Indoda Nowesifazane—Bayaphelelisana
SELOKHU kwathi nhló, owesilisa nowesifazane balangazelela ukuba ndawonye. Lokhu kwasungulwa uNkulunkulu. UJehova wabona ukuthi kwakungekuhle ukuba umuntu wesilisa wokuqala, u-Adamu, aqhubeke ehlala yedwa. Ngakho wamenzela “umsizi, [ukuze] abe umphelelisi wakhe.”
UJehova wehlisela u-Adamu ubuthongo obukhulu, wathatha olunye lwezimbambo zakhe “wabe eselwakha ubambo . . . lwaba ngowesifazane, wayesemletha kumuntu.” U-Adamu wajabula kakhulu lapho ebona lesi sidalwa esihle uJehova ayesenzile kangangokuthi wathi: “Ekugcineni usekhona oyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” Lona wesifazane ophelele, u-Eva, wayesho ngezici zakhe zobufazi, ethandeka impela. U-Adamu ophelele naye esho ngesithunzi sakhe sobudoda, efanelwa yinhlonipho. Babedalelwene. IBhayibheli lithi: “Yingakho indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.”—Genesise 2:18-24.
Nokho, namuhla imikhaya iyehlukana, futhi ngokuvamile kuba khona oxhashazwayo phakathi kwendoda nowesifazane noma ubuhlobo babo bubuswe ubugovu. Umoya wokuncintisana phakathi kwabo uye waba nomthelela ezingxabanweni nasekungezwanini kwabo. Konke lokhu kuphambene nenjongo kaNkulunkulu ngendoda nowesifazane. Indoda yayiklanyelwe ukuba ifeze indima enhle ngokumangalisayo emhlabeni. Owesifazane kwakumelwe abe nendima eyingqayizivele neyaziswayo ebambisene nomyeni wakhe. Kwakumelwe basebenze ndawonye ngokuzwana. Selokhu kwathi nhló, amadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu baye bazama ngokwethembeka ukufeza izindima uJehova abadalele zona, futhi lokhu kuye kwanezela enjabulweni nasekwanelisekeni kwabo. Iziphi lezo zindima, futhi singazifeza kanjani?
[Isithombe ekhasini 3]
Indoda nowesifazane banezindima ezihloniphekile abaklanyelwe ukuba bazifeze elungiselelweni likaNkulunkulu