Ukwakha Ngenjongo Yokudumisa UJehova
“Angikukholwa engikubonayo. Angikaze ngicabange ukuthi siyoke sibe nendawo enhle kangaka yokubuthana sidumise uJehova. Akukho mali engathenga injabulo enginayo!”—UMARIA, EMEXICO.
OFAKAZI BAKAJEHOVA bayakuthanda ukubuthana ngenjongo yokufunda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. (IHubo 27:4; Hebheru 10:23-25) Futhi bakujabulela kakhulu ukwenza kanjalo lapho bebuthana ndawonye ezindaweni zokukhulekela ezinesizotha. Eminyakeni yamuva nje bakhe izinkulungwane zezindawo ezintsha zokukhulekela—ezaziwa ngokuthi amaHholo OMbuso—emazweni amaningi emhlabeni wonke.
Yini ebangele wonke lo msebenzi wokwakha? Wenziwa obani? Futhi lo msebenzi wokwakha unaliphi ithonya kubantu abawenzayo? Ukuze uthole izimpendulo zale mibuzo, cabangela lokho okuye kwenzeka eMexico naseBelize.
Kudingeka Izinkulungwane ZamaHholo OMbuso Amasha!
Esikhathini esidlule, oFakazi BakaJehova eMexico babebuthana ngenjongo yokukhulekela kunoma iyiphi indawo etholakalayo—emagcekeni, emizini yoFakazi, emafektri, emagalaji, noma emahholo aqashiwe. Phakathi nalesi sikhathi, lab’ oFakazi abaqotho babevame ukucabanga ngendlela okwakuyoba kuhle ngayo uma bengakwazi ukuzakhela awabo amaHholo OMbuso.
Ngo-1994 kwase kunoFakazi abangu-388 000 eMexico. Inhlolo-vo eyenziwa ngalowo nyaka yembula ukuthi uma bonke babengaba nezindawo zabo zokukhulekela, kwakuyodingeka ukuba kwakhiwe amaHholo OMbuso amasha angu-3 300. Yeka umsebenzi omkhulu kangaka!
Amabandla endawo kakade ayesezakhela awawo amaHholo OMbuso uma ekwazi. Kodwa phakathi neminyaka eyisihlanu eyalandela, kwacaca ukuthi ukuze kwaneliswe isidingo, kwakuyodingeka ukuba sakhe amahholo engeziwe—ngokushesha. Wenziwa kanjani lo msebenzi?
Amaqembu Ajikelezayo Amavolontiya Anamakhono
Ngo-1999 kwasungulwa uhlelo olusha lokwakha. Kwaqala ukwakhiwa kwamaQembu Okwakha AmaHholo OMbuso kulo lonke elaseMexico. OFakazi BakaJehova ezweni lonke—abaningi babo ababenamakhono okwakha—bavolontiya ukuhlanganyela kulolu hlelo. Njengamanje, elaseMexico linamaqembu angu-35, futhi sekwakhiwe elinye iqembu eBelize.
La maQembu Okwakha AmaHholo OMbuso avame ukuba namavolontiya angaba ngu-8, abesilisa nabesifazane, asebenza isikhathi esigcwele ngaphandle kokuholelwa. La maqembu amavolontiya ajabulayo ahambela izindawo ezihlukahlukene kuleli zwe ukuze ahole emisebenzini yokwakha. Ivolontiya ngalinye lisebenza amahora angu-8 ngosuku kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu, kanye neMigqibelo emibili enyangeni. Usuku luqala ngo-7 ekuseni ngengxoxo yetekisi leBhayibheli, ngemva kwalokho kudliwe ukudla kwasekuseni. Bonke bazimisele ukwenza noma yini abacelwa ukuba bayenze. Ngokwesibonelo, abesifazane basebenza namadoda ekwenzeni imisebenzi enjengokupulasitela, ukufaka ama-tile nokupenda.
Ibandla lendawo lisiza ngokulungiselela indawo yokulala, ukuwasha izingubo nokuphekela la mavolontiya ajikelezayo. Ngaphandle nje kokusebenza ndawonye ekwakhiweni kwehholo, amavolontiya noFakazi bendawo bajabulela nobudlelwane emihlanganweni yobuKristu nalapho behlanganyela emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu.
Imivuzo Yokuba Ivolontiya
La mavolontiya azizwa kanjani ngomsebenzi awenzayo? UDaniel, oseneminyaka engaphezu kwemithathu eyivolontiya, uthi: “Kuyiqiniso ukuthi sisebenza lishisa nalapho lishubisa umnkantsha, sidle ukudla esingakujwayele, sithutha njalo, sishiye imindeni, futhi sivame ukuphila ngaphandle kwezinto zesimanje ezenza ukuphila kube lula.” Uyaqhubeka: “Kodwa lezo zinkinga azilutho uma ziqhathaniswa nezibusiso esizitholayo.”
Yiziphi ezinye zalezi zibusiso? Amavolontiya amaningi afunda amakhono amasha okwakha. Kodwa uCarlos oyivolontiya, ongumbonisi welinye lamaqembu amakhulu, uveza lokho anomuzwa wokuthi kuyinzuzo ebaluleke kunazo zonke. Uthi: “Sesinjengomkhaya onamalungu angu-20. Sidla ndawonye, sisebenze ndawonye, sitadishe ndawonye, sithandaze ndawonye. Sesakhe ubungane obuseduze kakhulu.”
La maqembu okwakha akha nobungane obuseduze namabandla endawo awasizayo. UJosé, osehlanganyele ekwakheni amahholo angaphezu kwekhulu, uthi: “Kuyamangalisa ukubona izinyembezi zenjabulo nokumomotheka kokwazisa lapho oFakazi bendawo bebona amaphupho abo okuba neHholo LoMbuso elisha efezeka.” Uyanezela: “Siyajabula ngokwazi ukuthi ukholo lwabanye luqiniswa ngisho nawumsebenzi omncane esiwufeze ngokuphumelelayo ekwakheni esinye isakhiwo sokukhulekela okumsulwa.”
Umsebenzi Oncomekayo!
Lezi zindawo zokukhulekela azibona ubukhazikhazi. Kunalokho, imiklamo yala maHholo OMbuso ilula, okwenza kube lula ukuwakha ngokushesha nangemali ephansi. Uma kunokwenzeka, kusetshenziswa izinto zokwakha nezindlela ezitholakala endaweni. Kanjalo, ihholo elisha lingakhiwa ngesikhathi esingaphansi kwamasonto ayisithupha!
Ngo-2007, wonke amabandla aseBelize ayenamaHholo OMbuso amasha—angu-17 esewonke. EMexico, sekwakhiwe amahholo angaphezu kwangu-1 400 kusukela nje ngo-1999!
Nakuba kuye kwenziwa umsebenzi omkhulu omuhle, kusekuningi okufanele kwenziwe. (Mathewu 9:37) Inani loFakazi eMexico manje selikhuphuke laba ngaphezu kuka-600 000—bonke abahlangana kathathu ngesonto ukuze bafundiswe ngeZwi likaNkulunkulu. Ngakho-ke, kusadingeka amahholo amasha angaphezu kuka-2 000. Ukube lo msebenzi wokwakha owenziwa amavolontiya ubuxhomeke emizamweni yabantu kuphela, ubungeke ufinyelelwe lo mgomo. Kodwa njengoba imiphumela ibonisa, ngosizo lukaJehova uNkulunkulu, “zonke izinto zingenzeka.”—Mathewu 19:26.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 22]
“Bayakwenza Lokho Abakushoyo”
Akukhona nje ukuphila kwamalungu ebandla lendawo loFakazi BakaJehova okuthintekayo ngomsebenzi wokwakhiwa kwamaHholo OMbuso. Ngokwesibonelo, lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso elithile eBelize, indoda enenkosikazi eyilungu leSonto LikaMoya yatshela umkayo ukuthi lapho oFakazi BakaJehova beqeda ukwakha “isonto” labo, ifuna ukuhlanganyela nabo. Yini eyavusa lesi sifiso? Yathi: “Ngiyabona ukuthi uNkulunkulu unabo. Abalwi lapho besebenza ndawonye. Futhi bayakwenza lokho abakushoyo.”
[Isithombe]
IHholo LoMbuso lase-Orange Walk, eBelize
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 23]
Umsebenzi Womhlaba Wonke
Kuye kwamiswa amaQembu Okwakha AmaHholo OMbuso emazweni angu-120. Ngezansi kunohlu lwamazwe ambalwa lapho la mavolontiya enza khona lo msebenzi ngenjabulo nangokuzikhandla:
E-Angola, eBolivia, eCroatia, eDominican Republic, eFiji, eGhana, eHong Kong, eJamaica, eKazakhstan, eLiberia, eMoldova, eNdiya, eNigeria, ePapua New Guinea, eRwanda, eTopiya, eTuvalu, e-Ukraine, eVenezuela naseZambia.
[Izithombe]
IHholo LoMbuso eTlaxcala, eMexico
Amalungu eQembu Lokwakha AmaHholo OMbuso eMexico
[Isithombe ekhasini]
IHholo LoMbuso e-Acapulco, eMexico