Izwi LikaJehova Akwenzeki Lingagcwaliseki
“Akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini.”—JOSHUWA 23:14.
1. Wayengubani uJoshuwa, futhi wenzani lapho esezokufa?
WAYENGUMKHUZI wempi onamandla nonesibindi, indoda yokholo neqotho. Wahamba noMose futhi wakhethwa uJehova ngokwakhe ukuba ahole isizwe sakwa-Israyeli ehlane elesabekayo asingenise ezweni eligeleza ubisi noju. Lapho esezokufa lo muntu ohlonishwa kakhulu, uJoshuwa, wanikeza amadoda amadala akwa-Israyeli inkulumo yokuvalelisa eshukumisayo. Akungabazeki ukuthi leyo nkulumo yaqinisa ukholo lwalabo ababemlalele. Ingaluqinisa nolwakho.
2, 3. Lapho uJoshuwa ekhuluma namadoda amadala akwa-Israyeli, sasinjani isimo kwa-Israyeli, futhi uJoshuwa wathini?
2 Kubone ngeso lengqondo lokhu okuchazwe eBhayibhelini: “Kwathi ngemva kwezinsuku eziningi uJehova enike u-Israyeli ukuphumula kuzo zonke izitha zakhe nxazonke, lapho uJoshuwa esemdala izinsuku sezihambile, uJoshuwa wabiza wonke u-Israyeli, amadoda amadala nezinhloko nabahluleli nezikhulu, wathi kubo: ‘Mina sengigugile, izinsuku zami sezihambile.’”—Joshuwa 23:1, 2.
3 UJoshuwa wayesecela eminyakeni engu-110 ubudala, ephile esikhathini esithakazelisa kakhulu emlandweni wabantu bakaNkulunkulu. Wayezibonele ngawakhe izenzo zikaNkulunkulu zamandla nokugcwaliseka kweziningi zezithembiso zikaJehova. Ngakho, njengofakazi wokuzibonela wayengasho la mazwi ngokukhulu ukuqiniseka: “Nazi kahle ngazo zonke izinhliziyo zenu nangayo yonke imiphefumulo yenu ukuthi akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini. Akuphuthanga nezwi elilodwa kuwo.”—Joshuwa 23:14.
4. UJehova wawathembisani ama-Israyeli?
4 Imaphi amazwi kaJehova ayegcwalisekile osukwini lukaJoshuwa? Sizoxoxa ngezithembiso ezintathu azenza kuma-Israyeli. Okokuqala, uNkulunkulu wayezowakhulula ebugqilini. Okwesibili, wayezowavikela. Okwesithathu, wayezowanakekela. UJehova ubathembise okufanayo abantu bakhe namuhla, futhi siye sabona izithembiso zakhe zigcwaliseka osukwini lwethu. Nokho, ngaphambi kokuba sixoxe ngalokho uJehova aye wakwenza ezikhathini zanamuhla, ake sixoxe ngemisebenzi yakhe osukwini lukaJoshuwa.
UJehova Ukhulula Abantu Bakhe
5, 6. UJehova wawakhulula kanjani ama-Israyeli eGibhithe, futhi lokho kwabonisani?
5 Lapho ama-Israyeli ekhala kuNkulunkulu ngenxa yokugqilazwa kwawo eGibhithe, uJehova wezwa. (Eksodusi 2:23-25) Ekhuluma esihlahleni esivuthayo, uJehova wathi kuMose: “Ngiyehla ukuze ngiyobakhulula [abantu bami] esandleni sabaseGibhithe futhi ngibakhuphule baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelibanzi, ezweni eligeleza ubisi noju.” (Eksodusi 3:8) Yeka indlela okumelwe ukuba kwakuthakazelisa ngayo ukubona uJehova egcwalisa amazwi akhe! Lapho uFaro enqaba ukudedela u-Israyeli aphume eGibhithe, uMose wamtshela ukuthi uNkulunkulu wayezophendula amanzi eNayile abe yigazi. Izwi likaJehova lagcwaliseka. Amanzi oMfula iNayile aphenduka igazi. Izinhlanzi zafa, futhi amanzi awo ayengenakuphuzwa. (Eksodusi 7:14-21) UFaro waqhubeka enenkani, uJehova wayeseletha ezinye izishayo ezingu-9, ngasinye sazo esisho kusengaphambili. (Eksodusi, izahluko 8-12) Ngemva kokuba isishayo seshumi sibulale amazibulo aseGibhithe, uFaro wayala ama-Israyeli ukuba ahambe. Nembala ahamba!—Eksodusi 12:29-32.
6 Lokho kukhululwa kwavula indlela yokuba uJehova enze ama-Israyeli abe isizwe sakhe esikhethiwe. Lokhu kwakhazimulisa uJehova njengoMgcwalisi wezithembiso, ozwi lakhe ligcwaliseka njalo. Kwabonisa ukuthi uJehova mkhulu kunonkulunkulu bezizwe. Ukufunda ngalokho kukhululwa kusiqinisa ukholo. Cabanga ukuthi kumelwe ukuba kwakunjani ukuzibonela mathupha! UJoshuwa wabona ukuthi nakanjani uJehova “ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHubo 83:18.
UJehova Uvikela Abantu Bakhe
7. UJehova wawavikela kanjani ama-Israyeli ebuthweni likaFaro?
7 Kuthiwani ngesithembiso sesibili—sokuthi uJehova wayeyobavikela abantu bakhe? Lesi sithembiso sasiyingxenye yesithembiso sikaJehova sokuthi wayezobakhulula eGibhithe abangenise eZweni Lesithembiso. Khumbula ukuthi uFaro owayethukuthele wajaha u-Israyeli enebutho elinamandla namakhulu ezinqola zempi. Yeka indlela okumelwe ukuba le ndoda ezidlayo yayiqiniseka ngayo, ikakhulukazi lapho ama-Israyeli ebonakala evaleleke phakathi kwezintaba nolwandle! UNkulunkulu wabe esengenela ukuze avikele abantu bakhe, wamisa ifu phakathi kwala makamu amabili. KwabaseGibhithe laba ubumnyama; kuma-Israyeli laba ukukhanya. Ngesikhathi ifu libavimbile abaseGibhithe ukuba bangasondeli, uMose waphakamisa induku yakhe futhi amanzi oLwandle Olubomvu ahlukana phakathi, avulela ama-Israyeli indlela eyabaholela ophathe abaseGibhithe. UJehova walibhuqa ibutho likaFaro elinamandla, wavikela abantu bakhe ekunqotshweni okuqinisekile.—Eksodusi 14:19-28.
8. UJehova wawavikela kanjani ama-Israyeli (a) ehlane (b) nalapho engena eZweni Lesithembiso?
8 Ngemva kokuwela uLwandle Olubomvu, ama-Israyeli azulazula ezweni elachazwa ngokuthi ‘ihlane elikhulu nelesabekayo, elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nelinomhlabathi owomile ongenawo amanzi.’ (Duteronomi 8:15) Nalapha uJehova wabavikela abantu bakhe. Kuthiwani ngokungena kwabo eZweni Lesithembiso? Amabutho amaKhanani anamandla amelana nabo. Noma kunjalo, uJehova wathi kuJoshuwa: “Suka, uwele leli Jordani, wena naso sonke lesi sizwe, ungene ezweni engisinika lona, engilinika abantwana bakwa-Israyeli. Akekho oyokuma aqine phambi kwakho zonke izinsuku zokuphila kwakho. Ngizoba nawe njengoba nje ngaba noMose. Ngeke ngikulahle noma ngikushiye ngokuphelele.” (Joshuwa 1:2, 5) Lawo mazwi kaJehova agcwaliseka. Ingakapheli neminyaka engaba yisithupha, uJoshuwa wanqoba amakhosi angu-31 futhi wathatha ingxenye enkulu yeZwe Lesithembiso. (Joshuwa 12:7-24) Wayengeke akwazi ukunqoba ngaphandle kwesivikelo nokunakekela kukaJehova.
UJehova Unakekela Abantu Bakhe
9, 10. UJehova wabanakekela kanjani abantu bakhe ehlane?
9 Manje masixoxe ngesithembiso sesithathu sokuthi uJehova wayeyobanakekela abantu bakhe. Ngemva nje kokuwakhulula eGibhithe, uNkulunkulu wathembisa ama-Israyeli: “Bheka ngininisela isinkwa esivela emazulwini; abantu kumelwe baphume babuthe yilowo nalowo isilinganiso sakhe sosuku nosuku.” Nangempela, uNkulunkulu wabanika leso ‘sinkwa esivela ezulwini.’ “Lapho abantwana bakwa-Israyeli [besibona], bathi omunye komunye: ‘Kuyini lokhu?’” Kwakuyimana, isinkwa uJehova ayebathembise sona.—Eksodusi 16:4, 13-15.
10 Iminyaka engu-40 ehlane, uJehova wawanakekela ama-Israyeli ewanika ukudla namanzi. Waqinisekisa nokuthi iziphuku zawo azigugi nokuthi izinyawo zawo azivuvukali. (Duteronomi 8:3, 4) UJoshuwa wakubona konke lokhu. UJehova wabakhulula, wabavikela futhi wabanakekela abantu bakhe, njengoba nje ayebathembisile.
Ukukhululwa Ezikhathini Zanamuhla
11. Yini eyenzeka eBrooklyn, eNew York, ngo-1914, futhi kwase kufike isikhathi sani?
11 Kuthiwani ngesikhathi sethu? Ngo-October 2, 1914, kuwuLwesihlanu ekuseni, uCharles Taze Russell, owayengoholayo phakathi kwabaFundi BeBhayibheli ngaleso sikhathi, wangena endlini yokudlela eBethel eBrooklyn, eNew York. Wabingelela umkhaya waseBethel ngenjabulo. Ngaphambi kokuba ahlale phansi, wenza isaziso eneme: “IZikhathi Zabezizwe ziphelile; amakhosi azo abusile.” Sase sifikile futhi isikhathi sokuba uJehova, uMbusi wendawo yonke, alwele abantu bakhe. Futhi wenza kanjalo!
12. Ikuphi ukukhululwa okwenzeka ngo-1919, futhi kwavula indlela yani?
12 Eminyakeni emihlanu nje kamuva, uJehova wakhulula abantu bakhe ‘eBhabhiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe onamandla wenkolo yamanga. (IsAmbulo 18:2) Bambalwa kithi ababephila ngaleso sikhathi abazibonela lokho kukhululwa okuvusa amadlingozi. Kodwa imiphumela yako siyayibona ngokucacile. UJehova wakuvuselela ukukhulekela okuhlanzekile futhi wahlanganisa abantu ababelangazelela ukumkhulekela. Lokhu kwakubikezelwe ngomprofethi u-Isaya: “Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova iyomiswa iqine ibe ngaphezu kwesiqongo sezintaba, futhi ngokuqinisekile iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma; zonke izizwe ziyogobhozela kuyo.”—Isaya 2:2.
13. Ikuphi ukwanda oye wakubona phakathi kwabantu bakaJehova?
13 Amazwi ka-Isaya agcwaliseka. Ngo-1919 insali egcotshiwe yaqala umkhankaso wokufakaza ngesibindi emhlabeni wonke owaphakamisa ukukhulekelwa kukaNkulunkulu weqiniso. Ngawo-1930, kwaba sobala ukuthi kwakubuthwa “ezinye izimvu.” (Johane 10:16) Abasekela ukukhulekela okuhlanzekile baqala beyizinkulungwane, base beba amakhulu ezinkulungwane, futhi manje sebeyizigidi! Embonweni owanikezwa umphostoli uJohane, bachazwa ngokuthi ‘isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, esiphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.’ (IsAmbulo 7:9) Yini wena oyibonile osukwini lwakho? Babebangaki oFakazi BakaJehova emhlabeni lapho uqala ukufunda iqiniso? Namuhla, labo abakhonza uJehova bangaphezu kuka-6 700-000. Ngokukhulula abantu bakhe eBhabhiloni Elikhulu, uJehova wavula indlela yokuba kube nokwanda okumangalisayo esikubonayo embulungeni yonke.
14. Ikuphi ukukhululwa okuseza?
14 Kunesinye isenzo sokukhulula esiseza—esiyohilela wonke umuntu osebusweni bomhlaba. Ebonakalisa amandla akhe ngendlela emangalisayo, uJehova uyobhubhisa bonke abamelana naye, futhi akhulule abantu bakhe bangene ezweni elisha okuyohlala kulo ukulunga. Yeka ukuthi kuyojabulisa kanjani ukubona ububi buphela futhi kuqala inkathi ekhazimula kakhulu kuwo wonke umlando wabantu!—IsAmbulo 21:1-4.
Ukuvikelwa UJehova Namuhla
15. Kungani kuye kwadingeka ukuba uJehova avikele abantu bakhe ezikhathini zanamuhla?
15 Njengoba sibonile, ama-Israyeli osuku lukaJoshuwa ayedinga isivikelo sikaJehova. Kuhlukile yini ngabantu bakaJehova namuhla? Lutho neze! UJesu waxwayisa abalandeli bakhe: “Abantu bayoninikela osizini banibulale, futhi niyoba yizinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” (Mathewu 24:9) Phakathi neminyaka, oFakazi BakaJehova emazweni amaningi baye bakhuthazelela ukuphikiswa okubuhlungu nokushushiswa ngonya. Noma kunjalo, uJehova uye waba nabantu bakhe. (Roma 8:31) IZwi lakhe liyasiqinisekisa ukuthi akukho lutho—‘akukho sikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nathi’— esiyomisa umsebenzi wethu wokushumayela ngoMbuso nokufundisa.—Isaya 54:17.
16. Ibuphi ubufakazi oye wabubona bokuthi uJehova uyabavikela abantu bakhe?
16 Naphezu kwenzondo yezwe, abantu bakaJehova baye bachuma. OFakazi BakaJehova bayanda emazweni angu-236—ubufakazi obuqand’ ikhanda ngempela bokuthi uJehova unathi ukuze asivikele kulabo abafuna ukusiqeda noma ukusithulisa. Akhona yini amagama abaholi abanamandla bezombangazwe noma bezenkolo owakhumbulayo ababacindezela kabuhlungu abantu bakaNkulunkulu osukwini lwakho? Yini eyenzeka kubo? Bakuphi sikhuluma nje? Abaningi baye bathotshiswa baba yize njengoba nje kwenzeka kuFaro ezinsukwini zikaMose noJoshuwa. Kuthiwani ngezinceku zikaNkulunkulu zanamuhla ezife zithembekile? Zivikelekile enkumbulweni kaJehova. Ayikho enye indawo elondeke ukudlula leyo. Ngokusobala, uJehova uwagcwalisile amazwi akhe endabeni yokuvikela.
UJehova Unakekela Abantu Bakhe Namuhla
17. UJehova wabanikeza siphi isiqinisekiso abantu bakhe ngokuqondene nokudla okungokomoya?
17 UJehova wanakekela abantu bakhe ehlane, futhi usabanakekela nanamuhla. “Inceku ethembekileyo neqondayo” iyasondla ngokomoya. (Mathewu 24:45) Sithola ulwazi lwamaqiniso angokomoya ayegcinwe eyimfihlo amakhulu eminyaka. Ingelosi yatshela uDaniyeli: “Yenza la mazwi abe yimfihlo futhi uyivale incwadi, kuze kube isikhathi sokuphela. Abaningi bayozulazula, futhi ulwazi lweqiniso luyoba luningi.”—Daniyeli 12:4.
18. Kungani kungase kuthiwe ulwazi lweqiniso luningi namuhla?
18 Manje siphila esikhathini sokuphela, futhi ulwazi lweqiniso luningi ngempela. Emhlabeni wonke, umoya ongcwele uye waholela abathandi beqiniso olwazini olunembile lukaNkulunkulu weqiniso nezinjongo zakhe. AmaBhayibheli athe chithí saka emhlabeni namuhla, futhi kunjalo nangezincwadi ezisiza abantu baqonde amaqiniso ayigugu aqukethwe iBhayibheli. Ngokwesibonelo, cabanga ngokuqukethwe incwadi eyinsiza-kutadisha ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a Phakathi kwezahluko zayo kunezithi: “Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?,” “Bakuphi Abafileyo?,” “Uyini UMbuso KaNkulunkulu?,” nesithi “Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?” Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu abaningi becabangisisa ngale mibuzo. Manje izimpendulo zayo zitholakala kalula. Ngisho nangemva kwamakhulu eminyaka okungazi nemfundiso yokuhlubuka yeLobukholwa, iZwi likaNkulunkulu liyanqoba, lisekela bonke abalangazelela ukukhonza uJehova.
19. Iziphi izithembiso zikaNkulunkulu oye wazibona zigcwaliseka, futhi isiphi isiphetho oye wafinyelela kuso?
19 Ngokuqinisekile, kulokhu esiye sakubona ngamehlo ethu, singasho ukuthi: “Akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini. Akuphuthanga nezwi elilodwa kuwo.” (Joshuwa 23:14) UJehova ukhulula, avikele futhi anakekele izinceku zakhe. Sikhona yini isithembiso sakhe ongathi asigcwalisekanga ngesikhathi sakhe asimisile? Asikho. Ngokuhlakanipha, sithembela eZwini likaNkulunkulu elinokwethenjelwa.
20. Kungani singase sibheke ikusasa ngokuqiniseka?
20 Kuthiwani ngekusasa? UJehova uye wasitshela ukuthi iningi lethu lingaba nethemba lokuphila emhlabeni oguqulwe waba ipharadesi elijabulisayo. Abambalwa kithi banethemba lokubusa noKristu ezulwini. Kungakhathaliseki ukuthi sinaliphi ithemba, sinesizathu esizwakalayo sokuhlala sithembekile njengoJoshuwa. Luyeza usuku lapho ithemba lethu liyogcwaliseka khona. Khona-ke, siyocabanga ngazo zonke izithembiso uJehova azenzile, futhi nathi siyothi: ‘Zigcwalisekile zonke.’
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ungachaza?
• Iziphi izithembiso zikaJehova uJoshuwa azibona zigcwaliseka?
• Iziphi izithembiso zikaNkulunkulu oye wazibona zigcwaliseka?
• Yini esingaqiniseka ngayo ngokuqondene nezwi likaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 23]
UJehova wangenela ukuze akhulule abantu bakhe
[Isithombe ekhasini 23]
UJehova wabavikela kanjani abantu bakhe oLwandle Olubomvu?
[Isithombe ekhasini 24]
UJehova wabanakekela kanjani abantu bakhe ehlane?
[Izithombe ekhasini 25]
UJehova uyabanakekela abantu bakhe namuhla