Imibuzo Evela Kubafundi
Lapho bezwa ukuthi uPetru owayeboshiwe wayesemnyango, kungani abafundi bathi: “Yingelosi yakhe”?—IzEnzo 12:15.
Kungenzeka ukuthi abafundi baba nomcabango oyiphutha wokuthi kwakuyingelosi emelele uPetru eyayimi esangweni. Cabangela umongo wale ndaba.
UPetru wayeboshwe uHerode, futhi yena lo Herode wayebulale uJakobe. Ngakho abafundi babesola ngakhona ukuthi noPetru wayezobulawa. Eboshwe ngamaketanga, uPetru owayeboshiwe wayeqashwe amasosha amane ayemqapha ededelana kane ngosuku. Kwabe sekwenzeka ngobunye ubusuku ingelosi yamkhulula ngokuyisimangaliso futhi yamkhiphela ngaphandle kwetilongo. Lapho ekugcineni uPetru ebona ukuthi kwakwenzekani, wathi: “Manje sengiyazi ngempela ukuthi uJehova uthumele ingelosi yakhe wangikhulula esandleni sikaHerode.”—IzEnzo 12:1-11.
Khona manjalo, uPetru waya endlini kaMariya, unina kaJohane Marku, lapho kwakubuthene khona abafundi abaningana. Lapho engqongqoza emnyango wesango, intombazane eyinceku egama layo linguRoda yahamba yayobheka. Lapho izwa ukuthi kwakuyizwi likaPetru, yagijima yayotshela abanye ingamvulelanga nokumvulela uPetru ukuba angene! Abafundi baqale bangakholwa ukuthi kwakunguPetru owayemi esangweni. Kunalokho, baba nomcabango oyiphutha, bathi: “Yingelosi yakhe.”—IzEnzo 12:12-15.
Ingabe abafundi babekholelwa ukuthi uPetru wayesebulewe vele nokuthi kwakuwumoya wakhe osesangweni? Akunakwenzeka ukuba kube njalo, ngoba abalandeli bakaJesu babelazi iqiniso elisemiBhalweni ngokuqondene nabantu abafile—ukuthi “abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5, 10) Pho-ke, babesho ukuthini abafundi lapho bethi: “Yingelosi yakhe”?
Abafundi bakaJesu babazi ukuthi kuwo wonke umlando, izingelosi zazibasiza ngabanye abantu bakaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uJakobe wakhuluma ‘ngengelosi eyayimophula kuzo zonke izinhlekelele.’ (Genesise 48:16) Futhi ekhuluma ngomntwana ammisa phakathi kwabo, uJesu watshela abalandeli bakhe: “Qaphelani ukuba nina madoda ningadeleli noyedwa walaba abancane; ngoba ngiyanitshela ngithi izingelosi zabo ezulwini zibubona ngaso sonke isikhathi ubuso bukaBaba osezulwini.”—Mathewu 18:10.
Kuyathakazelisa ukuthi i-Young’s Literal Translation of the Holy Bible ihumusha igama elithi agʹge·los (“ingelosi”) ngokuthi “isithunywa.” Kubonakala sengathi kwakunenkolelo phakathi kwamaJuda athile ukuthi inceku kaNkulunkulu ngayinye inengelosi yayo—empeleni “ingelosi engumbheki.” Yebo, iZwi likaNkulunkulu aliwufundisi ngokuqondile lo mbono. Noma kunjalo, kungenzeka ukuthi lapho abafundi bethi, “Yingelosi yakhe,” babecabanga ukuthi ingelosi eyisithunywa emelela uPetru yayimi esangweni.