Kungani Kufanele Ugweme Ukweqisa?
UJEHOVA uyisibonelo esihle kakhulu sokulinganisela. “Uphelele umsebenzi wakhe” futhi ubulungisa bakhe abunalo neze ukhahlo ngoba njalo buhambisana nesihe. (Duteronomi 32:4) Uthando lwakhe lunezimiso, ngoba wenza ngokuvumelana nemithetho ephelele. (IHubo 89:14; 103:13, 14) Abazali bethu bokuqala babedalwe benokulinganisela kuzo zonke izici. Babengathambekele kunoma ikuphi ukweqisa. Nokho, ukungena kwesono kwabangela “isici”—ukungapheleli—esenza ukuba kungabikho ukulinganisela.—Duteronomi 32:5.
Ngokwesibonelo: Wake wagibela emotweni noma ebhayisikilini elinesondo elinebhamuza elikhulu? Akungabazeki ukuthi lokho kwenza lolo hambo lwaba buhlungu futhi lwangaphepha. Kungadingeka lelo sondo lilungiswe ngaphambi kokuba lonakale kakhulu noma liphantshe. Ngokufanayo, ubuntu bethu obungaphelele buvame ukwedlulela ezicini ezithile. Uma sivumela lawo “mabhamuza” ukuba akhule, uhambo lwethu ekuphileni lungaba nzima kakhulu, luze lube nayingozi.
Ngezinye izikhathi izimfanelo zethu ezinhle zingaba ezeqisayo. Ngokwesibonelo, nakuba eMthethweni KaMose kwakudingeka ukuba ama-Israyeli enze izinsephe ezingutsheni zawo, befuna ukugqama esixukwini, abaFarisi bosuku lukaJesu ‘bandisa izinsephe zezingubo zabo’ ngokweqile. Isisusa sabo sasiwukuba babukeke bengcwele kakhulu kunabanye abantu.—Mathewu 23:5; Numeri 15:38-40.
Namuhla abanye abantu benza konke abangakwenza ukuze banakwe, baze bashaqise nabanye. Empeleni lokhu kungase kube isaziso esithi: “Ngiboneni phela! Nami ngingumuntu njengabanye!” Kodwa ukweqisa ezintweni esizigqokayo, esimweni sengqondo nakulokho esikwenzayo ngeke kuzanelise izidingo zangempela zomKristu.
Umbono Onokulinganisela Ngomsebenzi
Kungakhathaliseki ukuthi singobani nokuthi sihlalaphi, umsebenzi omuhle uyinto eyenza ukuphila kwethu kube nenjongo. Sadalelwa ukuba sithole injabulo emsebenzini. (Genesise 2:15) Yingakho iBhayibheli libulahla ubuvila. Umphostoli uPawulu wathi: “Uma umuntu engafuni ukusebenza, makangadli futhi.” (2 Thesalonika 3:10) Ngempela, isimo sengqondo sokuvilapha ngeke nje sigcine ngokwenza umuntu abe mpofu futhi angajabuli kodwa siyomlahlekisela nomusa kaNkulunkulu.
Abaningi benza okuhlukile kulokhu beqise, babe imilutha yomsebenzi futhi ngokuzithandela babe izigqila zawo. Njengoba behamba ekhaya ekuseni kakhulu futhi babuye ebusuku kakhulu, bangase bathi umsebenzi wabo uzuzisa kakhulu imikhaya yabo. Nokho, empeleni imikhaya yabo ingase ihlupheke ngenxa yalokho kuzinikela kwabo emsebenzini. Enye inkosikazi enomyeni ovame ukuchitha amahora amaningi emsebenzini ithi: “Ngingancamela ukungabi nazo zonke lezi zinto ezikule ndlu enhle kangaka ukuze nje ngibe nesikhathi nomyeni wami lapha nabantwana bethu.” Labo abakhetha ukusebenza ngokweqile kufanele bacabangisise ngokwabonwa iNkosi uSolomoni: “Mina, yebo, mina, ngaphendukela kuyo yonke imisebenzi yami izandla zami ezaziyenzile nasemsebenzini onzima engangisebenze kanzima ukuba ngiwufeze, futhi, bheka! konke kwakuyize nokulwela ukufica umoya.”—UmShumayeli 2:11.
Yebo, maqondana nomsebenzi kumelwe sikugweme kokubili ukweqisa. Singaba izisebenzi ezikhuthele, kuyilapho sikhumbula ukuthi ukuba izigqila zomsebenzi kuyosiphuca injabulo futhi mhlawumbe nokunye okuningi.—UmShumayeli 4:5, 6.
Gwema Imibono Eyeqisayo Ngenjabulo
Libikezela ngesikhathi sethu, iBhayibheli lathi: “Abantu bayokuba . . . abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:2, 4) Ukuphishekela injabulo sekuye kwaba elinye lamathuluzi kaSathane eliphumelela kakhulu lokuqhelelanisa abantu noNkulunkulu. Kuyachuma ukuzitika ngokuzilibazisa nokuzijabulisa, njengokudlala imidlalo eyeqisayo noma eyingozi. Leyo midlalo yanda ngokwengeziwe futhi labo abayidlalayo bayanda. Kungani ithandwa kangaka? Kungenxa yokuthi abantu abaningi abanelisekile ngokuphila kwabo kwansuku zonke, ngakho bafuna ukuzijabulisa okukhulu kakhulu. Kodwa ukuze bahlale bethola leyo njabulo kudingeka bandise izindlela zokufaka ukuphila kwabo engozini. AmaKristu aqotho ayayigwema imidlalo eyingozi ngenxa yokuthi ayasihlonipha isipho esiwukuphila noMuphi waso.—IHubo 36:9.
Lapho uNkulunkulu edala umbhangqwana wokuqala, wawubekaphi? Ensimini yase-Edene, ngolimi lokuqala okusho ukuthi ‘iNjabulo.’ (Genesise 2:8) Kusobala ukuthi ukuphila okujabulisayo kwakuyingxenye yenjongo kaJehova ngabantu.
UJesu wasishiyela isibonelo esiphelele sokuba nombono onokulinganisela ngenjabulo. Wayezinikele ngokugcwele ekufezeni intando kaJehova, futhi akakaze ayeke ukuphila ngemithetho nangezimiso zikaNkulunkulu. Wayezinika isikhathi sokusiza abaswele, ngisho nalapho ekhathele. (Mathewu 14:13, 14) Yiqiniso, uJesu wayeya lapho emenyelwe khona isidlo futhi wayeba nesikhathi sokuphumula nokuqabuleka. Yiqiniso, wayazi ukuthi ezinye izitha zakhe zazimgxeka ngenxa yokwenza lezi zinto. Zathi ngaye: “Bhekani! Umuntu ominzayo nothanda ukuphuza iwayini.” (Luka 7:34; 10:38; 11:37) Kodwa uJesu wayengakholelwa ukuthi ukuzinikela kweqiniso kusho ukungazijabulisi nhlobo ekuphileni.
Kucacile ukuthi sihlakaniphile uma sigwema noma ikuphi ukweqisa ekuzijabuliseni. Ukwenza injabulo nokuzilibazisa kube into eyinhloko ekuphileni ngeke kusilethele injabulo yangempela. Kungenza sizishaye indiva izinto ezibaluleke kakhulu, kuhlanganise nobuhlobo bethu noNkulunkulu. Noma kunjalo, akufanele sizincishe yonke injabulo noma sigxeke abanye abajabulela ukuphila ngokusesilinganisweni.—UmShumayeli 2:24; 3:1-4.
Thola Injabulo Ngokuphila Ngokulinganisela
Umfundi uJakobe wabhala: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jakobe 3:2) Singase sikuthole kuyiqiniso kithi lokhu njengoba sizama ukugwema ukweqisa. Yini engasisiza ukuba sihlale silinganisela? Kudingeka sibone lapho siqine khona nalapho sibuthakathaka khona. Ukwenza lokho akulula. Kungenzeka ukuthi sesiphokophele ekweqiseni okuthile singaqaphile. Ngakho, sihlakaniphile uma sijwayelana namaKristu avuthiwe futhi silalele iseluleko sawo esinokulinganisela. (Galathiya 6:1) Singase sicele leso seluleko kumngane esimethembayo noma kumdala onokuhlangenwe nakho ebandleni. Leso seluleko esisekelwe eBhayibhelini singaba ‘njengesibuko’ sethu esizibuka kuso ukuthi ngokombono kaJehova sisalinganisela ngempela yini.—Jakobe 1:22-25.
Siyajabula ngokuthi akudingeki siphile ukuphila kokweqisa okungagwemeki. Ngokuzimisela nangesibusiso sikaJehova, singaba abalinganiselayo, ngaleyo ndlela sibe abantu abajabulayo. Ubuhlobo bethu nabafowethu nodadewethu abangamaKristu bungathuthuka, futhi singaba yizibonelo ezingcono kakhulu kulabo esishumayela kubo. Ngaphezu kwakho konke, siyosilingisa ngokuseduze kakhulu isibonelo sikaNkulunkulu wethu olinganiselayo nonothando, uJehova.—Efesu 5:1.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 28]
©Greg Epperson/age fotostock