Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Iyolwelwa Kuphi Impi Ye-Armagedoni?
Impi ye-Armagedoni ngeke ilwelwe enkundleni ethile yempi. Kunalokho, wonke umhlaba uyoba inkundla yempi. Ngani? Ngenxa yokuthi izinhlangothi ezimbili ezilwayo zinkulu kangangokuba azinakuphelela endaweni eyodwa nje.
I-Armagedoni, noma iHar-Magedoni, yaziwa nangokuthi “impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” UJehova uNkulunkulu uyosebenzisa iNdodana yakhe, uKristu Jesu, ukuba ihole ibutho lezingelosi ekulweni namabutho ahlangene abo bonke ababusi bomhlaba ababi.—IsAmbulo 16:14; 19:11-16.
Izizwe ngandlela-thile zinxenxwa amabutho kaSathane ukuba zihlanganyele empini. IBhayibheli likhuluma ‘ngezinkulumo eziphefumulelwe amademoni’ eziya “emakhosini omhlaba wonke owakhiwe, ukuze ziwabuthele ndawonye . . . endaweni ngesiHebheru ebizwa ngokuthi iHar–Magedoni.”—IsAmbulo 16:14-16.
Ngokungafani nezinye izincwadi zeBhayibheli, isAmbulo siye sashukumisa izingqondo zabafundi abaningi beBhayibheli. Abafundi abaningi abathatha incazelo yaso njengoba injalo baye bakhomba indawo engokoqobo lapho bekholelwa ukuthi le mpi iyoqala khona, futhi baye bazigada ngabomvu izenzakalo ezenzeka kuleyo ndawo. Umqondo wokuthi igama elithi Armagedoni libhekisela endaweni ethile engokoqobo ungatholakala ezincwadini zasendulo zamaGreki ezichaza isAmbulo, ezalotshwa ngu-Oecumenius ekhulwini lesithupha C.E.
Eveza umbono owawuvamile phakathi kwabefundisi bama-Fundamentalist, uJohn F. Walvoord, owayengumongameli weNgqungquthela Yabefundisi BaseDallas, uthi i-Armagedoni “iyimpi ewujuqu yezwe eliphelelwe yithemba egxile eMpumalanga Ephakathi.” UWalvoord uveza ukuthi le mpi enkulu yesikhathi esizayo iyogxila “‘eNtabeni yaseMegido,’ intatshana esenyakatho yePalestina emaphethelweni esigodi esibanzi.”
Kodwa incwadi yesAmbulo ayikhulumi ngendawo engokoqobo ebizwa ngokuthi i-Armagedoni. Amazwi ayo esethulo athi lokhu kulandisa kwethulwa “ngezibonakaliso.” (IsAmbulo 1:1) Esikhathini eside esidlule oFakazi BakaJehova basho lokhu encwadini yabo ethi Studies in the Scriptures, uMqulu IV: “Asilindele ukuba kube nombuthano ongokoqobo wabantu eGqumeni laseMegido.”
Umlando waseMegido uveza isimo sokuvaleleka, lapho izitha zikaNkulunkulu zingenakukwazi ukubaleka. Ngakho, e-Armagedoni, uNkulunkulu uyoqinisekisa ukuthi konke ukonakala nobubi, kungakhathaliseki ukuthi kutholakala kuphi kulo mhlaba, kuqedwa ngokuphelele.—IsAmbulo 21:8.
Abathanda uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, akudingeki ukuba bayesabe i-Armagedoni. Impi kaNkulunkulu ihloselwe kuphela labo bantu uNkulunkulu abahlulela njengabangenakuphenduka ebubini. Impi yakhe iyobakhetha abantu eyobabhubhisa. IBhayibheli lithi: “UJehova uyayazi indlela yokukhulula ekulingweni abantu abanokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.” (2 Petru 2:9) Isithembiso esijabulisayo esikumaHubo 37:34 sithi: “Themba uJehova ugcine indlela yakhe, uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba. Lapho ababi benqunywa, uyokubona.”