Uhlu Lokuphakathi
April 15, 2008
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
May 26, 2008–June 1, 2008
Zilahle “Izinto Ezingasizi Ngalutho”
IKHASI 3
IZINGOMA: 48, 20
June 2-8, 2008
Funa Isiqondiso SikaNkulunkulu Kuzo Zonke Izinto
IKHASI 7
IZINGOMA: 131, 225
June 9-15, 2008
Basha, Mkhumbuleni Manje UMdali Wenu Omkhulu
IKHASI 12
IZINGOMA: 157, 183
June 16-22, 2008
Umshado Nokuba Umzali Kulesi Sikhathi Sokuphela
IKHASI 16
IZINGOMA: 24, 164
June 23-29, 2008
Yini Eyenza Ukuphila Kwanelise?
IKHASI 21
IZINGOMA: 214, 67
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
Izihloko Ezifundwayo 1, 2 AMAKHASI 3-11
Lezi zihloko ezifundwayo ezimbili zisisiza ukuba sikwazi ukubona “izinto ezingasizi ngalutho” ezingasithikameza ekukhonzeni uJehova. Ziqokomisa izingozi ezingase zisiyenge kalula, futhi zisinikeza izizathu eziningi zokubheka kuJehova ukuze asiqondise kuzo zonke izinto.
Izihloko Ezifundwayo 3, 4 AMAKHASI 12-20
Isihloko esifundwayo sokuqala kulezi zihloko sibonisa intsha indlela iBhayibheli elingayisiza ngayo lapho kudingeka yenze izinqumo ezishintsha ukuphila kwayo. Esesibili siyinikeza iziqondiso ezihlakaniphile ezisekelwe emiBhalweni ngokuqondene nezinto okufanele izikhumbule lapho icabanga ukushada noma ukuba nabantwana.
Isihloko Esifundwayo 5 AMAKHASI 21-25
Isihloko esifundwayo sokugcina sinamaphuzu asenza sicabange asekelwe encwadini yomShumayeli. Siqokomisa izinto ezibaluleke ngempela ekuphileni, siziqhathanise nezinto ezikhuthazwa yileli zwe.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI:
Bahlala Bodwa Kodwa Asibakhohliwe
IKHASI 25
IKHASI 29
IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaJohane
IKHASI 30