabulela ukumbona eba khona futhi emihlanganweni yebandla. (2 Kor. 1:3-7; Jak. 5:13-15) Ukumvakashela, ukumshayela ucingo noma ukumbhalela incwadi kungenza lukhulu! Ukusiza imvu elahlekile kungamjabulisa kakhulu umalusi ongumKristu onozwela.
Umzamo Obumbene
9, 10. Kungani ungase uthi ukukhathalela imvu edukile akuwona umsebenzi wabadala kuphela?
9 Siphila ezikhathini ezibucayi futhi sihlale simatasa, ngakho singase singaboni ukuthi umuntu esikholwa naye useyakhukhuleka. (Heb. 2:1) Noma kunjalo, izimvu zikaJehova ziyigugu emehlweni akhe. Ngayinye ibalulekile, njengoba kunjalo ngelungu noma ngesitho ngasinye somzimba. Ngakho, sonke kudingeka sibonise ukuthi siyabakhathalela abafowethu futhi sinakekelane ngempela. (1 Kor. 12:25) Ingabe unesimo sengqondo esinjalo?
10 Nakuba abadala behola ekufuneni nasekusizeni izimvu ezidukile, ukukhathalela abantu esikholwa nabo abadukile akuwona umsebenzi wababonisi abangamaKristu kuphela. Abanye bangabambisana nalaba belusi. Singakwazi futhi kufanele sibanikeze isikhuthazo nosizo olungokomoya abafowethu nodadewethu okudingeka babuyele emhlambini. Lunganikezwa kanjani lolo sizo?
11, 12. Iliphi ilungelo ongase ulinikezwe lokusiza umuntu odinga ukusizwa ngokomoya?
11 Kwezinye izimo, abadala bangase bahlele ukuba abamemezeli boMbuso abanokuhlangenwe nakho babaqhubele isifundo seBhayibheli abantu abapholile abazwakalisa isifiso sokusizwa. Injongo yemizamo enjalo iwukuvuselela kubo ‘uthando ababenalo ekuqaleni.’ (IsAm. 2:1, 4) Bangakheka futhi baqiniswe ngokomoya ngokuxoxa nabo ngezinto eziye zafundwa ngesikhathi bengekho ebandleni.
12 Uma abadala bekucela ukuba ufundele umuntu okholwa naye odinga ukusizwa ngokomoya, thandazela ukuba uJehova aqondise futhi abusise imizamo yakho. Ngempela, “gingqela imisebenzi yakho kuJehova khona-ke amacebo akho ayokuma aqine.” (IzAga 16:3) Zindla ngamavesi eBhayibheli nangamaphuzu aqinisa ukholo ongawasebenzisa lapho uxoxa nalabo abadinga usizo olungokomoya. Zindla ngesibonelo esihle kakhulu somphostoli uPawulu. (Funda amaRoma 1:11, 12.) UPawulu wayelangazelela ukubona amaKristu aseRoma ukuze adlulisele kuwo isipho esithile esingokomoya ukuze aqiniswe. Wayebheke phambili nasekukhuthazaneni nawo. Akufanele yini sibe nalowo moya lapho sifuna ukusiza izimvu ezilahlekelene nomhlambi kaNkulunkulu?
13. Iziphi izinto ongase uxoxe ngazo nomuntu opholile?
13 Ezingxoxweni zenu, ungase umbuze: “Walithola kanjani iqiniso?” Mkhumbuze izinto ezazimlethela injabulo esikhathini esidlule, umkhuthaze ukuba akhulume ngokuhlangenwe nakho kwakhe okujabulisayo ayeba nakho emihlanganweni yebandla, emsebenzini wokushumayela nasemihlanganweni emikhulu. Xoxa ngezikhathi ezijabulisayo okungenzeka niye nazijabulela ndawonye enkonzweni kaJehova. Khuluma ngenjabulo oyitholayo ngokusondela kuJehova. (Jak. 4:8) Yisho indlela oyazisa ngayo indlela uNkulunkulu asinakekela ngayo njengabantu bakhe—ikakhulukazi ngokusinikeza induduzo nethemba ezinsizini zethu.—Roma 15:4; 2 Kor. 1:3, 4.
14, 15. Kungase kube usizo ukukhumbuza abantu abapholile ngaziphi izibusiso abake bazijabulela?
14 Cishe osepholile uyozuza lapho umkhumbuza ezinye zezibusiso ake wazijabulela ngenxa yokuhlanganyela kwakhe nebandla. Ngokwesibonelo, kwakuyisibusiso ukwandisa ulwazi lwakhe ngeZwi likaNkulunkulu nangezinjongo zakhe. (IzAga 4:18) Ngesikhathi ‘esahamba ngomoya,’ cishe kwakuba lula ngaye ukumelana nesilingo sokwenza isono. (Gal. 5:22-26) Ngenxa yalokho, unembeza ohlanzekile wawumsiza ukuba asondele kuJehova ngomthandazo futhi ajabulele ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga futhi okulinda izinhliziyo zethu namandla ethu engqondo.’ (Fil. 4:6, 7) Hlale uwakhumbula amaphuzu anjengalawa, bonisa isithakazelo esiqotho futhi uzame ngempela ukumkhuthaza ngothando umfowenu noma udadewenu ongokomoya ukuba abuyele emhlambini.—Funda eyabaseFilipi 2:4.
15 Ake sithi ungumdala owenza ukuhambela kokwalusa. Ungase ukhuthaze umbhangqwana oshadile osupholile ukuba uzindle ngesikhathi uqala ukufunda iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu. Yeka ukuthi lelo qiniso lalimangalisa, linengqondo, lanelisa futhi likhulula kanjani ngokomoya! (Joh. 8:32) Yeka indlela izinhliziyo zawo ezazichichima ngayo ukubonga ngalokho ezazikufunda ngoJehova, ngothando lwakhe nangezinjongo zakhe ezinhle kakhulu! (Qhathanisa noLuka 24:32.) Ukhumbuze ngobuhlobo obuseduze noJehova nangelungelo elimangalisayo lomthandazo elijatshulelwa amaKristu azinikezele. Ukhuthaze ngobuqotho ukuba uphinde usabele ‘ezindabeni ezinhle ezikhazimulayo zikaNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova.—1 Thim. 1:11.
Qhubeka Ubabonisa Uthando
16. Nikeza isibonelo ukuze ubonise ukuthi imizamo yokunikeza usizo olungokomoya iyasebenza ngempela.
16 Ingabe ukusikisela okungenhla kuyasebenza ngempela? Yebo. Ngokwesibonelo, osemusha othile owaba ummemezeli woMbuso lapho eneminyaka engu-12 ubudala waphola eneminyaka engu-15. Nokho, kamuva waphinde waba ummemezeli futhi sekuyiminyaka engaphezu kwengu-30 esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ukuvuseleleka kwakhe ngokomoya kwabangelwa ikakhulu usizo alunikezwa umdala ongumKristu. Yeka ukuthi walwazisa kangakanani lolo sizo olungokomoya!
17, 18. Iziphi izimfanelo eziyokusiza ukuba usize umuntu olahlekelene nomhlambi kaNkulunkulu?
17 Wuthando olushukumisa amaKristu ukuba asize abantu abapholile ukuba babuyele ebandleni. Ekhuluma nabalandeli bakhe, uJesu wathi: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:34, 35) Yebo, uthando luwuphawu olubonakalisa amaKristu eqiniso. Akufanele yini siwabonise lolo thando amaKristu abhapathiziwe okungenzeka ukuthi asepholile? Ngempela kufanele! Kodwa ukunikeza usizo oludingekayo kungase kudinge ukuba sibonise izimfanelo zikaNkulunkulu ezihlukahlukene.
18 Ukuze ukwazi ukusiza umuntu olahlekelene nomhlambi kaNkulunkulu, iziphi izimfanelo okungadingeka uzibonise? Ngaphandle kothando, kungadingeka ubonise ububele, umusa, ubumnene nokubekezela. Kuye ngezimo, kungase kudingeke nokuba uthethelele. UPawulu wabhala: “Gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela. Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani. Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezi zinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kol. 3:12-14.
19. Kungani kungelona ize ukwenza umzamo wokusiza abanjengezimvu ukuba babuyele emhlambini kaNkulunkulu?
19 Isihloko esifundwayo esilandelayo kulo magazini sizoxoxa ngezizathu ezenza abanye balahlekelane nomhlambi kaNkulunkulu. Sizosibonisa nokuthi labo ababuyayo bangalindela ukuba bamukelwe kanjani. Lapho utadisha leso sihloko futhi uzindla nangalesi, qiniseka ngokuthi noma imuphi umzamo owenzayo wokusiza abanjengezimvu ukuba babuyele emhlambini kaNkulunkulu awulona ize. Kulesi simiso sezinto, abantu abaningi bachitha konke ukuphila kwabo beqongelela ingcebo, kodwa ukusindisa ukuphila komuntu oyedwa nje kubaluleke ngaphezu kwayo yonke imali ekhona ezweni. UJesu wakugcizelela lokhu emfanekisweni wakhe wemvu elahlekile. (Math. 18:12-14) Kwangathi ungahlale ulikhumbula lelo phuzu lapho wenza umzamo oqotho nophuthumayo wokusiza laba bantu bakaJehova abathandekayo abanjengezimvu abalahlekile ukuba babuyele emhlambini.
Ungaphendula Kanjani?
• Imuphi umthwalo wemfanelo abelusi abangamaKristu abanawo ngabanjengezimvu abalahlekelene nomhlambi?
• Ungabasiza kanjani labo abangasahlanganyeli nebandla?
• Iziphi izimfanelo ezingakusiza ukuba usize abalahlekelene nomhlambi?
[Isithombe ekhasini 10]
Ngothando, abelusi abangamaKristu bazama ukusiza abalahlekelene nomhlambi kaNkulunkulu