Uhlu Lokuphakathi
May 15, 2008
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
June 30, 2008–July 6, 2008
Kufanele Sibaphathe Kanjani Abanye?
IKHASI 3
IZINGOMA: 35, 62
July 7-13, 2008
IKHASI 7
IZINGOMA: 95, 145
July 14-20, 2008
Ukukhululwa UMbuso KaNkulunkulu Kuseduze!
IKHASI 12
IZINGOMA: 181, 130
July 21-27, 2008
Khethani Ukukhonza UJehova Nisebasha
IKHASI 17
IZINGOMA: 157, 221
July 28, 2008–August 3, 2008
Thuthuka Ngokomoya Ngokulingisa Isibonelo SikaPawulu
IKHASI 21
IZINGOMA: 123, 129
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
Izihloko Ezifundwayo 1, 2 AMAKHASI 3-11
ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni edumile, uJesu wagcizelela ukubaluleka kokuba nomoya omnene, isihe nokuthula. Wanxusa abalandeli bakhe ukuba benze ‘ukukhanya kwabo kukhanye’ futhi wabonisa indlela okufanele siphathe ngayo izitha zethu kanye nabanye.
Isihloko Esifundwayo 3 AMAKHASI 12-16
Cabanga ngendlela ongase uchaze ngayo ukuthi kungani kunesidingo esikhulu sokukhululwa namuhla kunanini ngaphambili. Funda ngendlela ongabona ngayo ukuthi uJehova unguMkhululi Omkhulu futhi ubonise abanye indlela uMbuso kaNkulunkulu ozosikhulula ngayo isintu maduze.
Izihloko Ezifundwayo 4, 5 AMAKHASI 17-25
Kungani intsha kufanele ikhonze uNkulunkulu? Ingabe ingaphumelela ukuphila njengabantu abazinikezele kuJehova kungakhathaliseki ukuthi abanye bangase bayibheke kanjani? Imaphi amathuba enkonzo ayivulekele? Isibonelo somphostoli uPawulu singabasiza kanjani bonke ebandleni ukuba bathuthuke ngokomoya? Le mibuzo ebalulekile kuxoxwa ngayo kulezi zihloko ezimbili.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI:
Phishekela “Ubungcwele Ngokwesaba UNkulunkulu”
IKHASI 26
Indlela INdikimba Ebusayo Ehlelwe Ngayo
IKHASI 29
IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi YezEnzo
IKHASI 30