Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 3/15 k. 3
  • Ingabe Kufanele Sikwesabe Ukuza KukaKristu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Sikwesabe Ukuza KukaKristu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuyini Ukuza KukaKristu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Kungenzeka Yini UKristu Abuye Ngaphandle Kokubonwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ukubuya KukaKristu
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Lokho Okuyofezwa Ukuza KukaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 3/15 k. 3

Ingabe Kufanele Sikwesabe Ukuza KukaKristu?

YINI efikayo engqondweni yakho lapho ucabanga ngokuza kukaJesu Kristu? Ingabe ukubheka njengesenzakalo esiyoletha inhlekelele, imbubhiso nesijeziso esintwini? Noma ingabe ulindele ukuba kuqede zonke izinkinga zethu? Ingabe ukuza kukaKristu kuyinto okumelwe yesatshwe? Noma ingabe kufanele sikulangazelele?

Lapho likhuluma ngokuza kukaKristu, iBhayibheli lithi: “Bhekani! Uyeza kanye namafu, wonke amehlo ayombona, . . . zonke izizwe zomhlaba ziyozishaya zilusizi ngenxa yakhe.” (IsAmbulo 1:7) Lokhu kuza kubhekisela ekubonakaleni kukaJesu esikhathini esizayo ezovuza abalungileyo futhi ajezise ababi.

Umphostoli uJohane akazange akwesabe ukuza kukaKristu, kunalokho wabheka phambili kuleso senzakalo. Ngemva kokuthola isambulo ngalokhu kuza nangalokho okuyokusho ngomhlaba, wathandaza ngobuqotho: “Woza, Nkosi Jesu.” (IsAmbulo 22:20) Pho, kungani ‘zonke izizwe zomhlaba zizishaya zilusizi ngenxa yakhe’? “Wonke amehlo” ayombona ngayiphi indlela? Ukuza kukaKristu kuyofezani? Ukuba nokholo kukho kusizuzisa kanjani manje? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula le mibuzo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela