Ukubuthanela “Enkabeni Yomhlaba”
Wake wawezwa amazwi athi “Te Pito o Te Henua”? NgesiRapa Nui, ulimi lwendabuko lwase-Easter Island, asho ukuthi “iNkaba Yomhlaba.” Yini eyenza umhlangano owawulapha wakhetheka kangaka?
ICEZILE, iyimpicabadala, iyingqayizivele. Lawa ngamanye amagama echazwa ngawo i-Easter Island, noma iRapa Nui, njengoba izakhamuzi zakhona ziyibiza kanjalo. Iyindawo ecezile ngempela lé eSouth Pacific Ocean, amakhilomitha angu-3 790 ukusuka eSantiago, eChile. Yaba isifundazwe saseChile ngo-September 9, 1888.
Lesi siqhingi esingunxantathu, esingamakhilomitha-skwele angu-166, sinezintaba-mlilo ezintathu ezingasavuthi. Empeleni, njengeziqhingi eziningi zasePacific, sakhiwe iziqongo zezintaba ezinkulukazi ezingaphansi kwamanzi. Sonke lesi siqhingi siye saqashelwa ngokomthetho njengendawo yemvelo eyigugu. Akungabazeki ukuthi sidume kakhulu ngezithombe zaso zetshe eziyimpicabadala, ezaziwa ngokuthi ama-moai.a
Ngaphandle kwezindawo zemvelo ezikhangayo nezinomlando othile, i-Easter Island inezinhlobonhlobo zezibiliboco. Ikhiqiza izithelo ezinjengophayinaphu, ukwatapheya, upopo, nezinhlobo ezingu-9 zikabhanana. Ulwandle lunezinhlobonhlobo zezinhlanzi nokunye ukudla.
Isimo sezulu sihle e-Easter Island; lina njalo kube nothingo, okwenza izivakashi zithole umoya ohlanzekile nezindawo zokubukwa ezikhexisayo. Okwamanje kunezakhamuzi ezingaba ngu-3 800. Izakhamuzi zanamuhla ziyinzalo yezifiki zokuqala, ziyingxube yabaseYurophu, abaseChile, nabanye. Lesi siqhingi sivakashelwa amakhulu ababuki bamazwe abavela eYurophu nase-Asia, okwenza ezokuvakasha zibe ingxenye ebalulekile yomnotho wakhona.
Imbewu YoMbuso Iqala Ukuhlwanyelwa
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1982 (yesiNgisi) yabika: “Sake saba nommemezeli oyedwa e-Easter Island. Usizo olungokomoya wayeluthola ngokubhalelana nodade oyisithunywa sevangeli egatsheni [laseChile]. Nakuba esabuyela [eChile], amarekhodi abonisa ukuthi bakhona abanezikhokhelo ze-Nqabayokulinda esiqhingini. Samangala kakhulu lapho ngo-April 1980, sithola ucingo oluvela kude kumuntu othakazelayo owayefuna ukwazi ukuthi kufanele asigubhe nini iSikhumbuzo. Kwabe sekuthi kamuva ngalowo nyaka umbhangqwana oshadile waseValparaiso wathuthela khona, futhi ubulokhu uqhubela abantu abathakazelayo izifundo zeBhayibheli. Ngo-April 1981 kwaba nomhlangano weSikhumbuzo wokuqala kulesi siqhingi, kwaba nabantu abangu-13. Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi ‘izindaba ezinhle’ ziyafinyelela kule ndawo ecezile!”
Kamuva, ngo-January 30, 1991, igatsha lathumela umbhangqwana ongamaphayona akhethekile kulesi siqhingi, uDario noWinny Fernandez. UMfoweth’ uFernandez uyakhumbula: “Ngemva kwamahora amahlanu sisendizeni, safika endaweni eceze kunazo zonke emhlabeni, endaweni yezimangaliso.” Ngokushesha kwahlelwa imihlangano nomsebenzi wokushumayela ngosizo lomzalwane wendawo nodade owayesanda kufika nezingane zakhe ezimbili. Naphezu kokucindezela komkhaya, ukushisekelwa kwenkolo ngokweqile, nezindlela zokuphila ezivame emazweni asePolynesia, básibona isibusiso sikaJehova emizamweni yabo. UMfowethu noDade Fernandez abasewona amaphayona akhethekile, kodwa basekulesi siqhingi, bekhulisa indodana yabo eyazalelwa kuso. Namuhla, kunabamemezeli boMbuso abajabulayo abangu-32. Phakathi kwabo kunabokudabuka eRapa Nui, kanye nalabo abayizifiki kulesi siqhingi noma abathuthela khona beyokhonza lapho kunesidingo esikhulu khona sabamemezeli boMbuso.
Amalungiselelo Omhlangano Wesifunda
Njengoba kuyibanga elide ukusuka ezwekazini uya esiqhingini, kathathu ngonyaka ibandla lalithola amakhasethi e-video esimiso somhlangano okhethekile, umhlangano wesifunda, nomhlangano wesigodi. Kodwa lapho kuphela unyaka ka-2000, iKomiti Yegatsha yaseChile yayisicabanga ukuba lesi siqhingi sibe nowaso umhlangano, wokuqala ngqá. Ekugcineni, kwanqunywa ukuba kuqhutshwe umhlangano wesifunda ngo-November 2001, kwamenywa abazalwane nodade abambalwa abavela ezingxenyeni ezihlukahlukene zeChile ukuba beze kulesi senzakalo esikhethekile. Ngenxa yezikhathi zezindiza, umhlangano wawuzoba ngeSonto nangoMsombuluko.
Izihambeli zomhlangano ezingu-33 ezazimenyiwe zajabula lapho zicabanga ngokuya kulesi siqhingi ziyothamela umhlangano wesifunda wokuqala kule ndawo ecezile. Ngemva kohambo olude lokuwela iPacific Ocean ngendiza, izihambeli zajabula ukwamukelwa abazalwane bendawo ababezilinde esikhumulweni sezindiza. Zabingelelwa ngama-lei amahle (imigexo eyakhiwe ngezimbali), isipho esivamile kulesi siqhingi. Zabe seziyiswa ezindaweni zazo zokulala, kwathi ngemva kohambo olufushane lokubuka indawo, bonke ababezoba nezingxenye esimisweni somhlangano bahlangana eHholo LoMbuso.
Umhlangano Umenyezelwa Umuntu Obengalindelekile
Endleleni eya emhlanganweni, ezinye izihambeli zamangazwa ukuzwa emsakazweni umpristi wendawo ekhuluma ngokuvakasha kwazo. Wathi kukhona izihambi ezivela ezwekazini ezizofika emizini yabantu zizokhuluma ngokuphela kwezwe okuzayo. Nakuba anxusa abantu besonto lakhe ukuba bangazilaleli lezi zihambi, isimemezelo sakhe sasiza ekwenzeni kwaziwe ukuthi kuneqembu elikhulu loFakazi BakaJehova elikulesi siqhingi. Lokhu kwavusa ilukuluku kwabanye abantu bendawo. Ezinsukwini ezalandela, ngokuhlakanipha izihambeli zomhlangano zaxoxa nabantu ngomyalezo okhuthazayo wezindaba ezinhle.
Umhlangano Uyaqala
NgeSonto ekuseni, abazalwane bendawo babelinde ngasemnyango weHholo LoMbuso bamukela izihambeli ezazifika ngalolo suku lokuqala lomhlangano. “Iorana Koe! Iorana Koe!” “Siyanamukela!” Abanye odade babevunule ngezomdabu bahloba nangezimbali ezinhle emakhanda ngendlela yasePolynesia ngempela.
Ngemva komculo omnandi owandulelayo, amaphimbo ayikhulu ahlangana ekuculeni ingoma ethi “Yibani Abagxilile, Abangaxegiyo!” ngendlela eyayingakaze iculwe ngayo kulesi siqhingi. Abazalwane bendawo bahlengezela izinyembezi lapho usihlalo amukela ngokufudumele ababekhona ngolimi lwabo lwendabuko, isiRapa Nui. Ngekhefu lasemini, oFakazi abathathu abasanda kuhlanganyela babonisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi. Lapho kuphela isimiso sosuku lokuqala, wonke umuntu wayezizwa esondelene kakhudlwana noJehova nabo bonke abazalwane.—1 Petru 5:9.
Ukushumayela Ekuseni
Ngenxa yezimo ezihlukile kulesi siqhingi, isimiso sosuku lwesibili lomhlangano wesifunda saqala ngemva kokudla kwasemini. Ngakho-ke, izihambeli zomhlangano zasebenzisa lelo thuba zaya enkonzweni yasensimini ekuseni. Ikuphi okuhlangenwe nakho ezaba nakho?
Isalukazi esithile esinamadodana namadodakazi angu-8 satshela oFakazi ukuthi sasingenakuxoxa nabo ngoba sona singumKatolika. Ngemva kokuba besitshele ukuthi bafuna ukukhuluma ngezinkinga wonke umuntu abhekene nazo, njengokudliwa kwezidakamizwa nezinkinga zomkhaya, savuma ukulalela.
Esinye isalukazi sendawo asibanga namusa lapho kufika umbhangqwana woFakazi. Sathi abahambe bayokhuluma nabantu basezwekazini abanonya. Lo mbhangqwana wasitshela ukuthi umyalezo ‘wezindaba ezinhle zombuso’ udluliselwa kuwo wonke umuntu nokuthi injongo yokuza kwabo kulesi siqhingi iwukuthamela umhlangano ozosiza wonke umuntu akhulise uthando lwakhe ngoNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Basibuza ukuthi singakujabulela yini ukuphila isikhathi eside endaweni eyipharadesi, ethi ayifane nalesi siqhingi kodwa engenakho ukugula nokufa. Ngemva kokubonisana naso ngokuthi imigodi yezintaba-mlilo isineminyaka eminingi kangakanani ikhona, sacabanga ngobufushane bokuphila sase sibuza: “Kungani siphila isikhathi esifushane kangaka?” Samangala lapho sifunda iHubo 90:10.
Khona manjalo, oFakazi bezwa umuntu ememeza kamakhelwane. Nakuba babengezwa ukuthi kuthiwani, isalukazi sabatshela ukuthi omakhelwane bathuka oFakazi bathi ababafuni. Nokho, lesi salukazi sasiyi-nua, noma intombi endala emndenini. Njengoba uyise ayengasekho, kwakuwumsebenzi waso ukunquma ukuthi yini ezozuzisa umndeni. Phambi kwezihlobo zaso, sabavikela abazalwane sikhuluma ngolimi lwakubo futhi ngomusa sazamukela izincwadi esasihanjiselwa zona. Kamuva ngalelo sonto, lapho sidlula oFakazi sisemotweni, sathi umfowabo makayimise imoto. Yize umfowabo ayebonakala ukuthi akathandi, savalelisa kubazalwane sabafisela impumelelo enkonzweni yabo.
Nakuba abanye abantu bakulesi siqhingi baqale babonakala bengasamukeli isigijimi esasishunyayelwa oFakazi abavela ezwekazini, kwaba sobala ezivakashini ukuthi amaRapa Nui anomusa nobungane ngokwemvelo. Iningi lawo lakujabulela ukulalela izindaba ezinhle. Empeleni, oFakazi abangu-6 kwabangu-20 abaye babhapathizwa kulesi siqhingi bayizakhamuzi zendawo. Omunye wabo waqala ukuzwa iqiniso leBhayibheli ngokulalela esekamelweni eliseduze lapho umkakhe eqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Yena nomkakhe bangoFakazi ababhapathiziwe manje, futhi uyinceku ekhonzayo ebandleni.
Isimiso Somhlangano Siyaqhubeka
Ngemva kokudla kwasemini, kwaqala isimiso sosuku lwesibili. Kwaphinde kwaba khona abantu abaningana abathakazelayo, kanye nabazalwane nodade bendawo abangu-32 nezihambeli ezingu-33. Babecela ekhulwini ababelalele isimiso, kuhlanganise nenkulumo yeningi ethi “Indlela Uthando Nokholo Okulinqoba Ngayo Izwe.” Empeleni, ababekhona babelubona ngamehlo uthando olukhona phakathi kwabantu bakaJehova, ngisho nakulabo abayizizwe ezingafani.—Johane 13:35.
Phakathi nalo mhlangano, ababonisi besifunda nabesigodi baba nomhlangano okhethekile nezikhonzi ezingamaphayona. Amaphayona avamile amathathu akulesi siqhingi athamela lo mhlangano kanye nezihambeli zomhlangano ezingamaphayona avamile noma akhethekile. Bonke bakhuthazeka kakhulu.
Ngakusasa, abanye babazalwane bendawo abangabaqondisi bamaqembu ezivakashi babukisa izihambeli isiqhingi. Bavakashela inkwali okuqoshwa kuyo ama-moai, izintaba-mlilo lapho kwakuba nemincintiswano yakudala khona, kanye nogu oluhle lwase-Anakena olunesihlabathi esisagolide, lapho kwafikela khona izifiki zokuqala kulesi siqhingi.b
Ithuba lokugcina lokuba kanye nabazalwane bendawo laba seSifundweni Sencwadi Sebandla. Ngemva kwesifundo, oFakazi bendawo bamangaza izivakashi zabo ngesidlo sakhona. Kamuva, sebevunule ezakubo, bazibonisa umdanso omuhle wendawo. Izihambeli, kuhlanganise nabazalwane nodade baseRapa Nui, zaziqiniseka ukuthi imizamo eyayenziwe yokulungiselela umhlangano wesifunda ayizange neze ibe yize.
Bonke ababefike njengezihambeli bazizwa bebathanda kakhulu laba bafowabo nodadewabo abasendaweni ecezile, abase behlale nabo kamnandi isikhathi esiyisonto. Kwakunzima ukuhamba kulesi siqhingi. Bayobazisa njalo abangane babo abasha kanye nesikhuthazo esingokomoya abasithola. Esikhumulweni sezindiza, abazalwane bendawo bagaxa izihambeli imigexo yamagobolondo asolwande ababeyenzile.
Lapho izihambeli zihamba, zathembisa: “Iorana! Iau he hoki mai e Rapa Nui ee,” okusho ukuthi: “Usale kahle! Ngiyophinde ngikubone, Rapa Nui.” Yebo, bayakulangazelela ukuphinde bayovakashela abangane babo abasha namalungu omkhaya wakubo ongokomoya e-Easter Island eyingqayizivele, ecezile, eyimpicabadala, nenobungane!
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka i-Phaphama! ka-June 22, 2000, eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Emgodini wentabamlilo yaseRano Raraku, kunemidwebo eminingi eqoshwe ematsheni. Wawuqala lapha umncintiswano walabo ababefuna ukubusa lesi siqhingi. Umuntu wayehla eweni, abhukude ayofika kwesinye seziqhingi ezincane, eyolanda iqanda lenyoni, abhukude abuye eze esiqhingini esikhulu, abese ekhuphuka eweni neqanda lingafi.
[Ibhokisi ekhasini 24]
Ukushumayela E-Easter Island
Eminyakeni engaba mibili ngaphambi kwalo mhlangano oyingqophamlando, umbonisi wesifunda nomkakhe bavakashela lesi siqhingi futhi baba nokuhlangenwe nakho okuningi okumnandi. Ngokwesibonelo, cabanga indlela abamangala ngayo lapho udade owayebayisa endaweni ababezohlala kuyo ebakhumbuza ukuthi babemfundele iBhayibheli eningizimu yeChile lapho esemusha eminyakeni engaba ngu-16 eyandulele. Kamuva leyo mbewu yathela eRapa Nui.
Kwenzeka nalesi senzakalo esihlekisayo: Umnini-sitolo othile wamukela INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele nencwadi yokutadisha iBhayibheli ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, kokubili okunyatheliswa oFakazi BakaJehova. Lapho bephinda beyomvakashela, wabatshela ukuthi kuyamhlula yena ukufunda leli Bhayibheli. Babemnike iBhayibheli lesiFulentshi, hhayi eleSpanishi! Inkinga yaxazululeka ngokushesha, futhi esizwa oFakazi bendawo neBhayibheli lolimi lwakhe, wathola ukuthi kanti iBhayibheli alinzima kangako.
[Ibalazwe ekhasini 22]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
I-EASTER ISLAND
ICHILE
[Izithombe ekhasini 23]
Ababili balabo ababhapathizwa emhlanganweni wesifunda
[Izithombe ekhasini 25]
Umthambeka wentabamlilo iRano Raraku; kwesiphakathi: Kulesi siqhingi kunesithelo sasendle okuthiwa i-“guayaba”