Uyaxoxa Yini Nabathandekayo Bakho?
“LIYA lehla kakhulu ikhono lethu lokuxoxa nabantu esibathandayo,” kubika umagazini wamasonto onke wasePoland i-Polityka. Kulinganiselwa ukuthi e-United States, abangane bomshado bachitha imizuzu eyisithupha kuphela ngosuku bexoxa ngempela. Ezinye izazi zicabanga ukuthi le nkinga iyimbangela yesigamu semikhaya esihlala ngokwehlukana nesihlukanisile.
Abazali nabantwana bona? Umagazini oshiwo ngenhla uthi ezimweni eziningi, “[abazali] abaxoxi nezingane zabo, kodwa babaphonsa bebaphonsile ngohide lwemibuzo: Bekunjani esikoleni? Abangane bakho bona banjani?” Lo magazini ube usubuza: “Uma kwenziwa kanje izingane zethu zizokwazi kanjani ukuba nobuhlobo obungokomzwelo nabanye abantu?”
Njengoba kungazenzakaleli ukuba umuntu abe umpetha wokuxoxa, singalithuthukisa kanjani leli khono? Umfundi ongumKristu uJakobe wasinika iseluleko esibalulekile: “Wonke umuntu kumelwe asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela.” (Jakobe 1:19) Yebo, ukuze sibe nengxoxo eyakhayo, kudingeka silalelisise, singamphazamisi umuntu esakhuluma ngenxa yokungakwazi ukulinda noma sigijimele esiphethweni. Gwema ukugxeka ngoba kalula nje kungaqeda ingxoxo. Ngaphezu kwalokho, uJesu wasebenzisa imibuzo ngekhono, hhayi ngenjongo yokuphenya, kodwa ukuze isilaleli sakhe sisho lokho okusenhliziyweni nokuqinisa ubuhlobo phakathi kwabo.—IzAga 20:5; Mathewu 16:13-17; 17:24-27.
Njengoba usebenzisa izimiso ezinhle eziseBhayibhelini, thatha isinyathelo kuqala sokuxoxa nabathandekayo bakho. Lokho kungaholela ebuhlotsheni obufudumele obuyoba yigugu iminyaka eminingi—ngisho naphakade.