Indaba Yokuphila
Nakuba Ngibuthakathaka, Nginamandla
ILANDISWA ULEOPOLD ENGLEITNER
Isisebenzi sama-SS (Schutzstaffel) sakhipha isibhamu saso sasibeka ekhanda lami, sangibuza: “Usukulungele ukufa? Ngizosidedela ngoba uyinto engasizi ngalutho.” “Ngikulungele,” ngisho lawo mazwi ngizama ukuqinisa izwi. Ngaqunga, ngacimeza, ngalindela ukuba angidubule, kodwa akwenzekanga lutho. Esusa isibhamu enhlafunweni yami, wangithethisa: “Awuve uyisilima, akusizi nokukubulala!” Kodwa kwenzeka kanjani ukuba ngizithole ngizulelwa amanqe ngale ndlela?
NGAZALWA ngo-July 23, 1905, edolobheni lase-Aigen-Voglhub, elisezintabeni ze-Alps zase-Austria. Ngangiyizibulo, ubaba eyisisebenzi esisaha izingodo, umama ezalwa umlimi wendawo. Abazali bami babempofu kodwa bengabantu abazikhandlayo. Ngakhulela eBad Ischl, eduze kwaseSalzburg, sizungezwe amachibi nezintaba ezinhle.
Ngiseyingane, ngangivame ukucabanga ngokuthi ukuphila akunamusa, hhayi nje ngoba umkhaya wakithi wawumpofu, kodwa nangenxa yokuthi ngazalwa nginomgogodla ogobile. Ubuhlungu beqolo obabubangelwa yilokhu kukhubazeka babenza cishe kungenzeki ukuba ngime ngiqonde. Esikoleni, ngangingavunyelwe ukudlala ama-gymnastic futhi ngenxa yalokho ngangiyinto ehlale ihlekwa ezinye izingane.
Ekupheleni kweMpi Yezwe I, sengizohlanganisa iminyaka engu-14 ubudala, nganquma ukuyofuna umsebenzi ukuze ngingabe ngisaphila ngokudla imbuya ngothi. Ngangihlala ngilambile, futhi umkhuhlane waseSpain owabulala izigidi zabantu wangenza ngaba buthaka. Lapho ngicela umsebenzi kubalimi, babevele bathi: “Kodwa msebenzi muni esingawunika umuntu ontekenteke njengawe nje?” Nokho, umlimi othile olungile wangiqasha.
Uthando LukaNkulunkulu Lungihlaba Umxhwele
Nakuba umama ayengumKatolika ozinikele, kwakuqabukela ngiye esontweni. Ngokuyinhloko lokhu kwakungenxa yokuthi ubaba wayengenandaba nokuthi umuntu usontaphi. Kodwa mina kwakungiphazamisa ukukhulekelwa kwezithombe okwakuyinto eyenziwa kakhulu eSontweni LamaRoma Katolika.
Ngolunye usuku ngo-October 1931, umngane wami wangicela ukuba ngihambe naye emhlanganweni wenkolo oqhutshwa abaFundi BeBhayibheli, njengoba babaziwa kanjalo oFakazi BakaJehova ngaleso sikhathi. Kulowo mhlangano, ngaphenduleka imibuzo ebalulekile yeBhayibheli, njengethi: Kuyamjabulisa yini uNkulunkulu ukukhulekelwa kwezithombe? (Eksodusi 20:4, 5) Sikhona yini isihogo somlilo? (UmShumayeli 9:5) Bayovuswa yini abafile?—Johane 5:28, 29.
Okwangihlaba umxhwele kakhulu ukuthi uNkulunkulu akahambisani nezimpi zabantu kwazise zishiya inqwaba ifile, ngisho noma kuthiwa lezo zimpi zilwiwa egameni laKhe. Ngafunda ukuthi “uNkulunkulu uluthando” nokuthi unegama eliphakeme elithi Jehova. (1 Johane 4:8; IHubo 83:18) Ngakujabulela kakhulu ukwazi ukuthi uJehova uyosebenzisa uMbuso wakhe ukuze abantu bakwazi ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi bejabule. Ngafunda nangethuba elimangalisayo abanye abantu abangaphelele abakhethwe uNkulunkulu abayolithola lokuba bakhonze noJesu eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. Ngangizimisele ukwenza noma yini ngenxa yalowo Mbuso. Ngakho, ngo-May 1932, ngabhapathizwa futhi ngaba omunye woFakazi BakaJehova. Ukuthatha leso sinyathelo kwakudinga isibindi ngoba ezinye izinkolo zazibandlululwa kakhulu kule ndawo yase-Austria eyayinabantu abangamaKatolika kuphela.
Ukubhekana Nokuzondwa Nokuphikiswa
Abazali bami bathukuthela kakhulu lapho ngiyeka isonto, futhi umpristi akapholisanga maseko, watshela bonke abantu epulpiti. Omakhelwane bebethimisa lapho bengibona bebonisa indlela abangizonda ngayo. Noma kunjalo, ngangizimisele ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele, futhi ngaqala ukuphayona ngo-January 1934.
Isimo sezombusazwe saba sibi nakakhulu ngenxa yokuthi inhlangano yamaNazi yayilokhu idlondlobala esifundazweni sakithi. Ngesikhathi ngiphayona eStyrian Valley sase-Enns, ngangihlale ngifunwa amaphoyisa, futhi kwakudingeka ‘ngiqaphe njengenyoka.’ (Mathewu 10:16) Kusukela ngo-1934 kuya ku-1938, ngangiphuma ngingena emajele. Nakuba ngangingasebenzi, ngangingawutholi umxhaso wabantu abangasebenzi. Ngagwetshwa kaningana ukuba ngihlale isikhashana ejele ngabuye ngagwetshwa kane ukuba ngidonse isikhathi eside ejele ngenxa yomsebenzi wami wokushumayela.
Amasosha KaHitler Adla I-Austria
Ngo-March 1938, amasosha kaHitler ayidla i-Austria. Phakathi nezinsuku ezimbalwa nje, abantu abangaphezu kuka-90 000—cishe amaphesenti amabili kubo kungabantu abadala—baboshwa futhi bathunyelwa emajele nasemakamu okuhlushwa, kuthiwa bamelene nombuso wamaNazi. Ngandlela-thile, oFakazi BakaJehova babekulindele okwakuseza. Ngehlobo lika-1937, amalungu amaningana ebandla lokuqala engaba kulo athatha uhambo lwamakhilomitha angu-350 aya emhlanganweni wezizwe ePrague ehamba ngamabhayisekili. Kulowo mhlangano, ezwa ngezenzo zonya ezazenziwa kwesikholwa nabo eJalimane. Kwakusobala ukuthi kwase kuyithi esizobhekana nalokho.
Kusukela ngosuku amasosha kaHitler ayidla ngalo i-Austria, kwadingeka imihlangano nomsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova kwenziwe ngomshoshaphansi. Nakuba sasikwazi ukushushumbisa izincwadi zeBhayibheli zingene ngomngcele waseSwitzerland, zazinganeli wonke umuntu. Ngakho, amanye amaKristu eVienna ayenyathelisa izincwadi ngomshoshaphansi. Mina-ke ngangivame ukuzihambisela abanye oFakazi.
Ukuya Ekamu Lokuhlushwa
Ngo-April 4, 1939, mina namanye amaKristu saboshwa amaGestapo sigubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu eBad Ischl. Sathathwa sonke ngemoto ngayiswa eKomkhulu lesiteshi samaphoyisa eLinz. Ngangiqala ngqá ukuhamba ngemoto, kodwa ngangikhathazeke kakhulu kangangokuthi angizange ngikujabulele. ELinz, ngaphenywa ngesihluku ngokuphindaphindiwe, kodwa angizange ngilulahle ukholo lwami. Ezinyangeni ezinhlanu kamuva, ngavela phambi kwejaji elingumshushisi e-Upper Austria. Ngingalindele, amacala engangibekwe wona ahoxiswa; kodwa lokho kwakungasho ukuthi ubunzima babudlulile. Phakathi naleso sikhathi, laba abathathu bayiswa emakamu okuhlushwa, lapho bafela khona. Bahlala bethembekile kwaze kwaba sekugcineni.
Ngagcinwa esitokisini, futhi ngo-October 5, 1939, ngatshelwa ukuthi ngizoyiswa ekamu lokuhlushwa laseBuchenwald, eJalimane. Lapho sifika esiteshini sesitimela eLinz sathola kunesitimela esasihlelelwe thina ziboshwa ngokukhethekile. Izinqola zazinezitokisi ezazingahlalisa abantu ababili. Qagela ukuthi ubani owayesesitokisini kanye nami: Owayekade engumbusi wase-Upper Austria, uDkt. Heinrich Gleissner.
Saxoxa kamnandi noDkt. Gleissner. Wayenesithakazelo sangempela sokuzwa ngesimo engangikuso futhi kwamethusa ukuzwa ukuthi ngisho nangesikhathi kunguye ophethe izwe, oFakazi BakaJehova babhekana nezinkinga eziningi zomthetho esifundazweni sakhe. Ngokukhulu ukuzisola wathi: “Mnumzane Engleitner, ngeke ngikwazi ukushintsha okwenzeka, kodwa ngicela ukuxolisa. Kubonakala sengathi uhulumeni wethu wawungahambisi izinto ngendlela. Uma kwenzeka udinga usizo, ngiyokwenza noma yini engingayenza ukukusiza.” Saphinde sahlangana ngemva kwempi. Wangisiza ukuba ngithole umxhaso kahulumeni walabo ababeyizisulu zobuNazi.
“Ngizokudubula”
Ngo-October 9, 1939, ngafika ekamu lokuhlushwa laseBuchenwald. Ngemva nje kwalokho, unogada owayesebenza esangweni watshelwa ukuthi kulabo ababezofika kwakukhona noFakazi, ngakho ngafika engilinde ngabomvu. Akangishayelanga okwalapha. Ebona ukuthi wayehluleka ukungenza ngilahle ukholo lwami, wathi: “Ngizokudubula, Engleitner. Kodwa ngaphambi kokukudubula, ngizokuvumela ubhale incwadi uvalelise abazali bakho.” Ngacabanga ngamazwi ayinduduzo engangingawabhalela abazali bami, kodwa lapho nje sengithi ngiyabhala, wayevele ashaye indololwane yami ngigcine ngiklwiklwizile. Washo amazwi endelelo: “Awubuke lesi silima! Asikwazi nokubhala imisho emibili le. Kodwa siyakwazi ukufunda iBhayibheli.”
Njengoba ngishilo ekuqaleni kwale ndaba, lo nogada wabe esekhipha isibhamu wasibeka ekhanda lami, ngangangabaza ukuthi uzongidubula. Wabe esengifaka esitokisini esincane esasinabantu abaningi. Kwadingeka ngichithe ubusuku bonke ngimi ngazo zombili. Kodwa ngangingeke ngikwazi vele ukulala ngoba umzimba wami wawubuhlungu wonke. Okuwukuphela ‘kwenduduzo’ abanginika yona labo enganginabo esitokisini, kwaba ukuthi: “Akuve kuwumbhedo ukufela inkolo engathi shu!” UDkt. Gleissner wayesesitokisini esingumakhelwane. Wezwa ngalokho okwakwenzekile futhi ngezwi elinomoya wokudabuka wathi, “Ukushushiswa kwamaKristu sekuyaqala futhi!”
Ngehlobo lika-1940, zonke iziboshwa zatshelwa ukuthi ngeSonto kufanele ziyosebenza enkwalini, nakuba ngokuvamile sasingasebenzi ngamaSonto. Lena kwakuyindlela yokusijezisa ngoba kwakuneziboshwa ezithile “ezazingaziphathanga kahle.” Kwakufanele sithwale amatshe amakhulu siwasuse enkwalini siwayise ekamu. Ezinye iziboshwa ezimbili zazizama ukungitshathisa itshe elikhulukazi emhlane, kodwa lalisinda kangangokuthi lacishe langifumba phansi. Ngasindela u-Arthur Rödl, i-Lagerführer (isikhulu esiphethe ikamu) owayesatshwa kakhulu owafika ngingalindele wangisiza. Kwathi lapho ebona ukuthi kwakunzima kanjani kimi ukuthwala leli tshe, wathi: “Ngeke uze ufike ekamu utshethe lelo tshe! Libeke phansi manje!” Angibanga nencane inkinga yokulalela lokho. URödl wabe esengibonisa itshe elincane kunaleliya, wathi: “Thatha leliya uze nalo ekamu. Uzokwazi ukulithwala!” Ephendukela enduneni yethu, wathi: “Buyisela abaFundi BeBhayibheli ekamu. Sekwanele abakwenze namuhla!”
Ekupheleni kosuku ngangikujabulela njalo ukuba nomndeni wami ongokomoya. Sasinamalungiselelo okuthola ukudla okungokomoya. Umzalwane wayebhala ivesi leBhayibheli epheshaneni abese elidlulisela kwabanye. Sasikwazile nokushushumbisa iBhayibheli saba nalo ekamu. Lahlukaniswa laba izincwadi ezihlukahlukene. Nganikezwa incwadi kaJobe engahlala nayo izinyanga ezintathu. Ngayifihla emasokisini ami. Indaba kaJobe yangisiza ukuba ngihlale ngigxilile.
Ekugcineni, ngo-March 7, 1941, ngahanjiswa neqembu elikhulu eligadiwe elalithuthwa liyiswa ekamu lokuhlushwa eNiederhagen. Isimo sami sasiya siba sibi nsuku zonke. Ngelinye ilanga, mina nabanye abazalwane ababili sathunywa ukuba sipakishe amathuluzi ebhokisini. Ngemva kokwenza lokho, sahambisana nelinye iqembu leziboshwa sesibuyela ekamu. Esinye isisebenzi sama-SS sabona ukuthi ngangisalela emuva. Sacasuka kakhulu futhi sangikhahlela ngemuva nginganakile sangilimaza kakhulu. Ubuhlungu engabuzwa babunzima, kodwa ngaya emsebenzini ngakusasa.
Ukukhululwa Ngingalindele
Ngo-April 1943, bakhishwa bonke abantu ababehlala ekamu laseNiederhagen. Ngemva kwalokho ngayiswa ekamu okungayi lutho kulo olubuyayo eRavensbrück. Ngo-June 1943, ngingalindele, ngabe senginikezwa ithuba lokudedelwa ekamu lokuhlushwa. Kulokhu, ukuphuma kwami kwakungaxhomekile ekulahleni ukholo lwami. Kwakufanele nje ngivume ukuyokwenza umsebenzi ophoqelelwe epulazini ukuphila kwami konke. Ngangingenankinga yokwenza lokho inqobo nje uma ngangingaphuma ebunzimeni basekamu. Ngaya kudokotela wasekamu ngiyohlolwa okokugcina. Lo dokotela wamangala lapho engibona. Wababaza: “Namanje usenguFakazi kaJehova!” Ngamphendula: “Ushaye khona, Dokotela.” Wathi: “Hho, uma kunjalo-ke, angiboni ukuthi kungani kufanele sikudedele. Kodwa-ke kuzoke kusishayise ngomoya ukuhamba kwesilwane esizifelayo njengawe.”
Wayengenzi ihaba. Impilo yami yayiyimbi kakhulu. Isikhumba sami sasidliwe izintwala, indlebe yami eyodwa ingasezwa ngenxa yokushaywa, futhi umzimba wami ugcwele izilonda ezivuzayo. Ngemva kwezinyanga ezingu-46 ngibuswezi, ngilamba, futhi ngifukuza, isisindo sami sase singamakhilogremu angu-28. Ngikuleso simo, ngadedelwa eRavensbrück ngo-July 15, 1943.
Ngathunyelwa ekhaya ngesitimela kungenamuntu ongiqaphile, futhi ngafike ngazibika ekomkhulu lamaGestapo eLinz. Isikhulu samaGestapo sanginikeza amaphepha okudedelwa futhi sangixwayisa: “Uyobe ushaye phansi uma ucabanga ukuthi sikudedela nje ukuze uqhubeke nomsebenzi wakho ngomshoshaphansi! Akusize uNkulunkulu uma kungenzeka sikubambe ushumayela.”
Ekugcineni ngafika ekhaya! Umama wayengazange ashintshe lutho ekamelweni lami selokhu ngaboshwa okokuqala ngo-April 4, 1939. Ngisho neBhayibheli lami lalisahleli etafuleni lami eduze kombhede livuliwe! Ngaguqa ngamadolo ngathandaza ngibonga ngokusuka enhliziyweni.
Ngokushesha nganikezwa umsebenzi wokuyosebenza epulazini elalisezintabeni. Umlimi walo, owayengumngane wami sisakhula, waze wangipha nomhodlwana, nakuba ayengabophekile ukungiholela. Ngaphambi kwempi, lo mngane wami wayeke wanginika imvume yokufihla izincwadi zeBhayibheli ezithile epulazini lakhe. Ngakujabulela ukulisebenzisa kahle lelo depho elincane lezincwadi ukuze ngiziqinise ngokomoya. Ngangikuthola konke engikudingayo, futhi ngangizimisele ukuhlala lapha epulazini kuze kuphele impi.
Ukucasha Ezintabeni
Nokho, lezo zinsuku zokuthula nokukhululeka zaba mfushane. Phakathi no-August 1943, ngatshelwa ukuba ngiye kudokotela wezempi ukuze angihlole. Okokuqala, wathi ngangingeke ngilunge emsebenzini okhandlayo ngenxa yempilo yami eyayingeyinhle neze. Nokho, ngemva kwesonto, yena lo dokotela washintsha ayekutholile wakwenza kwafundeka kanje: “Uphile ngokwanele ukuthi angaba sezinhlwini eziphambili empini.” Ngaqale ngabadukela okwesikhashana abezempi, kodwa ngo- April 17, 1945, ngaphambi nje ngokuba impi iphele, bagcina bengitholile. Ngabhaliselwa ukuyolwa phambili empini.
Nginezintwana ezimbalwa neBhayibheli, ngabalekela ezintabeni eziseduze. Ekuqaleni, ngangikwazi ukulala ngaphandle, kodwa isimo sezulu sashintsha saba sibi, futhi kwakhithika iqhwa elaphakama ngengxenye yemitha. Ngaba manzi te. Ngakwazi ukutotoba ngifike endlwaneni yokulala esentabeni ecishe ibe sendaweni engamamitha angu-1 200 ngaphezu kolwandle. Ngiqhaqhazela nginjalo, ngakwazi ukubasa, futhi ngazifudumeza ngomisa nezingubo. Ngikhathele ngiphelile, ngozela ngalala ebhentshini phambi komlilo. Khona manjalo, ngavuswa ubuhlungu obukhulu. Habe ngiyasha! Ngazigingqagingqa phansi ngizama ukucisha umlilo. Umhlane wami wonke wawugcwele amanxeba okusha.
Yize ngangizichaya engozini yokubanjwa, entathakusa ngaya epulazini lasezintabeni, kodwa inkosikazi yomlimi yayesaba futhi yangixosha, yathi kwakukhishwe iqembu labantu ukuba lingifune. Ngakho ngaya kubazali bami. Ekuqaleni, kwabona babenqikaza ukungivumela ngihlale, kodwa ekugcineni bangivumela ukuba ngilale ekamelweni eliphezulu lokubeka utshani obomile futhi umama wangithoba amanxeba. Nokho, ngemva kwezinsuku ezimbili, abazali bami babengasakhululekile neze ngokuba kwami sekhaya ngaze nganquma ukuyocasha ezintabeni futhi.
Ngo-May 5, 1945, ngavuswa umsindo omkhulu. Ngabona izindiza zamaZwe Ayesizana NeMelika zindizela phansi. Khona manjalo, ngazi ukuthi umbuso kaHitler wawugumbuqelwe! Umoya kaJehova wawungisizile ukuba ngikhuthazelele ubunzima obungakholeki. Ngangizibonele ngokwami ukuba yiqiniso kwamazwi asencwadini yeHubo 55:22, okwakungamazwi ayengiduduze kakhulu ekuqaleni kovivinyo lwami. ‘Ngangiphonse kuJehova umthwalo wami,’ futhi nakuba ngangibuthakathaka ngokwenyama, wayengisekelile “esigodini sethunzi elimnyama.”—IHubo 23:4.
Amandla KaJehova ‘Enziwa Aphelele Ebuthakathakeni’
Ngemva kwempi, kancane kancane ukuphila kwabuyela esimweni esivamile. Ekuqaleni ngasebenza epulazini lomngane wami elisezintabeni. Ngakhululwa esibophweni sokwenza umsebenzi oyimpoqo wezokulima ukuphila kwami konke ngemva kokuba ezempi zase-United States zingenelile ngo-April 1946.
Isiphelile impi, abazalwane eBad Ischl nasezindaweni ezizungezile baqala ukuba nemihlangano njalo. Baqala ukushumayela benomfutho omusha. Ngathola umsebenzi njengomantshingelana efektri futhi ngakwazi ukuqhubeka nokuphayona. Ekugcineni ngazinza endaweni yaseSt. Wolfgang, futhi ngo-1949 ngashada noTheresia Kurz owayenendodakazi ayithola emshadweni wokuqala. Saba ndawonye iminyaka engu-32 kwaze kwaba yilapho umkami othandekayo esishiya ngo-1981. Ngamnakekela iminyaka engaphezu kwengu-7.
Ngemva kokushona kukaTheresia, ngabuyela enkonzweni yokuphayona, eyangisiza kakhulu ukuba ngilulame ekushonelweni. Njengamanje ngikhonza njengephayona futhi ngingumdala ebandleni laseBad Ischl. Ngenxa yokuthi ngihamba ngesihlalo sabakhubazekile, ngihambisa izincwadi zeBhayibheli futhi ngikhulume nabantu ngethemba loMbuso epaki laseBad Ischl noma phambi komuzi wami. Izingxoxo zeBhayibheli engiba nazo nabantu ziwumthombo wenjabulo enkulu kimi.
Uma ngicabanga ngengidlule kukho, ngingakufakazela ukuthi izinto ezibuhlungu okwadingeka ngizikhuthazelele azizange zingenze ngibe nenzondo. Yiqiniso, zikhona izikhathi lapho ngangizizwa ngicindezelekile khona ngenxa yovivinyo. Kodwa ubuhlobo obufudumele enginabo noJehova uNkulunkulu bangisiza ngibhekane ngokuphumelelayo nalezo zikhathi ezinzima. Amazwi ashiwo iNkosi kuPawulu aba yiqiniso ekuphileni kwami, “Amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” Manje njengoba sengicela ekhulwini leminyaka, ngingananela amazwi omphostoli uPawulu athi: “Ngiyajabula ngobuthakathaka, ngokwethukwa, ngokuswela, ngokushushiswa nangobunzima, ngenxa kaKristu. Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.”—2 Korinte 12:9, 10.
[Izithombe ekhasini 25]
Lapho ngiboshwe amaGestapo, ngo-April 1939
Izincwadi zamaGestapo zamacala, ngo-May 1939
[Umthombo]
Both images: Privatarchiv; B. Rammerstorfer
[Isithombe ekhasini 26]
Izintaba eziseduze ezaba isiphephelo
[Umthombo Wesithombe ekhasini 23]
Foto Hofer, Bad Ischl, Austria