Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 10/15 kk. 8-11
  • Ukuthola Ingcebo Engokomoya EGuinea

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthola Ingcebo Engokomoya EGuinea
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Izihlokwana
  • Ingcebo Engokomoya
  • Ukufika Kwengcebo Engokomoya
  • “Izinto Ezifiselekayo” Zenza Izinguquko Ezidingekayo
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 10/15 kk. 8-11

Ukuthola Ingcebo Engokomoya EGuinea

SEKUNGAMAKHULU eminyaka abahloli bamazwe befaka ukuphila kwabo engozini futhi belimala befuna ingcebo. Amaqhawe aya eGuinea, eNtshonalanga Afrika, athola izinhlobo ezimbili zengcebo—engokoqobo nengokomoya. Leli zwe, eligcwele amadayimane, igolide, insimbi ne-bauxite esezingeni elihle kakhulu (okwenziwa ngayo i-aluminium), lihlala abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-9.

Nakuba zingeziningi izinkolo zeLobukholwa kuleli zwe, ukukhulekela kuyinto ebalulekile futhi abaningi bayazisa kakhulu ingcebo engokomoya. Kodwa iyini ngempela le ngcebo? Iyizinceku zikaJehova ezithembekile, ezichazwe kuHagayi 2:7 ‘njengezinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe.’

Ingcebo Engokomoya

Ukugubha ujule emhlabathini ukuze uthole ingcebo efihliweyo kudinga ukuzikhandla okukhulu. Ngokufanayo, kudingeka ukuzikhandla enkonzweni yobuKristu ukuze sithole ingcebo engokomoya. EGuinea, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso waqala enkabazwe ngasekuqaleni kwawo-1950 futhi waze wafinyelela enhloko-dolobha, iConakry, ekuqaleni kwawo-1960. Manje sekunoFakazi BakaJehova abangaba ngu-900 emabandleni nasemaqenjini angu-21 kulo lonke leli.

Ngo-1987 kwafika izithunywa zevangeli futhi zasebenza nokwakuwukuphela kwebandla elalikhona eConakry. Manje sekunezithunywa zevangeli ezingaphezu kwezingu-20 enhloko-dolobha namaphakathi nezwe. Ngentshiseko zakha amabandla futhi zihlanganyela enkonzweni nabazalwane bendawo.

ULuc, ohlala eConakry, wathola injabulo njengoba ayetadisha iBhayibheli no-Albert, udokotela osemncane. U-Albert wayesesonte emasontweni ahlukahlukene efuna inkolo yeqiniso, futhi wayehileleka emikhubeni yokusebenzelana nemimoya. Wayegqoka indandatho ayeyinikwe isangoma esamqinisekisa ngokuthi yayizomlethela izinhlanhla. Ngemva kokudumazeka kaningi lapho efuna inkolo yeqiniso, u-Albert wayilahla indandatho yakhe futhi wathandaza: “Nkulunkulu, uma ukhona, yenza ukuba ngikwazi futhi ngikukhonze. Kungenjalo, ngizovele ngiziphilele ngendlela engithanda ngayo.” Ngokushesha ngemva kwalokho, u-Albert wavakashela udadewabo kwakhe futhi wezwa omunye woFakazi BakaJehova eqhubela umshana wakhe isifundo seBhayibheli. Ngokushesha kwenziwa amalungiselelo okuba uLuc atadishe iBhayibheli naye.

Isonto ngalinye, uLuc wayekujabulela ukuhamba amakhilomitha angaphezu kwamahlanu ukuya kuphela eyoqhuba isifundo. Nakuba uLuc ayengafundile kangako, u-Albert, owayeneziqu zaseyunivesithi, wahlabeka umxhwele ngokholo lwakhe oluqinile emiBhalweni nangokukusebenzisa ngokoqobo lokho kwaziswa. Yeka indlela ajabula ngayo u-Albert lapho ethola ukuthi ukuhlupheka kwesintu akulona iphutha likaNkulunkulu, kodwa ukuthi uJehova uhlose ukuqeda konke ukuhlupheka futhi enze lo mhlaba ube ipharadesi. (IHubo 37:9-11) Amaqiniso eBhayibheli nokuziphatha okuhle akubona phakathi kwamalungu ebandla kwathinta inhliziyo ka-Albert.

Nokho, njengoba nje idayimane elingakenziwa lutho kudingeka lisikwe ingcweti ngobunono ukuze licwebezele, kwakudingeka u-Albert asuse izici zezwe ukuze enze ukuphila kwakhe kuvumelane nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga. Wayeka ukuya ezangomeni, ukusebenzisa kabi uphuzo oludakayo nokugembula. U-Albert wakuthola kuwumqansa ukuyeka ukubhema. Ekugcineni lapho ethandaza kakhulu kuJehova ecela usizo, waphumelela. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, wabhalisa ngokomthetho umshado wakhe. Umkakhe waqala ukutadisha iBhayibheli. Manje bobabili bayizinceku zikaJehova ezibhapathiziwe.

UMartin ungelinye idayimane elingokomoya. Waqala ukutadisha iBhayibheli eGuéckédou ngesikhathi eneminyaka engu-15. Abazali bakhe abangamaKatolika bamelana nokuya kwakhe emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Bashisa izincwadi zeBhayibheli zikaMartin, bamshaya futhi bamxosha nasekhaya. Njengoba nje idayimane lakheka lapho i-carbon ingaphansi komfutho omkhulu, uthando lukaMartin ngamaqiniso eBhayibheli lwaqina ngenxa yokuphikiswa. Ngokuhamba kwesikhathi, isimo sengqondo sabazali bakhe sashintsha futhi wabuyela ekhaya. Yini eyashintsha izinhliziyo zabazali bakhe? Baqaphela umahluko omkhulu ekuziphatheni kukaMartin nokwabafowabo nodadewabo, abase beqale ukuba nomoya wokuvukela futhi behileleka nasekuziphatheni okubi ngokobulili. Eqiniseka ngokuthi inkolo kaMartin entsha yayimzuzisa, uyise wabemukela oFakazi emzini wakhe. Unina uye wababonga ngokuphindaphindiwe abazalwane ngakho konke abaye bakwenza ukuze basize indodana yakhe. UMartin wabhapathizwa eneminyaka engu-18, kamuva waya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo futhi manje ukhonza njengephayona elikhethekile.

Ukufika Kwengcebo Engokomoya

Njengoba iGuinea ithumela kwamanye amazwe amagugu ayo ambiwa phansi, kuye ‘kwafika’ enye ingcebo engokomoya. Abantu abaningi baye bathuthela eGuinea bevela kwamanye amazwe ase-Afrika, ngokuvamile ngenxa yezomnotho. Abanye babalekela izimpi ezinonya futhi ezingapheli.

U-Ernestine, ovela eCameroon, useneminyaka engu-12 ehlala eGuinea. Wafunda noFakazi BakaJehova futhi waya emihlanganweni iminyaka eminingi kodwa engabhapathizwa. Izinyembezi zagcwala amehlo ngenkathi ebona abanye bebhapathizwa emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova ngo-2003. Egajwe umuzwa wecala, wathandaza kuJehova: “Sengineminyaka engu-51 manje, futhi angikaze ngikwenzele lutho oluhle. Ngifuna ukukukhonza.” Ngemva kwalokho, u-Ernestine wenza ngokuvumelana nomthandazo wakhe obonisa ukuthobeka. Wachazela indoda ayehlala nayo ukuthi bangahlala ndawonye uma nje bengashada ngokomthetho. Yavuma futhi kamuva kwehla izinyembezi zenjabulo kuye ngenkathi ebhapathizwa ngo-November 2004.

Kusukela ekuqaleni kwawo-1990, iGuinea iye yamukela izinkulungwane zababaleki abavela eLiberia naseSierra Leone, kuhlanganise nezinceku zikaJehova eziningi. Ngokushesha lapho befika ekamu lababaleki, abazalwane bahlela imihlangano yasikhathi sonke, bahlele umsebenzi wokushumayela futhi bakhe neHholo LoMbuso. Abanye abantu baye baba izinceku zikaJehova khona ekamu. U-Isaac ungomunye walabo. Ngemva kokubhapathizwa kwakhe, kwavela amathuba okuba abuyele esikhundleni sakhe sangaphambili enkampanini enkulu yaseLiberia. Kunokuba abuyele emuva, wakhetha ukuqhubeka eyiphayona elivamile ekamu lababaleki eLainé. Uyachaza: “Akusadingeki ngicele imvume kumqashi yokuya emihlanganweni yebandla noma emikhulu. Ngikhonza uJehova ngenkululeko.” Ngo-December 2003, kwaba nomhlangano wesigodi kuleli kamu elicezile elinoFakazi abangu-150 abahlala nababaleki abangu-30 000. Kuyajabulisa ukuthi kwaba khona abangu-591, kuhlanganise nabantu abayizithulu abangu-9 ababelalele isimiso ngolimi lwezandla. Kwabhapathizwa abangu-12. Abazalwane bayazisa ngokujulile imizamo eyenziwa ukuze bathole leli dili elingokomoya.

“Izinto Ezifiselekayo” Zenza Izinguquko Ezidingekayo

Asikho isithiyo esinganqobeki kulabo abafuna igolide namadayimane. Nokho, kuyajabulisa ukubona imizamo eyenziwa abasha benqoba zonke izithiyo ukuze bakhonze uJehova. Cabanga ngendaba kaZainab.

Ngenkathi eneminyaka engu-13, uZainab wenziwa isigqila ngenkani. Wathathwa ekhaya kubo elikwelinye izwe eliseNtshonalanga Afrika wayiswa eGuinea. Lapho eseneminyaka engu-20 wezwa isigijimi seBhayibheli. Wayezimisele ukukusebenzisa lokho ayekufunda.

Kwakunzima ngoZainab ukuya emibuthanweni yamaKristu. Kodwa wayeyazisa ngokujulile imihlangano futhi wayezimisele ukungaphuthi kuyo. (Hebheru 10:24, 25) Wayefihla izincwadi zakhe ngaphandle ukuze azithathe uma eseya emihlanganweni. Izikhathi ezimbalwa, “abanikazi” bakhe bamshaya kabuhlungu ngenxa yokuya kule mibuthano engokomoya.

Kamuva izimo zashintsha, uZainab wathola inkululeko. Ngokushesha waqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano, eyamsiza ukuba athuthuke ngokushesha ngokomoya. Wenqaba ukwamukela umsebenzi owawuholela kahle owawuzomenza angabi khona emihlanganweni lapho ethola khona imfundo yobuKristu. Wabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, waba ummemezeli woMbuso ongabhapathiziwe, futhi kamuva wabonisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngokubhapathizwa emanzini. Ngemva kwalokho, wangenela inkonzo yamaphayona asizayo. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, wafaka isicelo sokuba iphayona elivamile.

Ngemva kokuba khona emihlanganweni embalwa, omunye umuntu othakazelayo wathi: “Angizizwa ngimpofu uma ngilapha.” Nakuba abantu abaningi benesithakazelo kuphela engcebweni engokoqobo yaseGuinea, labo abathanda uJehova bayifuna ngentshiseko ingcebo engokomoya. Yebo, namuhla “izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe” ziphendukela ekukhulekeleni kukaJehova okumsulwa!

[Ibhokisi ekhasini 8]

IGUINEA NGO-2005

Inani eliphakeme loFakazi: 883

Izifundo zeBhayibheli: 1 710

Ababekhona eSikhumbuzweni: 3 255

[Amabalazwe ekhasini 8]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IGUINEA

IConakry

ISIERRA LEONE

ILIBERIA

[Isithombe ekhasini 9]

U-Albert noLuc

[Isithombe ekhasini 9]

IHholo LoMbuso LaseConakry

[Isithombe ekhasini 10]

UMartin

[Isithombe ekhasini 10]

U-Ernestine

[Isithombe ekhasini 10]

UZainab

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

USAID

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela