Ukuba Ngomunye Wabantwana BakaNkulunkulu
EMINYAKENI engu-30 ngemva kweMpi yaseKorea, uHlelo Lwezokusakaza LwaseKorea lwasungula indlela yokusiza abantu ukuba bathole amalungu emikhaya yabo ayeduke phakathi nempi. Waba yini umphumela? Abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingu-11 bahlanganiswa nabathandekayo babo—babekhala izinyembezi zenjabulo, bangana njalo njalo. I-Korea Times yabika: “Kuwo wonke umlando abantu baseKorea abakaze bakhale izinyembezi ezingaka zenjabulo ngokuzenzekelayo nangesikhathi esifanayo.”
EBrazil, uCézar wasiswa kumuntu othile esewusana njengenhlawulo. Ngemva kweminyaka engaba yishumi, wajabula kakhulu ukuthola umama omzalayo kangangokuba washiya abazali bakhe bokutholwa abacebile wayohlala naye.
Yeka indlela amalungu omkhaya ajabula ngayo lapho ehlangana ngemva kokuhlukana nokudukelana! IBhayibheli lichaza indlela eyinhlekelele abantu abahlukaniswa ngayo nomkhaya kaNkulunkulu. Liphinde lisitshele nendlela manje abahlanganiswa ngayo ngobunye nangenjabulo. Kwenzeka kanjani lokhu? Futhi ungahlanganyela kanjani kuleyo njabulo?
Indlela Umkhaya KaNkulunkulu Owahlukaniswa Ngayo
Ngokuphathelene noMdali uJehova uNkulunkulu, umhubi wathi: “Ukuwe umthombo wokuphila.” (IHubo 36:9) UJehova ungubaba womkhaya omkhulu wendawo yonke wezidalwa ezithembekile futhi ezihlakaniphile. Lo mkhaya wakhiwa ingxenye yasezulwini eyizingelosi, engamadodana akhe omoya, nengxenye esemhlabeni eyakhiwa abantu, abazoba ngabantwana bakhe basemhlabeni.
Lapho indodana kaNkulunkulu yokuqala u-Adamu, ivukela, njengoba kuchaziwe esihlokweni esandulele, uhlanga lwesintu lwahlukaniswa kabuhlungu noYise wasezulwini onothando nonguMdali. (Luka 3:38) Lokhu kungenxa yokuthi ngokuhlubuka kwakhe, u-Adamu wazilahlekisela yena kanye nenzalo yakhe eyayingakazalwa ilungelo lokuba abantwana bakaNkulunkulu. Ngenceku yakhe uMose uNkulunkulu wachaza imiphumela yalokho okwenzeka: “Baye benza ngendlela eyonakele bona; ababona abantwana [bakaNkulunkulu], isici singesabo.” “Isici,” noma isimo sokuba nesono, sahlukanisa abantu noNkulunkulu, ongongcwele nophelele ngazo zonke izindlela. (Duteronomi 32:4, 5; Isaya 6:3) Khona-ke ngomqondo othile, isintu salahleka, saba yizintandane.—Efesu 2:12.
Ukuze ligcizelele ukwehlukaniswa kwesintu noNkulunkulu, iBhayibheli libhekisela kulabo abangaphandle komkhaya wakhe ‘njengezitha.’ (Roma 5:8, 10) Njengoba sihlukanisiwe noNkulunkulu, isintu siye sadonsa kanzima ngaphansi kokubusa kukaSathane nemiphumela yesono esazuzwa njengefa nokungapheleli. (Roma 5:12; 1 Johane 5:19) Ingabe abantu abanesono bangaba yingxenye yomkhaya kaNkulunkulu? Ingabe izidalwa ezingaphelele zingaba abantwana bakaNkulunkulu ngomqondo ophelele, ngendlela okwakungayo ngo-Adamu no-Eva ngaphambi kokuba bone?
Ukuhlanganiswa Kwabantwana Abahlukaniswe Nomkhaya
Ngothando, uJehova wenza amalungiselelo okuzuzisa abantu abangaphelele abamthandayo. (1 Korinte 2:9) Umphostoli uPawulu wachaza: “UNkulunkulu ngoKristu wayenza izwe libuyisane naye, engalibaleli iziphambeko zalo.” (2 Korinte 5:19) Njengoba kuchaziwe esihlokweni esandulele, uJehova uNkulunkulu wanikela ngoJesu Kristu njengesihlengo sezono zethu. (Mathewu 20:28; Johane 3:16) Enokwazisa, umphostoli uJohane wabhala: “Bonani ukuthi luhlobo luni lothando uBaba asinike lona, ukuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu.” (1 Johane 3:1) Kanjalo, kwavuleka indlela yokuba isintu esilalelayo sibe yingxenye yomkhaya kaJehova futhi.
Nakuba bonke abantu ababuthelwe emkhayeni kaNkulunkulu beyojabulela ubunye obumangalisayo benakekelwa uYise wasezulwini, phawula indlela iBhayibheli elibachaza ngayo njengababuthelwe emaqenjini amabili. Siyafunda: “Kuvumelana nentando [kaNkulunkulu] ayeyijongile kuye ngokwakhe, ukuba kube nesimiso sokuqondisa lapho kugcwala isilinganiso sezikhathi ezimisiwe, okuwukuthi, ukuphinde abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni.” (Efesu 1:9, 10) Kungani uNkulunkulu ehlela izinto ngaleyo ndlela?
Indlela uJehova ahlela ngayo abantwana bakhe babe amaqembu amabili empeleni yenza umkhaya wakhe ube nobunye. Akunzima ukuqonda isizathu salokho. Umkhaya kaNkulunkulu mkhulu kangangokuba ungafaniswa nesizwe. Kunoma isiphi isizwe, kunedlanzana elikhethwa njengohulumeni ukuze bonke abanye bajabulele ukuphila ngaphansi komthetho nokuhleleka. Yiqiniso, awukho uhulumeni wabantu oke waletha ukuthula kweqiniso, kodwa uNkulunkulu unikeza umkhaya wakhe uhulumeni ophelele. Iqembu lokuqala, “izinto ezisezulwini,” lakhiwa abantwana bakaNkulunkulu uJehova abakhetha ukuba babe uhulumeni, noma uMbuso, ezulwini. Belapho, “bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.”—IsAmbulo 5:10.
Abantwana BakaNkulunkulu Emhlabeni
UJehova uhlanganisa ‘nezinto ezisemhlabeni,’ okuwukuthi, abantu abayizigidi emhlabeni wonke, ukuze ekugcineni babe abantwana bakhe basemhlabeni. NjengoBaba onomusa, ubafundisa izindlela zakhe zothando ukuze kuthi, nakuba bevela ezizweni eziningi, babe nobunye. Ngisho nabantu abanobudlova, ubugovu, abaziphethe kabi nabangamlaleli uNkulunkulu bamenyelwa ukuba ‘babuyisane noNkulunkulu.’—2 Korinte 5:20.
Kuthiwani ngalabo abasenqabayo isimemo sikaNkulunkulu sokuba babuyisane naye njengabantwana bakhe? Ukuze aqiniseke ukuthi umkhaya wakhe unokuthula nobunye, uJehova uyothatha izinyathelo eziqatha zokumelana nabanjalo. Kuyoba khona ‘usuku lokwahlulela nokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ (2 Petru 3:7) UNkulunkulu uyosusa abahlubukayo emhlabeni. Yeka impumuzo lokho okuyoyilethela abalalelayo!—IHubo 37:10, 11.
Kuyobe sekulandela iminyaka eyinkulungwane yokuthula, lapho bonke abasabela othandweni lukaNkulunkulu beyobuyiselwa khona kancane kancane ekupheleleni kokuphila okwalahlwa u-Adamu. Ngisho nabafileyo bayovuswa. (Johane 5:28, 29; IsAmbulo 20:6; 21:3, 4) Kanjalo uNkulunkulu uyogcwalisa isithembiso sakhe: “Indalo [engabantu] ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.”—Roma 8:21.
Ukuhlanganiswa NoYihlo
UCézar nezinkulungwane zabantu baseKorea okukhulunywe ngabo ekuqaleni kwalesi sihloko kwadingeka bathathe isinyathelo ukuze imikhaya yabo ibuye ihlanganiswe. Labo bantu baseKorea kwadingeka ukuba bangene ohlelweni oluthile, futhi uCézar wabashiya abazali bakhe bokutholwa. Ngokufanayo, kungase kudingeke ukuba uthathe isinyathelo esiwujuqu sokubuyisana noYihlo wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, futhi ujabulele nokuba yingxenye yomkhaya wakhe. Yini okufanele uyenze?
Ukuze usondele kuNkulunkulu njengoYihlo, kumelwe ufunde iZwi lakhe, iBhayibheli, ukuze ube nokholo oluqinile kuye nasezithembisweni zakhe. Uyofunda ukwethemba ukuthi lokho uNkulunkulu akutshela ukuba ukwenze kuzuzisa wena. Kuyodingeka nokuba wamukele ukuqondisa nokuyala kukaNkulunkulu, ngoba iBhayibheli lithi kumaKristu: “UNkulunkulu usebenzelana nani ngokungathi ningamadodana. Ngoba iyiphi indodana engayalwa uyise?”—Hebheru 12:7.
Ukuthatha izinyathelo ezinjalo kuyoshintsha konke ukuphila kwakho. IBhayibheli lithi: “Kufanele nenziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu, futhi nigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.” (Efesu 4:23, 24) Yibe usulandela iseluleko somphostoli uPetru: “Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu.”—1 Petru 1:14.
Ukuthola Umkhaya Wakho Wangempela
Lapho uCézar ethola umama omzalayo, wajabula kakhulu ukwazi ukuthi wayenomfowabo nodadewabo. Ngokufanayo, lapho usondela kuYihlo wasezulwini, uyothola ukuthi unabafowenu nodadewenu abaningi ebandleni lobuKristu. Njengoba ujwayelana nabo, ungase ube nomuzwa wokuthi usondelana nabo ngokuseduze ukwedlula amalungu omkhaya wakini angokwemvelo.—IzEnzo 28:14, 15; Hebheru 10:24, 25.
Uyamenywa ukuba ubuyisane noYihlo wangempela nabafowenu nodadewenu bangempela. Injabulo oyoba nayo ingaba nkulu njengenjabulo eyatholwa uCézar nezinkulungwane zabantu baseKorea lapho behlanganiswa nemikhaya yabo.
[Isithombe ekhasini 8]
UCézar eseneminyaka engu-19 ekanye nonina
[Izithombe ekhasini 10]
Thatha izinyathelo zokusondela kuNkulunkulu