Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 10/1 kk. 3-4
  • Ukuqonda Izimpawu Kubalulekile!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqonda Izimpawu Kubalulekile!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimpawu, Noma Izibonakaliso, Ezibaluleke Kakhulu
  • Izinkwa Nemvubelo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Izinkwa Nemvubelo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izibonakaliso Zezikhathi—Zisho Ukuthini Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Wandisa Izinkwa, Axwayise Nangemvubelo
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 10/1 kk. 3-4

Ukuqonda Izimpawu Kubalulekile!

“Ekuqaleni ngangithi u-Andreas, indodana yethu, uphethwe ikhanda nje. Kodwa waba nenhliziyo emnyama, washisa. Ikhanda lamqinisa, ngaqala ukukhathazeka. Lapho uyise esebuyile, samyisa kudokotela. Udokotela wahlola izimpawu zokugula wayesethi asimphuthumise esibhedlela. Inkinga yayinkulu kunobuhlungu bekhanda nje. U-Andreas wayenesifo sokusha kolwelwesi lobuchopho (meningitis). Welashwa walulama ngokushesha.”—UGertrud, umama waseJalimane.

ABAZALI abaningi cishe bakujwayele lokhu okwenzeka kuGertrud. Baye babone izimpawu ezibonisa ukuthi ingane yabo kungenzeka iyagula. Nakuba kungekhona konke ukugula okusuke kukubi kakhulu, abazali abanakuzishaya indiva izimpawu zokungaphatheki kwezingane zabo. Ukuqaphela izimpawu kuthathwe nesinyathelo esifanele kungenza umehluko omkhulu. Kubalulekile.

Lokhu kunjalo nakwezinye izindaba ngaphandle kwezempilo. Isibonelo salokho yisibhicongo se-tsunami esenzeka ngo-December 2004 ezindaweni ezizungeze i-Indian Ocean. Izinhlangano ezisezindaweni ezinjenge-Australia neHawaii zabona kusengaphambili ukuthi kuzoba nokuzamazama komhlaba okukhulu enyakatho yeSumatra zathi kungase kudale ingozi. Nokho, kwakungekho ndlela yokwenza ukuba abantu abasezindaweni ezisengozini bathole isixwayiso noma benze okuthile ngaso. Ngenxa yalokho, kwafa abantu abangaphezu kuka-220 000.

Izimpawu, Noma Izibonakaliso, Ezibaluleke Kakhulu

Lapho uJesu Kristu esemhlabeni, wafundisa izilaleli zakhe isifundo mayelana nokuqaphela izibonakaliso nokwenza okuthile ngazo. Wayekhuluma ngento ebaluleke kakhulu. IBhayibheli liyabika: “AbaFarisi nabaSadusi beza kuye, futhi ukuze bamlinge, bamcela ukuba abavezele isibonakaliso esivela ezulwini. Ephendula wathi kubo: ‘Uma kuhwalala nivamé ukuthi, “Izulu lizoba lihle, ngoba isibhakabhaka sibomvu njengomlilo”; ekuseni nithi, “Namuhla izulu lizobanda, libe nemvula, ngoba isibhakabhaka sibomvu njengomlilo, kodwa liguqubele.” Niyakwazi ukuchaza ukubonakala kwesibhakabhaka, kodwa izibonakaliso zezikhathi anikwazi ukuzichaza.’”—Mathewu 16:1-3.

Ngokukhuluma ‘ngezibonakaliso zezikhathi,’ uJesu wabonisa ukuthi izilaleli zakhe ezingamaJuda ekhulu lokuqala kwakufanele ngabe ziyabona ukuthi ziphila ezikhathini eziphuthumayo. Kwakuseduze ukuba isimiso sezinto samaJuda sehlelwe inhlekelele eyayiyowathinta wonke. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba afe, uJesu wakhuluma nabafundi bakhe ngesinye isibonakaliso—isibonakaliso sokuba khona kwakhe. Lokho akusho ngaleso sikhathi kubaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu namuhla.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela