Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 12/15 kk. 9-12
  • ‘Ukushumayela Ukukhululwa Ezithunjweni’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ukushumayela Ukukhululwa Ezithunjweni’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Babeyimilutha Yezidakamizwa, Manje BangamaKristu
  • Izigebengu Ezinezinhliziyo Ezilukhuni Ziyashintsha
  • Ukuqashelwa Ngokomthetho
  • Izinzuzo Nangaphandle Kwamasango Asejele
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 12/15 kk. 9-12

‘Ukushumayela Ukukhululwa Ezithunjweni’

EKUQALENI kwenkonzo yakhe, uJesu wamemezela ukuthi ingxenye yomsebenzi wakhe kwakuzoba ‘ukushumayela ukukhululwa ezithunjweni.’ (Luka 4:18) Elandela isibonelo seNkosi yawo, amaKristu eqiniso ashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuzo “zonke izinhlobo zabantu,” ezikhulula ekuthunjweni okungokomoya futhi ezisiza ukuba zithuthukise ukuphila kwazo.—1 Thimothewu 2:4.

Namuhla, lo msebenzi uhilela ukushumayela ezithunjweni ezingokoqobo—abantu ababoshelwe ubugebengu obuhlukahlukene futhi abakwazisayo ukukhululwa ngokomoya. Uzowujabulela lo mbiko okhuthazayo ngomsebenzi woFakazi BakaJehova wokushumayela emajele ase-Ukraine nawakwezinye izindawo zaseYurophu.

Babeyimilutha Yezidakamizwa, Manje BangamaKristu

USerhiia oneminyaka engu-38 ubudala uye wachitha iminyaka engu-20 ebhadla ejele. Ngisho nesikole wasiqedela ejele. Uthi: “Eminyakeni edlule ngaboshelwa ukubulala, futhi namanje ngisadonsa leso sigwebo. Ngangiziphatha njengesidlova lapha ejele, nezinye iziboshwa zazingesaba.” Ingabe lokhu kwamenza wazizwa ekhululekile? Cha. Kwaphela iminyaka eminingi uSerhii egqilazwe izidakamizwa, utshwala nogwayi.

Ngokuhamba kwesikhathi esinye isiboshwa samfundela iBhayibheli. Lokhu kwaba njengenhlansi ebumnyameni. Ngezinyanga ezimbalwa, wayeka zonke izidakamizwa, waqala ukuba umshumayeli wezindaba ezinhle futhi wabhapathizwa. Manje uSerhii umatasa ejele, uyisikhonzi sikaJehova sesikhathi esigcwele. Uye wasiza izigebengu ezingu-7 ukuba zishintshe izindlela zazo zibe abafowabo abangokomoya. Eziyisithupha seziphumile ejele, kodwa uSerhii usengaphakathi. Lokhu akumphathi kabi ngenxa yenjabulo yokuthi angasiza ezinye ukuba zithole inkululeko ekuthunjweni okungokomoya.—IzEnzo 20:35.

Omunye wabantu ababefundelwa uSerhii kwakunguVictor, owayengumshushumbisi wezidakamizwa futhi engumlutha wazo. Esephumile ejele, uVictor waqhubeka ethuthuka ngokomoya, ekugcineni wathweswa iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo e-Ukraine. Manje ukhonza njengephayona elikhethekile eMoldova. UVictor uthi: “Ngaqala ukubhema ngineminyaka engu-8, ngesikhathi sengineminyaka engu-12 ngaqala ukuphuza utshwala, lapho sengineminyaka engu-14 ngasebenzisa izidakamizwa. Ngangifuna ukushintsha ukuphila kwami, kodwa yonke imizamo yami yayiphelela emoyeni. Kwabe sekuthi ngo-1995, njengoba nje mina nomkami sasihlela ukuthutha sishiye abangane bami ababi, umkami wagwazwa umbulali onequngo futhi washona. Ukuphila kwami kwaba lusizi ngempela. ‘Ukuphi umkami? Kwenzekani kumuntu lapho efa?’ Ngangihlale ngizibuza le mibuzo kodwa ngingazitholi izimpendulo. Ngaqhubeka ngidla izidakamizwa ezengeziwe ukuze ngikhohlwe izinkinga zami. Ngaboshwa ngenxa yokushushumbisa izidakamizwa, ngagwetshwa iminyaka emihlanu ejele. Ngesikhathi ngilapho, uSerhii wangisiza ukuba ngithole izimpendulo. Ngangike ngazama kaningi ukuyeka izidakamizwa, kodwa ngiye ngaphumelela kuphela ngosizo engaluthola eBhayibhelini. IZwi likaNkulunkulu linamandla kakhulu!”—Hebheru 4:12.

Izigebengu Ezinezinhliziyo Ezilukhuni Ziyashintsha

UVasyl akakaze azidle izidakamizwa, kodwa waboshwa. Uyachaza: “Ngangiwumlutha we-kickboxing. Ngaziqeqesha ukuba ngishaye abantu kodwa bangabi nazibazi.” UVasyl wasebenzisa ubudlova ukuze aphange abantu. “Ngaboshwa kathathu, okwabangela ukuba umkami afake isehlukaniso. Ngesikhathi ngisadonsa isigwebo sokugcina seminyaka emihlanu, ngaqala ukufunda izincwadi zoFakazi BakaJehova. Lokhu kwangishukumisela ukuba ngifunde iBhayibheli, kodwa ngangisakwenza lokho engangikuthanda kakhulu—i- kickboxing.

“Nokho, ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngifunda iBhayibheli kwashintsha okuthile kimi. Ukunqoba empini akuzange kusangijabulisa njengoba kwakunjalo ekuqaleni. Ngakho, ngaqala ukuhlolisisa ukuphila kwami ngisebenzisa u-Isaya 2:4, ngabona ukuthi uma ngingakushintshi ukucabanga kwami, ngangizodilikelwa ijele. Ngalahla zonke izinto zami zokulwa futhi ngaqala ukulungisa ubuntu bami. Kwakungelula, kodwa ukuzindla nokuthandaza kwangisiza ukuba ngiyiyeke kancane kancane le mikhuba yami emibi. Ngezinye izikhathi, ngangicela uJehova ngezinyembezi ukuba anginike amandla okugqashula ekubeni umlutha. Ekugcineni, ngaphumelela.

“Sengiphumile ejele, ngaphinde ngahlangana nomkhaya wami. Manje ngisebenza emayini yamalahle. Lo msebenzi unginika isikhathi esanele sokuba ngishumayele nomkami, ngikwazi nokufeza imithwalo yami yemfanelo ebandleni.”

UMykola nabangane bakhe baphanga amabhange amaningana e-Ukraine. Ngenxa yalokho wagwetshwa iminyaka eyishumi ejele. Ngaphambi kokuba aboshwe, wake waya kanye vó esontweni—eyobheka ukuthi angaliphanga kanjani lelo sonto. Izinto azizange zenzeke njengoba ayehlelile, kodwa lokho kuya kwakhe esontweni kwamenza ukuba akholelwe ukuthi iBhayibheli ligcwele izindaba ezingathakazelisi ezikhuluma ngabapristi bama-Orthodox, amakhandlela nangamaholidi enkolo. Uthi: “Angisazi kahle-hle isizathu, kodwa ngaqala ukufunda iBhayibheli. Ngamangala ukuthola ukuthi liyinto ehluke kakhulu kulokhu engangikucabanga!” Wacela isifundo seBhayibheli futhi wabhapathizwa ngo-1999. Uma umbheka manje, ngeke ukholwe ukuthi le nceku ekhonzayo ethobekile yake yaba umphangi wamabhange ohlomile futhi ononya!

UVladimir wayegwetshwe intambo. Ngesikhathi elindele ukubulawa, wathandaza kuNkulunkulu wamethembisa ukuthi uma esindile wayezomkhonza. Phakathi naleso sikhathi, umthetho washintsha, isigwebo sakhe sentambo sancishiswa saba ukudilikelwa ijele. Ukuze agcwalise isithembiso sakhe, uVladimir waqala ukufuna inkolo yeqiniso. Wabhalisela ukufunda ngeposi futhi wathola i-diploma esontweni lamaSabatha, kodwa akazange aneliseke.

Nokho, ngemva kokufunda omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! emtatsheni wasejele, uVladimir wabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-Ukraine, ecela ukuba othile amvakashele. Lapho abazalwane bendawo bemvakashela, kakade wayesezibiza ngoFakazi eseshumayela nasejele. Wasizwa afanelekele ukuba ummemezeli woMbuso. Lapho kubhalwa lesi sihloko, uVladimir nabanye abangu-7 abakulelo jele bebelindele ukubhapathizwa. Kodwa banenkinga. Njengoba iziboshwa ezigwetshelwe ukudilikelwa ijele zigcinwa ezitokisini ngokwezinkolelo zazo, uVladimir naboshwe nabo bangamalungu enkolo eyodwa. Ngakho, bangashumayela kubani? Bashumayela izindaba ezinhle konogada basejele nangokubhala izincwadi.

UNazar wathutha e-Ukraine waya eCzech Republic lapho afike wazihlanganisa khona neqembu lamasela. Lokhu kwambangela ukuba aboshwe iminyaka emithathu nengxenye. Ngesikhathi esejele, wavuma ukuvakashelwa oFakazi BakaJehova ababesuka edolobheni laseKarlovy Vary, wafunda iqiniso futhi washintsha ngokuphelele. Lapho ebona lokhu, omunye unogada wathi kulabo ababoshwe noNazar: “Ukube nonke beningaba njengalona odabuka e-Ukraine, ngingafuna omunye umsebenzi.” Omunye wathi: “Lab’ oFakazi BakaJehova bayizingcweti ngempela. Ejele kungena isigebengu siphume sesiyindoda ehloniphekile.” Manje uNazar usephumile ejele. Wafundela ukuba umbazi, washada futhi yena nomkakhe basenkonzweni yesikhathi esigcwele. Yeka indlela akubonga ngayo ukuvakashelwa oFakazi ejele!

Ukuqashelwa Ngokomthetho

Akuzona zodwa iziboshwa eziyazisayo inkonzo eyenziwa oFakazi BakaJehova. UMiroslaw Kowalski, umkhulumeli welinye lamajele ePoland, wathi: “Sikwazisa kakhulu lokhu kuvakashelwa. Ezinye iziboshwa zakhula kabuhlungu. Mhlawumbe azikaze ziphathwe kahle njengabantu. . . . Luyigugu kakhulu usizo olunikezwa [oFakazi] ngenxa yokuthi bambalwa abantu abafundisa iziboshwa.”

Umphathi wakwelinye ijele ePoland wabhalela ihhovisi legatsha, ecela oFakazi ukuba bandise umsebenzi wabo ejele asebenza kulo. Kungani? Wachaza: “Ukuvakashelwa kaningi abameleli be-Watchtower kungasiza iziboshwa ukuba zibe izakhamuzi ezinobuntu, kunciphise nolaka phakathi kwazo zizodwa.”

Iphephandaba lase-Ukraine labika ngesiboshwa esasicindezelekile, esazama ukuzibulala kodwa sabe sesithola usizo koFakazi BakaJehova. Umbiko uthi: “Okwamanje le ndoda iyalulama ngokomzwelo. Iyanamathela esimisweni sasejele futhi iyisibonelo nakwezinye iziboshwa.”

Izinzuzo Nangaphandle Kwamasango Asejele

Izinzuzo zomsebenzi woFakazi BakaJehova azipheleli nje ejele. Imfundo iyaqhubeka izizuzisa ngisho noma iziboshwa seziphumile. Sekuyiminyaka ethile amaKristu amabili, uBrigitte noRenate, esiza iziboshwa ngale ndlela. Iphephandaba laseJalimane, i-Main-Echo Aschaffenburg, libika ngabo lithi: “Banakekela iziboshwa izinyanga ezintathu kuya kwezinhlanu ngemva kokuba seziphumile ejele, bazikhuthaze ukuba zithole injongo ekuphileni. . . . Ngokomthetho baye babhekwa njengezisebenzi zokuzithandela ezinakekela iziboshwa. . . . Bayakha futhi basebenzelana kahle nezisebenzi zasejele.” Iningi leziboshwa liye lanikezela ukuphila kwalo kuJehova ngenxa yalolu sizo.

Ngisho nezikhulu zasejele ziyazuza emsebenzini wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa oFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo, uRoman wayeyinduna yempi nesazi sokusebenza kwengqondo ejele lase-Ukraine. Lapho oFakazi bemvakashele ekhaya, wasamukela isifundo seBhayibheli. Wathola ukuthi oFakazi babengavunyelwe ukuhlangana neziboshwa zalapho ayesebenza khona. Ngakho wacela kumphathi imvume yokusebenzisa iBhayibheli lapho esebenzelana neziboshwa. Isicelo sakhe samukelwa, iziboshwa ezingaba yishumi zabonisa isithakazelo. Njalo uRoman wayehlanganyela ulwazi lwakhe lweBhayibheli olukhulayo nalezi ziboshwa, futhi imizamo yakhe yaba nemiphumela emihle kakhulu. Lapho seziphumile ejele, ezinye zaqhubeka zithuthuka zaze zaba amaKristu abhapathiziwe. Njengoba ayebona amandla eZwi likaNkulunkulu, uRoman wasibheka njengesibaluleke nakakhulu isifundo sakhe. Wawuyeka umsebenzi wakhe wezempi waqhubeka nomsebenzi wakhe wokufundisa iBhayibheli. Manje useshumayela nowayekade eyisiboshwa.

Esinye isiboshwa sabhala: “Lapha siphila ngeBhayibheli, izincwadi zeBhayibheli nangesifundo seBhayibheli.” La mazwi asichaza kahle isidingo esikhona sezincwadi zeBhayibheli kwamanye amajele. Elinye ibandla lase-Ukraine libika ngomsebenzi wokufundisa iBhayibheli eliwenza ejele elisendaweni: “Abaphathi bayazijabulela izincwadi esibanikeza zona. Sibanika amakhophi angu-60 kamagazini ngamunye we-Nqabayokulinda ne-Phaphama!” Elinye ibandla liyabhala: “Sinakekela ijele elinemitapo emincane engu-20. Sanikeza umtapo ngamunye izincwadi zethu eziyinhloko. Lezi zincwadi zazigcwele amabhokisi angu-20.” Kwelinye ijele, onogada bagcina umbhalo wabo bonke omagazini bethu abasemtatsheni ukuze iziboshwa zikwazi ukuzuza kubo bonke omagazini.

Ngo-2002 ihhovisi legatsha lase-Ukraine lamisa umnyango obizwa ngokuthi uMnyango Wezamajele. Kuze kube manje, lo mnyango usuye waxhumana namajele angaba ngu-120 futhi uye wabela amabandla ukuba awanakekele. Inyanga ngayinye lo mnyango uthola izincwadi ezicishe zibe ngu-50 zivela kubantu ababoshiwe, iningi labo licela izincwadi noma isifundo seBhayibheli. Ihhovisi libathumelela izincwadi, omagazini nezincwajana kuze kube yilapho abazalwane bendawo sebengaxhumana nabo.

Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu ayekanye nawo: “Hlalani nibakhumbula labo abasezibophweni zasetilongweni.” (Hebheru 13:3) Wayekhuluma ngalabo ababeboshelwe ukholo lwabo. Namuhla, oFakazi BakaJehova bayabakhumbula labo abagqunywe ejele, babavakashele futhi ‘bashumayele ukukhululwa ezithunjweni.’—Luka 4:18.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 9]

Izindonga zejele eL’viv, e-Ukraine

[Isithombe ekhasini 10]

UMykola

[Isithombe ekhasini 10]

UVasyl nomkakhe, u-Iryna

[Isithombe ekhasini 10]

UVictor

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela