Uhlu Lokuphakathi
October 15, 2008
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
December 1-7, 2008
‘Amehlo KaJehova Akhanyayo’Ahlola Konke
IKHASI 3
IZINGOMA: 160, 34
December 8-14, 2008
UJehova Usihlola Ngenjongo Yokusisiza
IKHASI 7
IZINGOMA: 81, 80
December 15-21, 2008
Indlela UJehova Ayowuphendula Ngayo Umthandazo Osuka Enhliziyweni
IKHASI 12
IZINGOMA: 74, 90
December 22-28, 2008
Ingabe Uyahola Ekuboniseni Udumo?
IKHASI 21
IZINGOMA: 216, 155
December 29, 2008–January 4, 2008
Yini Oyoyidela Ukuze Uqhubeke Uphila?
IKHASI 25
IZINGOMA: 177, 212
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
Izihloko Ezifundwayo 1, 2 AMAKHASI 3-11
Lezi zihloko ezimbili zisiqinisekisa ngokuthi uJehova uzazi kahle zonke izinto ezenzeka kithi. Uyakwazisa ukukhuthazela kwethu futhi uyazazi izinto ezisikhathazayo. Ubona konke ukuzikhandla kwethu, futhi akukho lutho oluthinta izinceku zakhe angaluboni. Ukwazi lokho akuve kududuza.
Isihloko Esifundwayo 3 AMAKHASI 12-16
Abaningi bethu bayawazi amazwi eHubo 83:18. Kodwa siyalazi lonke yini leli hubo? Lesi sihloko sibonisa indlela iHubo 83 elinikeza ngayo isikhuthazo esinamandla kumaKristu namuhla.
Isihloko Esifundwayo 4 AMAKHASI 21-25
UPawulu wathi: “Ekubonisaneni udumo nihole.” Kusho ukuthini ukubonisa abanye udumo? Obani okufanele babonise udumo, futhi kufanele balubonise kobani? Iziphi izibonelo eziseBhayibhelini esingafunda kuzo? Lesi sihloko sidingida izindlela esingabonisa ngazo udumo.
Isihloko Esifundwayo 5 AMAKHASI 25-29
Ngolunye usuku uJesu wabuza: “Yini umuntu angayinikeza ukuze enane umphefumulo wakhe?” Ubungawuphendula kanjani lo mbuzo? UJesu wayebhekisele kumuphi “umphefumulo”? Indlela ophila ngayo yembulani mayelana nendlela obheka ngayo ukubaluleka komphefumulo wakho? Lesi sihloko sizokusiza ukuba uzindle ujule ngalo mbuzo kaJesu oshukumisa ingqondo.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI:
“Leli Igama LikaNkulunkulu Elingcwele Nelikhulu Kunawo Wonke Ngempela”
IKHASI 16
IKHASI 17
IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaThithu, KaFilemoni NeyamaHebheru
IKHASI 30