Lisebenzise Kahle Ilukuluku
“Umuntu uyisidalwa esibuza imibuzo. Kusukela lapho sizalwa siqala ukubuza imibuzo . . . Kungashiwo nokuthi umlando wesintu umlando wemibuzo nezimpendulo eziye zavela kithi njengabantu.” —U-Octavio Paz, imbongi yaseMexico.
YINI eyenza umpheki avele nendlela entsha yokupheka? Yini eyenza umhloli wamazwe aqunge isibindi sokuya emajukujukwini omhlaba? Yini eyenza umntwana abuze imibuzo eminingi kangaka? Ngokuvamile, ilukuluku.
Kuthiwani ngawe? Ingabe imiqondo emisha noma ukufuna izimpendulo zemibuzo ethakazelisayo kukwenza ube nelukuluku? Ngokwesibonelo, Ukuphila kwavela kuphi? Kungani silapha? Ingabe uNkulunkulu ukhona? Kusukela ebuntwaneni, abaningi bethu bashukunyiswa ilukuluku ukuba babuze imibuzo enjengaleyo nokuthola izizathu zokuthi kungani izinto zingendlela ethile. Uma kunomqondo osithakazelisayo, sizama ukuthola konke esingakuthola ngawo. Ngakho ilukuluku lingaba nemiphumela eminingi emihle. Kodwa lingaholela nasezinkingeni, ngisho nasezinhlekeleleni.
Kudingeka Ukuqapha Nokulinganisela
Yebo, uma lisetshenziswa ngendlela engafanele, ilukuluku lingaba yingozi. Ngokwesibonelo, ngenxa yelukuluku umntwana angase athinte isitofu esishisayo, kube nemiphumela eyinhlekelele. Ngakolunye uhlangothi, ukuba nelukuluku kungasishukumisela ukuba sijulise ulwazi lwethu, sifinyelele emnyombweni wezinto. Kodwa kungaba ukuhlakanipha yini ukuphishekela noma yini esenza sibe nelukuluku?
Ngokusobala, kukhona ulwazi olungafiseleki ngenxa yokuthi luyingozi. Ilukuluku ngezithombe ezingcolile, ukusebenzisa imimoya, noma izimfundiso zamahlelo noma zamaqembu eqisayo kungasongela inhlalakahle yethu kalula. Kulezi zici nakwezinye, siyobe senza kahle uma silingisa umhubi ongumHebheru owathandaza: “Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo.”—IHubo 119:37.
Kukhona-ke nolwazi olungase lungabi yingozi kodwa olungenalusizo futhi olungadingekile ngempela. Ngokwesibonelo, kusiza ngani ukwazi yonke into ngokuphila kosaziwayo bamabhayisikobho, ukufunda imininingwane ngawo wonke amaqembu ezemidlalo nabadlali, noma ukwazi yonke into ngemishini yobuchwepheshe yamuva noma ngezimoto zamuva? Kubantu abaningi, ukuba “ochwepheshe” kulezi zindaba akulethi nzuzo.
Isibonelo Esishukumisayo
Kuyiqiniso, ilukuluku linenzuzo ethile. Cabangela isibonelo sika-Alexander von Humboldt, isazi semvelo nomhloli wamazwe waseJalimane wangekhulu le-19 okwethiwa ngaye uMsinga iHumboldt, onqamula ngasogwini olusentshonalanga yeNingizimu Melika.
Ngesinye isikhathi ekuphileni kwakhe, uHumboldt wathi: “Kusukela ngisemncane bengilokhu nginesifiso esinamandla sokuya ezindaweni ezikude, abantu baseYurophu abangakaze bazivakashele.” Wathi leso sifiso saqala lapho ezwa “ukuyenga okunamandla kwelukuluku elikhulu engqondweni.” Lapho eneminyaka engu-29, wathatha uhambo lweminyaka emihlanu waya eMelika Ephakathi naseNingizimu. Ngolwazi aluqongelela, wabhala umlando wohambo lwakhe onemiqulu engu-30.
UHumboldt wayekhangwa yiyo yonke into—izinga lokushisa kolwandle, izinhlanzi ezihlala kulo, izimila azithola lapho esendleleni. Wayeqombola izintaba, ehlola imifula, enqamula izilwandle ngemikhumbi. Ucwaningo lukaHumboldt lwaba yisisekelo semikhakha ehlukahlukene yesayensi yanamuhla. Konke lokhu kwaqala ngelukuluku lakhe elinamandla, futhi wayenesifiso esingeneliseki sokufuna ulwazi ukuphila kwakhe konke. Ngokwalokho okwashiwo umlobi wezindaba waseMelika uRalph Waldo Emerson, “uHumboldt wayengomunye wabantu abayisimanga . . . abavela ngezikhathi ezithile, njengokungathi bafuna ukusibonisa izinto ezingafinyelelwa yingqondo yomuntu, amandla nokujula kwalelo khono.”
Umkhakha Okufanele Siwuhlole
Kuyiqiniso ukuthi bambalwa kithi abanezimo ezibavumela ukuba babe abahloli bamazwe noma babe neqhaza emikhakheni yesayensi eyaziwayo. Kodwa kunomkhakha owodwa esingawasebenzisa kuwo amandla ethu engqondo sithole nemivuzo engaphezu kwanoma yini esingayiphishekela. UJesu Kristu waveza lokhu emthandazweni kuYise wasezulwini: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Ulwazi ngoNkulunkulu weqiniso, ogama lakhe linguJehova, neNdodana yakhe, uJesu Kristu, kungavuza ingqondo enelukuluku ngezindlela ezidlula noma iluphi ulwazi. Cabanga ngemibuzo ephathelene nokuphila ebuzwe ekuqaleni kwalesi sihloko. Singanezela nalena elandelayo: Kungani kunokuhlupheka okukhulu kangaka emhlabeni? Ingabe abantu bayowonakalisa umhlaba, baze bawubhubhise? Yini uNkulunkulu ayoyenza ukuze aqinisekise ukuthi isintu asibhekani nesimo esinjalo? Ukuthola izimpendulo zale mibuzo ngeke nje kugcine ngokwanelisa ilukuluku lethu. Njengoba uJesu asho, “lokhu kusho ukuphila okuphakade.” Kungani singaqiniseka ngalokho?
IBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Mayelana nalo, umphostoli ongumKristu uPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.
Cabanga ngakho—lo mphostoli wathi iBhayibheli lisinika ulwazi olungasihlomisela ukuba senze konke okuhle. Lungasisiza ukuba sibheke izinto ngombono kaNkulunkulu. Futhi siyazi ukuthi ulwazi nokuhlakanipha kukaNkulunkulu kungaphezu kokwanoma ubani omunye. Umprofethi u-Isaya waphefumulelwa ukuba abhale la mazwi abalulekile ashiwo uNkulunkulu: “‘Imicabango yenu akuyona imicabango yami, nezindlela zami akuzona izindlela zenu,’ kusho uJehova. ‘Ngoba njengoba nje amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.’”—Isaya 55:8, 9.
Ungathanda yini ukwazi ngezindlela nemicabango kaNkulunkulu ephakeme? Ingabe ilukuluku lakho likushukumisela ukuba uthole ukuthi iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithini ngezindlela nemicabango kaNkulunkulu? Ingabe uyafuna ukufunda ukuthi yini uNkulunkulu ayoyenza ukuze aqede konke ukuhlupheka nokuthi yiziphi izinto ezinhle azigcinele isintu esilalelayo? IBhayibheli liyakumema: “O nina bantu, nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; iyajabula indoda enamandla ephephela kuye.”—IHubo 34:8.
Amaqiniso anamandla eZwi likaNkulunkulu angaba nethonya enhliziyweni eqotho njengokukhanya kumuntu oqalayo ukubona. Umphostoli uPawulu washukumiseleka ukuba athi: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!” (Roma 11:33) Iqiniso liwukuthi kuyothatha iphakade lonke ukuba siyazise ngokuphelele ingcebo yolwazi nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Phambi kwethu kunethuba elimangalisayo lokuthola izinto ezintsha njalo, singabi nasithukuthezi.
Ligcine Liphila!
Yiqiniso, iningi lethu alisoze laba abahloli bamazwe noma abasunguli bezinto abadumile. Futhi cishe ngeke ekuphileni kwethu okuvamile siqonde konke esingathanda ukukuqonda. Noma kunjalo, ungalivumeli ilukuluku lakho ukuba life. Sigcine siphila isifiso sokuthola ulwazi uNkulunkulu asifake kithi ngenxa yothando lwakhe.
Sisebenzise kahle lesi sipho esihle esivela kuNkulunkulu futhi uhlakulele ukuqonda okunembile ngeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli. Uma wenza kanjalo, uyothola injongo nenjabulo ekuphileni manje, futhi ungabheka phambili ekwenzeni kanjalo kuze kube phakade. IBhayibheli lithi: “[UNkulunkulu] wenzé konke kwaba kuhle ngesikhathi sako. Ufake ngisho nobuphakade ezinhliziyweni zawo, ukuze abantu bangawutholi nanini umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.”—UmShumayeli 3:11.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 21]
Ingabe Uyaqaphela Ukuthi . . .
• Emakhulwini eminyaka ngaphambi kokuba uColumbus noMagellan bachaze ukwakheka komhlaba, iBhayibheli lasho ukuthi lo nozungezilanga akasona isicaba kodwa uyisiyingi?—Isaya 40:22.
• Esikhathini eside ngaphambi kokuba izazi zezinkanyezi zibone umhlaba ulenga ezeni emkhathini, iBhayibheli laveza ukuthi ulenga phezu kweze?—Jobe 26:7.
• Okungenani eminyakeni engu-2 500 ngaphambi kokuba udokotela oyiNgisi uWilliam Harvey athole isimiso sokujikeleza kwegazi emzimbeni womuntu, iBhayibheli lakhuluma ngenhliziyo njengomthombo wokuphila?—IzAga 4:23.
• Eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule, iBhayibheli lachaza ngendlela elula ukuthi umjikelezo wamanzi emhlabeni uyingxenye yesimiso semvelo esenza kube nokuphila emhlabeni?—UmShumayeli 1:7.
Akumangalisi yini ukuthi la maqiniso esayensi kwakhulunywa ngawo eBhayibhelini esikhathini eside ngaphambi kokuba abantu bawaqonde noma bawathole? Empeleni, eBhayibhelini kunenqolobane eyigugu yolwazi olubalulekile ekuphileni, olulindele ukuba uluthole.
[Isithombe ekhasini 19]
U-Alexander von Humboldt