Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 5/1 kk. 13-15
  • Ukugadla Kwenhlekelele ESolomon Islands

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugadla Kwenhlekelele ESolomon Islands
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Ukuzamazama Komhlaba!
  • Kwabe Sekulandela I-tsunami
  • Imizamo Yokunikeza Usizo
  • Ababona Lokhu Bancoma
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 5/1 kk. 13-15

Ukugadla Kwenhlekelele ESolomon Islands

NgoMsombuluko, ngo-April 2, 2007, kwagadla ukuzamazama okungu-8,1 esikalini sikaRichter ezingxenyeni ezithile zeSolomon Islands, inhlonhlo esendaweni eshisayo enyakatho-mpumalanga ye-Australia. Phakathi nemizuzu nje embalwa, amagagasi amakhulu, amanye okubikwa ukuthi ayephakeme ngamamitha ayishumi, agadla kulezi ziqhingi eWestern Province, abulala abantu abangu-52 futhi ashiya abangu-6 000 bengenamakhaya.

Phakathi kwezindawo ezathinteka kakhulu kwakuyiGizo, idolobhana elisogwini elinabantu abangaba ngu-7 000 esiQhingini iGhizo, esingamakhilomitha nje angu-45 ukusuka lapho ukuzamazama kwaqala khona. Ibandla elincane loFakazi BakaJehova eGizo lalibheke phambili eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu saminyaka yonke ngalobo busuku. (1 Korinte 11:23-26) Usuku lwaqala kahle ngokuphuma kwelanga nolwandle luthulile. Khona-ke, ngo-7:39 ekuseni, kwagadla ukuzamazama komhlaba.

Ukuzamazama Komhlaba!

URon Parkinson, ongumdala ebandleni, nomkakhe, uDorothy, babelungisa ukudla kwasekuseni lapho kugadla ukuzamazama. URon uthi: “Indlu yethu endala yantengantenga okwesihlahla sikakhukhunathi kodwa ayizange ibhidlike. Umsindo wawuvala izindlebe. Amakhabethe, ifenisha, izitsha nopiyano nezinye izinto ezisendlini zawela phansi. Kwaba umzukuzuku ukuphumela ngaphandle. UDorothy wahlatshwa amabhodlela ngenxa yokuthi wayengazigqokile izicathulo.”

Izithunywa zevangeli uTony noChristine Shaw, abahlala eduze nalapho, nabo baphumela ngaphandle begijima. UChristine uthi: “Umhlaba wandindizela ngamandla kangangokuba ngawa phansi, kwaba nzima ukuvuka. Phakathi olwandle, kwakuntanta izindlu. Zazikhukhulwe yigagasi elikhulu. Abantu ababehamba ngezikebhe bagwedla ngamandla phakathi kwezimvithi befuna abasindile. Kwabe sekugadla okunye ukuzamazama okukhulu—nokunye futhi. Ukundindizela kwaqhubeka izinsuku ezinhlanu. Kwakusabisa!”

Kwabe Sekulandela I-tsunami

UPatson Baea wayesemzini wakhe esiqhingini saseSepo Hite, esingamakhilomitha angaba yisithupha ukusuka eGizo, lapho kugadla ukuzamazama. UPatson nomkhaya wakhe benzenjani phakathi nenhlekelele?

UPatson ukhumbula isimo esinzima: “Ngagijima ogwini ngiya kumkami, uNaomi, nezingane zethu ezine. Babewile kodwa bengalimalanga. Izingane zazithuthumela, ezinye zikhala. Mina noNaomi saziduduza ngokushesha.

“Ngaqaphela ukuthi amanzi olwandle ayehamba ngendlela engavamile. Kwakusobala ukuthi i-tsunami iyasondela, futhi isiqhingi sethu esincane cishe sasizocwila. Umama, u-Evalyn, owayehlala esiqhinganeni esiseduze, naye wayesengozini. Ngokushesha ngatshela umkhaya wami ukuba ungene esikebheni sethu esinenjini, salibangisa kumama siyomtakula.

“Ngemva kokuhamba ibangana, kwadlula igagasi elikhulu ngaphansi kwesikebhe sethu. Amanzi olwandle ayekhuphuka. Lapho sifika kumama, wayeshaqekile futhi edidekile, esaba ukungena emanzini. UNaomi noJeremy, indodana yethu eneminyaka engu-15, bangena emanzini babhukuda beyomsiza ukuze agibele esikebheni. Ngemva kwalokho, ngasusa isikebhe ngelikhulu ijubane salibhekisa olwandle.

“Manje ulwandle lwase luhlehle kakhulu, sekubonakala izixhobo zamakhorali ezizungeze iziqhingi. Ngokushesha, kwafika amagagasi amakhulu, amboza zombili iziqhingi. Umuzi wethu wokungenisa izihambi ongasogwini wakhukhulwa amanzi. Indlu esihlala kuyo yagcwala amanzi, konakala izimpahla zethu eziningi. Lapho amanzi ehla, sathatha amaBhayibheli namaculo emzini wethu obhidlikile salibangisa eGizo.”

Kulo lonke ugu kwakunabantu abafile nomonakalo omkhulu. Uhlangothi olungasentshonalanga lwesiQhingi saseGhizo yilona elagaseleka kakhulu. Okungenani imizana engu-13 yaqothulwa amanzi ngokuphelele okubikwa ukuthi enyuka afinyelela emamitheni amahlanu!

Ebusuku ngalolo suku, abantu abangu-22 bahlangana eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova laseGizo beze eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. Ngokujabulisayo, akekho kulaba owayelimale kabi kule nhlekelele. URon, ocashunwe ekuqaleni, wathi: “Kwakungekho gesi, futhi izibani zethu zikaphalafini zaziphukile. Ngakho uMfoweth’ uShaw wanikeza inkulumo ephethe ithoshi. Ebumnyameni, sacula izingoma zokubonga uJehova ngomdlandla, sicula zonke izindlela zamaphimbo.”

Imizamo Yokunikeza Usizo

Lapho imibiko yenhlekelele ifika eHoniara, inhloko-dolobha yezwe, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lasukumela phezulu ukuze lisize ngokuphuthumayo. Kwangena izingcingo ezaziqinisekisa ukuthi oFakazi abaningi babephephile ezindaweni ezithintekile. Kwathunyelwa abantu abanokwethenjelwa ukuyofuna uFakazi ongayedwa ohlala esiQhingini saseChoiseul. Ekugcineni watholakala ephile saka. Kwathunyelwa nemali eGizo ukuze kuthengwe izinto zosizo oluphuthumayo.

Abameleli begatsha bafika eGizo ngoLwesine ngendiza yokuqala eyatholakala. UCraig Tucker, oyilungu leKomiti Yegatsha, uthi: “Sathatha idlanzana lamabhokisi ezinto zosizo. Abanye abagibeli bashiya imithwalo yabo ngenxa yokulinganiselwa kwesisindo, kodwa zonke izinto zethu zosizo, wonke amabhokisi afika ephephile. Ayephakathi kwezinto zokuqala zosizo ezathunyelwa ezafika endaweni yenhlekelele. Ezinye izinto zafika ngesikebhe ngemva kwezinsuku ezimbili.”

Phakathi naleso sikhathi, uTony Shaw noPatson Baea, kanye nabanye oFakazi baseGizo, bahamba amahora amabili ngesikebhe beyosiza oFakazi abangabodwa abahlala esiqhingini saseRanongga. Amandla okuzamazama ayenze lesi siqhingi, esingamakhilomitha angu-32 ubude nangu-8 ububanzi, saphakama ngamamitha amabili ngaphezu kolwandle! Ukunyakaza ngokushesha kwamanzi azungeze lesi siqhingi kubonakala sengathi kwabangela i-tsunami eyagadla eziqhingini ezizungezile.

UTony uthi: “Amalungu ebandla ajabula afa lapho esibona. Ayephile saka kodwa elala ngaphandle ngenxa yokwesaba ukundindizela. Isikebhe sethu sasingesokuqala esafika silethe izinto zosizo. Kodwa ngaphambi kokuba sihambe, sahlanganyela emthandazweni osuka enhliziyweni wokubonga uJehova.”

UPatson uthi: “Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, saphindela eRanongga sihambise ezinye izinto zosizo futhi siyofuna umkhaya woFakazi ohlala emajukujukwini esiqhingi. Ekugcineni sathola uMatthew Itu nomkhaya wakhe bekanise phakathi ehlathini. Bakhala izinyembezi zenjabulo, bazi ukuthi sasingabakhohlwanga! Ukuzamazama komhlaba kwakubhidlize umuzi wabo kanye neziningi zezakhiwo emzaneni wabo. Nokho, into ababekhathazeke ngayo kakhulu kwakuwukutholela umkhaya wabo amaBhayibheli, alahleka enhlekeleleni.”

Ababona Lokhu Bancoma

Abanye balubona lolu thando lobuKristu. UCraig Tucker uthi: “Intatheli ethile eyayigxeka wonke umsebenzi wokunikeza usizo yamangala futhi yahlabeka umxhwele lapho izwa ukuthi oFakazi BakaJehova babephe amalungu abo ukudla, amatende nezinye izinto ezibalulekile ngemva nje kwezinsukwana kube nokuzamazama.” UPatson uyanezela: “Abantu baseRanongga bawuncoma umsebenzi wethu wokusiza ngokushesha kodwa bakhala ngokuthi amasonto abo ayengabasekeli.” Owesifazane othile wababaza: “Inhlangano yenu yasabela ngokushesha!”

OFakazi basiza nomakhelwane babo. UChristine Shaw uyalandisa: “Lapho sivakashele isibhedlela sesikhashana eGizo, sabona umbhangqwana oshadile esasisanda kuhlangana nawo enkonzweni. Bobabili babelimele futhi behlukumezekile. Umzukulu walona wesifazane wayekhukhulwe yi-tsunami waminza. Sabuyela ekhaya ngokushesha siyobatholela ukudla nezingubo zokugqoka. Babonga kakhulu.”

Yebo, izisulu zezinhlekelele zemvelo zidinga okungaphezu nje kosizo lwezinto ezibonakalayo. Zidinga kakhulu induduzo engatholakala kuphela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. URon uthi: “Abanye abefundisi benkolo babethi uNkulunkulu ujezisa abantu ngenxa yezono zabo. Kodwa sababonisa eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu akawona umthombo wobubi. Abaningi basibonga ngokubaduduza ngokomoya ngale ndlela.”—2 Korinte 1:3, 4; Jakobe 1:13.a

[Umbhalo waphansi]

a Bheka isihloko esithi “Ukuphendula Umbuzo Onzima Othi ‘Kungani?’” kuyi-Phaphama! ka-November 2006, amakhasi 3-9. Kwahanjiswa amakhophi alo magazini eGizo ngemva kwale nhlekelele.

[Umdwebo/Amabalazwe ekhasini 13]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Choiseul

Ghizo

Gizo

Ranongga

HONIARA

AUSTRALIA

[Isithombe ekhasini 15]

Umkhaya wakwaBaea esikebheni sawo esinenjini

[Isithombe ekhasini 15]

Umonakalo owadalwa yi-“tsunami” eGizo

[Isithombe ekhasini 15]

Leli Hholo LoMbuso laliwukuphela kwesakhiwo esasala eLale esiQhingini saseRanongga

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela