Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 6/15 kk. 13-17
  • Ukwanda Lapho UbuKristu Bakuqala Bake Bachuma Khona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwanda Lapho UbuKristu Bakuqala Bake Bachuma Khona
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Isiqalo Esidumazayo
  • Ukwanda Okumangalisayo
  • Ukushumayela Ngezilimi Eziningi
  • Izithulu “Zizwa” Izindaba Ezinhle
  • Iziboshwa Zishunyayezwa Izindaba Ezinhle
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 6/15 kk. 13-17

Ukwanda Lapho UbuKristu Bakuqala Bake Bachuma Khona

I-ITALY, inhlonhlo eme njengebhuzu esoLwandle iMedithera, iyindawo lapho inkolo kanye nezenzakalo zamasiko ziye zathonya khona umlando wezwe. Idonsa izigidi zezivakashi ezikhangwa ubuhle bokuma kwezwe okuhlukahlukene, ubuciko balo obudumile kanye nendlela yalo yokupheka izibiliboco. Leli yizwe lapho kuchuma khona nemfundo yeBhayibheli.

Kungenzeka ukuthi ubuKristu beqiniso bafinyelela okokuqala eRoma—inhloko-dolobha yombuso wezwe wangaleso sikhathi—ngesikhathi amaJuda namaproselithe ayebe amaKristu ngePhentekoste lika-33 C.E. ebuyela emakhaya evela eJerusalema. Cishe ngo-59 C.E., umphostoli uPawulu wayeqala ukuvakashela i-Italy. Ogwini lolwandle lwasePhutheyoli ‘wathola abazalwane.’—IzEnzo 2:5-11; 28:11-16.

Njengoba uJesu nabaphostoli babebikezele, ngaphambi kokuphela kwekhulu lokuqala C.E., amaqembu ezihlubuki ayesehlehla kancane kancane ebuKristwini beqiniso. Nokho, ngaphambi kokuba lesi simiso esibi sezinto siphele, abafundi bakaJesu beqiniso baye bahola ekushumayeleni izindaba ezinhle emhlabeni wonke—kuhlanganise nase-Italy.—Mathewu 13:36-43; IzEnzo 20:29, 30; 2 Thesalonika 2:3-8; 2 Petru 2:1-3.

Isiqalo Esidumazayo

Ngo-1891, uCharles Taze Russell, owayehola emsebenzini wokushumayela owawenziwa emhlabeni wonke abaFundi BeBhayibheli (njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi), wavakashela amadolobha athile ase-Italy okokuqala. Wavuma ukuthi umphumela wenkonzo yakhe lapho wawungemuhle: “Asibonanga lutho olusinika ithemba lokuthi kuyoba nesivuno e-Italy.” Entwasahlobo ka-1910, uMfoweth’ uRussell wabuyela e-Italy futhi wabeka inkulumo yeBhayibheli esikhungweni sokuvivinya umzimba saseRoma. Waba yini umphumela? Wabika: “Umhlangano uwonke wawudumaza kakhulu.”

Empeleni, ekuqaleni intuthuko emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle e-Italy yayincane, ngokwengxenye ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova babeshushiswa ubushiqela bamaFascist. Phakathi naleyo nkathi, kwakunoFakazi BakaJehova abangaphansi kuka-150 kulelo zwe, abaningi kubo babethole amaqiniso eBhayibheli ezihlotsheni noma kubangane ababehlala kwamanye amazwe.

Ukwanda Okumangalisayo

Ngemva kweMpi YeZwe II, kwathunyelwa izithunywa zevangeli eziningana e-Italy. Kodwa njengoba kuboniswa izincwadi ezatholakala enqolobaneni yokugcina imilando yoMbuso, izikhulu eziphakeme zaseVatican zacela uhulumeni ukuba azixoshe izithunywa zevangeli. Cishe zonke izithunywa zevangeli zaphoqeleka ukuba zihambe.

Naphezu kwalezo zithiyo, izixuku e-Italy zaqala ukuthutheleka ‘entabeni’ yokukhulekela uJehova. (Isaya 2:2-4) Ukwanda koFakazi kuye kwaba okumangalisayo. Ngo-2004 kwakunabamemezeli bezindaba ezinhle abangu-233 527, oyedwa ezakhamuzini ezingu-248, futhi bangu-433 242 ababa khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Kwakunamabandla oFakazi BakaJehova angu-3 049 aqhuba imihlangano yawo emaHholo OMbuso amahle. Muva nje, amaqembu athile ngokukhethekile aye ajabulela ukwanda okukhulu.

Ukushumayela Ngezilimi Eziningi

Abaningi abasuka e-Afrika, e-Asia naseMpumalanga Yurophu bathuthela e-Italy ukuze bathole umsebenzi noma ukuphila okungcono noma kwezinye izimo bebalekela izimo eziyingozi. Lezi zigidi zingasizwa kanjani ngokomoya?

E-Italy, oFakazi abaningi baye bayamukela inselele yokufunda izilimi ezinzima, njengesi-Albania, isi-Amharic, isi-Arabhu, isiBengali, isiPunjabi, isiShayina, isiSinhala nesiTagalog. Kusukela ngo-2001, kuye kwaqalwa amakilasi okufunda ezinye izilimi ukuze laba abathandayo bafundiswe ukushumayela ngezilimi zakwamanye amazwe. Phakathi neminyaka emithathu edlule, kwaba noFakazi abangu-3 711 abafunda kula makilasi angu-79 aqhutshwa ngezilimi ezingu-17. Lokhu kuye kwenza ukuba kwakhiwe futhi kuqiniswe amabandla angu-146 namaqembu angu-274 ngezilimi ezingu-25. Ngakho abantu abaningi abaqotho baye bezwa izindaba ezinhle futhi kwaqalwa izifundo zeBhayibheli. Ngokuvamile imiphumela iyamangalisa.

Isikhonzi esinguFakazi kaJehova sakhuluma noGeorge ngeBhayibheli, indoda yaseNdiya ekhuluma isiMalayalam. Naphezu kwezinkinga zomsebenzi ezinzima, uGeorge wasamukela ngenjabulo isifundo seBhayibheli. Ngemva kwezinsukwana, umngane kaGeorge, uGil, indoda yaseNdiya ekhuluma isiPunjabi, waya eHholo LoMbuso, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli naye. UGil watshela uDavid, indoda yaseNdiya ekhuluma isiTelugu, ngoFakazi. Ngokushesha uDavid waqala ukutadisha iBhayibheli. Abanye ababili abadabuka kwelaseNdiya, uSonny noShubash, babehlala endlini eyodwa noDavid. Bobabili bahlanganyela esifundweni seBhayibheli.

Ngemva kwamasonto athile, uDalip, indoda ekhuluma isiMarathi, washayela omunye uFakazi ucingo. Wathi: “Ngingumngane kaGeorge. Bengicela ungifundise iBhayibheli.” Kwabe sekuza uSumit, indoda ekhuluma isiTamil. Ekugcineni, omunye umngane kaGeorge washaya ucingo ecela isifundo seBhayibheli. UGeorge waletha enye insizwa, uMax, eHholo LoMbuso. Nayo yacela isifundo seBhayibheli. Manje, kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli eziyisithupha, futhi kwenziwa amalungiselelo okuba kuqhutshwe ezine ngaphezu kwalezi. Ziqhutshwa ngesiNgisi, nakuba zisetshenziswa nezincwadi zesiHindi, isiMalayalam, isiMarathi, isiPunjabi, isiTamil, isiTelugu, nesi-Urdu.

Izithulu “Zizwa” Izindaba Ezinhle

Kunabantu abayizithulu abangaphezu kuka-90 000 e-Italy. Phakathi nawo-1970, oFakazi baqala ukubafundisa iqiniso leBhayibheli. Ekuqaleni, abanye oFakazi abayizithulu bafundisa uLimi Lwezandla Lwase-Italy ezinye izikhonzi ezazizimisele ukusiza kuleyo nsimu. Abantu abengeziwe abayizithulu baqala ukubonisa isithakazelo eBhayibhelini. Namuhla, kunabantu abangaphezu kuka-1 400 abasebenzisa uLimi Lwezandla Lwase-Italy ababa khona emihlanganweni yobuKristu. Kunamabandla angu-15 namaqembu angu-52 aqhuba imihlangano yawo ngoLimi Lwezandla Lwase-Italy.

Ekuqaleni, ukushumayela kubantu abayizithulu kwakuncike ngokuyinhloko ekuthatheni isinyathelo kukaFakazi ngamunye. Kodwa ngo-1978, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lase-Italy laqala ukuhlela imihlangano yesigodi yabantu abayizithulu. Ngo-May wangalowo nyaka, kwamenyezelwa ukuthi emhlanganweni wezizwe olandelayo owawuzoba seMilan, kwakuzoba nezingxenye zabayizithulu. Umhlangano wesifunda wokuqala wabayizithulu waqhutshelwa eHholo LoMhlangano eMilan ngo-February 1979.

Kusukela ngaleso sikhathi ihhovisi legatsha liye lakunakekela ngokukhethekile ukondliwa ngokomoya kwezithulu ngokukhuthaza abashumayeli abengeziwe ukuba bathuthukise amakhono abo kulolu limi. Kusukela ngo-1995, kuye kwathunyelwa amaphayona akhethekile (abashumayeli besikhathi esigcwele) emaqenjini athile ukuze ayoqeqesha oFakazi abayizithulu ensimini futhi ahlele imihlangano yobuKristu. Ukuze bonke babone kahle, kuye kwafakwa imishini ye-video esezingeni eliphezulu emaHholo Omhlangano amathathu. Sekutholakala nezincwadi zobuKristu kumakhasethi e-video ukuze kondliwe ngokomoya abantu abayizithulu.

Abanye abantu baye baqaphela ukuthi oFakazi bazinakekela kahle izidingo ezingokomoya zabantu abayizithulu. I-P@role & Segni, umagazini onyatheliswa i-Italian Deaf Society, yacaphuna incwadi eyayithunyelwe umbhishobhi wamaKatolika: “Ukuba yisithulu kunzima ngomqondo wokuthi umuntu oyisithulu udinga ukunakekelwa njalo. Ngokwesibonelo, akanankinga ngokuzizela yedwa esontweni, kodwa kudingeka umuntu ozomhumushela ukuze akuzwe konke okufundwayo, okushunyayelwayo noma ukucula enkonzweni.” Lo magazini uyaqhubeka: “Lo mbhishobhi uyavuma ukuthi ngeshwa isonto alikakakulungeli ukusiza abantu abanalokhu kukhubazeka, futhi ubonisa ukuthi abantu abaningi abayizithulu banakekelwa kangcono emaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova kunakunoma kukuliphi isonto.”

Iziboshwa Zishunyayezwa Izindaba Ezinhle

Ingabe umuntu angaba nenkululeko kuyilapho esejele? Yebo, ngoba iZwi likaNkulunkulu linamandla ‘okukhulula’ labo abalamukelayo futhi balisebenzise ekuphileni kwabo. Isigijimi uJesu asimemezela “ezithunjweni” sasiyozilethela inkululeko esonweni nasenkolweni yamanga. (Johane 8:32; Luka 4:16-19) Ukushumayela emajele kunemiphumela emihle kakhulu e-Italy. UMbuso uye wanika oFakazi BakaJehova abacishe babe ngu-400 imvume yokuvakashela iziboshwa ukuze bazisize ngokomoya. OFakazi BakaJehova babeyinhlangano yokuqala engewona amaKatolika ukuba bacele futhi bathole leyo mvume.

Isigijimi seBhayibheli singasakazwa ngezindlela ezingalindelekile. Iziboshwa zikhuluma nezinye iziboshwa ngomsebenzi woFakazi BakaJehova wokufundisa iBhayibheli. Ngenxa yalokho, ezinye zalezo ziboshwa ziye zacela ukuvakashelwa isikhonzi esinguFakazi. Noma amalungu omkhaya aqale ukutadisha iBhayibheli akhuthaza iziboshwa ukuba zicele ukuvakashelwa uFakazi. Ezinye iziboshwa ezigwetshwe ukudilikelwa ijele ngenxa yokubulala noma ngenxa yobunye ubugebengu obubi kakhulu ziye zaphenduka futhi zakushintsha kakhulu ukuphila kwazo. Lokhu kuzilungiselela ukuba zizinikezele kuJehova uNkulunkulu futhi zibhapathizwe.

Emajele amaningi, kuye kwenziwa amalungiselelo okuba kube nezinkulumo zeningi ngezihloko zeBhayibheli, kugujwe iSikhumbuzo sokufa kukaJesu, nokuba kubukwe amakhasethi e-video asekelwe eBhayibhelini akhishwa oFakazi BakaJehova. Ngokuvamile, kuba khona iziboshwa eziningi kule mihlangano.

Ukuze kusizwe iziboshwa ngezindlela ezingokoqobo, oFakazi baye basakaza kabanzi omagazini abakhuluma ngezihloko ezinye iziboshwa eziyozithola ziwusizo. Omunye walabo magazini kwakuyi-Phaphama! ka-May 8, 2001, eyayikhuluma ngokuthi “Ingabe Iziboshwa Zingaguqulwa?” Eka-April 8, 2003, yayinesihloko esithi “Yini Ongayenza—Uma Kunosebenzisa Kabi Izidakamizwa Ekhaya?” Kuye kwahanjiswa izinkulungwane zamakhophi kubantu ababoshiwe. Ngenxa yalokho, kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingamakhulu amaningana. Abanye onogada basejele baye babonisa isithakazelo esigijimini seBhayibheli.

Ngemva kokuthola imvume ekhethekile ezikhulwini, isiboshwa esigama laso kunguCostantino sabhapathizwa eHholo LoMbuso eSan Remo, lapho kwakukhona oFakazi bendawo abangu-138. UCostantino, owayebonakala ethinteke ngokujulile ngemva kokubhapathizwa kwakhe, wathi: “Ngaboniswa uthando olukhulu.” Iphephandaba lendawo lacaphuna amazwi omphathi wejele: “Sikujabulele kakhulu . . . ukuba simnike le mvume. Kufanele kucatshangelwe yonke into engathuthukisa isimo senhlalo, ubuntu nokuqondisa isimilo seziboshwa ngokomoya.” UmkaCostantino nendodakazi yakhe bahlabeka umxhwele ngendlela ulwazi olunembile lweBhayibheli olwathinta ngayo ukuphila kukaCostantino: “Siyaziqhenya ngaye ngenxa yezinguquko azenzile. Usenokuthula futhi ukusikhathalela kwakhe kuyaqhubeka kukhula. Siye saqala futhi ukumethemba nokumhlonipha.” Nabo baye baqala ukutadisha iBhayibheli nokuba khona emihlanganweni yobuKristu.

USergio, wayeboshelwe ukweba, ukuphanga ehlomile, ukushushumbisa izidakamizwa nokubulala, wagwetshelwa ukuhlala etilongweni kuze kube unyaka ka-2024. Ngemva kokuhlola imiBhalo iminyaka emithathu nokwenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe, uSergio wanquma ukuba abhapathizwe. Uyisiboshwa se-15 sasejele iPorto Azzurro, elisesiqhinganeni i-Elba, esabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Wabhapathizelwa echibini elithwalekayo elalibekwe kwenye yezinkundla zokudlala zasejele futhi kwakukhona neziboshwa ezimbalwa.

ULeonardo, odonsa isigwebo seminyaka engu-20 ejele, wathola imvume ekhethekile ukuze ayobhapathizwa eHholo LoMbuso eParma. Exoxa nabalobi bephephandaba lendawo, uLeonardo wabonisa ukuthi wayefuna “ukukwenza kucace ukuthi wayesenqume ukuba omunye woFakazi BakaJehova, hhayi ukuze athole indlela yokuphuma ebumnyameni basejele, kodwa ukuze anelise isidingo sakhe esibaluleke kakhulu esingokomoya.” ULeonardo wathi: “Ukuphila kwami bekugcwele amaphutha, kodwa sengiwayekile. Sengishintshile kodwa kungithathe isikhathi. Kuzodingeka ngiqhubeke ngilungile.”

USalvatore, owaboshelwa ukubulala, usejele iSpoleto elinesimiso sokulondeka esiphakeme. Ukubhapathizwa kwakhe okwenziwa phakathi ejele kwahlaba abaningi umxhwele. Umphathi wejele walapho wathi: “Kubalulekile ukuba iziboshwa zikhuthazwe ukuba zibaphathe kahle bonke abantu ngoba kuzuza kokubili amajele nawo wonke umphakathi.” Ngenxa yezinguquko ezenziwa uSalvatore, umkakhe nendodakazi yakhe manje baba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Isiboshwa esashunyayezwa uSalvatore sabhapathizwa njengenceku kaJehova ezinikezele.

AmaKristu okuqala anda nase-Italy. (IzEnzo 2:10; Roma 1:7) Kulesi sikhathi sokuvuna, ukwanda ngokomoya kuyaqhubeka ezindaweni ezifanayo lapho uPawulu namanye amaKristu bakhandleka khona beshumayela izindaba ezinhle.—IzEnzo 23:11; 28:14-16.

[Ibalazwe ekhasini 13]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

I-ITALY

IRoma

[Izithombe ekhasini 15]

IHholo Lomhlangano LaseBitonto nebandla loLimi Lwezandla Lwase-Italy eRoma

[Isithombe ekhasini 16]

Iqiniso leBhayibheli ‘likhulula’ iziboshwa

[Izithombe ekhasini 17]

Ukwanda ngokomoya kuyaqhubeka lapho ubuKristu bokuqala bake bachuma khona

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela