‘NguNkulunkulu Okhulisayo!
“Lowo otshalayo akalutho nalowo oniselayo akalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo nguye owutho.”—1 KOR. 3:7.
1. “Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu” ngayiphi indlela?
“SIYIZISEBENZI ezikanye noNkulunkulu.” Yileyo indlela umphostoli uPawulu alichaza ngayo ilungelo sonke esingaba nalo. (Funda eyoku-1 Korinte 3:5-9.) UPawulu wayekhuluma ngomsebenzi wokwenza abafundi. Wawufanisa nokuhlwanyela nokunisela imbewu. Uma sifuna ukuphumelela kulo msebenzi obalulekile, sidinga usizo lukaJehova. UPawulu usikhumbuza ukuthi ‘nguNkulunkulu okhulisayo.’
2. Kungani iqiniso lokuthi ‘nguNkulunkulu okhulisayo’ lisisiza ukuba sibe nombono ofanele ngenkonzo yethu?
2 Lelo qiniso elisenza sithobeke lisisiza ukuba sibe nombono ofanele ngenkonzo yethu. Singase sishumayele futhi sifundise ngenkuthalo, kodwa ekugcineni lonke udumo luya kuJehova nganoma ikuphi ukukhula okuba khona. Ngani? Ngoba kungakhathaliseki ukuthi sizikhandla kangakanani, akekho kithi oyiqonda ngokugcwele inqubo yokukhula, ingasaphathwa eyokuyilawula. INkosi uSolomoni yasichaza kahle lesi simo lapho ibhala: “Awuwazi umsebenzi kaNkulunkulu weqiniso, owenza zonke izinto.”—UmSh. 11:5.
3. Ikuphi ukufana okukhona phakathi komsebenzi wokuhlwanyela imbewu engokoqobo nowokwenza abafundi?
3 Ingabe ukungakwazi kwethu ukuqonda inqubo yokukhula kwenza umsebenzi wethu ukhungathekise? Cha. Kunalokho, kuwenza ujabulise, uthakazelise. INkosi uSolomoni yathi: “Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule; ngoba awazi ukuthi yikuphi lapho le iyophumelela khona, kungaba lapha noma laphaya, noma ukuthi zombili ziyoba zinhle ngokufanayo.” (UmSh. 11:6) Ngempela, endabeni yokuhlwanyela imbewu engokoqobo, asazi ukuthi iyoqhumaphi noma ukuthi iyoqhuma yini. Kunezici eziningi esingenakuzilawula. Kungashiwo okufanayo ngomsebenzi wokwenza abafundi. UJesu waveza leli qiniso ngemifanekiso emibili esiyilotshelwe esahlukweni sesine seVangeli likaMarku. Make sibone ukuthi singafundani kule mifanekiso emibili.
Izinhlobo Ezihlukahlukene Zenhlabathi
4, 5. Fingqa umfanekiso kaJesu womhlwanyeli osakaza imbewu.
4 Njengoba kulotshwe kuMarku 4:1-9, uJesu ukhuluma ngomhlwanyeli ophonsa noma osakaza imbewu ewela ezindaweni ezihlukahlukene: “Lalelani. Bhekani! Kwaphuma umhlwanyeli eyohlwanyela. Njengoba ehlwanyela, enye imbewu yawela eceleni kwendlela, kwafika izinyoni zayidla zayiqeda. Enye imbewu yawela endaweni enamadwala, lapho, njengokulindelekile, ingabanga nenhlabathi eningi khona, yamila masinyane ngenxa yokungabi nenhlabathi ejulile. Kodwa lapho ilanga liphuma, yahanguka, futhi ngenxa yokungabi nampande yabuna. Enye imbewu yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, futhi ayithelanga. Kodwa enye yawela enhlabathini ekahle, njengoba ikhula futhi yanda, yaqala ukuthela, ithela ngokuphindwe ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha nangekhulu.”
5 Ezikhathini zeBhayibheli, ngokuvamile imbewu yayihlwanyelwa ngokusakazwa. Umhlwanyeli wayefaka imbewu emphethweni wengubo yakhe noma esitsheni futhi ayisakaze ngokulokhu eyishwiba ngesandla. Ngakho kulo mfanekiso, umhlwanyeli akayihlwanyelanga ngenjongo imbewu ezinhlotsheni ezihlukahlukene zenhlabathi. Kunalokho, iyona ewela ezindaweni ezihlukahlukene.
6. UJesu wawuchaza kanjani umfanekiso womhlwanyeli?
6 Asikho isidingo sokuqagela incazelo yalo mfanekiso. UJesu wayichaza njengoba kulotshwe kuMarku 4:14-20: “Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. Laba-ke, yilabo abaseceleni kwendlela lapho izwi lihlwanyelwe khona; kodwa ngokushesha lapho sebelizwile uSathane uyafika alithathe izwi elihlwanyelwe kubo. Ngokufanayo futhi lena iyilabo abahlwanyelwe ezindaweni ezinamadwala: ngokushesha lapho bezwa izwi, balamukela ngenjabulo. Nokho abanampande kubo, kodwa bayaqhubeka isikhathi esithile; khona-ke ngokushesha lapho usizi noma ukushushiswa kuvela ngenxa yezwi, bayakhubeka. Kukhona abanye futhi abahlwanyelwe phakathi kwameva; lena iyilabo abaye balizwa izwi, kodwa izinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa nezifiso zazo zonke ezinye izinto kuyangena kuliminyanise izwi, futhi liba elingatheli. Ekugcineni, labo ababehlwanyelwe enhlabathini ekahle yilabo abalilalelayo izwi balamukele ngomusa futhi bathele isithelo ngokuphindwe ngamashumi amathathu nangamashumi ayisithupha nangekhulu.”
7. Imelelani imbewu nezinhlobo ezihlukahlukene zenhlabathi?
7 Phawula ukuthi uJesu akasho ukuthi kusetshenziswa imbewu enhlobonhlobo. Kunalokho, ukhuluma ngohlobo olulodwa lwembewu oluwela ezinhlotsheni ezihlukahlukene zenhlabathi, ngayinye ibe nomphumela ohlukile. Inhlabathi yokuqala iqinile futhi ibhudulekile; eyesibili ayijulile; eyesithathu iminyaniswe ameva; futhi eyesine iyinhlabathi enhle. (Luka 8:8) Iyini le mbewu? Iyisigijimi soMbuso esitholakala eZwini likaNkulunkulu. (Math. 13:19) Zimelelani lezi zinhlobo ezihlukahlukene zenhlabathi? Zimelela abantu abanezimo zenhliziyo ezingafani.—Funda uLuka 8:12, 15.
8. (a) Ubani omelelwa umhlwanyeli? (b) Kungani indlela abantu abasabela ngayo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso ingafani?
8 Ubani omelelwa umhlwanyeli? Umelela izisebenzi ezikanye noNkulunkulu, ezimemezela izindaba ezinhle zoMbuso. NjengoPawulu no-Apholo ziyatshala futhi zinisele. Nakuba zisebenza kanzima, imiphumela ayifani. Kungani? Kungenxa yezimo zenhliziyo ezingafani zalabo abezwa isigijimi. Emfanekisweni, umhlwanyeli akayilawuli le miphumela. Yeka ukuthi lokhu kududuza kanjani, ikakhulu kulabo bafowethu nodadewethu abathembekile abaye basebenza iminyaka eminingi, kwezinye izimo amashumi eminyaka, kodwa kwaba nemiphumela eyabonakala imincane kakhulu!a Kungani kududuza?
9. Iliphi iqiniso eliduduzayo umphostoli uPawulu noJesu abaligcizelela?
9 Ukwethembeka komhlwanyeli akulinganiswa ngemiphumela yomsebenzi wakhe. UPawulu wakubonisa lokho lapho ethi: “Umuntu ngamunye uyokwamukela umvuzo wakhe ngokomshikashika wakhe.” (1 Kor. 3:8) Umuntu uthola umvuzo ngokomshikashika wakhe, hhayi ngokwemiphumela yalowo mshikashika. NoJesu waligcizelela leli phuzu lapho abafundi bakhe bebuya emsebenzini wokushumayela. Babechichima injabulo ngoba amademoni ayebathobela lapho besebenzisa igama likaJesu. Nakuba kumelwe ukuba lokho kwakujabulisa, uJesu wathi kubo: “Ningajabuli ngalokhu, ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulani ngenxa yokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.” (Luka 10:17-20) Ngisho nalapho umhlwanyeli engase angaboni ukwanda okukhulu ngenxa yomsebenzi wakhe, akusho ukuthi wayengakhuthele noma engathembekile njengabanye. Ngokwezinga elikhulu, imiphumela ixhomeke esimweni senhliziyo salowo ozwa izwi. Kodwa okungamelwe sikukhohlwe ukuthi nguNkulunkulu okhulisayo!
Umthwalo Wemfanelo Walabo Abezwa Izwi
10. Yini enqumayo ukuthi umuntu ozwa izwi ufana nenhlabathi enhle noma cha?
10 Kuthiwani ngalabo abezwa izwi? Ingabe kusuke kunqunywe kusengaphambili ukuthi bayosabela kanjani? Cha. Ukuthi bayoba njengenhlabathi enhle noma cha kushiyelwa kubo. Phela isimo senhliziyo yomuntu singashintsha sibe sihle noma sibe sibi. (Roma 6:17) Emfanekisweni wakhe, uJesu wathi “ngokushesha lapho [abanye] sebelizwile” izwi, uSathane uyafika alithathe. Kodwa akusho ukuthi lokhu kufanele kwenzeke. KuJakobe 4:7, amaKristu akhuthazwa ukuba ‘amelane noDeveli,’ khona-ke uyowabalekela. UJesu ukhuluma ngabanye abalamukela ngenjabulo izwi ekuqaleni kodwa kamuva bakhubeke ngoba ‘bengenampande kubo.’ Kodwa izinceku zikaNkulunkulu ziyalwa ukuba ‘zigxile futhi zime esisekelweni,’ ukuze zikwazi ukuqonda ‘ububanzi nobude nokuphakama nokujula futhi zilwazi uthando lukaKristu oludlula ulwazi.’—Efe. 3:17-19; Kol. 2:6, 7.
11. Umuntu angakugwema kanjani ukuvumela izinkathazo nengcebo ukuba kuminyanise izwi?
11 Abanye abezwa izwi bachazwa njengabavumela “izinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa” ukuba zingene futhi ziminyanise izwi. (1 Thim. 6:9, 10) Bangakugwema kanjani lokhu? Umphostoli uPawulu uyaphendula: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, naneliswe izinto ezikhona. Ngoba uthé: ‘Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.’”—Heb. 13:5.
12. Kungani labo abamelelwa yinhlabathi enhle bethela izithelo ngezilinganiso ezingafani?
12 Okokugcina, uJesu uthi labo abahlwanyelwe enhlabathini enhle ‘bathela isithelo ngokuphindwe ngamashumi amathathu nangamashumi ayisithupha nangekhulu.’ Nakuba abanye abamukela izwi benesimo esihle senhliziyo futhi bethela isithelo, lokho abakwaziyo ukukwenza ekumemezeleni izindaba ezinhle kuyehluka kuye ngezimo zabo. Ngokwesibonelo, ukuguga noma ukugula okubenza buthaka kungase kulinganisele lokho abakwazi ukukwenza emsebenzini wokushumayela. (Qhathanisa noMarku 12:43, 44.) Nakulokhu, kuncane noma akukho nhlobo umhlwanyeli angase akwenze, kodwa uyajabula lapho ebona ukuthi uJehova ukhulisile.—Funda iHubo 126:5, 6.
Umhlwanyeli Olalayo
13, 14. (a) Fingqa umfanekiso kaJesu womuntu osakaza imbewu. (b) Obani abamelelwa umhlwanyeli, futhi yini emelelwa imbewu?
13 KuMarku 4:26-29, kunomunye umfanekiso ophathelene nomhlwanyeli: “Ngale ndlela umbuso kaNkulunkulu ufana nje nalapho umuntu ephonsa imbewu emhlabathini, uyalala ebusuku avuke ekuseni, imbewu iyahluma ikhule ibe yinde, ukuthi kanjani akazi. Umhlabathi uzithelela ngokwawo isithelo kancane kancane, okokuqala udwani, bese kuba isihloko sesiqu, ekugcineni kube izinhlamvu ezigcwele esihlokweni. Kodwa ngokushesha lapho isithelo sivuthwa, ufaka isikela, ngoba isikhathi sokuvuna sesifikile.”
14 Ubani lo mhlwanyeli? Abanye kweLobukholwa bakholelwa ukuthi lo mhlwanyeli nguJesu ngokwakhe. Kodwa kungashiwo kanjani ukuthi uJesu uyalala futhi akazi ukuthi imbewu ikhula kanjani? Ngokuqinisekile uJesu uyayazi inqubo yokukhula kwezinto! Kunalokho, lo mhlwanyeli, njengalowo okukhulunywe ngaye ekuqaleni, umelela abamemezeli boMbuso ngabanye abahlwanyela imbewu yoMbuso ngomsebenzi wabo wokushumayela ngentshiseko. Imbewu ephonswa emhlabathini iyizwi abalishumayelayo.b
15, 16. Iliphi iqiniso elavezwa uJesu emfanekisweni wakhe womhlwanyeli ngokukhula okungokoqobo nokungokomoya?
15 UJesu uthi umhlwanyeli “uyalala ebusuku avuke ekuseni.” Lokhu akusho ukuthi umhlwanyeli uyadebesela. Kumane kubonisa indlela yokuphila evamile yabantu abaningi. Inkulumo esetshenziswe kuleli vesi ibonisa inqubo eqhubeka inkathi ethile yokusebenza emini nokulala ebusuku. UJesu uqokomisa lokho okwenzeka phakathi naleyo nkathi. Uthi: “Imbewu iyahluma ikhule ibe yinde.” Ube esenezela: “Ukuthi kanjani akazi.” Iphuzu aligcizelelayo elokuthi ukukhula kwembewu kwenzeka ‘ngokwako.’c
16 UJesu wayeveza liphi iphuzu lapha? Phawulu ukuthi iphuzu lisekukhuleni nasendleleni okwenzeka ngayo kancane kancane. “Umhlabathi uzithelela ngokwawo isithelo kancane kancane, okokuqala udwani, bese kuba isihloko sesiqu, ekugcineni kube izinhlamvu ezigcwele esihlokweni.” (Marku 4:28) Lokhu kukhula kwenzeka kancane kancane ngokwezigaba. Akunakuphoqwa noma kusheshiswe. Kungokufanayo nangokukhula okungokomoya. Kwenzeka ngezigaba njengoba uJehova evumela iqiniso ukuba likhule enhliziyweni yomuntu othambekele ngokufanele.—IzE. 13:48; Heb. 6:1.
17. Obani abajabulayo lapho imbewu yeqiniso ithela?
17 Umhlwanyeli uhlanganyela kanjani ekuvuneni “ngokushesha lapho isithelo sivuthwa”? Lapho uJehova ekhulisa iqiniso loMbuso ezinhliziyweni zabafundi abasha, bagcina befinyelele iqophelo lapho beshukunyiswa khona uthando lwabo ngoNkulunkulu ukuba banikezele ukuphila kwabo kuye. Babonakalisa ukuzinikezela kwabo ngokubhapathizwa emanzini. Abazalwane abaqhubeka bathuthukele ekuvuthweni banikezwa kancane kancane imithwalo yemfanelo eyengeziwe ebandleni. Isithelo soMbuso sivunwa umhlwanyeli wokuqala nabanye abamemezeli boMbuso okungenzeka ukuthi abazange bahileleke ekuhlwanyeleni imbewu eyaveza lowo mfundi. (Funda uJohane 4:36-38.) Ngempela, ‘umhlwanyeli nomvuni bajabula kanyekanye.’
Izifundo Esizitholayo Namuhla
18, 19. (a) Ukubukeza imifanekiso kaJesu kukukhuthaze kanjani wena? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
18 Sifundeni ekubukezeni kwethu le mifanekiso emibili ekuMarku isahluko 4? Isibonisa ngokusobala ukuthi kunomsebenzi okumelwe siwenze—ukuhlwanyela. Akufanele nanini sibeke izaba futhi sivumele izinto ezingaba izinkinga nobunzima ukuba zisenze siyeke ukwenza lo msebenzi. (UmSh. 11:4) Nokho, ngesikhathi esifanayo siyaliqaphela ilungelo elimangalisayo esinalo lokubhekwa njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu. NguJehova obangela ukukhula okungokomoya, ngokubusisa imizamo yethu neyalabo abamukela isigijimi. Siyaqaphela ukuthi asinakukuphoqa ukukhula okungokomoya kumuntu. Ngokufanayo, akufanele sidangale noma sidumale uma ukukhula kungasheshi noma kungenzeki. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi impumelelo yethu ilinganiswa ngokwethembeka kwethu kuJehova naselungelweni asinike lona lokushumayela ‘izindaba ezinhle zombuso ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.’—Math. 24:14.
19 Yini enye uJesu ayifundisa ngokukhula kwabafundi abasha nomsebenzi woMbuso? Impendulo yalo mbuzo itholakala kweminye imifanekiso esemaVangelini. Sizohlaziya eminye yayo esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Cabanga ngesibonelo senkonzo yoMfoweth’ uGeorg Fjölnir Lindal e-Iceland esise-Ncwadini Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2005, amakhasi 210-211 nangokuhlangenwe nakho kwezinceku ezithembekile ezakhuthazela iminyaka eminingi e-Ireland kodwa kwangaba nemiphumela esheshayo okuse-Ncwadini Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1988 yesiNgisi, amakhasi 82-99.
b Ngaphambili kulo magazini kwachazwa ukuthi imbewu imelela izimfanelo zobuntu okudingeka ukuba zihlakulelwe zize zifinyelele ekuvuthweni, ukukhula kwazo okuthonywa nayizimo zendawo. Nokho, kufanele kuphawulwe ukuthi emfanekisweni kaJesu imbewu ayishintshi ibe yimbi noma ibe isithelo esibolile. Imane ikhule ivuthwe.—Bheka INqabayokulinda ka-December 15, 1980, amakhasi 18-20.
c Enye indawo okuwukuphela kwayo okusetshenziswe kuyo le nkulumo isencwadini yezEnzo 12:10, lapho kuthiwa khona isango lensimbi lazivulekela “ngokwalo.”
Uyakhumbula?
• Ukuhlwanyelwa kwembewu engokoqobo nokushunyayelwa kwesigijimi soMbuso kufana ngaziphi izindlela?
• UJehova ukulinganisa kanjani ukwethembeka komshumayeli woMbuso?
• Ikuphi ukufana okukhona phakathi kokukhula okungokoqobo nokungokomoya uJesu akugcizelela?
• ‘Umhlwanyeli nomvuni bajabula’ kanjani “kanyekanye”?
[Izithombe ekhasini 13]
Kungani uJesu afanisa umshumayeli woMbuso kaNkulunkulu nomhlwanyeli wembewu?
[Izithombe ekhasini 15]
Labo abamelelwa inhlabathi enhle bahlanganyela ngenhliziyo yonke ekushumayeleni ngoMbuso kuye ngezimo zabo
[Izithombe ekhasini 16]
NguNkulunkulu oqhubeka ekhulisa