Ukunqoba Izinselele Zokuhambisa Izindaba Ezinhle
ILOLI lethu lisondela endaweni yokusesha enamadoda ahlomile angaba ngu-60, abesifazane nentsha. Abanye bagqoke iyunifomu; abanye bagqoke ezivamile. Abaningi bavilizisa izibhamu zabo. Babonakala besilindele. Sikhuluma nje kunezinxushunxushu kule ndawo.
Sesinezinsuku ezine sisemgwaqweni, sithwele izincwadi zeBhayibheli ezingamathani ayishumi. Siyazibuza ukuthi bazosivumela yini ukuba sidlule. Bazofuna imali yini? Kungase kuthathe isikhathi esingakanani ukubenza bakholwe ukuthi sihamba ngokuthula?
Enye indoda elokhu idlala ngesibhamu sayo idubula emoyeni ukuze isibonise ukuthi yiyona engumakhonya. Ibona omakhalekhukhwini bethu bese isiyala ukuba siyinikeze bona. Njengoba sinqikaza, isibonisa ukuthi izosinquma oqhoqhoqho, kuvele kusicacele-ke nathi ukuthi kuzokwenzekani uma sidaza inkani. Sibe sesiyinikeza omakhalekhukhwini labo.
Kuthi kusenjalo owesifazane othile ogqoke iyunifomu athathe isibhamu sakhe eze ngakithi. Nguye “ongunobhala” futhi naye ufuna simnike okuthile. Ukuphila kunzima, futhi “isipho” esincane singaba usizo kabi. Elinye isosha libe selivula ithange lethu lika-diesel ukuze liyethe ekanini layo. Lingenandaba nokuzikhalela kwethu, lithi limane lenza elikuyaliwe. Ayikho into esingayenza. Sesifisa nje ukuthi nabanye bangacabangi ukwenza okufanayo.
Makhathaleni bayasivulela siqhubeke nohambo lwethu. Kuthi gidi kimi nakuzakwethu. Isimo besishubile, kodwa sesizijwayele lezi zindawo zokusesha ezethusayo. Phakathi kuka-April 2002 no-January 2004, sahamba izikhathi ezingu-18 sisuka ethekwini laseDouala, eCameroon, siya eBangui, inhloko-dolobha yeCentral African Republic. Uhambo ngalunye olungamakhilomitha angu-1 600 luhlale lugcwele izingozi nezinto ezimangazayo.a
UJoseph no-Emmanuel, abashayeli asebeyihambe kakhulu le ndlela bayachaza: “Le ndlela isisifundise izinto eziningi. Kuwukuhlakanipha ukuthandaza njalo buthule bese uzola. Umhubi wabhala: ‘Ithemba lami ngilibeké kuNkulunkulu. Ngeke ngesabe. Umuntu wasemhlabeni angangenzani?’ Nathi sizama ukuba nesimo sengqondo esifanayo. Siyaqiniseka ukuthi uJehova uyazi ukuthi sihamba ngenjongo yokuhambisa isigijimi sethemba esidingeka kakhulu.”—IHubo 56:11.
Imizamo Yomhlaba Wonke Yokulungiselela Ukudla Okungokomoya
Abantu abaningi kule ngxenye ye-Afrika bayathanda ukuzwa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Izincwadi esizihambisayo zenzelwe ukusiza ukwanelisa isidingo sabo esingokomoya. (Mathewu 5:3; 24:14) Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseCameroon eliseDouala njalo linikeza izincwadi ezisiza abamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-30 000 nabantu abathakazelayo baseCameroon nasemazweni amane angomakhelwane.
Lezi zincwadi ziphuma kude. Eziningi zazo zinyatheliswe eFinland, e-Italy, eJalimane, eNgilandi naseSpain, zabe sezihamba ngomkhumbi zisuka eFrance. Ngokuvamile, izincwadi zeBhayibheli zifika ethekwini laseDouala njalo ngemva kwamasonto amabili ngebhokisi elikhulu elithwalwa umkhumbi.
Lelo bhokisi lilayishwa elolini bese liliyisa ehhovisi legatsha. Izisebenzi ezisebenza eMnyango Wokuthumela Izincwadi zihlela izincwadi ngokwezindawo eziya kuzo. Akulula ukuyisa izincwadi ezingxenyeni ezicezile zala mazwe. Kodwa lokho kuyingxenye yomsebenzi wokuyisa izindaba ezinhle “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Ihhovisi legatsha lithembela ezisebenzini zokuzithandela ezizidelayo ezithatha lolu hambo oluyingozi ngamaloli. Lokho kwenza izigidi zabantu abahlala engxenyeni ephakathi ye-Afrika zizithole njalo izincwadi zeBhayibheli.
Ngokuvamile Luba Njani Uhambo?
Izincwadi eziya eCameroon, eChad, e-Equatorial Guinea, eGabon naseCentral African Republic zihanjiswa ngamaloli. Ake sihambisane nelinye iloli nabashayeli balo. Zibone uhlezi nabashayeli futhi zilungiselele uhambo oluvusa amadlingozi lwezinsuku eziyishumi noma ngaphezulu.
Bayisithupha abashayeli abazosizana endleleni. Kumelwe babe namandla, nekhono, nesineke futhi bagqoke ngendlela ehloniphekile. Bagqoka izingubo zabo zomdabu noma ibhulukwe, ihembe nothayi. Izikhulu zasemingceleni ziye zasho lokhu esikhathini esidlule: “Anibheke leli loli elihlanzekile nabashayeli balo abagqoke kahle. Banjengoba nje ubabona ezithombeni ezisezincwadini zabo.” Okubaluleke ngaphezu kokubukeka kwabashayeli ukuzimisela ukuya nomaphi lapho kudingeka baye khona ngenjongo yokukhonza abanye.—IHubo 110:3.
Sisuka eDouala cishe ngehora lesithupha ekuseni, ngemva nje kokuphuma kwelanga, ukuze sigweme isiminyaminya sezimoto kuleli dolobha elikhulayo. Ngemva kokuwela ibhuloho eliseduze kwehhovisi legatsha nokudabula leli dolobha eliphithizelayo, siya ngasempumalanga endaweni yokuqala esiyodiliva kuyo—iYaoundé, inhloko-dolobha yeCameroon.
Bonke abashayeli abayisithupha bangakutshela ukuthi kunzima kanjani ukushayela iloli elithwele izincwadi ezingamathani ayishumi. Izinsuku ezintathu zokuqala sihamba etiyeleni futhi asibi nazo kangako izinkinga, nakuba kudingeka sivule amehlo futhi sinakisise. Kuthi kusenjalo liyithele. Kusukela lapha, imigwaqo iwubhuqu. Akusabonakali kahle, umgwaqo uyashelela futhi kufanele sihambe kancane ngoba umgwaqo unezikhinsi. Sekuyahwalala. Sekuyisikhathi sokuma, sithole ukudla futhi sizame ukulala izinyawo zethu sizibeke kuyi-dashboard. Kunjalo-ke ukuphila uma uthatha lolu hambo!
Entathakusa ngakusasa, kuyasuka futhi lokho. Omunye umshayeli usiza ngokubheka isimo somgwaqo. Usixwayisa kusenesikhathi uma kwenzeka sihambela eduze kakhulu nomsele oseceleni komgwaqo. Abashayeli bazi kahle ukuthi uma nje iloli lingangena kulo msele, kungathatha izinsuku ukulikhipha. Umgwaqo mubi nangale komngcele ongena eCentral African Republic. Amakhilomitha angu-650 sihamba endaweni enhle enohlaza namagquma. Izingane, abantu asebekhulile nomama abatete abantwana bonke bayasivayizela njengoba sihamba kancane sidlula izindawo abahlala kuzo. Ngenxa yezinxushunxushu zombango ezikhona, uhlangana nezimoto ezimbalwa emgwaqweni, ngakho abantu basibuka ngokumangala.
Okuhlangenwe Nakho Okujabulisayo
UJanvier, omunye wabashayeli, usitshela ukuthi naphezu kwesikhathi esincane abanaso, ngokuvamile bayama emizaneni ukuze bathi ukuphumula futhi basakaze izincwadi zeBhayibheli. Uyakhumbula: “EBaboua kunesisebenzi sasesibhedlela esabonisa isithakazelo esikhulu esigijimini soMbuso esizama njalo ukukhuluma naso futhi sisiqhubele isifundo seBhayibheli esifushane. Ngolunye usuku saze sasibonisa i-video kaNowa nomkhaya waso. Kwafika abangane nomakhelwane, futhi kungakabiphi indlu yaso yase igcwele izibukeli ezijabule. Bonke babeke bezwa ngoNowa futhi lokho kwenza ukuba bakwazi ukuhambisana kahle nendaba yakhe njengoba idlala. Kwakuthinta inhliziyo ukubona indlela ababenokwazisa ngayo. Ngemva kwalokho, bahlela ukuba kube nesidlo esikhethekile ukuze babonise ukubonga kwabo basincenga nokuba silale. Isikhathi sasingasivumeli ngakho kwadingeka siqhubeke nohambo lwethu olude, kodwa sasijabule ngokuthi sasikwazile ukuhlanganyela izindaba ezinhle nalaba bantu abathobekile.”
Omunye umshayeli, u-Israel, ukhumbula okwenzeka kolunye uhambo belibangise eBangui, indawo esiqonde kuyo manje. Uyalandisa: “Lapho sesizofika eBangui, savinjwa ezindaweni eziningi. Ngenhlanhla, amasosha amaningi ayenomusa futhi elikhumbula iloli lethu njengoba ayelibona kaningi. Asicela ukuba sihlale futhi azithatha ngenjabulo izincwadi zeBhayibheli. Ayayazisa incwadi, ngakho uma eyithola ayibhala igama, usuku negama lomuntu owanikeze yona. Amanye amasosha anezihlobo ezingoFakazi, futhi leso esinye isizathu esenza abe nobungane.”
UJoseph, umshayeli osengumakad’ ebona, ulandisa lokho akujabulela ngokukhethekile ohambweni olunjengalolu—ukufika endaweni esibabele kuyo. Nakhu akukhumbulayo ngolunye uhambo: “Kwathi nje sesizofika eBangui, sathinta abazalwane ngocingo sibatshela ukuthi sesizofika. Basiphelezela njengoba siguduza idolobha, besisiza ngemicikilisho ethile yomthetho. Lapho sifika, bonke ehhovisi legatsha beza bezosibingelela besanga ngothando. Kwafika abanye bezosiza besuka emabandleni aseduze, futhi ngamahora nje ambalwa, sase sidilize amakhulu ngamakhulu amabhokisi ayenamaBhayibheli, izincwadi, izincwajana nomagazini sazibeka edepho.”
UJoseph uyanezela: “Ngezinye izikhathi sasiphatha nezingubo ezinikelwe, izicathulo nezinto zabantwana eziya eDemocratic Republic of Congo engumakhelwane. Yeka indlela okwakujabulisa ngayo ukubona ubuso obumamathekayo balaba bazalwane abanokwazisa!”
Ngemva kokuphumula usuku, silungiselela iloli lethu ukubamba esize ngayo. Silindelwe izinkinga, kodwa okuhlangenwe nakho okujabulisayo esibe nakho kuvele kubenze ize noma ibuphi ubunzima.
Uhambo olude, izikhukhula, imigwaqo emibi, ukuphantshelwa amasondo nokuphukelwa iloli kungase kukhungathekise. Amasosha ayizidlamlilo ayinselele njalo. Kodwa ayikho into eyenza laba bashayeli baneliseke njengokuhambisa izindaba ezinhle zoMbuso ezindaweni ezicezile zase-Afrika nokubona indlela ezikushintsha ngayo ukuphila kwabantu abazamukelayo.
Ngokwesibonelo, ngenxa yokuhambisa lezi zincwadi, esinye isakhamuzi sasemzini ocezile eCentral African Republic eduze komngcele waseSudan sesinenguqulo yamuva yeBhayibheli. Umkaso ufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda futhi abantwana babo bayazuza encwadini ethi Funda KuMfundisi Omkhulu.b Bona nabanye abaningi kula maphandle bathola ukudla okungokomoya njengabafowabo abangamaKristu emadolobheni amaningi amakhulu. Lokhu kuletha ukwaneliseka okukhulu ngempela!
[Umbhalo waphansi]
a Kusukela ngaleso sikhathi, kuningi osekwenziwe ekuthuthukiseni ukuphepha emgwaqweni ophakathi kweDouala neBangui.
b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amabalazwe/Isithombe ekhasini 9]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ICAMEROON
IDouala
ICENTRAL AFRICAN REPUBLIC
IBangui
[Isithombe ekhasini 9]
UJoseph
[Isithombe ekhasini 9]
U-Emmanuel
Isithombe ekhasini 10]
Igatsha laseCentral African Republic, eBangui
[Isithombe ekhasini 10]
Kudilizwa izinto eziselolini eBangui