Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 5/1 k. 3
  • Kugadla Usizi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kugadla Usizi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Wehlelwa Inhlekelele
    I-Phaphama!—2014
  • Uvuko—Ithemba Elimangalisayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Isethulo
    I-Phaphama!—2020
  • Lapho Kwenzeka Okubuhlungu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 5/1 k. 3

Kugadla Usizi

U-OWEN, umfanyana oneminyaka emibili nengxenye ubudala, wayedlala endlini yakubo yokugeza. Wakwazi ukugibela afike ekhabetheni elihlala imithi abazali bakhe ababengacabangi ukuthi angalifinyelela. Nakho-ke esebona ibhodlela alithanda. Walivula waphuza. Laduma ladlula naye.

Lelo bhodlela laline-asidi eyingozi, yingakho u-Owen ashona. Abazali bakhe badabuka kakhulu. Uyise, uPercy, wazama ukuthola induduzo esontweni lakhe. Wabuza: “Kungani kwenzeké into enje?” Umfundisi wamphendula, “UNkulunkulu ubesefuna enye ingelosi encane ezulwini.” Ngenxa yobuhlungu obukhulu ayebuzwa, lo mzali ososizini wacabanga ukuthi lokhu kwakungalungile neze. Ingabe ngempela uNkulunkulu wayehlose ukuba kuvele usizi olunje? Edumele, uPercy wanquma ukungaphinde azihlanganise nesonto.

Ecabanga ngalokho okwakwenzekile, uPercy wazibuza: ‘Ingabe namanje umfanyana wami usezwa ubuhlungu? Ingabe ngiyoke ngiphinde ngimbone futhi?’

Mhlawumbe nawe wake wazibuza ukuthi kwenzekani lapho umuntu efa nokuthi uyophinde ubabone yini abantu obathandayo abashona. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liyayiphendula le mibuzo. Linezimpendulo ezicacile neziduduzayo ezingabaduduza bonke abake babhekana nalobu bunzima. Okubaluleke nangaphezu kwalokho, lembula ithemba elimangalisayo elithenjiswa uNkulunkulu—uvuko.

Siza ufunde isihloko esilandelayo ukuze uzwe okwengeziwe ngaleli themba elimangalisayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela