Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 8/15 kk. 3-4
  • Ukukhungatheka Okubangelwa Ukufa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhungatheka Okubangelwa Ukufa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Abaphilayo Bayazi Ukuthi Bayokufa”
  • Imfihlakalo Enkulu
  • Ikusasa Lakho—Lingaba Yini?
    I-Phaphama!—1995
  • “UkuFa Kugwinyiwe Kuze Kube Phakade”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • UJehova Wangisiza Ngakhulisa Izingane Zami Ezinhlanu
    Izindaba Zokuphila ZoFakazi BakaJehova
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 8/15 kk. 3-4

Ukukhungatheka Okubangelwa Ukufa

“INGANE ENEMINYAKA EYISITHUPHA UBUDALA IZIBULELE.” Lesi sihloko esishaqisayo sasikhuluma ngokufa okudabukisayo kwentombazanyana egama layo linguJackie. Unina wayesanda kubulawa isifo esingelapheki. Ngaphambi kokuba uJackie aziphonse esitimeleni, watshela izingane zakwabo ukuthi ufuna ‘ukuba yingelosi futhi abe nonina.’

U-Ian wayeneminyaka engu-18 ubudala ngenkathi ecela umfundisi wakhe ukuba amchazele ukuthi kungani uyise abulawa umdlavuza. Umfundisi wathi njengoba uyise ka-Ian ayeyindoda elungile, uNkulunkulu wayefuna ukuba naye ezulwini. Ngemva kokuzwa leyo ncazelo, u-Ian wanquma ukuthi akafuni ukumazi lo Nkulunkulu ononya. Njengoba ukuphila kwase kubonakala kungenanjongo kangaka, u-Ian wanquma ukuphilela injabulo. Ngakho, waphendukela otshwaleni, ezidakamizweni nasekuziphatheni okubi. Wayengasakwazi ukulawula ukuphila kwakhe.

“Abaphilayo Bayazi Ukuthi Bayokufa”

Lezi zenzakalo ezimbili ezidabukisayo zibonisa indlela ukufa okungakhungathekisa ngayo abantu, ikakhulu uma kugadla kungazelelwe. Kuyavunywa ukuthi sonke siyalazi leli qiniso elishiwo iBhayibheli: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa.” (UmShumayeli 9:5) Kodwa abaningi bakhetha ukulishalazela leli qiniso elibuhlungu. Kuthiwani ngawe? Ukuphila kufuna isikhathi sethu esiningi nokunaka izinto eziningi kangangokuthi singase sikuchilizele kude ezingqondweni zethu ukuthi ukufa kuyoke kusifice.

“Iningi labantu liyakwesaba ukufa futhi lizama ukukugwema ukucabanga ngakho,” kusho i-World Book Encyclopedia. Noma kunjalo, kungazelelwe ingozi embi kakhulu noma isifo esibulalayo kungase kusiphoqelele ukuba sibhekane nokufa. Noma kungenzeka umngcwabo womngane noma wesihlobo usikhumbuze kabuhlungu isiphetho esilindelwe yiso sonke isintu.

Noma kunjalo, emingcwabeni abadabukile bavame ukusho amazwi anjengokuthi, “Ukuphila kumelwe kuqhubeke.” Kube sekuqhubeka ngempela. Empeleni, ukuphila kungabonakala kushesha kakhulu kangangokuthi singazibona sesibhekene nezinkinga zokuguga. Ngaleso sikhathi, ukufa kusuke kungaseyona into esekude. Kunemingcwabo eminingi umuntu okudingeka aye kuyo abekezelele nokushonelwa abangane abaningi beminyaka. Abaningi asebegugile bavame ukucabanga ngombuzo okhathazayo othi, “Kazi mina kuyongifica nini ukufa?”

Imfihlakalo Enkulu

Nakuba kungekho muntu ophikayo ukuthi ukufa kuyinto engokoqobo, ukuthi kwenzekani ngemva kokufa kungafaniswa nemfihlakalo enkulu. Izincazelo eziningi eziphikisanayo zingaholela abagxeki ukuba bacabange ukuthi lezo zincazelo zinjengezimpikiswano eziyize zento engaziwa. Obheka izinto njengoba zinjalo angase aphethe ngokuthi njengoba “uphila kanye kuphela,” kufanele uzijabulele kakhulu ngangokunokwenzeka izinto ezinhle ekuphileni.

Okuphambene ukuthi abanye bayenqaba ukukholelwa ukuthi ukufa kuwukuphela kwayo yonke into. Noma kunjalo, abanawo umbono ocacile ngalokho okwenzekayo ngemva kokufa. Abanye bacabanga ukuthi ukuphila kuyaqhubeka endaweni enenjabulo engapheli, kuyilapho abanye becabanga ukuthi bayophinde baphile ngesikhathi esizayo, mhlawumbe sebengomunye umuntu.

Ngaso sonke isikhathi izihlobo ezishonelwe ziyazibuza, “Bakuphi abafileyo?” Eminyakeni ethile edlule, amalungu eqembu lebhola likanobhutshuzwayo ayeya emdlalweni lapho ngokungazelelwe iloli lishayisa ikhumbi ayehamba ngayo, yagingqika yaphuma emgwaqweni. Kwashona abahlanu kuleli qembu. Kusukela ngalolo suku indodana yakhe eyashona ngalo kuleyo ngozi, ukuphila komunye umama kuye kwashintsha ngokuphelele. Engqondweni uzama ukuthola impendulo yombuzo othi ikuphi indodana yakhe. Njalo uvakashela ithuna layo, akhulume nayo ngokuzwakalayo isikhathi eside. Uyalila: “Angikwazi ukumane nje ngikholelwe ukuthi akukho lutho ngemva kokufa, kodwa angiqiniseki ngalokho.”

Kusobala ukuthi isimo sethu sengqondo ngokufa singathinta ukuphila kwethu manje. Ngenxa yendlela abantu abasabela ngayo ekufeni okushaqisayo, kuphakama imibuzo eminingana. Ake ucabange ukuthi wena ubungayiphendula kanjani. Ingabe kufanele sikhohlwe ngokufa futhi sigxile ekuphileni? Ingabe kufanele sivumele usongo lokufa lonakalise ukuphila kwethu? Ingabe umuntu ososizini kumelwe ahlale ecabanga ngokuthi sikuphi isihlobo sakhe esishonile? Ingabe ukufa kufanele kuhlale kuyimfihlakalo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela