Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 4/1 k. 32
  • Ubani Okufanelekelayo Ukubusa Isintu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Okufanelekelayo Ukubusa Isintu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 4/1 k. 32

Inkulumo Yeningi Ekhethekile

Ubani Okufanelekelayo Ukubusa Isintu?

Imuphi umbusi

• ongaxazulula izinkinga zomnotho, aqinisekise ukuthi bonke abantu bathola inala yokudla nezindlu ezifanele?

• ongavimbela izinhlekelele zemvelo, asindise abantu embubhisweni ebangelwa ama-tsunami, iziphepho, noma ukuzamazama komhlaba?

• ongaqeda zonke izifo, aze abuyisele nabagugile ebungqabavwini bobusha?

• ongaqeda zonke izimpi, asize izikhonzi zakhe ukuba zihlale ngokuthula nangokulondeka?

• ongabuyisela imvelo yomhlaba esimweni esiphelele, aguqule umhlaba ube ipharadesi?

Munye kuphela uMbusi ongaletha zonke lezi zibusiso. Ungubani lo Mbusi? Lowo mbuzo uzophendulwa enkulumweni yeningi enesihloko esithi “Ubani Okufanelekelayo Ukubusa Isintu?” Le nkulumo yeBhayibheli izonikezwa emhlabeni wonke emazweni angaphezu kuka-230. Ezindaweni eziningi, izonikezwa eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova lendawo ngeSonto, April 6, 2008. OFakazi endaweni yakini bayokujabulela ukukunikeza isikhathi nekheli lendawo. Umenywa ngemfudumalo ukuba ube khona.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela