Ukufuna Izimpendulo
“Ngemva kokuxazulula inkinga yokuthi siziphilisa ‘kanjani,’ lapho sesinezinto zikanokusho esasingakaze sizicabange—imizi enemishini yokupholisa umoya, imishini ephambili yokudlala ama-CD, nezithelo ezisanda kukhiwa ezitholakala unyaka wonke—sisala nombuzo wokuthi ‘kungani’ siphila. Kungani sishikashikeka kangaka? Iyini injongo?”—UDavid G. Myers, uprofesa wezokusebenza kwengqondo eHope College, eHolland, eMichigan, e-U.S.A.
UBUNGAYIPHENDULA kanjani imibuzo ebuzwa yilo profesa? Abanye bangase bazibuze ukuthi kuyasiza yini ngisho nokuzihlupha sifuna izimpendulo. Kodwa, ukuzama ukuyishaya indiva imibuzo enjengalena kufana nokuzama ukungalinaki itshana elingene esicathulweni—ungaqhubeka uhamba, kodwa uhambo lwakho ngeke lujabulise.
Uma wake wazibuza ukuthi kukhona yini okwengeziwe ekuphileni, awuwedwa. Ngokwe-World Values Survey, okungokunye kokuhlolwa okukhulu kwezindinganiso zabantu okwake kwenziwa, liyanda inani labantu emazweni amaningi elicabanga “ngesizathu nangenjongo yokuphila.”
Ukuze uthole ukuthula kwengqondo kwangempela, kufanele uthole izimpendulo zemibuzo emithathu ebalulekile.
Savela kuphi?
Iyini injongo yokuphila?
Liphetheni ikusasa?
Ungazithola kuphi izimpendulo ezinokwethenjelwa zale mibuzo ebalulekile? Esikhundleni sokuqagela noma ukusakaza ifilosofi, amakhasi alandelayo azonikeza izimpendulo ezitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Siyakumema ukuba uvule iBhayibheli lakho uzitholele ngokwakho ukuthi lithini.