Ukuphishekela Injongo Yangempela Ekuphileni
“Konke okuphefumulayo—makudumise uJah.”—IHUBO 150:6.
1. Chaza indlela enye insizwa eyayifuna ngayo injongo ekuphileni.
“NGAFUNDELA ubudokotela ngoba ngangifuna ukusebenzisa ukuphila kwami ukuze ngisize abantu. Ngaba nanomuzwa wokuthi ukuba nodumo nemali eningi okutholakala ngokuba udokotela kwakuzongenza ngijabule,” kukhumbula uSeung Jin, owakhulela eKorea.a “Ngadumala lapho ngiqaphela ukuthi kuncane kangakanani ngempela okungenziwa udokotela ukuze asize abanye. Ngabe sengifundela ukudweba, kodwa imidwebo yami yayingabasizi kangako abantu, futhi ngaba nomuzwa wokuthi izuzisa mina kuphela. Ngemva kwalokho ngafundela ukuba uthisha, futhi ngasheshe ngabona ukuthi ngangimane nje ngidlulisela ukwaziswa, hhayi isiqondiso esingaholela enjabulweni yangempela.” Njengabaningi, uSeung Jin wayefuna injongo yangempela ekuphileni.
2. (a) Kusho ukuthini ukuba nenjongo ekuphileni? (b) Sazi kanjani ukuthi uMdali wayenenjongo ngokusibeka lapha?
2 Ukuba nenjongo yangempela ekuphileni kusho ukuba nesizathu sokuphila, umgomo ocacile nento ogxilise amandla akho kuyo. Ingabe abantu bangaba nayo ngempela injongo enjalo? Yebo! Iqiniso lokuthi sanikwa ukuhlakanipha, unembeza nekhono lokucabanga kubonisa ukuthi uMdali wayenenjongo enhle ngokusibeka lapha. Kunengqondo-ke ukuthi singathola futhi sifeze injongo yangempela kuphela ngokuphila ngokuvumelana nenjongo yoMdali.
3. Injongo kaNkulunkulu ngabantu ihilelani?
3 IBhayibheli lembula ukuthi injongo kaNkulunkulu ngathi ihilela izinto eziningi. Ngokwesibonelo, indlela emangalisayo esidalwe ngayo ibonisa kahle ukuthi uNkulunkulu unothando olungenabugovu. (IHubo 40:5; 139:14) Ngakho, ukuphila ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu kusho ukuthanda abanye ngokungenabugovu njengoNkulunkulu. (1 Johane 4:7-11) Kusho nokugcina iziqondiso zakhe ezisisiza ukuba siphile ngokuvumelana nenjongo yakhe yothando.—UmShumayeli 12:13; 1 Johane 5:3.
4. (a) Yini edingekayo ukuze umuntu abe nenjongo yangempela ekuphileni? (b) Iyiphi injongo enhle kunazo zonke umuntu angayiphishekela?
4 Injongo kaNkulunkulu yayihilela nokuba abantu baphile ngenjabulo futhi bahlalisane ngokuthula, bona nayo yonke enye indalo. (Genesise 1:26; 2:15) Nokho, kudingeka senzeni ukuze sizizwe sijabule, silondekile futhi sinokuthula? Njengengane ezizwa ijabule futhi ilondekile lapho yazi ukuthi abazali baseduze, nathi sidinga ukuba nobuhlobo obuhle noBaba wethu wasezulwini ukuze sithole injongo yangempela ekuphileni. (Hebheru 12:9) UNkulunkulu wenza sikwazi ukuba nobuhlobo obunjalo naye ngokusivumela ukuba sisondele kuye nangokuzwa imithandazo yethu. (Jakobe 4:8; 1 Johane 5:14, 15) Uma ‘sihamba noNkulunkulu’ ngokholo futhi sibe abangane bakhe, singamjabulisa futhi simdumise uBaba wethu wasezulwini. (Genesise 6:9; IzAga 23:15, 16; Jakobe 2:23) Leyo injongo enhle kunazo zonke umuntu angayiphishekela. Umhubi wabhala: “Konke okuphefumulayo makudumise uJah.”—IHubo 150:6.
Iyini Injongo Yakho Ekuphileni?
5. Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukwenza izinto ezibonakalayo zize kuqala ekuphileni?
5 Ingxenye yenjongo kaNkulunkulu ngathi iwukuba sizinakekele thina nemikhaya yethu. Lokhu kuhlanganisa ukunakekela izidingo ezingokwenyama nezingokomoya. Nokho, ukwenza lokhu kudinga ukulinganisela ukuze izinto esizithandayo nezisikhathazayo zingasithibezi izinto ezingokomoya ezibaluleke kakhulu. (Mathewu 4:4; 6:33) Kuyadabukisa ukuthi abantu abaningi bagxilisa ukuphila kwabo cishe ekutholeni izinto ezibonakalayo kuphela. Nokho, akukhona ukuhlakanipha ukuzama ukwanelisa zonke izidingo zethu ngezinto ezibonakalayo kuphela. Inhlolovo yamuva yosozigidi eyenziwe e-Asia yembula ukuthi abaningi babo “bazizwa bengalondekile futhi bekhathazekile, naphezu kokuba ingcebo yabo ibenza bahlonishwe emphakathini futhi babe nomuzwa wokuthi bafinyelele okuthile.”—UmShumayeli 5:11.
6. Isiphi iseluleko uJesu asinikeza ngokuphishekela ingcebo?
6 UJesu wakhuluma ‘ngamandla engcebo okukhohlisa.’ (Marku 4:19) Ingcebo ikhohlisa kanjani? Ibonakala yenza umuntu ajabule, kodwa empeleni ayikwenzi. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Umuntu othanda imali akasoze aneliseka ngemali anayo.” (UmShumayeli 5:10, The New English Bible) Kodwa umuntu angakwazi yini ukuphishekela imigomo yezinto ezibonakalayo ngesikhathi esifanayo akhonze uNkulunkulu ngomphefumulo wonke? Cha, akanakukwazi. UJesu wachaza: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, noma anamathele kwenye, adelele enye. Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bangazibekeleli izinto ezibonakalayo emhlabeni, kodwa bazibekelele “ingcebo ezulwini,” okungukuthi, bazenzele igama elihle noNkulunkulu ‘owazi izinto abazidingayo bengakaceli nakucela kuye.’—Mathewu 6:8, 19-25.
7. ‘Singakubambisisa’ kanjani “ukuphila kwangempela”?
7 Labho ebhalela uThimothewu, isisebenzi ayekanye naso, umphostoli uPawulu wanikeza iseluleko esiqinile ngale ndaba. Wamtshela: “Yala labo abacebile . . . ukuba . . . bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinika zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele . . . , babe nesandla esivulekile, belungele ukwabelana izinto nabanye, bezibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila kwangempela.”—1 Thimothewu 6:17-19.
Kuyini “Ukuphila Kwangempela”?
8. (a) Kungani abantu abaningi bephishekela ingcebo nodumo? (b) Yini labo bantu abangayiqapheli?
8 Inkulumo ethi “ukuphila kwangempela” yenza abantu abaningi bacabange ngokuphila kokunethezeka nenjabulo. Omunye umagazini wezindaba wase-Asia uthi: “Labo ababukela amabhayisikobho noma i-TV bagcina sebefisa lokho abakubonayo, bephupha ngezinto abangase babe nazo.” Abantu abaningi benza injongo yabo ekuphileni ibe ukuthola ingcebo nodumo. Abaningi badela ubusha babo, impilo, umkhaya nezindinganiso ezingokomoya ukuze baphishekele lezi zinto. Bambalwa abazinika ithuba lokucabanga ukuthi lezi zinto abazibukelayo zimane nje zibonakalisa “umoya wezwe”—indlela yokucabanga ebusa iningi lezinkulungwane zezigidi zabantu emhlabeni futhi ebashukumisela ukuba benze ngokuphambene nenjongo kaNkulunkulu ngathi. (1 Korinte 2:12; Efesu 2:2) Akumangazi abantu abaningi kangaka bengajabule namuhla!—IzAga 18:11; 23:4, 5.
9. Yini abantu abangasoze bayifeza, futhi ngani?
9 Kuthiwani ngalabo abazidelayo bashikashikele inhlalakahle yabanye, balwele ukuqeda indlala, ukugula nokungabi nabulungisa? Imizamo yabo encomekayo neyokuzidela ngokuvamile yenza lukhulu. Nokho, naphezu kwemizamo yabo emihle kakhulu, abasoze basishintshe lesi simiso sezinto ukuba sibe esingenzeleli nesinokulunga. Ngani? Ngoba empeleni “lonke izwe lisemandleni omubi”—uSathane—futhi akafuni lishintshe.—1 Johane 5:19.
10. Abathembekile bayokuthola nini “ukuphila kwangempela”?
10 Yeka ukuthi kudabukisa kanjani uma umuntu ethembele kuleli zwe kuphela! UPawulu wabhala: “Uma siye sathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kakhulu kunabantu bonke.” Isimo sengqondo sabantu abakholelwa ukuthi lokhu kuphila kuwukuphela kwakho siwukuthi “masidle siphuze, ngoba kusasa sizokufa.” (1 Korinte 15:19, 32) Kodwa sinethemba lekusasa, “amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso [sikaNkulunkulu], futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) Ngaleso sikhathi, amaKristu ayokwazi ukuba ‘nokuphila kwangempela,’ okungukuthi, “ukuphila okuphakade” ephelele, ezulwini noma ngaphansi kokubusa kothando kukahulumeni woMbuso kaNkulunkulu!—1 Thimothewu 6:12.
11. Kungani ukusebenzela ukuthuthukisa izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu kunenjongo?
11 NguMbuso kaNkulunkulu kuphela oyozixazulula ngokuphelele izinkinga zesintu. Ngakho, ukusebenzela ukuthuthukisa izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu kuwumsebenzi onenjongo kunayo yonke umuntu angayiphishekela. (Johane 4:34) Lapho senza lo msebenzi, sijabulela ubuhlobo obuyigugu noBaba wethu wasezulwini. Siba nanenjabulo etholakala ngokukhonza nezigidi zabafowethu nodadewethu abangokomoya, abaphishekela injongo efanayo ekuphileni.
Ukuzidela Okufanele
12. Veza umahluko okhona phakathi kokuphila kulesi simiso ‘nokuphila kwangempela.’
12 IBhayibheli lithi izwe lanamuhla “liyadlula, kanjalo nesifiso salo.” Ayikho ingxenye yezwe likaSathane eyosinda, kuhlanganise nodumo nengcebo yalo, “kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:15-17) “Ukuphila kwangempela”—ukuphila okuphakade ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu—akufani nengcebo engaqinisekile, udumo oludlulayo nenjabulo-mbumbulu yalesi simiso, ngoba kuhlala njalo futhi kukufanele ukuzidela kwethu, uma kuwukuzidela okufanele.
13. Ikuphi ukuzidela okufanele okwenziwa omunye umbhangqwana?
13 Cabanga ngoHenry noSuzanne. Bayaqiniseka ngokuphelele ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuthi uyobasiza bonke ababeka uMbuso kuqala ekuphileni kwabo. (Mathewu 6:33) Ngakho, bakhetha ukuhlala endlini engabizi ukuze kungadingeki ukuba bobabili basebenze, kodwa bakwazi ukuchitha isikhathi esengeziwe ezintweni ezingokomoya kanye namadodakazi abo amabili. (Hebheru 13:15, 16) Kwaba nzima ngomunye umngane wabo onezisusa ezinhle ukuqonda isinqumo sabo. Watshela uSuzanne: “S’thandwa sami, uma nifuna ukuba nomuzi omuhle, kuzomelwe nidele okuthile.” Nokho, uHenry noSuzanne babazi ukuthi ukubeka uJehova kuqala “kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:8; Thithu 2:12) Amadodakazi abo akhula aba abashumayeli besikhathi esigcwele abashisekayo. Njengomkhaya, abanawo umuzwa wokuthi baye baphuthelwa okuthile; kunalokho, baye bazuza kakhulu ngokukwenza umgomo wabo ukuphishekela “ukuphila kwangempela.”—Filipi 3:8; 1 Thimothewu 6:6-8.
‘Ungalisebenzisi Leli Zwe Ngokugcwele’
14. Ukukhohlwa injongo yethu yangempela kungaba namiphi imiphumela edabukisayo?
14 Nokho, kuyingozi ngempela ukukhohlwa injongo yethu yangempela bese siyeka ukubambisisa “ukuphila kwangempela.” Sisuke sizifaka engozini ‘yokuthathwa izinkathazo nengcebo nenjabulo yalokhu kuphila.’ (Luka 8:14) Uma singazilawuli izifiso zethu “nezinkathazo zokuphila” singazithola sesingene sagamanxa kulesi simiso sezinto. (Luka 21:34) Kuyadabukisa ukuthi abanye baye babanjwa isifiso esingalawuleki sokufuna ukuceba futhi baye “baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi,” baze balahlekelwa nawubuhlobo babo obuyigugu noJehova. Yeka umphumela odabukisayo wokungaqhubeki ‘bebambisise ukuphila okuphakade’!—1 Thimothewu 6:9, 10, 12; IzAga 28:20.
15. Omunye umkhaya wazuza kanjani ‘ngokungalisebenzisi ngokugcwele izwe’?
15 UPawulu wayala “labo abasebenzisa izwe [ukuba] babe njengalabo abangalisebenzisi ngokugcwele.” (1 Korinte 7:31) UKeith noBonnie basilalela leso seluleko. UKeith uyalandisa: “Ngaba omunye woFakazi BakaJehova lapho nje sengizoqeda ukufundela ukuba udokotela wamazinyo. Kwakukimi ukuthi ngikhethani. Ngangingasebenza isikhathi esiningi futhi ngithole imali eningi, kodwa lokho kwakuyophazamisa ukuphila kwethu okungokomoya. Ngakhetha ukunciphisa isikhathi somsebenzi ukuze ngibe nesikhathi esengeziwe sokunakekela umkhaya wami ngokomoya nangokomzwelo, owagcina usunamadodakazi amahlanu. Nakuba kwakuqabukela sinemali eyengeziwe, safunda ukonga futhi sasihlale sinakho esasikudinga. Sasisondelene, sijabule futhi ekhaya kunemfudumalo. Sonke sagcina sisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Manje, amadodakazi ethu ashadile futhi ajabule, amathathu anezingane. Imikhaya yawo nayo ijabule njengoba iqhubeka ibeka injongo kaJehova kuqala ekuphileni kwawo.”
Ukubeka Injongo KaNkulunkulu Kuqala Ekuphileni Kwakho
16, 17. IBhayibheli linaziphi izibonelo zabantu ababenamakhono, futhi bakhunjulwa ngani?
16 IBhayibheli linezibonelo zabantu abaphishekela injongo kaNkulunkulu nabangazange. Abantu babo bonke ubudala, amasiko nezimo bangafunda kulezi zibonelo. (Roma 15:4; 1 Korinte 10:6, 11) UNimrode wakha imizi emikhulu, enzela ukuphikisana noJehova. (Genesise 10:8, 9) Nokho, abanye abaningi babeyizibonelo ezinhle. Ngokwesibonelo, uMose akazange akwenze kube umgomo wakhe ekuphileni ukugcina isikhundla sakhe njengesicukuthwane saseGibhithe. Kunalokho, wabheka amalungelo akhe angokomoya “njengengcebo enkulu kunemicebo yaseGibhithe.” (Hebheru 11:26) Kungenzeka ukuthi udokotela uLuka wayesiza uPawulu nabanye ezifweni zabo. Kodwa iqhaza elikhulu aba nalo elokuba umshumayeli wevangeli nomlobi weBhayibheli. UPawulu akaziwa njengesazi soMthetho, kodwa njengesithunywa sevangeli, “umphostoli ezizweni.”—Roma 11:13.
17 UDavide ukhunjulwa ngokuyinhloko ‘njengomuntu ovumelana nenhliziyo kaNkulunkulu,’ hhayi njengomkhuzi wamabutho, noma umculi nomqambi wezingoma. (1 Samuweli 13:14) UDaniyeli simazi ngenkonzo yakhe njengomprofethi kaJehova othembekile, hhayi njengesikhulu sikahulumeni waseBhabhiloni; u-Esteri simazi ngesibonelo sakhe sesibindi nokholo, hhayi njengendlovukazi yasePheresiya; uPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane sibazi njengabaphostoli bakaJesu, hhayi njengabadobi abachumayo. Isibonelo esikhulu kunazo zonke esikaJesu ngokwakhe esimbheka ‘njengoKristu,’ hhayi ‘njengombazi.’ (Marku 6:3; Mathewu 16:16) Bonke laba bantu babazi kahle ukuthi noma yimaphi amakhono, izinto noma izikhundla ababenazo, ukuphila kwabo kwakungamelwe kugxile emisebenzini yabo yokuziphilisa, kodwa enkonzweni yabo kuNkulunkulu. Babazi ukuthi injongo enhle nevuza kunazo zonke ababengayiphishekela kwakuwukuba amadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu.
18. Omunye umKristu osemusha wanquma ukukusebenzisa kanjani ukuphila kwakhe, futhi yini ayiqaphela ngokuhamba kwesikhathi?
18 USeung Jin, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, naye wakuqaphela lokhu. Uyachaza: “Kunokusebenzisa wonke amandla ami kwezokwelapha, ekudwebeni noma ekubeni uthisha, nganquma ukusebenzisa ukuphila kwami ngokuvumelana nokuzinikezela kwami kuNkulunkulu. Manje ngikhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabafundisi beBhayibheli, futhi ngisiza abantu ukuba bangene endleleni eya ekuphileni okuphakade. Ngangivame ukucabanga ukuthi ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele kwakungeke kuthakazelise kangako. Manje ukuphila kwami kuthakazelisa kunanini ngaphambili njengoba ngizama ukuthuthukisa ubuntu bami nekhono lami lokusebenzelana nabantu abanamasiko ahlukahlukene. Ngiyabona ukuthi ukwenza injongo kaJehova ibe eyethu kuwukuphela kwendlela yokuba nokuphila okwanelisayo.”
19. Singayithola kanjani injongo yangempela ekuphileni?
19 NjengamaKristu, sibusiswe ngolwazi olusindisa ukuphila nangethemba lensindiso. (Johane 17:3) Ngakho-ke, ‘masingawamukeli umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bese silahlekelwa injongo yawo.’ (2 Korinte 6:1) Kunalokho, masisebenzise izinsuku neminyaka yethu eyigugu ekudumiseni uJehova. Masisabalalise ulwazi oluletha injabulo yangempela manje noluholela ekuphileni okuphakade. Ngokwenza kanjalo, siyobona ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Futhi siyobe sithole injongo yangempela ekuphileni.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
Ungachaza?
• Iyiphi injongo enhle kunazo zonke esingaba nayo ekuphileni?
• Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukuphilela izinto ezibonakalayo?
• Kuyini “ukuphila kwangempela” okuthenjiswa nguNkulunkulu?
• Ukuphila kwethu singakusebenzisela kanjani injongo kaNkulunkulu?
[Izithombe ekhasini 18]
AmaKristu kudingeka enze ukuzidela okufanele