Indaba Yokuphila
Ukukhetha Okufanele Kwaholela Ezibusisweni Zokuphila Konke
ILANDISWA UPAUL KUSHNIR
NGO-1897 ugogo nomkhulu bathutha e-Ukraine baya eCanada bafike bahlala eYorkton, eSaskatchewan. Bafika lapho nezingane zabo ezine—abafana abathathu nentombazane eyodwa. Ngazalwa yindodakazi yabo, uMarinka, ngo-1923; ngangingowesikhombisa ekhaya. Ngaleso sikhathi ukuphila kwakulula futhi kunokuthula. Sasidla kahle futhi sinezingubo ezifudumele kanti nohulumeni wayenikeza abantu izinkonzo eziyisisekelo. Omakhelwane babenobuntu besizana ngemisebenzi emikhulu ngaphandle kwenkinga. Ebusika bango-1925, savakashelwa omunye wabaFundi BeBhayibheli, njengoba babaziwa kanjalo oFakazi BakaJehova ngaleso sikhathi. Lokho kuvakashelwa kwasishukumisela ukuba senze izinqumo engizazisa kakhulu namanje.
Sithola Iqiniso LeBhayibheli Ekhaya
Umama wathatha izincwajana ezithile kulo mFundi WeBhayibheli futhi walibona zisuka nje iqiniso. Wathuthuka ngokushesha ngokomoya futhi wabhapathizwa ngo-1926. Lapho umama eba umFundi WeBhayibheli, sonke ekhaya saba nombono omusha ngokuphila. Kwase kuhlala kunabantu ekhaya. Ababonisi abajikelezayo, ababebizwa ngokuthi ama-pilgrim kanye nabanye abaFundi BeBhayibeli babevame ukufikela ekhaya. Ngo-1928 omunye umbonisi ojikelezayo wasibonisa i-“Eureka Drama,” eyi-“Photo-Drama of Creation” eyenziwe lula. Waboleka ithoyizi lethu eliyixoxo elalenza umsindo uma ulicindezela. Lapho elicindezela, kwakusho ukuthi sekuyisikhathi sokushintsha isithombe. Sakujabulela kabi ukuthi sibe negalelo ngokumboleka leli thoyizi!
U-Emil Zarysky, ongumbonisi ojikelezayo, wayevame ukusivakashela afike nomahamba-nendlwana wakhe. Ngezinye izikhathi wayehamba nendodana yakhe endala eyasikhuthaza thina zingane ukuba sicabangele ukuba yizikhonzi zesikhathi esigcwele, noma amaphayona. Maningi amaphayona ake ahlala ekhaya. Ngesinye isikhathi umama waboleka elinye iphayona ihembe njengoba ayesachibiyela elaleli phayona. Lakhohlwa ukulibuyisa lahamba nalo. Lalithumela kamuva laxolisa ngokuligcina isikhathi eside. Labhala: “Bengingenawo amasenti ayishumi esitembu.” Sasifisa sengathi ngabe alilibuyisanga! Ngafisa sengathi nami ngelinye ilanga ngingaba nomoya wokuzidela wala maphayona. Angive ngimbonga umama ngokuba umuntu wabantu ngoba lokho kwakucebisa ukuphila kwethu futhi kwasenza sabathanda abafowethu.—1 Petru 4:8, 9.
Ubaba akazange abe umFundi WeBhayibheli; kodwa wayengasiphikisi. Ngo-1930, waze wavumela abazalwane ukuba basebenzise ishede lakhe elikhulu ukuze kuqhutshelwe kulo umhlangano wosuku olulodwa. Nakuba ngangineminyaka engu-7 kuphela, injabulo nokuhlonipheka okwakukuloya mhlangano kwangihlaba umxhwele. Ubaba washona ngo-1933. Umama, owayesengumfelokazi onezingane ezingu-8 waqhubeka ezama ukusigcina sisendleleni yokukhulekela kweqiniso. Wayeqiniseka ukuthi ngiya naye emihlanganweni. Ngaleso sikhathi, kwakuba sengathi idonsa isikhathi eside, futhi ngifise sengathi ngingayodlala nezinye izingane ezazivunyelwe ukudlala ngaphandle. Kodwa ngoba ngangihlonipha umama ngangihlala. Umama wayevame ukucaphuna umBhalo othile lapho epheka angibuze ukuthi utholakala kuphi eBhayibhelini. Ngo-1933, sathola isivuno esikhulu emasimini futhi umama wathenga imoto ngaleyo mali eyengeziwe esayithola. Abanye omakhelwane babemgxeka bethi udlala ngemali, kodwa yena wayenethemba lokuthi le moto yayizosisiza emisebenzini yethu engokwasezulwini. Wayeqinisile.
Kunabathile Abangisiza Ukuba Ngenze Izinqumo Ezifanele
Kufika isikhathi lapho umuntu osemusha kudingeka enze izinqumo eziyothinta ikusasa lakhe. Lapho leso sikhathi sifikela odadewethu abadala, uHelen noKay, baqala ukuphayona. Elinye iphayona elake lahlala ekhaya kwakunguJohn Jazewsky. Wayeyinsizwa ekahle. Umama wacela uJohn ukuba ake athi ukuhlala kancane asize epulazini. Kamuva uJohn washada noKay futhi bakhonza njengamaphayona budebuduze nasekhaya. Lapho sengineminyaka engu-12 ubudala, bangimema ukuba ngiye nabo ensimini phakathi namaholidi esikole. Lokho kwangisiza nganambitha ukuphayona.
Ngokuhamba kwesikhathi, mina nomfowethu uJohn sakwazi ukuphatha ipulazi ngolwazana esase sinalo. Lokho kwanikeza umama ithuba lokukhonza njengephayona elisizayo ngezinyanga zasehlobo. Wayesebenzisa inqodlana enamasondo amabili edonswa ihhashi lasekhaya elase lizigugele. Ubaba wayelethe igama lokuthi uSaul lelo hhashi eliyisijaka, kodwa lalimthobela umama. Mina noJohn sasilithanda ipulazi kodwa uthando lwethu ngepulazi lwaya ngokuya luncipha kwakhula olwenkonzo yamaphayona ngoba njalo lapho umama ebuya ensimini wayesixoxela okuhlangenwe nakho. Ngo-1938, ngandisa inkonzo yami yasensimini futhi ngo-February 9, 1940, ngabhapathizwa.
Ngemva kwesikhathi esithile, ngamiswa njengenceku yebandla. Nganginakekela amarekhodi ebandla futhi ngijabula lapho ngibona ukwanda okuthile. Nganginensimu yami edolobheni elaliqhele ngamakhilomitha angu-16 ukusuka ekhaya. Ebusika, ngangihamba ngezinyawo masonto onke ngiye khona ngifike ngilale ubusuku obubodwa noma obubili ekamelweni eliphezulu komunye umuzi owawubonise isithakazelo eBhayibhelini. Ngemva kwengxoxo nomshumayeli waseLuthela—engahluleka kuyo ukuba nekhono lokungacasuli—wathi uzongibizela amaphoyisa uma ngingahlukani nezimvu zakhe. Lokho kwamane kwangifaka ugqozi olwengeziwe lokushumayela kuleyo ndawo.
Ngo-1942, udadewethu uKay nomyeni wakhe uJohn benza amalungiselelo okuya emhlanganweni wesigodi eCleveland, e-Ohio, e-United States. Ngajabula kakhulu lapho bengicela ukuthi ngihambe nabo. Ukuba kulowo mhlangano wesigodi ngenye yezinto ezinhle kakhulu ezake zenzeka kimi. Wangenza nganamathela ezinhlelweni zami zekusasa. Lapho uMfoweth’ uNathan Knorr, owayehola umsebenzi womhlaba ngaleso sikhathi, ethi kudingeka amaphayona angu-10 000, ngasenza khona lapho isinqumo sokuba ngomunye wawo!
Ngo-January 1943, uHenry, isikhonzi esijikelezayo, wahambela ibandla lethu. Wasinikeza inkulumo eshukumisayo eyasifaka ugqozi sonke. Ngakusasa kwabanda kwaba ngu-40°C ngaphansi kwezinga-qhwa, futhi umoya onamandla wasenyakatho-ntshonalanga wenza kwabanda nakakhulu. Ngokuvamile asiphumi uma kubanda ngale ndlela, kodwa uHenry wayefuna kabi ukuya enkonzweni. Yena nabanye bahamba ngesihlibhi esidonswa ihhashi benesitofu sezinkuni baya kwenye indawo eqhele ngamakhilomitha angu-11. Mina ngahamba ngedwa ngaya komunye umuzi owawunabafana abahlanu. Bamukela isifundo seBhayibheli futhi ngokuhamba kwesikhathi bamukela iqiniso.
Ukushumayela Ngaphansi Kokuvinjelwa
Umsebenzi woMbuso wavinjelwa eCanada phakathi neMpi Yezwe II. Kwakudingeka sifihle izincwadi zethu zeBhayibheli futhi epulazini zaziziningi izindawo zokuzifihla. Amaphoyisa ayefika njalo kodwa ayengatholi lutho. Lapho sishumayela sasisebenzisa iBhayibheli kuphela. Sasihlangana njengamaqembu amancane futhi mina nomfowethu uJohn sakhethwa ukuba sihambise izincwadi ngomshoshaphansi.
Phakathi nempi, ibandla lethu lahlanganyela emkhankasweni kazwelonke wokusakaza incwajana ethi End of Nazism. Sayisakaza ebusuku kwesikabhadakazi. Uvalo lwalungiqeda lapho sinyonyoba siyoshiya izincwajana emizini yabantu. Lo msebenzi wawethusa kunazo zonke izinto engake ngazenza. Kwathi gidi lapho sihambisa incwajana yokugcina ngci! Sabe sesiphuthuma emotweni, sabalana sathola ukuthi siphelele sashaya sachitha esigayegayeni sobumnyama.
Ukuphayona, Amajele Nemihlangano Emikhulu
Ngo-May 1, 1943, ngavalelisa kumama. Ngahamba ngaya esabelweni sami sokuqala sokuphayona nginama-dollar angu-20 kuphela esikhwameni sami semali nepotimende encane. UMfoweth’ uTom Troop nomkhaya wakhe onothando bangamukela ngezandla ezifudumele emzini wabo eQuill Lake, eSaskatchewan. Ngonyaka owalandela ngaya ensimini ecezile eWeyburn, eSaskatchewan. Ngo-December 24, 1944, ngaboshwa ngesikhathi ngishumayela emgwaqweni. Ngemva kokuhlala isikhashana esithile ejele lendawo ngayiswa ekamu laseJasper, e-Alberta. Nganginabanye oFakazi lapho, sizungezwe ubuhle bendalo kaJehova, izintaba okuthiwa iCanadian Rockies. Ngasekuqaleni kuka-1945, izikhulu zasekamu zasivumela ukuba siye emhlanganweni e-Edmonton, e-Alberta. UMfoweth’ uKnorr wasinikeza umbiko ovusa amadlingozi wentuthuko yomsebenzi womhlaba wonke. Sasilubheke ngabomvu usuku esasiyokhululwa ngalo ukuze sikwazi ukubuye sihlanganyele enkonzweni ngokugcwele.
Ngemva kokukhululwa ngaqhubeka nokuphayona. Ngemva nje kwalokho, kwamenyezelwa ukuthi kuzoba noMhlangano “Wokwanda Ezizweni Zonke” eLos Angeles, eCalifornia. Omunye umzalwane owayeyisakhamuzi endaweni engangiphayona kuyo wafaka izihlalo ezingahlalisa abantu abangu-20 elolini lakhe. Ngo-August 1, 1947, sabhekisa amabombo emhlanganweni. Lolu hambo olungamakhilomitha angu-7 200 lwaba mnandi kakhulu futhi sasidlula izinkangala, izingwadule, izindawo ezinhle, kuhlanganise neziqiwu iYellowstone neYosemite. Lonke lolo hambo lwaba izinsuku ezingu-27 futhi asisoze salukhohlwa!
Umhlangano ngokwawo waba yisibusiso esingasoze sasilibala. Ukuze ngihlanganyele ngokugcwele, ngangiba umlindi emini bese ebusuku ngiba unogada. Ngemva kokuya emhlanganweni wabanesithakazelo sokuba izithunywa zevangeli, ngagcwalisa ifomu kodwa ngingalindele lutho olukhulu. Phakathi naleso sikhathi, ngo-1948, ngavolontiya ukuyokhonza njengephayona esifundeni saseQuebec, eCanada.—Isaya 6:8.
IGileyadi Nangemva Kwayo
Ngo-1949, ngajabula ngafa lapho ngimenyelwa ukuba sekilasini le-14 le-Watchtower Bible School of Gilead. Lokho kuqeqeshwa kwaqinisa ukholo lwami futhi kwangisondeza kuJehova. UJohn noKay bona base bezitholile kakade iziqu ekilasini le-11 futhi base beyizithunywa zevangeli eNyakatho Rhodesia (manje eyiZambia). Umfowethu uJohn wathola iziqu zaseGileyadi ngo-1956. Ekanye nomkakhe uFrieda, wakhonza eBrazil iminyaka engu-32 kwaze kwaba yilapho eshona.
Ngo-February 1950, ngosuku engathweswa ngalo iziqu, ngathola izincwadi ezimbili zocingo (telegram) ezangikhuthaza kakhulu. Enye yayiphuma kumama enye iphuma emkhayeni wakwaTroop eQuill Lake. Eyayiphuma kulo mkhaya yayinesihloko esithi “Iseluleko Esiya Kosethweswe Iziqu.” Yayithi: “Lolu usuku olukhulu kuwe. Usuku oluyohlale luyigugu; kwangathi ungaba nenjabulo nempumelelo ekuphileni.”
Ngathola isabelo sokuyokhonza edolobheni laseQuebec, kodwa ngake ngathi ukusala eKingdom Farm, eNew York State, lapho iSikole SaseGileyadi sasikhona. Ngolunye usuku, uMfoweth’ uKnorr wangibuza ukuthi ngingaya yini eBelgium. Nokho, ngemva kwezinsukwana wangibuza ukuthi ngingaya yini esabelweni esiseNetherlands. Lapho ngithola incwadi yesabelo, yayithi “ngizoba inceku yegatsha.” Kwaphela nasozwaneni.
Ngo-August 24, 1950, ngangena emkhunjini ngahamba izinsuku ezingu-11 ngilibhekise eNetherlands, futhi ngathola isikhathi esiningi sokufunda INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki eyayisanda kukhululwa. Ngafika eRotterdam ngo-September 5, 1950, futhi umkhaya waseBethel wangamukela ngezandla ezifudumele. Naphezu komonakalo owawudalwe iMpi Yezwe II, abazalwane babenze umsebenzi omkhulu ukuze baqale umsebenzi wobuKristu futhi. Lapho ngibalalele bexoxa ngendlela ababugcina ngayo ubuqotho ngaphansi koshushiso olukhulu, ngacabanga ukuthi kwakuzoba nzima ngala bazalwane ukukhonza beqondiswa inceku yegatsha esencane nengenakho okuhlangenwe nakho. Nokho, kwasheshe kwangicacela ukuthi asikho isizathu sokukhathazeka.
Yiqiniso, zikhona izinto ezazidinga ukulungiswa. Ngesikhathi ngifika kwase kusondele umhlangano wesigodi futhi kwangihlaba umxhwele ukubona izinkulungwane zababeze emhlanganweni zilungiselelwe izindawo zokulala enkundleni yomhlangano. Emhlanganweni owalandela ngasikisela ukuba kutholwe izindawo zokulala emizini yabantu. Abazalwane bathi kuwumbono omuhle—kodwa hhayi ezweni lakubo. Ngemva kokubonisana ngale ndaba, savumelana ngokuthi ingxenye yabazalwane abeze emhlanganweni yayizohlala enkundleni yomhlangano enye ihlale emizini yabantu abangebona oFakazi edolobheni elinomhlangano. Ngeqholo ngatshela uMfoweth’ uKnorr ngemiphumela yalokhu lapho eze emhlanganweni. Nokho, amathe abuyela kwasifuba lapho kamuva ngifunda umbiko ngomhlangano wethu wesigodi kuyi-Nqabayokulinda. Lo mbiko wawuthi: “Siyaqiniseka ukuthi esikhathini esizayo abazalwane bazoba nokholo benze amalungiselelo ezindawo zokulala zabeze emhlanganweni endaweni eyoba ngcono kakhulu ukuze bakwazi ukufakaza, emizini yabantu.” “Ngesikhathi esilandelayo” senza lokho kanye!
Ngo-July 1961, abameleli ababili abavela ehhovisi lethu legatsha bamenywa ukuba bathamele umhlangano nabanye abameleli bamagatsha eLondon. UMfoweth’ uKnorr wenza isaziso sokuthi INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yayisizotholakala ngezilimi ezengeziwe, kuhlanganise nesiDashi. Zazijabulisa ngempela lezo zindaba! Kwaba kuhle nje ukuthi sasingazi ukuthi kuwumsebenzi ongakanani lowo. Ngemva kweminyaka emibili, ngo-1963, ngakujabulela ukuba nenkulumo emhlanganweni wesigodi eNew York okwakhululwa kuwo INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiDashi.
Izinqumo Nezabelo Ezintsha
Ngo-August 1961, ngashada noLeida Wamelink. Bonke kubo babethathe amaqiniso ngo-1942 ngesikhathi soshushiso lwamaNazi. ULeida waqala ukuphayona ngo-1950, kwathi ngo-1953 waya eBethel. Indlela ayekhuthele ngayo eBethel nasebandleni yangitshela ukuthi wayezoba umngane okahle enkonzweni yami.
Ngemva nje konyaka sishadile, ngabizwa eBrooklyn ukuze ngibe sesikoleni esithatha izinyanga eziyishumi sokukuqeqeshwa okwengeziwe. Lalingekho ilungiselelo lokuba amakhosikazi ahambe nabayeni. Nakuba ayengenayo impilo enhle, uLeida waba nomusa wavuma ukuba ngisamukele lesi simemo. Kamuva impilo kaLeida yaba yimbi nakakhulu. Sazama ukuqhubeka siyibambile eBethel kodwa ekugcineni sanquma ukuthi kuzoba ngcono ukuqhubeka nenkonzo yethu yesikhathi esigcwele ensimini. Ngakho, saqala ukujikeleza. Ngemva nje kwalokho, kwadingeka umkami ahlinzwe futhi lokho kuhlinzwa kwakubucayi. Abangane abanothando basisekela futhi sakwazi ukubhekana nesimo, futhi ngemva konyaka sakwazi nokwamukela isabelo sokuyokhonza emsebenzini wesigodi.
Sajabulela iminyaka engu-7 yenkonzo evuselela amandla emsebenzini wokujikeleza. Kodwa khona manjalo kwadingeka siphinde senze isinqumo esingelula lapho ngicelwa ukuba ngiyofundisa eSikoleni Senkonzo SoMbuso eBethel. Ngenxa yokuthi sasiyithanda inkonzo yokujikeleza kwakungelula, kodwa savuma. Ukufundisa amakilasi angu-47, ngalinye lithatha amasonto amabili, kwanginikeza ithuba lokujabulela izibusiso ezingokomoya nabadala bamabandla.
Phakathi naleso sikhathi ngangenza amalungiselelo okuyovakashela umama ngo-1978. Kodwa ngo-April 29, 1977, sathola incwadi yocingo esasingayilindele isitshela ukuthi umama ushonile. Kwangiqeda amandla ukucabanga ukuthi ngeke ngisaphinde ngizwe izwi lakhe elinothando noma ngimbonge ngakho konke ayengenzele khona.
Lapho iSikole Senkonzo SoMbuso siphela sacelwa ukuba sibe amalungu omkhaya waseBethel. Eminyakeni eyalandela ngakhonza iminyaka eyishumi njengomqondisi eKomitini Yegatsha. Ngokuhamba kwesikhathi, iNdikimba Ebusayo yamisa umqondisi omusha owayengawuthwala kangcono lo mthwalo wemfanelo. Angive ngikubonga lokho.
Ukwenza Okuvunyelwa Iminyaka Yethu
Mina noLeida sesineminyaka engu-83 ubudala. Ngiye ngakujabulela ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele iminyaka engaphezu kwengu-60, engu-45 yokugcina nginomkami oqotho. Uye wabheka ukungisekela kwakhe kuzo zonke izabelo zami njengengxenye yenkonzo yakhe kuJehova. Okwamanje, senza okusemandleni ethu eBethel nasebandleni.—Isaya 46:4.
Sihlala sihlale sixoxe ngezinto ezikhethekile ezenzeka ekuphileni kwethu. Asizisoli ngalokho esiye sakwenza enkonzweni kaJehova futhi siyaqiniseka ukuthi izinqumo esazenza sisebancane zazizinhle kakhulu. Sizimisele ukuqhubeka sikhonza futhi sidumisa uJehova ngawo wonke amandla ethu.
[Isithombe ekhasini 13]
NginoBill, umfowethu omdala, nehhashi lasekhaya, uSaul
[Isithombe ekhasini 15]
Ngosuku lwethu lomshado, ngo-August 1961
[Isithombe ekhasini 15]
NginoLeida namuhla