Izimangaliso ZikaJesu—Iqiniso Noma Indaba Eqanjiwe?
“ABANTU bamlethela [uJesu Kristu] abantu abaningi abakhwelwe ngamademoni; wayixosha le mimoya ngezwi, welapha bonke ababengaphathekile kahle.” (Mathewu 8:16) “[UJesu] wavuka wawukhuza umoya futhi wathi kulo ulwandle: ‘Shh! Thula!’ Umoya wanqamuka, kwaba nokuzola okukhulu.” (Marku 4:39) Uzibheka kanjani lezi zinkulumo? Uyakholelwa yini ukuthi zichaza izenzakalo ezingokoqobo nezingokomlando, noma unomuzwa wokuthi ziyimifanekiso, izinganekwane nje?
Abaningi namuhla bakungabaza ngempela ukuba yiqiniso komlando wezimangaliso zikaJesu. Kule nkathi yezibonakude nezibonakhulu, inkathi yokuhlolwa komkhathi neyezobuchwepheshe bokushintshwa kwezakhi zofuzo, kubonakala ingekho indawo yemibiko yezimangaliso nezenzakalo zamandla angaphezu kwawemvelo.
Abanye banomuzwa wokuthi izindaba zezimangaliso ziqanjiwe noma ziyimifanekiso. Ngokomlobi wencwadi ethi ichaza uJesu “wangempela,” izindaba eziphathelene nezimangaliso zikaKristu zimane nje “zingamacebo okukhangisa” okuqhubekisela phambili ubuKristu.
Abanye babheka izimangaliso zikaJesu njengokuphamba okuqondile. Ngezinye izikhathi noJesu uqobo ubekwa icala lokukhohlisa. NgokukaJustin Martyr wangekhulu lesibili C.E., abagxeki bakaJesu “baze bambiza ngokuthi umenzi wemilingo nangokuthi umkhohlisi wabantu.” Abanye babeka uJesu icala lokuthi “izimangaliso zakhe wayengazenzi njengomprofethi ongumJuda, kodwa wayezenza njengomenzi wemilingo, umuntu oqeqeshwe emathempelini amaqaba.”
Ukuchaza “Into Engenakwenzeka”
Ungase ube nomuzwa wokuthi kunesizathu esiyisisekelo esibangela abantu ukuba bakunqikaze ukukholelwa ezimangalisweni. Bamane bakuthole kunzima, kuyinto engenakwenzeka imbala, ukukucabanga nokucacabanga nje ukuthi amandla angaphezu kwawemvelo ayengabangela izimangaliso ezinjalo. Othile osemusha owayethi uNkulunkulu akaziwa, wathi: “Izimangaliso azenzeki—kwaphela nje.” Wabe esecaphuna amazwi esazi sefilosofi saseScotland sangekhulu le-18, uDavid Hume, esabhala: “Isimangaliso siwukwephula imithetho yemvelo.”
Nokho, abaningi bebeyokuqaphela ngempela ukugomela ngokuthi isimangaliso esithile siyinto engenakwenzeka. I-World Book Encyclopedia ibiza isimangaliso ngokuthi “isenzakalo esingenakuchazwa ngemithetho eyaziwayo yemvelo.” Ngaleyo ncazelo, ukuya emkhathini, imishini yezokuxhumana engenazo izintambo, neziphuphutheki, bekuyobonakala “kuyizimangaliso” kubantu abaningi eminyakeni eyikhulu nje edlule. Ngokuqinisekile, akuhlakaniphile ukugomela ngokuthi izimangaliso ziyinto engenakwenzeka ngoba nje singenakuzichaza ngokusekelwe olwazini olukhona manje.
Uma sihlola obunye bobufakazi obungokomBhalo obuhlobene nezimangaliso ezenziwa uJesu Kristu, yini esizoyithola? Ingabe izimangaliso zikaJesu ziyiqiniso noma ziyindaba eqanjiwe?