“Ungihola Emikhondweni Yokulunga”
NJENGOBA ILANDISWA NGU-OLGA CAMPBELL
“Isibonelo esihle sinjengensimbi ebiza abanye ukuba balandele,” kusho udadewethu u-Emily. “Ushaye insimbi, mina ngalandela.” Wayengibhalele incwadi engihalalisela ngokuqeda iminyaka engu-60 ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ake ngikutshele ukuthi ngakhula kanjani nokuthi kwenzeka kanjani ukuba ngingenele lo msebenzi wokuphila konke.
NGAZALELWA emkhayeni odabuka e-Ukraine ngo-January 19, 1927, eduze naseWakaw, eSaskatchewan, enkabeni yentshonalanga yeCanada. Mina newele lami, uBill, sasingabesithupha nesikhombisa ezinganeni ezingu-8. Njengoba sasikhuthele njengezingane sasisiza ubaba ozikhandlayo emasimini. Emzini wakithi omncane, umama wayesinakekela nakuba ayehlushwa yisifo samathambo, esagcina simbulele. Wayeneminyaka engu-37 lapho eshona; mina ngangineminyaka emine kuphela.
Ngemva kwezinyanga eziyisithupha umama eshonile, ubaba washada futhi. Ngokushesha kwaba nezingxabano ekhaya, njengoba sase sihlala nodadewethu abasha abayisihlanu! Ngazama ukuhlonipha usingamama, kodwa kumfowethu omdala uJohn kwakunzima kakhulu.
Ekupheleni kwawo-1930, mina noBill sase sifunda esikoleni esiphakeme, lapho sakwazi khona ukubalekela izinkinga zasekhaya. Njengoba iMpi Yezwe II yayisondela, ukushisekela izwe kwadlanga. Uthisha wethu omusha washaya umthetho wokukhulekela ifulege, kodwa intombazane ethile yenqaba. Abafundi bayiklolodela. Kodwa sangihlaba umxhwele isibindi sayo futhi ngayibuza ukuthi kungani ingalikhulekelanga ifulege. Yachaza ukuthi ingumFundi WeBhayibheli, njengoba babebizwa kanjalo oFakazi BakaJehova ngezinye izikhathi, futhi yayikhulekela uNkulunkulu kuphela.—Eksodusi 20:2, 3; IzEnzo 5:29.
Ukuphuma Ekhaya
Ngo-1943, ngathola umsebenzi ePrince Albert, ngilayisha futhi ngidiliva amakesi eziphuzo ezibandayo ngeloli. Njengoba ngangilangazelela isiqondiso esingokomoya, ngathenga iBhayibheli kodwa ngakuthola kunzima kakhulu ukuliqonda kangangokuba ngakhala ngikhungathekile. Okuwukuphela kwento engangiyazi eBhayibhelini kwakuwumthandazo kaBaba Wethu.—Mathewu 6:9-13.
Ngelinye iSonto, umasitende engangiqashe kwakhe wangitshela ngeqholo ukuthi wayesunduze “usisi weBhayibheli” emnyango. Ngazibuza: ‘Kungani enonya kangaka?’ Emasontweni ambalwa kamuva, ngangigula, ngakho ngalova esontweni. Ngalolo suku wafika lo “sisi weBhayibheli.”
Wangibuza: “Uyathandaza?”
Ngaphendula: “UBaba Wethu.”
Njengoba echaza okushiwo amazwi kaJesu, ngalalelisisa. Wathembisa ukuthi uzobuya ngoLwesithathu olulandelayo.
Lapho umasitende ebuya ekhaya, ngamtshela ngesasasa “ngosisi weBhayibheli,” owayengomunye woFakazi BakaJehova. Ngashaqeka lapho esongela ngokuthi, “Uma ebuya ngoLwesithathu, ngizonixosha nobabili!”
Ngehla ngenyuka endaweni ngifuna uFakazi engase ngazi ukuthi uNkk. Rampel. Lapho ngimthola, ngamchazela ngenkinga yami ngamcela ukuba angitshele konke ayengangitshela kona ngeBhayibheli. Kubonakala sengathi saxoxa ngalo lonke iBhayibheli kusuka kuGenesise kuya kusAmbulo. Wafanisa isikhathi samanje nosuku lukaNowa, lapho uNkulunkulu ebhubhisa izwe elingalungile futhi wangenisa uNowa nomkhaya wakhe emhlabeni ohlanziwe.—Mathewu 24:37-39; 2 Petru 2:5; 3:5-7, 12.
Ngemva kwesikhathi eside sixoxa, uNkk. Rampel wathi: “Ngiyabona ukuthi usuzamukele njengeziyiqiniso lezi zimfundiso zeBhayibheli. Emasontweni amabili azayo, kuzoba nomhlangano woFakazi BakaJehova, futhi kufanele ubhapathizwe.” Ngalobo busuku abuzange behle ubuthongo ngicabanga ngakho konke engangikufundile. Ukubhapathizwa kwakubonakala kuyisinyathelo esikhulu. Kodwa ngangifuna ukukhonza uNkulunkulu! Nakuba ulwazi lwami lweBhayibheli lwaluluncane, ngabhapathizwa ngineminyaka engu-16, ngo-October 15, 1943.
Ukuthuthela Ngalé Kwezwe
Ngo-November umfowethu uFred wangicela ukuba ngibe umnakekeli womuzi onezitezi ezintathu edolobheni laseToronto, empumalanga yeCanada. Ngavuma, nginethemba lokuthi ngingase ngithole inkululeko ethe xaxa yokukhonza uJehova lapho. Ngaphambi kokuba ngihambe, ngavakashela udadewethu u-Ann, owayesahlala eduze eSaskatchewan. Wayengigcinele isimanga sendaba—yena noDoris babefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi wangikhuthaza ukuba ngenze okufanayo. Ngabe sengimtshela imfihlo yami—kakade ngase nginguFakazi obhapathiziwe!
Mina nodadewethu omncane u-Emily sathatha uhambo olude lwesitimela salibhekisa eToronto. UBill wasihlangabeza esiteshini futhi wasiyisa emzini ayehlala kuwo noFred noJohn. Ngabuza uFred ukuthi ubani omunye ababehlala naye kulo muzi. Wathi: “Ngeke ungikholelwe. Usamkhumbula u-Alex Reed wangasekhaya? Uhlala esitezi esingenhla, futhi lo mlisa ohlanyayo uthanda abaFundi BeBhayibheli!” Ngajabula ngafa.
Nganyonyoba ngiyobona u-Alex futhi ngahlela ukuhamba naye emhlanganweni ngalobo busuku. Ngangifuna ukuya ngokushesha ukuze abafowethu bangalitholi ithuba lokungidumaza. Ngokushesha ngemva kwalokho, nakuba ngangingakaze ngiqhutshelwe isifundo seBhayibheli, ngaya emsebenzini wokushumayela ngokokuqala ngqa. Ngajabulela ukuxoxa nabantu abaningi base-Ukraine, ngisebenzisa ulimi engakhula ngilukhuluma.
UBill wayekujabulela ukufunda INqabayokulinda, engangivame ukumbekela yona ekamelweni lakhe. Ngemva kokuba esethuthele eBritish Columbia entshonalanga yeCanada, ngamthumelela isipho sesikhokhelo se-Nqabayokulinda. Nakuba ngokuvamile ayengeyena umuntu othanda ukukhuluma, wangibhalela incwadi enamakhasi ayishumi ebonga. Ngokuhamba kwesikhathi, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi waba umbonisi ongumKristu oshisekayo. Ngajabula kakhulu lapho izingane zakithi ezinhlanu—uBill, u-Ann, uFred, uDoris no-Emily—ziba abakhulekeli bakaJehova abazinikezele!
Ngo-May 22, 1945, uhulumeni waseCanada wasusa ukuvinjelwa ngokomthetho koFakazi BakaJehova.a Empeleni, ngangingaqapheli nokuthi sivinjelwe kwaze kwaba yilapho ngizwa leso simemezelo. Mina nomngane wami uJudy Lukus sanquma ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengamaphayona ngasempumalanga yezwe eQuebec ekhuluma isiFulentshi. Lapho odadewethu uDoris no-Emily bezwa ngalokho esasikuhlela, banquma ukuphayona eVancouver, eBritish Columbia, ngalé kwezwe.
Ukungabekezelelani Ngokwenkolo EQuebec
Ngangingathuthelanga eQuebec ngenjongo nje yokushintsha indawo. OFakazi lapho babephikiswa ngonya emsebenzini wabo wokushumayela.b Sakujabulela ukuhlanganyela ekusakazeni ipheshana elithi Quebec’s Burning Hate for God and Christ and Freedom Is the Shame of All Canada. Leso sigijimi esishisayo sadalula ukungabekezelelwa kwenkolo yoFakazi.
Izinsuku ezingu-16, sasiqala ngehora lesibili entathakusa, sifaka amapheshana ngesinyenyela ngaphansi kweminyango. Kwesinye isikhungo sokuhlala, sezwa ukuthi kwakuza amaphoyisa. Sazifihla ngokucasha ephasishi. Ngakusasa, sabuyela emigwaqweni sahambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! Njengoba izinyanga zazidlula, amaphoyisa asibopha kaningi kangangokuba sagcina sesingasazibali lezo zikhathi. Ukuze ngilungele ukuhlala ejele, ngangihlale ngiphethe isixubho samazinyo nesimonyo samashiya.
Ngo-November 1946, uNathan Knorr, owayehola emsebenzini womhlaba wonke woFakazi, wavakasha esuka eBrooklyn, eNew York. Wasimema singu-46 njengamaphayona eQuebec ukuba siye ekilasini lesi-9 le-Watchtower Bible School of Gilead eNingizimu Lansing, eNew York. Ngemva kokuthola iziqu ngo-August 1947, sathunyelwa emadolobheni ahlukahlukene kulo lonke elaseQuebec ukuyovula amabandla amasha.
Inkonzo Enomvuzo
Izintombi ezine phakathi kwethu zathunyelwa edolobheni laseSherbrooke. Saprakthiza ngentshiseko ukukhuluma isiFulentshi, siphindaphinda amabizo-senzo njengoba siya nalapho sibuya ensimini esishumayela kuyo. Ngezinye izikhathi sasingenayo imali yokuthenga ukudla kwasemini, ngakho sasiya ekhaya siyofunda. Uzakwethu, uKay Lindhorst, wayelwazi ngempela uhlelo lolimi. Waqale wangifundisa uhlelo lolimi lwesiNgisi ukuze ngikwazi ukuqonda isiFulentshi.
Isikhathi esivelele lapho ngisaphayona safika lapho ngiseVictoriaville, ngaleso sikhathi eyayiyidolobha elinabantu abangaba ngu-15 000. Babengekho abakhuluma isiNgisi, ngakho kwakuyindawo ekahle kakhulu yokuthuthukisa isiFulentshi sethu. Isonto lethu lokuqala silapho lalijabulisa. Nomaphi lapho sasiya khona, abantu babethatha izincwadi. Lapho siphindela, sasifica yonke iminyango namakhethini kuvaliwe. Kwakwenzekeni?
Umfundisi wendawo waxwayisa abantu ukuba bangasilaleli. Ngakho njengoba singena indlu ngendlu, sasilandelwa yizingane buqamama, zisijikijela ngamatshe nangeqhwa. Noma kunjalo, abaningi babelangazelela ukuzwa isigijimi seBhayibheli. Ekuqaleni, babevuma ukuba sibavakashele kusihlwa kuphela. Kodwa njengoba ulwazi lwabo lweBhayibheli luthuthuka, babefunda obala nakuba lokhu kwakungabathokozisi omakhelwane.
Ngawo-1950, mina nodadewethu sabuyela eWakaw siyovakasha. Salandisa okuhlangenwe nakho kwethu ekushumayeleni emhlanganweni webandla. Ngemva kwalokho, umbonisi owengamele wathi, “Unyoko uyojabula kakhulu lapho evuswa ezwa ukuthi izingane zakhe zaba oFakazi BakaJehova!” Wachaza ukuthi umama wayefunde iBhayibheli noFakazi ngaphambi kokuba ashone. Sakhala izinyembezi zenjabulo lapho sizwa ukuthi wayefunda amaqiniso eBhayibheli ngokuqinisekile ayezowahlanganyela nathi ukuba wayengazange asheshe afe.
Umshado Nokuhlanganyela Enkonzweni Ndawonye
Ngo-1956, ngahlangana noMerton Campbell, uFakazi owayechithe izinyanga ezingu-27 ejele phakathi neMpi Yezwe II ngenxa yokungathathi hlangothi kobuKristu. Wayekhonze endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn iminyaka engaba yishumi. UMerton wayenezimfanelo eziningi ezinhle ezingokomoya, ngakho ngabona ukuthi wayezoba umyeni okahle. Sabhalelana izinyanga ezithile, futhi ukuhloniphana nokusondelana kwethu kwenza ukuba uthando lujule.
Mina noMerton sashada ngo-September 24, 1960. Yeka isibusiso okuye kwaba yiso ukuphila le minyaka engu-47 edlule nendoda enhle ngokomoya! UMerton useneminyaka engu-58 esebenza eMnyangweni Wenkonzo, osiza futhi unikeze amabandla oFakazi BakaJehova isiqondiso kulo lonke elase-United States. Iminyaka engaphezu kwengu-30, umsebenzi wami eBrooklyn kwakuwukuhlobisa amagumbi ezivakashi futhi kamuva amaHholo OMhlangano amakhulu eNew York City. Khona-ke, ngo-1995, mina noMerton sathunyelwa eWatchtower Educational Center ePatterson, engamakhilomitha angaba ngu-110 enyakatho yeNew York City.
Lapho ngihamba ekhaya ngineminyaka engu-12 ubudala, ngangingakaze ngicabange ukuthi ngolunye usuku ngiyozungezwa umkhaya omkhulu ongokomoya, kuhlanganise nezingane zakithi imbala. Ngibheke phambili ezweni elisha likaNkulunkulu, lapho siyongunga khona umama futhi simtshele okwenzekile lapho esalele—ikakhulukazi indlela uJehova uNkulunkulu azinakekela ngayo ngothando izidingo ezingokomoya zezingane zakhe. Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi uJehova uye wasihola “emikhondweni yokulunga”!—IHubo 23:3.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngenxa yokungathathi hlangothi koFakazi BakaJehova, uhulumeni wawubavimbele ngokomthetho ngo-July 4, 1940.
b Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngoshushiso olungokwenkolo eQuebec, bheka i-Phaphama! ka-April 22, 2000, amakhasi 20-3.
[Izithombe ekhasini 27]
Abazali bami nomuzi esasihlala kuwo nabo nezingane zakithi ezingu-7
[Isithombe ekhasini 29]
Nginozakwethu enkonzweni e-Ottawa, ngo-1952
[Isithombe ekhasini 29]
Nginezingane zakithi (kusukela kwesokunxele kuya kwesokudla) u-Ann, uMary, uFred, uDoris, uJohn, nami, uBill no-Emily
[Isithombe ekhasini 29]
NginoMerton namuhla