Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 1/1 kk. 4-5
  • Isicelo Esenziwa Emhlabeni Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isicelo Esenziwa Emhlabeni Wonke
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isicelo Esidlulela Ngalé Kwemingcele Yenkolo
  • “Nkosi, Sifundise Ukuthandaza”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • “Mawufike Umbuso Wakho”—Umthandazo Ophindaphindwa Izigidi Zabantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Lokho Umthandazo WeNkosi Okushoyo Kuwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Phila Ngokuvumelana Nomthandazo Oyisibonelo—Ingxenye 1
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 1/1 kk. 4-5

Isicelo Esenziwa Emhlabeni Wonke

AKE ucabange ngamakhulu ezigidi, ngisho nezinkulungwane zezigidi zabantu, bonke becela into eyodwa. Bacela egunyeni eliphakeme kunawo wonke endaweni yonke ukuba liphendule isicelo esithile. Kodwa, bayidlanzana kuphela kubo abaziyo ngempela ukuthi yini lena abayicelayo. Ingenzeka ngempela into enjalo? Empeleni yenzeka nsuku zonke. Yini lena ecelwa yibo bonke laba bantu? Ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze!

Okunye ukulinganisela kubonisa ukuthi kunezinkolo ezingaba ngu-37 000 ezithi zingezobuKristu, ezithi uJesu Kristu ungumholi wazo. Lezo zinkolo zinamalungu angaphezu kwezinkulungwane eziyizigidi ezimbili. Inani elikhulu lawo lithandaza lokho okuthiwa uBaba Wethu noma uMthandazo WeNkosi. Ingabe uyawazi lo mthandazo? Njengoba uJesu awufundisa abalandeli bakhe, uqala ngale ndlela: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.

Manje sekungamakhulu eminyaka abakhulekeli bephindaphinda la mazwi ngenkuthalo emasontweni. Amaqembu emikhaya nabantu ngabanye baye bawasho ngekhanda, ngezikhathi ezinzima nezimnandi. La mazwi baye bawasho ngobuqotho ngisho nangomuzwa ojulile. Abanye abaningi baye bawabamba ngekhanda futhi bawasho ngaphandle kokucabanga ngencazelo yawo. Akuwona nje la malungu eLobukholwa kuphela aye athemba ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzokuza futhi awuthandazelayo.

Isicelo Esidlulela Ngalé Kwemingcele Yenkolo

Umthandazo odumile wokholo lwamaJuda yi-Kaddish yabazilile. Nakuba ungahlobene nokufa noma ukuzila, uvame ukushiwo ngezikhathi zokufelwa. Lo mthandazo uthi: “Kwangathi [uNkulunkulu] angamisa uMbuso wakhe ngenkathi yokuphila kwakho . . .  ngokushesha.”a Omunye umthandazo wasendulo wasesinagogeni ukhuluma ngethemba loMbuso KaMesiya ovela endlini kaDavide.

Abanye abangekho ezinkolweni zobuKristu bawuthole ukhanga umqondo woMbuso kaNkulunkulu. Ngokwe-Times of India, umholi odumile wenkolo yamaNdiya wangekhulu le-19, owayefuna ukuhlanganisa ubuHindu, ubuSulumane nobuKristu, wathi: “Umbuso kaNkulunkulu wangempela ngeke uze ngaphandle kokuba intshonalanga nempumalanga kuhlangane.” Futhi muva nje umphathi wekolishi lobuSulumane eStrathfield, e-Australia, ubhalele iphephandaba elithile: “Njengawo wonke amaSulumane, ngikholelwa [ukuthi] uJesu uzobuya amise uMbuso kaNkulunkulu wangempela.”

Ngaphandle kokungabaza, labo abathemba futhi abathandazela uMbuso kaNkulunkulu babalelwa ezinkulungwaneni eziyizigidi. Kodwa ake ucabange ngeqiniso elithakazelisayo.

Cishe uyazi ukuthi thina oFakazi BakaJehova, abashicileli balo magazini, singena indlu ngendlu emphakathini wenu ukuze sixoxe nabantu ngeBhayibheli. Njengamanje, lo msebenzi siwenza emhlabeni wonke, emazweni angu-236 ngezilimi ezingaphezu kuka-400. Isihloko sokushumayela kwethu uMbuso kaNkulunkulu. Empeleni, phawula ukuthi isihloko esiphelele salo magazini sithi INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova. Sivame ukubuza abantu ukuthi bayawuthandazela yini lowo Mbuso. Abaningi baphendula ngoyebo. Nokho, lapho bebuzwa ukuthi uyini lowo Mbuso, abaningi baphendula ngokuthi, “Angazi,” noma baphendula ngendlela engacacile nengaqiniseki.

Kungani abantu abaningi kangaka becela into abangenakukwazi ukuyichaza? Ingabe kungenxa yokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyinto eyinkimbinkimbi, engaqondakali? Cha. UMbuso uchazwa kahle nangokucacile eBhayibhelini. Ngaphezu kwalokho, isigijimi seBhayibheli ngoMbuso singakunika ithemba langempela kulezi zikhathi ezinzima. Esihlokweni esilandelayo, sizobona ukuthi iBhayibheli lilichaza kanjani lelo themba. Siyobe sesibona ukuthi umthandazo kaJesu wokuthi uMbuso uze uyophendulwa nini.

[Umbhalo waphansi]

a Njengomthandazo oyisibonelo owenziwa uJesu, i-Kaddish yabazilile nayo icela ukuba igama likaNkulunkulu lingcweliswe. Nakuba kuphikiswana ngokuthi i-Kaddish yasungulwa ngesikhathi sikaJesu noma ngaphambi kwalokho, akufanele kusimangaze ukufana kwale mithandazo. Umthandazo kaJesu wawungahloselwe ukuba yinto entsha noma eyingqayizivele. Isicelo ngasinye sasisekelwe ngokuphelele emiBhalweni wonke amaJuda ayenayo ngaleso sikhathi. UJesu wayekhuthaza amaJuda akubo ukuba athandazele izinto okwakufanele ngabe ayesezithandazela kakade.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela