Indlela Yokuba Ubaba Omuhle
“Bobaba, ningabathuku-thelisi abantwana benu, kungenjalo bazodangala.”—Kolose 3:21, The Holy Bible—New International Version.
UBABA angakugwema kanjani ukucasula izingane zakhe? Kubalulekile ukuba aqaphele ukubaluleka kwendima yakhe njengobaba. Iphephabhuku elithile eliphathelene nezengqondo lithi: “Ukuba ubaba kuwumsebenzi oyinkimbinkimbi noyingqayizivele onemiphumela emikhulu ekukhuleni kwezingane ngokomzwelo nangokwengqondo.”
Iyini indima kababa? Emikhayeni eminingi ubaba ubhekwa ngokuyinhloko njengomuntu okhipha isijeziso. Omama abaningi bavame ukutshela izingane zabo ukuthi, ‘Uzofika uyihlo!’ Kuyiqiniso ukuthi izingane zidinga isiyalo esinokulinganisela kanye nokuqina ngezinga elithile ukuze zibe abantu abadala abakahle. Kodwa, kuhileleke okungaphezu kwalokho ekubeni ubaba omuhle.
Ngokudabukisayo, akubona bonke obaba ababa nezibonelo ezinhle zokubasiza. Amanye amadoda ákhula kungekho baba ekhaya. Kodwa kwezinye izimo, amadoda akhuliswa obaba abaqinile, abangenamusa angase athambekele ekuphatheni izingane zawo ngendlela efanayo. Ubaba onjalo angagqashula kanjani kulowo mkhuba futhi athuthukise amakhono akhe njengomzali?
Kunomthombo weseluleko esiwusizo nesinokwethenjelwa sokuthi umuntu angaba kanjani ubaba omuhle. IBhayibheli liqukethe iseluleko esihle kakhulu sokuphila komkhaya. Iseluleko salo asiwona nje umbono; futhi isiqondiso salo asilimazi. Iseluleko seBhayibheli sibonisa ukuhlakanipha koMlobi walo, uJehova uNkulunkulu, onguMsunguli wokuphila komkhaya. (Efesu 3:14, 15) Uma ungubaba, uyobe wenza kahle ngokucabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuba umzali.a
Ukuba ubaba omuhle akubalulekile nje enhlalakahleni engokomzimba nengokomzwelo yezingane zakho kuphela kodwa nasenhlalakahleni yazo engokomoya. Ingane enobuhlobo obunothando nobuseduze noyise ingase ikuthole kulula ukuhlakulela ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Phela, iBhayibheli libonisa ukuthi ngomqondo othile, uJehova, uMdali wethu, unguBaba kithi. (Isaya 64:8) Ake sicabangele izinto eziyisithupha izingane ezizidingayo koyise. Esimweni ngasinye, sizocabangela indlela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli okungamsiza ngayo ubaba ukuba anelise lezo zidingo.
Izingane Zidinga Uthando Lukayise
UJehova ubeka isibonelo esiphelele njengoBaba. Lichaza indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngoJesu, iNdodana yakhe eyizibulo, iBhayibheli lithi: “UBaba uyayithanda iNdodana.” (Johane 3:35; Kolose 1:15) Izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, uJehova wathi uyayithanda futhi uyayamukela iNdodana yakhe. Lapho uJesu ebhapathizwa, uJehova wakhuluma esemazulwini, wathi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngikwamukele.” (Luka 3:22) UJesu akazange angabaze ukuthi uYise uyamthanda. Yini ubaba ongumuntu angayifunda esibonelweni sikaNkulunkulu?
Unganqikazi ukutshela izingane zakho ukuthi uyazithanda. UKelvin, ongubaba wezingane ezinhlanu, uthi: “Ngiye ngazama njalo ukubonisa izingane zami ukuthi ngiyazithanda hhayi nje ngamazwi kodwa nangokubonisa isithakazelo enganeni ngayinye. Ngangihlanganyela ekuzishintsheni amanabukeni nasekuzigezeni.” Ngaphezu kwalokho, izingane zakho zidinga ukwazi ukuthi uyazamukela. Ngakho ungagxeki ngokweqile, ulokhu uzikhuza njalo. Kunalokho, ncoma ngaphandle kokuzigodla. UDonizete, onamadodakazi amabili evile eshumini nambili, utusa lokhu: “Ubaba kufanele awafune amathuba okuncoma izingane zakhe.” Ukwazi ukuthi uyazamukela kungasiza izingane zakho ukuba zizethembe. Lokho kungazisiza ukuba zisondele kuNkulunkulu.
Izingane Zidinga Isibonelo Esakhayo
UJohane 5:19 uthi uJesu wenza “kuphela lokho [abona] uYise ekwenza.” Phawula ukuthi lo mbhalo uthi uJesu wabona futhi walingisa lokho uYise ‘ayekwenza.’ Izingane zivame ukwenza okufanayo. Ngokwesibonelo, uma ubaba ephatha umkakhe ngenhlonipho nangesizotha, nendodana ingase iphathe abesifazane ngenhlonipho nangesizotha lapho isikhulile. Akukhona nje ukuthi isimo sengqondo sabafana sithonywa yisibonelo soyise kuphela kodwa nendlela amantombazane ababheka ngayo abesilisa ingase ithonywe yisibonelo sikayise.
Ingabe izingane zakho zikuthola kunzima ukuxolisa? Nalapha futhi, isibonelo sibalulekile. UKelvin ukhumbula isikhathi lapho amadodana akhe amabili aphula khona ikhamera ebizayo. Wathukuthela kangangokuba washaya itafula lepulangwe lanqamuka phakathi. UKelvin waphatheka kabi kamuva futhi waxolisa kubo bonke, kuhlanganise nakumkakhe, ngokuhluthuka. Unomuzwa wokuthi ukuxolisa kwakhe kwaba nethonya elihle ezinganeni zakhe; azinankinga yokuxolisa.
Izingane Zidinga Ikhaya Elinenjabulo
UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) Yingakho iNdodana yakhe, uJesu, yayikujabulela ukuba noYise. IzAga 8:30 zisitshela ngobuhlobo phakathi kukaJesu noYise: “Ngangiseceleni kwakhe [uBaba] ngiyisisebenzi esiyingcweti, . . . Ngithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi.” Yeka ubuhlobo obufudumele obabukhona phakathi kukaBaba neNdodana!
Izingane zakho zidinga ikhaya elinenjabulo. Ukuzinika isikhathi sokudlala nazo kungasiza ekwakheni ikhaya elinjalo. Ukudlala ndawonye kusiza umzali ukuba abe nesibopho nengane. UFelix uyavumelana nalokho. Unendodana eyevile eshumini nambili futhi uthi: “Ukubekela eceleni isikhathi sokungcebeleka nendodana yami kubaluleke kakhulu ebuhlotsheni bethu. Sidlala imidlalo, sibe nobudlelwane nabangane futhi sivakashele izindawo ezijabulisayo. Lokhu kuye kwaqinisa umuzwa wobunye emkhayeni.”
Izingane Kufanele Zifundiswe Izindinganiso Ezingokomoya
UJesu wafundiswa uYise. Ngenxa yalokho, wayengathi: “Zona kanye izinto engazizwa kuye [uBaba] ngiyazikhuluma ezweni.” (Johane 8:26) Emehlweni kaNkulunkulu, ubaba unomthwalo wokufundisa izingane zakhe izindinganiso zokuziphatha nezingokomoya. Omunye wemithwalo yakho njengobaba uwukugxilisa izimiso ezifanele ezinhliziyweni zezingane zakho. Ukuqeqesha okunjalo kufanele kuqale izingane zisencane. (2 Thimothewu 3:14, 15) UFelix waqala ukufundela indodana yakhe izindaba zeBhayibheli isencane. Wasebenzisa izindaba ezinemifanekiso, ezithakazelisayo, kuhlanganise nezitholakala kwethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.b Njengoba indodana yakhe yayikhula, uFelix wakhetha ezinye izincwadi zeBhayibheli ezifanelana nobudala bayo.
UDonizete uthi: “Kuyinselele ngempela ukwenza isifundo seBhayibheli somkhaya sijabulise. Kubalulekile ukuba abazali babonise ukuthi bayazazisa izinto ezingokomoya, ngoba izingane ziyashesha ukubona uma beguquguquka.” UCarlos, onamadodana amathathu, uthi: “Siba nomhlangano wamasonto onke wokuxoxa ngezidingo zomkhaya. Ilungu ngalinye lomkhaya linethuba lokukhetha ukuthi kudingidwani.” UKelvin wayefuna ukuxoxa nezingane zakhe ngoNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi bakuphi futhi benzani. Lokho kusikhumbuza amazwi kaMose: “La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho; kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.”—Duteronomi 6:6, 7.
Izingane Zidinga Isiyalo
Izingane zidinga isiyalo ukuze zikhule zibe abantu abadala abakhuthele nabanokwethenjelwa. Abanye abazali kubonakala sengathi bacabanga ukuthi ukuyala izingane zabo kuhilela ukuzijezisa, kuhlanganise nokuzisongela noma ukuzilulaza ngamazwi. Kodwa iBhayibheli alihlobanisi isiyalo somzali nokhahlo. Ngokuphambene nalokho, abazali kufanele bayale ngothando, njengoba kwenza uJehova. (Hebheru 12:4-11) IBhayibheli lithi: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.
Ngezinye izikhathi kungase kudingeke isijeziso. Kodwa ingane kufanele iqonde ukuthi kungani ijeziswa. Isiyalo somzali akufanele sishiye ingane izizwa ilahliwe. IBhayibheli alikukhuthazi ukushaya ngokhahlo, okungase kulimaze ingane. (IzAga 16:32) UKelvin uthi: “Lapho kufanele ngikhuze izingane ezindabeni ezinkulu, ngangizama ukucacisa njalo ukuthi inhloso yami yokuzikhuza kwakuwukuthi ngiyazithanda.”
Izingane Zidinga Ukuvikelwa
Izingane zidinga ukuvikelwa emathonyeni amabi nakubangane abangase babe ingozi. Ngokudabukisayo, kukhona “abantu ababi” kuleli zwe abafuna ukuxhaphaza izingane ezingenacala. (2 Thimothewu 3:1-5, 13) Ungazivikela kanjani izingane zakho? IBhayibheli linikeza lesi seluleko esihlakaniphile: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.” (IzAga 22:3) Ukuze uvikele izingane zakho enhlekeleleni, kumelwe uziphaphamele izingozi. Zibone kusengaphambili izimo ezingabangela izinkinga, bese uthatha izinyathelo zokuphepha ezifanele. Ngokwesibonelo, uma uvumela izingane zakho ukuba zisebenzise i-Internet, qiniseka ukuthi ziyakwazi ukuyisebenzisa ngokuphepha. Kungaba ngcono kakhulu ukubeka i-computer endaweni esobala lapho ungayibona khona kalula ukuthi isetshenziswa kanjani.
Ubaba kudingeka alungiselele futhi aqeqeshele izingane zakhe izingozi ezingase zibhekane nazo kuleli zwe elixhaphazayo. Ingabe izingane zakho ziyazi ukuthi yini okufanele ziyenze uma othile ezama ukuzixhaphaza lapho ungekho?c Izingane zakho kudingeka zazi indlela efanele nengafanele yokusebenzisa izitho zomzimba zangasese. UKelvin uthi: “Angizange ngikushiyele komunye lokhu kuqeqesha, hhayi ngisho nakothisha bazo. Nganginomuzwa wokuthi kuwumthwalo wami ukufundisa izingane zami ngobulili nezingozi zabanukubezi bezingane.” Zonke izingane zakhe zakhula ziphephile futhi manje zishadile futhi ziyajabula.
Funa Usizo LukaNkulunkulu
Isipho esihle kakhulu ubaba angasinika izingane zakhe ukuzisiza zihlakulele ubuhlobo obuqinile bomuntu siqu noNkulunkulu. Isibonelo sikababa sibaluleke kakhulu. UDonizete uthi: “Obaba kudingeka babonise ukuthi babazisa kangakanani ubuhlobo babo noNkulunkulu. Lokhu kufanele kube sobala ikakhulukazi lapho bebhekene nezinkinga noma ubunzima. Ngalezo zikhathi, ubaba ubonisa ukuthi umethemba ngokujule kangakanani uJehova. Umthandazo womkhaya, obonga uNkulunkulu ngokuphindaphindiwe ngobuhle bakhe, uyofundisa izingane ukubaluleka kokuba uNkulunkulu abe uMngane wazo.”
Siyini-ke isihluthulelo sokuba ubaba omuhle? Funa iseluleko salowo oyazi kangcono kakhulu indlela yokukhulisa izingane—uJehova uNkulunkulu. Uma uqeqesha izingane zakho ngokwesiqondiso seZwi likaNkulunkulu, ungase ujabulele imiphumela echazwa kuzAga 22:6: “Ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.”
[Imibhalo yaphansi]
a Nakuba iseluleko esingokomBhalo esiqukethwe yilesi sihloko sigxila ngokuyinhloko endimeni kababa, izimiso eziningi ziyasebenza nakomama.
b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
c Ukuze uthole ukwaziswa kokuthi ungazivikela kanjani izingane ekunukubezweni ngokobulili, bheka i-Phaphama! ka-October 2007, amakhasi 3-11, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 19]
Ubaba kufanele abe isibonelo esakhayo ezinganeni zakhe
[Isithombe ekhasini 20]
Ubaba kufanele anelise izidingo ezingokomoya zezingane zakhe
[Isithombe ekhasini 21]
Izingane zidinga isiyalo esinothando